Tumgik
Text
Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele uNkulunkulu
       Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele. Kungaleso sikhathi lapho bemlalela khona, kodwa ukumlalela kwabo kunemibandela, kungenxa yokuphumelelisa bona uqobo, futhi kuphoqiwe kubo. Ngakho-ke: kungani ukholwe kuNkulunkulu? Uma kungukuthi kungenxa yokubhekiwe, nesiphetho sakho, kungcono-ke ungakholwa. Ukukholwa ngale ndlela kungukuzikhohlisa, ukuzanelisa, futhi kungukuzazisa. Uma ukukholwa kwakho kungakhelwe phezu kwesisekelo sokulalela uNkulunkulu, uyojeza ekugcineni ngenxa yokuphikisa uNkulunkulu. Bonke labo abangafuni ukulalela uNkulunkulu ekukholweni kwabo, baphikisa uNkulunkulu. UNkulunkulu uyacela ukuba abantu balifune iqiniso, bomele amazwi kaNkulunkulu, baphinde badle futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, nokuthi bawenze ukuze bazuze ukumlalela uNkulunkulu. Uma kungukuthi ukugqugquzeleka kokholo lwakho kunje, noma kanjani uNkulunkulu uzokuphakamisa, akwenzele umusa. Akekho umuntu ongakungabaza lokhu, futhi akekho ongakuguqula. Uma ukugqugquzeleka kwakho kungekhona okokulalela uNkulunkulu, futhi unezinye izinhloso, konke-ke okushoyo nokwenzayo – imithandazo yakho phambi kukaNkulunkulu, kanye nazo zonke izenzo zakho – zizobe ziphikisa uNkulunkulu. Ungaba ngumuntu okhulumela phansi nonomoya ozothile, zonke izenzo zakho nokukhuluma kungabukeka kulungile, ungabonakala uyilowo olalelayo, kodwa uma kuza ekukhuthazekeleni kwakho nasemibonweni yakho ngokukholwa kuNkulunkulu, konke okwenzayo kuphikisana noNkulunkulu, futhi kubi. Abantu ababonakala belalela njengezimvu bezithobile, kodwa izinhliziyo zabo zinezinhloso ezingezinhle, bayizimpisi ezigqoke izikhumba zezimvu; bamedelela ngokusobala uNkulunkulu; ngakho ngeke asindise ngisho oyedwa kubona. UMoya oNgcwele uyobembula bonke labo, ukuze babonwe ukuthi bangabazenzisi ngakho bazokwenyanywa futhi balahlwe nguMoya oNgcwele. Ungakhathazeki: uNkulunkulu uzobebhekana futhi abalungise ngamunye ngamunye.
       Uma ungakwazi ukwamukela ukukhanya okusha kukaNkulunkulu, futhi ungaqondi konke lokho akwenzayo namuhla, futhi ungakufuni, noma kungukuthi uyakungabaza, uyakwahlulela, noma uyakubhekisisa futhi uyakucubungula; ngakho ke awunanjongo yokuba ulalele. Ukuba lapho kuvela ukukhanya kwalapha namanje, usazisa ukukhanya kwayizolo futhi uphikisa umsebenzi omusha kaNkulunkulu, uyoba yinhlekisa kakhulu, uyilabo abaphikisa uNkulunkulu ngamabomu. Okubalulekile ekulaleleni uNkulunkulu ukwazisa ukukhanya Kwakhe okusha, nokukwazi ukukwamukela nokukusebenzisa. Yilokhu kuphela okungukumlalela ngeqiniso. Labo abangazimisele ukomela uNkulunkulu abakwazi ukuba nomqondo wokulalela uNkulunkulu; futhi bangaphikisa uNkulunkulu ngenxa yokwaneliswa yisimo sempilo abakuyo ngaleso sikhathi. Ukungakwazi ukulalela uNkulunkulu kungenxa yokuba usagajwe yizinto zakudala. Izinto zakudala zinike abantu zonke izinhlobo zemicabango nezinkohliso mayelana noNkulunkulu esezibe yisithombe sikaNkulunkulu emiqondweni yabo. Ngaleyo abakukholwayo yimicabango yabo, nezilinganiso ezisemiqondweni yabo kuphela. Uma ulinganisa uNkulunkulu owenza umsebenzi namuhla noNkulunkulu osemqondweni wakho, ukukholwa kwakho-ke kuvela kuSathane, futhi ungowokuzikhethela kwakho – akakufuni-ke uNkulunkulu ukukholwa okunjalo. Kungakhathaleki ukuba nezinto eziphakeme, futhi kungakhathaleki ukuzinikela kakhulu kwabo – noma ngabe impilo yakho yonke uyinikele emsebenzini Wakhe, waze wamfela – uNkulunkulu akamamukeli muntu onokholo olunjengalolu. Ubakhombisa nje umusa omncane bese ebavumela ukuba bawuthokozele isikhashana. Abantu abayilolu hlobo abakwazi ukwenza iqiniso, uMoya oNgcwele akasebenzi phakathi kubo, noNkulunkulu uzobachitha ngamunye ngamunye. Akunandaba ukuthi bakhulile noma basebasha, labo abangamlaleli uNkulunkulu ekukholweni kwabo begqugquzelwa ngokubi, yilabo abaphikisayo nabaphazamisayo; futhi labo ngokungangabazi uNkulunkulu uyakubalahla. Labo abangamlaleli nhlobo uNkulunkulu, abavuma nje igama Lakhe kuphela, abanolwazana ngobuhle nokuthandeka kukaNkulunkulu kodwa abengahambisani nezinyathelo zikaMoya oNgcwele, futhi abangalaleli umsebenzi namazwi amanje kaMoya oNgcwele – labo baphila phakathi komusa kaNkulunkulu, futhi abayikuzuzwa bapheleliswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokulalela kwabo, ekudleni, ekuphuzeni, kanye nasekuthakaseleleni amazwi kaNkulunkulu, nasenhluphekweni nasekwehlelweni ukucwengwa ezimpilweni zabo. Kusekukholweni okunjalo kuphela lapho izimo zabantu zikwazi khona ukuguquka, kulapho kuphela bethola khona ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ukungeneliswa ukuphila emuseni kaNkulunkulu, ngokuzimisela bomele iqiniso, nokufuna iqiniso, nokufisa ukuzuzwa nguNkulunkulu – yilokhu impela okuchaza ukulalela uNkulunkulu; yilolu ncamashi uhlobo lokukholwa alufunayo uNkulunkulu. Abantu abangenzi okunye ngaphandle kokugcina ngokuhlala emseni kaNkulunkulu kuphela abanakupheleliswa, noma abanakuguqulwa, futhi ukulalela kwabo, ukulunga kanye nothando nokubekezela, konke kulula. Labo abathokozela ukuphila ngomusa kaNkulunkulu kuphela abasoze bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi noma sebemazi uNkulunkulu, ulwazi lwabo lulula; basho izinto ezifana nokuthi uNkulunkulu uyamthanda umuntu, noma ukuthi unomusa omkhulu kumuntu. Lokhu akuvezi impilo yomuntu, akukhombisi futhi lokho ukuthi abantu bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu. Uma, ngenkathi amazwi kaNkulunkulu ebalungisa, noma ngenkathi ukuvivinya kubehlela, abantu abakwazi ukulalela uNkulunkulu — uma kungukuthi baba nokungabaza, baze bawe – ngakho-ke abekho nakancane ekulaleleni. Kubona, kunemithetho nemigomo eminingi mayelana nokukholwa kuNkulunkulu, abadlule kukho okudala okuyimiphumela yeminyaka eminingi yokukholwa, noma yizimfundiso eziningi esuselwe eBhayibhelini. Kungabe abantu abanje bangamlalela uNkulunkulu? Laba bantu bagcwele izinto zabantu — bangamlalela kanjani uNkulunkulu? Bonke balalela ngokwezindlela zabo – kungenzeka uNkulunkulu afise ukulalela okanjalo? Lokhu akukhona ukulalela uNkulunkulu, kodwa ngukulandela imibhalo nje, ukuzanelisa kanye nokuziduduza. Uma uthi yikho ukulalela uNkulunkulu lokho, akukhona ukuthi uyamhlambalaza? UnguFaro waseGibhithe, wenza ububi, futhi ngokucacile uzifaka emsebenzi ophikisa uNkulunkulu – ingabe uNkulunkulu ufuna ukuziphatha okunjalo? Kungaba ngcono uphuthume uphenduke futhi uhlale uqwashile. Uma kungenjalo, kungcono uvele ugoduke: kuzoba ngcono lokho kuwe kunokusebenzela kwakho uNkulunkulu, ngeke uthikameze noma uphazamise, uyoyazi indawo yakho, uhlale kahle – lokho ngeke kube ngcono? Ngaleyo ndlela uzogwema ukuphikisa noNkulunkulu nokujeziswa!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe
      Kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe endaweni yonke, uNkulunkulu wanqumela kusengaphambili abantu abaningi ukuba bamkhonze, kuhlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila. Injongo Yakhe ukufeza intando Yakhe nokuqiniseka ngokuthi umsebenzi Wakhe emhlabeni uthela kahle izithelo. Lena injongo kaNkulunkulu yokukhetha abantu ukuba bamkhonze. Wonke umuntu okhonza uNkulunkulu kumele ayiqonde le ntando kaNkulunkulu. Ngalo msebenzi Wakhe, abantu bakubona kangcono ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuba namandla onke kukaNkulunkulu, futhi kubasiza ukuthi baqonde imiyalo yomsebenzi Wakhe emhlabeni. UNkulunkulu weza ngempela emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, ukuzothintana nabantu, ukuze bazi izenzo Zakhe ngokucacile. Namuhla, leli qembu lenu linenhlanhla yokukhonza uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kuyisibusiso esingenakubalwa. Empeleni, uNkulunkulu oniphakamisayo. Ekukhetheni umuntu ukuba amkhonze, uNkulunkulu ahlale enemiyalo Yakhe. Ukukhonza uNkulunkulu akuyona ngempela, lokho abantu abacabanga ukuthi kunjalo, indaba yogqozi. Namuhla niyabona ukuthi noma ubani angamkhonza kanjani uNkulunkulu ekubeni khona Kwakhe, ekwenza ngokuqondiswa uNkulunkulu futhi enomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi ngenxa yokuthi bazingela iqiniso. Lezi izimfuno eziyisisekelo bonke labo abakhonza uNkulunkulu okufanele babe nazo.
      Ukukhonza uNkulunkulu akulula. Labo abasimo sabo esikhohlakele esihlala singashintshile abanakumkhonza uNkulunkulu. Uma isimo sakho singahlulelwanga futhi sasolwa izwi likaNkulunkulu, kusho ukuthi isimo sakho sisamelela uSathane. Lokhu kwanele ukuveza ukuthi inkonzo yakho kuNkulunkulu imayelana nezinhloso zakho ezinhle. Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, babashumayeze futhi babacindezele, futhi baziphakamise—lobo abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Abantu bayathanda ukubambelela kokudala. Banamathela ezinkolelweni ezindala, ezintweni ezedlule. Lesi isiphazamiso esikhulu enkonzweni yabo. Uma ungakwazi ukuzilahla, lezi zinto ziyokuxina ukuphila kwakho konke. UNkulunkulu ngeke ajabule ngawe, ngisho nakancane, ngeke ngisho ungaze uphuke umlenze ugijima noma umgogodla usebenza, ngeke ngisho ungaze ubulawelwe ukholo kanjani enkonzweni kaNkulunkulu. Kuyokwenzeka okuphambene: Uyothi uwumenzi wobubi.
       Kusukela namhlanje, uNkulunkulu uzophelelisa labo abangenazo izinkolelo zenkolo, abakulungele ukushiya ubuntu babo obudala, balalele kuphela uNkulunkulu ngendlela yenhliziyo ethambile, futhi uzophelelisa labo abalangazelela izwi likaNkulunkulu. Laba kumele babhukule bakhonze uNkulunkulu. KuNkulunkulu kunenala engapheli yokuhlakanipha. Umsebenzi Wakhe omuhle ngendlela emangalisayo kanye namazwi Akhe ayigugu alindele ukuthokozelwa yinani labantu abaningi ngisho kakhulu. Okwamanje, labo abanezinkolelo zenkolo, labo abaqhakambisa izikhundla zabo eziphezulu, nalabo abangeke bazidele bakuthola kunzima ukwamukela lezi zinto. Alikho ithuba ngoMoya oNgcwele ukuba uphelelise laba bantu. Uma umuntu engazimisele ukulalela, futhi engalomeli izwi likaNkulunkulu, khona-ke ngeke akwazi ukwamukela lezi zinto ezintsha. Uyolokhu ehlubuka nakakhulu, eba nobuqili nakakhulu, agcine esemgudwini ongafanele. Ekwenzeni umsebenzi Wakhe manje, uNkulunkulu uyovusa abantu abaningi abamthanda ngeqiniso, abemukela ukukhanya okusha. Futhi uyonciphisa izikhulu zenkolo eziqhakambisa izikhundla zazo eziphezulu. Labo abenqaba ngenkani ukushintsha: Akafuni kube ngisho nomuntu oyedwa wabo. Ingabe uyafuna ukuba ngomunye walaba bantu? Ingabe inkonzo yakho uyenza ngendlela othanda ngayo, noma ingabe wenza lokho okufunwa uNkulunkulu? Lena into okufanele uyazi ngawe. Ingabe ungomunye wezikhulu zenkolo, noma ingabe uwusana olusanda kuzalwa olupheleliswa uNkulunkulu? Ingakanani ingxenye yenkonzo yakho eyamukelwa uMoya oNgcwele? Ingakanani uNkulunkulu angeke azihluphe ukuba ayikhumbule? Ngemva kweminyaka eminingi yenkonzo, kushintshe kangakanani ukuphila kwakho? Ingabe kucacile kuwe konke lokhu? Uma unokholo lweqiniso, khona-ke uzohlukana nezinkolelo zakho zenkolo ezindala zangaphambili, futhi umkhonze kangcono uNkulunkulu ngendlela entsha. Akukephuzi kakhulu ukuba ukhuphule amasokisi. Izinkolelo ezindala zenkolo ziyokukhinyabeza ukuphila komuntu. Ulwazi lomuntu luyomphambukisa kuNkulunkulu, enze izinto ngendlela yakhe. Uma ungazishiyi phansi lezi zinto, ziyoba yisithiyo ekukhuleni kwakho ekuphileni. UNkulunkulu ubelokhu ebaphelelisa labo abamkhonzayo. Akabalaxazi kanjalo nje. Uma wamukela ngeqiniso ukwahlulelwa nokusolwa yizwi likaNkulunkulu, uma ungabeka eceleni imikhuba yakho emidala yenkolo nemithetho, futhi uyeke ukusebenzisa izinkolelo zenkolo ezindala njengesikali sezwi likaNkulunkulu namuhla, Ngalokho kuphela kuyoba nekusasa ngawe. Kodwa uma ubambelela ezintweni ezindala, uma usazazisa, khonake ngeke kube nendlela yokuthi ungasindiswa. UNkulunkulu akanandaba nabantu abanjalo. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa, khona-ke kumele ukulungele ukukushiya ngokuphelele konke okudala. Ngisho noma okwakwenziwa phambili kwakukuhle, ngisho noma kwakuwumsebenzi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukukubeka eceleni futhi uyeke ukubambelela kukho. Ngisho noma kwakusobala ukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, owenziwa ngokuqondile uMoya oNgcwele, namuhla kumele ukubeke eceleni. Akumele ubambelele kukho. Yilokhu uNkulunkulu akufunayo. Konke kumele kwenziwe kube kusha. Emsebenzini kaNkulunkulu nasezwini likaNkulunkulu, akabhekiseli ezintweni ezindala ezenzeka, akembi umlando omdala. UNkulunkulu unguNkulunkulu ohlale njalo emusha futhi akagugi. Akabambeleli emazwini Akhe edlule, kulokhu kusobala ukuthi uNkulunkulu akalandeli noma yimiphi imithetho. Kulesi simo, njengomuntu, uma uhlale ubambelela ezintweni ezedlule, ungafuni ukuzidedela, futhi uzisebenzisa ngokuphikelela endleleni yokwenza izinto, kuyilapho uNkulunkulu engasasebenzi ngalezo zindlela zangaphambili, khona-ke ingabe amazwi nezenzo zakho akusona yini isiphazamiso? Awuphendukanga yini isitha sikaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukonakalisa ukuphila kwakho konke ngenxa yalezi zinto ezindala? Lezi zinto ezindala zikwenza ube umuntu ophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ingabe lolo uhlobo lomuntu ofuna ukuba yilo? Uma ungakufuni ngempela lokho, yekela le nto oyenzayo ngokushesha uphenduke; uqale kabusha. UNkulunkulu akazikhumbuli izinto zakho ezindala.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu
     Umuntu ubelokhu ephila ngaphansi kwendwangu yethonya lobumnyama, eboshiwe ethonyeni likaSathane kungekho ukuphunyuka. Futhi isimo somuntu, emuva kokuguqulwa uSathane, siya ngokuya sikhula ekukhohlakaleni. Umuntu angathi umuntu yilokhu aphila nesimo sakhe senkohlakalo yobusathane, engakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Njengoba kunje, uma umuntu efisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele asuswe ukuzibona engolungileyo, ukuzibona ebalulekile, ukuzidla, ubuqha, nokunye okunjalo, konke okungokwesimo sikaSathane. Ngaphandle kwalokho, uthando lomuntu luwuthando olungacolisisekile, futhi olungeke lugunyazwe uNkulunkulu. Ngaphamdle kokupheleliswa, ukubhekwa, ukwaphulwa, ukuthenwa, ukuqondiswa, ukusolwa, noma ukucwengwa uMoya ONgcwele ngokuqondile, akekho okwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Uma uthi ingxenye yesimo sakho imele uNkulunkulu ngakho uyakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso, uyilowo okhuluma amagama okuzidla futhi uwumuntu oyisiwula. Abantu abanjalo bayizingelosi ezinkulu! Isimo somuntu azalwa naso ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile. Umuntu kumele asikhiphe ngokupheleliswa uNkulunkulu, bese, ngokunakekela intando kaNkulunkulu, ukugcwalisa intando kaNkulunkulu kanye nokwedlula emsebenzini kaMoya ONgcwele, ukuphila kwakhe kukwazi ukuvunywa uNkulunkulu. Akekho umuntu ophila enyameni ongakwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile ngaphandle kokuba abe umuntu osetshenziswa uMoya ONgcwele. Nokho, nomuntu onje, isimo sakhe kanye nalokho akuphilayo kungethiwe kumele uNkulunkulu ngokugcwele; umuntu angathi nje akuphilayo kuqondiswa uMoya oNgcwele. Isimo salowo muntu ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu.
     Yize isimo somuntu sigcotshwa uNkulunkulu - lokhu akuphikiseki futhi kungathathwa njengento enhle - siguqulwe uSathane. Ngakho sonke isimo somuntu siyisimo sikaSathane. Umuntu angathi uNkulunkulu, ngokwesimo, uqondile ekwenzeni izinto, futhi naye uziphatha ngale ndlela; naye unalolu hlobo lwesimo, futhi uthi isimo sakhe simele uNkulunkulu. Ngabe uhlobo luni lomuntu lolu? Ngabe isimo sobusathane senkohlakalo singakwazi ukumela uNkulunkulu? Noma ubani othi isimo sakhe simele uNkulunkulu uhlambalaza uNkulunkulu, futhi uthuka uMoya oNgcwele! Uma kubhekwa indlela uMoya oNgcwele asebenza ngayo, umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ngowokunqoba kuphela. Yingakho isimo somuntu esiningi senkohlakalo yobusathane singakahlanzwa, nokuthi kungani lokhu okuphilwa umuntu kusewumfanekiso kaSathane. Kungukulunga komuntu futhi kumele izenzo zenyama yomuntu, noma, ukukubeka kuqonde, kumele uSathane futhi ngeke kukwazi nhlobo ukumela uNkulunkulu. Yize noma umuntu evele esemthanda uNkulunkulu kangangokuba ukwazi ukuthokozela impilo yezulu emhlabeni, ukwazi ukwenza izinkulumo ezinjengezithi: “O Nkulunkulu! Angikwazi ukukuthanda ngokwanele," futhi usefinyelele esicongweni, awukwkwazi ukuthi uphila ubuNkulunkulu noma umele uNkulunkulu ngoba ubunjalo bomuntu abufani nobukaNkulunkulu. Umuntu angephile ubuNkulunkulu, njengoba engeke akwazi ukuba wuNkulunkulu. Lokho uMoya oNgcwele aqondise umuntu ukuba akuphile kuhambisana kuphela nalokho uNkulunkulu akufuna kumuntu.
      Yonke iminyakazo nezenzo zikaSathane kubonakala kumuntu. Manje yonke iminyakazo nezenzo zomuntu ziyisibonakaliso sikaSathane, ngakho-ke akukwazi ukumela uNkulunkulu. Umuntu ungumfuziselo kaSathane, ngakho isimo somuntu asimeli isimo sikaNkulunkulu. Abanye abantu banesimilo esihle; UNkulunkulu angenza umsebenzi othile omuhle ngesimilo salaba bantu futhi umsebenzi abawenzayo ulawulwa nguMoya oNgcwele, kodwa isimo sabo asikwazi ukumela uNkulunkulu. Umsebenzi uNkulunkulu awenza kubo ungukusebenza nokukhulisa lokho osekuvele kukhona phakathi kubo. Noma ngabe abaphrofethi bakudala noma amadoda asetshenziswa uNkulunkulu, akekho ongamela uNkulunkulu ngqo. Bonke abantu bathanda uNkulunkulu ngenxa yokuphoqelelwa yizimo ezibazungezile, akekho okuzisukela kuye ukuba asebenzisane noNkulunkulu. Yiziphi izinto ezinhle? Konke okuvela ngqo kuNkulunkulu kuhle. Kodwa-ke isimo somuntu sesedlule esandleni sikaSathane ngakho ngeke simele uNkulunkulu. NguNkulunkulu osenyameni kuphela – uthando Lwakhe, ukuzimisela Kwakhe ukuhlupheka, ukulunga Kwakhe, ukunikezela, ukuthoba, nokufihlakala - konke lokhu kumela uNkulunkulu ngokuqondile. Lokhu kungenxa yokuba ngenkathi efika wayengenamvelo yesono futhi wayevela ngqo kuNkulunkulu; Akedlulanga ezandleni zikaSathane. UJesu usemfuziselweni wenyama eyonayo kuphela, akamele isono; ngakho-ke, iminyakazo Yakhe, izenzo, namazwi, kuze kufike leso sikhathi esandulela ukuphethwa komsebenzi Wakhe ngokubethelwa (kufaka umzuzu wokubethelwa Kwakhe) konke kumele ngqo uNkulunkulu. Isibonelo sikaJesu senele ukuqinisekisa ukuthi noma yimuphi umuntu onemvelo yesono akakwazi ukumela uNkulunkulu, nokuthi isono somuntu simele uSathane. Okusho ukuthi isono asimeli uNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu akanasono. Ngisho umsebenzi owenziwe kumuntu nguMoya oNgcwele ungabukwa kuphela ngokuthi ulawulwe nguMoya oNgcwele futhi ngeke kuthiwe wenziwe ngumuntu egameni likaNkulunkulu. Kodwa, okomuntu nje ukuthi isono sakhe nesimo sakhe kokubili akumeli uNkulunkulu. Ekubukeni umsebenzi owenziwe kumuntu nguMoya oNgcwele namuhla nasesikhathini esedlule, omningi wenziwa nguMoya oNgcwele. Ngenxa yalokhu umuntu unalokho akuphilayo. Nokho-ke, yingxenye eyodwa nje le, futhi bambalwa kakhulu abakwazi ukuphila iqiniso emva kokuqoqwa nokuqondiswa wuMoya oNgcwele. Okusho ukuthi ngumsebenzi kaMoya oNgcwele kuphela okhona nokuthi ukusebenzisana okuvela kumuntu akukho. Usuyakubona ngokucacile manje lokhu? uma kunjena, yini okufanele uyenze ukuze usebenze ngakho konke ngokuhambisana Naye ngenkathi uMoya oNgcwele esebenza, bese, ngokwenzenjalo, ufeze umsebenzi wakho?
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
2018 South Africa Best Gospel Music Video “Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu”
youtube
Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ngibona ubuso Bakhe obuthandekayo. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, sengishiye imuva lami lokuzula ngemuva. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ukuthokozela izwi Lakhe kungigcwalisa ngenjabulo. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, inhliziyo yami inokuningi engakusho. Ngamazwi Akhe athambile anginiselayo futhi angondlayo ukuze ngikhule. Ngamazwi Akhe aqinile angikhuthaza ukuba ngiphinde ngime. Oh Nkulunkulu! Singakudumisa ngoba usiphakamisile! Singakuhlabelelela namuhla konke ngenxa yesibusiso nomusa Wakho.
Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Usenza sijabulele amazwi Akho nsuku zonke! Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Usikhanyisela nsuku zonke! Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Unisela futhi wondle abantu Bakho. Usihola usisuse ethonyeni likaSathane. Bafowethu nodadewethu! Sheshani nivuke! Asidumise uNkulunkulu wethu! Asiyazise indlela asiqoqele ngayo lapha namuhla. Sikhululeke kuyo yonke imithwalo yenyama! Sidumise uNkulunkulu uSomandla ngokuzinikela! Sigcwalise umsebenzi wethu ngayo yonke inhliziyo namandla ethu, sikhombise uthando lwethu kuNkulunkulu ngezenzo. Siyokuthanda kuze kube phakade, Nkulunkulu wangempela onamandla onke!
kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
South Africa Latest Gospel Music 2018 “Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho”
youtube
South Africa Latest Gospel Music 2018 “Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu I Lapho ungamqondi uNkulunkulu futhi ungayazi imvelo Yakhe, izinhliziyo zenu azisoze zavuleka ngokweqiniso, zivulekela uNkulunkulu. Lapho usumqonda uNkulunkulu wakho, uzokuqonda okusenhliziyweni Yakhe, bese ujabulela okukuye ngakho konke ukukholwa nokunaka kwakho. Lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu, kancane kancane, usuku nosuku, lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu, inhliziyo yakho izovulekela Yena.
II Lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso, lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso, uzobona ukwedelela, uzobona ihlazo lezicelo zakho ezinkulukazi nezobugovu. Lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso, lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso, uzobona umhlaba ongenamkhawulo wenhliziyo kaNkulunkulu, futhi ube sendaweeni yezimanga okungakaze kuxoxwe ngazo. Kule ndawo akukho ukuwaka, ayikho inkohliso, futhi abukho ububi. Kuphela kunobuqotho nokwethembeka; ukulunga nomusa kuphela. III Uwuthando, uyanakekela, unozwelo olunganqamukiyo. Empilweni yakho, kuzwakala intokozo, lapho uvulela uNkulunkulu inhliziyo yakho. Ukuhlakanipha namandla Akhe kugcwalisa umhlaba ongenasiphetho, kanjalo negunya nothando Lwakhe. Ungakwazi ukubona lokho uNkulunkulu anakho nayikho, okujabulisa Yena, okukhathaza Yena, okudabukisa nokucasula Yena, kukhona ukuze kubonwe abantu bonke, lapho uvulela uNkulunkulu inhliziyo Yakho, umeme Yena angene.
Kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
2018 South Africa best Gospel Music Video “Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo”
youtube
2018 South Africa best Gospel  Music Video “Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo”
Thatha ithuba lapho unesikhathi, hlala uthule phambi kukaNkulunkulu. Funda izwi Lakhe, yazi amaqiniso Akhe, lungisa iziphambeko ezikuwe. Izilingo ziyafika, bhekana nazo; yazi intando kaNkulunkulu futhi uzoba namandla.
Mtshele ukuthi yiziphi izinto ozintulayo, khuluma iqiniso Lakhe njalo. Uyajabula umphefumulo wakho lapho ukhonza Yena. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo, ungabe usamnqaba. Ukunaka kwakho inyama, kuyamlimaza kakhulu. Funda izwi Lakhe, uqonde iqiniso Lakhe. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Ngakho phila njengomuntu ongcwelisiwe! Akunandaba ukuthi yiluphi uvivinyo noma ukwahlulela okuzayo, sizosebenzela ukumjabulisa Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo bese uphila iqiniso Lakhe. Noma siphambuka, kumele sifune ukuthanda uNkulunkulu. Uma sisamthanda, nakanjani siyozuza ukunconywa Nguye. Kufanele sifune iqiniso futhi sinikeze ubufakazi Ngaye. Lo ngumsebenzi wethu okufanele siwenze. Uyajabula umphefumulo wakho lapho ukhonza Yena. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo, ungabe usamnqaba. Ukunake kwakho inyama, kuyamlimaza kakhulu. Funda izwi Lakhe, uqonde iqiniso Lakhe. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Ngakho phila njengomuntu ongcwelisiwe! Akunandaba ukuthi yiluphi uvivinyo noma ukwahlulela okuzayo, sizosebenzela ukumjabulisa. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo bese uphila iqiniso Lakhe. Ngakho phila njengomuntu ongcwelisiwe! Akunandaba ukuthi yiluphi uvivinyo noma ukwahlulela okuzayo, sizosebenzela ukumjabulisa. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo bese uphila iqiniso Lakhe, bese uphila iqiniso Lakhe, bese uphila iqiniso Lakhe. Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo bese uphila iqiniso Lakhe.
kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
0 notes
Text
South African Best gospel music 2018 “Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho”
youtube
South African Best gospel music 2018 “Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho” I Ukuqonda iqiniso kukhulula umoya womuntu kumenze ajabule. Iqiniso lelo! Ngigcwele ukuzethemba ezwini likaNkulunkulu futhi anginakho ukungabaza. Singaba kanjani nokungabaza? Anginakho ukuphika, angihlehli emuva, angiphelelwa yithemba. Buka! Ngiqhuba umsebenzi wami ngenhliziyo yami yonke nangengqondo futhi anginakho ukukhathazeka ngenyama. Angimubi, futhi! Noma izinga lami lokuphila liphansi, nginenhliziyo eqotho. Ngempela? Ngizibophezele ngokuphelele kuzo zonke izinto ukuze ngenelise intando kaNkulunkulu. (Yebo, lokho kulungile!) Ngiyalenza iqiniso, ngilalele uNkulunkulu, ngizame ukuba umuntu oqotho. Kwakuhle! Ngivulelekile futhi ngiqotho, anginankohliso, ngiphila ekukhanyeni. Kuhle kakhulu! Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo. Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle. Owokuqala, Owesibili, Owesithathu, sonke singabangani beqiniso. Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. (Umndeni!) Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu. Hlabelelani! Nidanse! Kuyinjabulo ukuba ngumuntu oqotho! Kuyinjabulo ukuba ngumuntu oqotho! Ukuba ngumuntu oqotho impela kuyajabulisa!
II (Umuntu obusisekile!) Ngigcwele ukuzethemba ezwini likaNkulunkulu futhi anginakho ukungabaza. Siyawuqonda umbono! (Kuhle kangaka ukuqonda iqiniso!) Ngiqhuba umsebenzi wami ngenhliziyo yami yonke nangengqondo futhi anginakho ukukhathazeka ngenyama. Siphila njengabantu! Noma izinga lami lokuphila liphansi, nginenhliziyo eqotho. Yebo, inhliziyo eqotho iyigugu! Ngizibophezele ngokuphelele kuzo zonke izinto ukuze ngenelise intando kaNkulunkulu. Ngabe lena akuyona indlela yokuhanjwa? (UNkulunkulu akafuni okuningi kithina.) Ngivulelekile futhi ngiqotho, anginankohliso, ngiphila ekukhanyeni. Nika inkazimulo kuNkulunkulu! Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo. Akekho ozonda abantu abaqotho, angithi? Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle. Abantu abakhohlisayo bayanyanyisa! Ewu! Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu. Abantu abaqotho kuphela abanenjabulo yeqiniso. (Injabulo yeqiniso!) Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo. Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle. Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu. Hlabelelani! Nidanse! III Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo. Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle. Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu. Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo. Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle. Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu. Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo. Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle. Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu. Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
0 notes
Text
Ibika Ledokhumentari ethi "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" | Ukuphakama Nokuwa Kwamazwe
youtube
Ngabe ukuphakama nokuwa kwezwe noma isizwe kungenxa yezenzo zomuntu? Ngabe kungumthetho wemvelo? Luhlobo luni lwemfihlakalo oluqukethwe? Ngempela ngubani olawula ukuphakama nokuwa kwezwe noma isizwe? Idokhumentari yobuKristu enomculo Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke izokwembula imfihlakalo masinyane!
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla   lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla.   Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi  noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
0 notes
Text
Ibika Ledokhumentari ethi "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" | Ukuhlola Umhlaba Kanye Nezulu
youtube
Esibhakabhakeni esibanzi esigcwele izinkanyezi, imihlaba iyangqubuzana, nochungechunge lwezigameko eziningi luzala imihlaba emisha…. Inqwaba yezinto zasezulwini ezisemkhathini zonke zisebenza ngokuzwana – ziqondiswa ngubani? Idokhumentari yobuKristu enomculo—Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke—izokwembula amaqiniso angempela maduze!
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
Ibika Ledokhumentari ethi "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Imibono Evezwayo Ngenhlekelel
youtube
Abantu abaningi bacabanga ukuthi isimiselo sabo sisezandleni zabo. Kodwa lapho kufika inhlekelele, konke esikuzwayo ukungabi namandla, uvalo, nokwesaba okukhulu, bese sizwa ukungabi yilutho kwesintu nobuthaka bokuphila…. Ngubani okuwuye yedwa oyinsindiso yethu? Idokhumentari yobuKristu enomculo—Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke—izokwembula impendulo maduze!
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
Ibika Ledokhumentari ethi "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Ukuhlola Izimfihlakalo Zempilo
youtube
Umlotha Emlotheni, Uthuli Othulini.                             Akekho onganqoba ukugula nokufa. Akekho ongaguqula imithetho yokukhula nobuthakathaka. …                                     Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba?
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla.   Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi  noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
0 notes
Text
Ibika Ledokhumentari "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" | Ubufakazi Bamandla KaNkulunkulu
youtube
Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu? Selokhu safika sikhala kulo mhlaba saqala ukufuna ukudlala izindima ezahlukene ekuphileni. Sisuka ekuzalweni siye ekugugeni siye ekuguleni siye ekufeni, sihamba phakathi kwenjabulo nosizi… Sibuya kuphi ngempela isintu, futhi sizoya kuphi ngempela? Ubani obusa isimiselo sethu? Kusukela ezikhathini zasendulo kuze kube sezikhathini zanamuhla, izizwe ezinkulu zivelile, amakhosi afikile futhi edlula, kanti amazwe nabantu bachumile futhi bashabalala emagagasini omlando…. Njengomthetho wemvelo, ukuthuthuka kwemithetho yesintu kuqukethe izimfihlakalo ezingapheli. Ingabe ungathanda ukwazi izimpendulo zazo? Idokhumentari ethi Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke izokuqondisa ukuba uthole umsuka walokhu, ukuba yembule zonke lezi zimfihlakalo!
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
Ezinyathelweni Zomsebenzi kaNkulunkulu
     Ngaphandle, kubukeka sengathi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu kulesi sigaba seziphelile, nokuthi isintu sesisitholile kakade isahlulelo, ukusola, ukushaywa, nokucwengwa kwamazwi Akhe, futhi sesidlule ezinyathelweni ezifana nokulingwa kwabenzi benkonzo, ukucwengwa kwangezikhathi zokusola, ukulingwa ngokufa, ukulingwa ngokunqotshwa, kanye nezikhathi[a] zikaNkulunkulu onothando. Noma abantu babhekane nenhlupheko enkulu kwisinyathelo ngasinye kepha abakayiqondisi intando kaNkulunkulu. Njengokufana kokulingwa kwabenzi benkonzo, lokhu abantu abakuzuzayo kulokho, lokhu abakuqondayo kulokho, kanye nomphumela uNkulunkulu ayefisa ukuwuzuza kulokho—abantu basalokhu bengacacelwa ngalezi zindaba. Kubonakala sengathi ngokwejubane lomsebenzi kaNkulunkulu, ngokwezinga lamanje abantu abakwazi ukuwumela. Kungabonakala kulokhu ukuthi uNkulunkulu uveza kuqala lezi zinyathelo zomsebenzi Wakhe esintwini, futhi akadingi ukuthi Aze afinyelele ezingeni lokuthi abantu bacabange kunoma yiziphi izinyathelo, kodwa uzama ukusebenzisa lokhu ukuze acacise lolu daba. Ukuze uNkulunkulu aphelelise umuntu ukuze amzuze ngempela, kumele afeze izinyathelo ezichaziwe ngenhla. Inhloso yokwenza lo msebenzi ukwenza abantu babone ukuthi yiziphi izinyathelo uNkulunkulu azidingayo ukuze afeze ukuphelelisa iqembu labantu. Ngakho, ukubheka ngaphandle, izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ziphothuliwe, kodwa empeleni ngokusemthethweni usanda kuqala ukuphelelisa isintu. Lokhu kuyinto abantu okufanele bayibone ngokucacile—kungukuthi izinyathelo zomsebenzi Wakhe seziphelile, hhayi ukuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Kodwa lokhu abantu abakukholwayo ngokwemibono yabo ukuthi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu seziveziwe esintwini, futhi akuthandabuzwa ukuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Le ndlela yokubona izinto ayilunganga nhlobo. Umsebenzi kaNkulunkulu awuhambi ngokwemibono yabantu, awuhambisani nemibono yabantu kunoma yini, futhi izinyathelo zomsebenzi Wakhe ikakhulukazi, azivumelani nemibono yabantu; lokhu kukhombisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kungabonakala kulokhu ukuthi imibono yabantu iyaphazamisa ngayo yonke indlela, futhi konke abantu abangakucabanga izinto uNkulunkulu afuna ukuzibuyisela emumva. Lokhu kungukuqonda kwangempela. Abantu bonke bacabanga ukuthi uNkulunkulu usebenza ngokushesha, futhi bacabanga ukuthi lapho bengakabi nakho noma yikuphi ukuqonda futhi bedidekile umsebenzi kaNkulunkulu uphelile abantu bengazi. Zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe ziyile ndlela. Abantu abaningi bakholwa ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu, kodwa inhloso yomsebenzi awenzayo ayinjalo. Indlela yakhe yokusebenza ingokucabanga okujulile, kuqala ngokusebenza ezingeni elijwayelekile, kuze kwimininingwane, emva kwalokho ukucwengisisa le mininingwane. Lokhu kuyabamangaza abantu bengalindele. Bonke abantu bafuna ukumkhohlisa uNkulunkulu, futhi bacabanga ukuthi uma benza nje kalula bazofinyelela lapho bangakwazi ukumanelisa khona Yena, kodwa empeleni, uNkulunkulu anganeliseka kanjani ngenxa yemizamo yesintu yokwenza kalula nje? UNkulunkulu usebenza ngendlela yokumangaza abantu, ababambe benganakile ukuze azuze imiphumela emikhulu futhi abantu bakwazi kangcono ukuhlakanipha Kwakhe futhi baqonde kangcono ukulunga Kwakhe, ubukhulu, nesimo Sakhe esilungileyo.
     Ngokusemthethweni uNkulunkulu useqalile ukuphelelisa abantu. Ukuze bapheleliswe, abantu kufanele badlule esambulweni, ekwahlulelweni, ekusolweni ngamazwi kaNkulunkulu, kanye nokubhekana nezilingo nokucwengwa ngaamazwi Akhe (okufana nesilingo sabenzi benkonzo). Ngaphezu kwalokho abantu kufanele bakwazi ukumela ukulingwa ngokufa. Okusho ukuthi, umuntu owenza intando kaNkulunkulu uzokwazi ukuveza indumiso evela ekujuleni kwenhliziyo yakhe phakathi kwesahlulelo sikaNkulunkulu, ukusola, nezilingo futhi uyakwazi ukulalela uNkulunkulu ngokugcwele futhi bazidele bona uqobo, kanjalo bathande uNkulunkulu ngenhliziyo eqotho, engaguquguquki, nemsulwa; onjalo umuntu ophelele, futhi kungumsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza, futhi kuyilokho uNkulunkulu afuna ukukufeza. Abantu abanakufinyelela kalula eziphethweni ngezindlela zokusebenza zikaNkulunkulu, futhi bangalandela ukungena ekuphileni kuphela. Lokhu kuyisisekelo. Ungahlale uhlolisisa izindlela zokusebenza zikaNkulunkulu; lokhu kungathiya kuphela amathemba akho esikhathi esizayo. Kumanje kungakanani okubonile ezindleleni Zakhe zokusebenza? Usulalele kangakanani? Usuzuze okungakanani endleleni ngayinye yokusebenza? Ingabe uzimisele ukupheleliswa uNkulunkulu? Ingabe usukulungele ukuba umuntu ophelele? Lezi izinto okufanele nizazi ngokucacile. Ziyizinto okufanele ningene kuzo.
     Imibhalo engezansi:
     a. Umbhalo wakuqala awunawo amazwi athi “nezikhathi.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
More Info About God : Unyazi LwaseMpumalanga
0 notes
Text
Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe
     Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngothando lukaNkulunkulu, njalo njalo. Njengoba kumi kanje, uma uthanda uNkulunkulu ngesizathu sokunakekelwa kwenyama noma ukuthokoza kwesikhashana, ngisho noma, ekugcineni, uthando othanda uNkulunkulu ngalo lufinyelela esicongweni futhi ungaceli lutho, lolu "uthando" olufunayo kusewuthando olungahlanzekile nolungamthokozisi uNkulunkulu. Labo abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu ukuze banothise izimpilo zabo eziphansi futhi bavale isikhala ezinhliziyweni zabo yilabo abafuna ukuphila kalula, hhayi labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Lolu hlobo lothando luphambene nentando yakhe, lungukulandela ukuthokoza komoya, futhi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lothando. Ngakho, olwakho uthando luwuhlobo luni? UNkulunkulu umthandelani? Lungakanani uthando lweqiniso othanda ngalo uNkulunkulu manje? Uthando lwabantu abaningi phakathi kwenu lunjengalolu olubalwe ngenhla. Lolu hlobo lothando lungakwazi ukugcina isimo samanje kuphela; ngeke lukwazi ukuqhubeka phakade, noma ukuzinza kubantu. Lolu hlobo lothando lunjengembali engatheli izithelo emuva kokuqhakaza yabuna. Ngamanye amazwi, uma sewuthande uNkulunkulu ngaleyo ndlela futhi engekho umuntu ozokuhola endleleni, uzowa. Uma ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngezikhathi zokuthanda uNkulunkulu futhi ungaguquli lutho esimweni sempilo yakho emva kwalokho, uzoqhubeka nokugutshuzelwa amandla obumnyama, ungakwazi ukuphunyuka, futhi ungakwazi ukukhululeka ekudukisweni nasekwenziweni isiwula uSathane. Akekho umuntu onjalo ongazuzwa uNkulunkulu ngokugcwele; ekugcineni, umoya wabo, umphefumulo kanye nomzimba uzobe usangokaSathane. Lokhu akunakuphikiswa. Bonke labo abangakwazi ukuzuzwa nguNkulunkulu ngokugcwele bazobuyela endaweni yabo yokuqala, leyo, ukubuyela kuSathane, futhi bazoya echibini lomlilo nesibabule ukuze bamukele isigaba esilandelayo sokujeziswa uNkulunkulu. Labo abazuzwe uNkulunkulu yilabo abahlubuke kuSathane futhi baphunyuka endaweni ebuswa nguye. Abantu abanjalo bayobalwa ngokugcwele kubantu bombuso. Abantu bombuso bavela kanjalo. Ngabe uzimisele ukuba yilolu hlobo lomuntu? Ngabe uzimisele ukuzuzwa uNkulunkulu? Ngabe uzimisele ngokuphunyuka endaweni ebuswa nguSathane bese ubuyela kuNkulunkulu? Manje ngabe ungokaSathane noma ubalwa phakathi kwabantu bombuso? Izinto ezinjalo kumele zicace futhi zingadingi ukuthi zichazwe kabanzi.
     Ezikhathini zangaphambili, abantu abaningi babelandela ngezifiso kanye nemibono yomuntu nangenxa yamathemba abantu. Lezi azizukudingidwa njengamanje. Okumqoka ukuthola indlela yokwenza ezovumela ukuthi umuntu ngamunye akwazi ukuba sesimweni esejwayelekile phambi kukaNkulunkulu futhi kuye ngokuya ekhululeka emaketangweni ethonya likaSathane, ukuze uNkulunkulu akwazi ukukuzuza, bese uphila emhlabeni lokho uNkulunkulu akucela kuwe. Yilokhu kuphela okungagcwalisa isifiso sikaNkulunkulu. Baningi abakholwa uNkulunkulu, kepha abakwazi lokho okufiswa uNkulunkulu noma lokho okufiswa uSathane. Ngobuwula bakholwa futhi balandele abanye ngobumpumputhe , ngakho abakaze bayiphile impilo yobuKristu ejwayelekile; abanabo ubudlelwano obejwayelekile nabantu, kunobudlelwane obejwayelekile obuncane kakhulu umuntu anabo noNkulunkulu. Kulokhu kuyabonakala ukuthi izinkinga kanye namaphutha abantu, kanye nokunye okuningi okungavimba intando kaNkulunkulu kuningi. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umuntu akazifakile emgudwini ofanele futhi akakabhekani nempilo yeqiniso. Ngakho-ke kuyini ukungena emgudwini ofanele? Ukuba semgudwini ofanele kusho ukuthi ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu ngazo zonke izinkathi futhi uxhumane ngokwemvelo noNkulunkulu, uye ngokuya ufinyelele ekwazini ukuthi kuntulekani kumuntu futhi aye ngokuya athole ulwazi olujulile ngoNkulunkulu. Ngalokhu, nsukuzonke uzozuza ukubona okusha futhi ukhanyiseleke emoyeni; ukulangazelela kwakho kuyanda, futhi ufuna ukungena eqinisweni. Nsukuzonke kuba khona ukukhanya okusha kanye nokuqonda okusha. Ngale ndlela, uyakhululeka kancane kancane ethonyeni likaSathane, futhi impilo yakho iyakhula kakhulu. Umuntu onje usungene emgudwini ofanele. Hlaziya lokho obhekane nakho ngokwakho futhi uhlole indlela oyithathile ekukholweni kuNkulunkulu ukuqhathanise nokungenhla. Ngabe ungumuntu osemgudwini ofanele? Ngabe uzikhulule kuziphi izindaba emaketangaweni kaSathane kanye nasethonyeni likaSathane? Uma kuwukuthi yilapho usazongena emgudwini ofanele, izibopho zakho noSathane kusamele zigqashulwe. Njengoba kunje, ngabe lokhu kufuna uthando lukaNkulunkulu kungaholela othandweni oluyiqiniso, oluzinikele, futhi olumsulwa? Uthi uthando othanda uNkulunkulu ngalo luqinile futhi lusuka ekujuleni kwenhliziyo, kodwa awukazikhululi emaketangweni kaSathane. Ngabe awumenzi isiwula uNkulunkulu? Uma ufisa ukuthola uthando olumsulwa lukaNkulunkulu, uzuzwe nguNkulunkulu ngokugcwele, futhi ubalwe phakathi kwabantu basembusweni, ngakho kumele uqale uzifake emgudwini ofanele.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe
     Njengamakhulu ezigidi zabanye abalandeli beNkosi uJesu Kristu, siyayemukela imithetho nemiyalo yeBhayibheli, sijabulela inala yomusa weNkosi uJesu Kristu, bese sihlangana ndawonye, sithandaze, sidumise, futhi sikhonze egameni leNkosi uJesu Kristu—konke lokhu sikwenza ngaphansi kokunakekela nesivikelo seNkosi. Kaningi siba buthaka, futhi kaningi siba namandla. Sikholelwa ukuthi zonke izenzo zethu zivumelana nezimfundiso zeNkosi. Ngakho akuthandabuzwa ukuthi sikholelwa nawukuthi singahamba endleleni yokulalela intando kaBaba osezulwini. Silangazelela ukubuya kweNkosi uJesu, ukufika ngenkazimulo kweNkosi uJesu, ukuphela kokuphila kwethu emhlabeni, ukubonakala kombuso, kanye nazo zonke izinto ezibikezelwe eNcwadini yesAmbulo: INkosi iyafika, ilethe inhlekelele, futhi inike abalungile umklomelo nokuthi yahlulele ababi, futhi ithathe bonke abayemukelayo bese yamukele nokubuya kwabo emoyeni ukuze bahlangane Nayo. Ngaso sonke isikhathi lapho sicabanga ngalokhu, asikwazi ukunganqotshwa imizwa. Siyabonga ngokuthi sazalwa ezinsukwini zokugcina futhi sinenhlanhla enkulu ngokubona ukuza kweNkosi. Nakuba siye sashushiswa, kungenxa “yokuyisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo yaphakade”; yeka isibusiso lokho okuyiso! Konke lokhu kulangazelela nomusa esiwunikwe iNkosi kusenza sihlale sifuna ukukhuleka, futhi kusisondeza kaningi ndawonye. Mhlawumbe ngonyaka ozayo, mhlawumbe kusasa, noma mhlawumbe maduze lapho umuntu engakulindele, iNkosi iyofika kungazelelwe, futhi iyobonakala eqenjini labantu ebelilokhu liyilindile. Sonke siyaphikisana, futhi akekho ofuna ukusala ngemuva, ukuze sibe iqembu lokuqala labantu ababona ukubonakala kweNkosi, ukuze sibe ngabanye balabo abazohlwithwa. Sinikele ngayo yonke into, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, ngenxa yokuza kwalolu suku. Abanye bashiye imisebenzi yabo, abanye bashiye imindeni yabo, abanye bayeke ukushada, abanye baze banikela ngezimali zabo abazongile. Yeka ukuzinikela ngokuzidela! Ubuqotho nokuqina ekuthembekeni okunjalo kumele kudlule okwabangcwele basezinkathini ezedlule! Njengoba iNkosi ibeke umusa kunoma ubani efisa ukuwubeka Kuye, ukuzinikela kwethu kanye nokuchitha kwethu imali, sikholelwa ukuthi sekubonakele kakade emehlweni Ayo. Ngakho, imithandazo yethu ethinta inhliziyo isifinyelele ezindlebeni Zayo, futhi sethemba ukuthi iyosiklomelisa ngokuzinikela kwethu. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wayenomusa kithi ngaphambi kokudala umhlaba, futhi akunamuntu okufanele asephuce izibusiso zikaNkulunkulu nezethembiso asithembise zona. Sonke sihlelela ikusasa, futhi sizitshela ukuthi ukuzinikela kwethu nokuchitha imali kuwukuqongelela injabulo yalapho sihlangana khona neNkosi. Okukhulu nakakhulu, ngaphandle kokunqikaza, sizilungiselela ukubusa okuzayo, ukwengamela zonke izizwe nabantu, noma ukubusa njengamakhosi. Konke lokhu sikubheka njengesiphiwo, njengento okufanele ilindelwe.
      Siyabenyanya bonke labo abamelene neNkosi uJesu; ekugcineni, bonke bayoqothulwa. Ubani obatshele ukuthi bangakholelwa ukuthi iNkosi uJesu ingumSindisi? Yiqiniso, kunezikhathi lapho sifunda khona eNkosini uJesu ukuthi banobubele ngezwe, ngoba abaqondi, futhi kufanele sibabekezelele futhi sibaxolele. Konke esikwenzayo kuvumelana namazwi eBhayibheli, ngoba yonke into engavumelani neBhayibheli iyinzwabethi, nenkolelo embi. Leyo nkolelo, imbelwe yajula ezingqondweni zethu. INkosi yethu iseBhayibhelini, futhi uma singasuki eBhayibhelini, akufanele sisuke naseNkosini; uma silalela le miyalo, kufanele sisindiswe. Siyakhuthazana, sisekelane, futhi sihlangana ngaso sonke isikhathi, sinethemba lokuthi konke esikwenzayo nesikushoyo, kuvumelana nentando yeNkosi, futhi iNkosi iyakwamukela. Naphezu kwenzondo enkulu esendaweni yethu, izinhliziyo zethu ziphuphuma injabulo. Lapho sicabanga ngalezo zibusiso, ingabe akukho lutho esingalulahla? Ingabe ikhona into esingeke sikwazi ukuhlukana nayo? Konke lokhu kucashile, futhi amehlo kaNkulunkulu akubheke ngelokhozi. Singabantu abantulayo abacoshwe odakeni, sifana nabo bonke abalandeli beNkosi uJesu abajwayelekile: Siphupha ngenjabulo yokubusiswa, nokubusa zonke izizwe. Ububi bethu benekwe emehlweni kaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyazichitha izifiso nobugovu bethu. Kodwa konke lokhu kuyaphawuleka, kunengqondo futhi akekho kithi ozibuza ngokulunga kwezinto esizilangazelelayo, ingasaphathwa eyokuthi singabaze ukunemba kwezinto esibambelele kuzo. Ubani ongayazi intando kaNkulunkulu? Asikwazi ukufuna, noma ukuhlaziya, noma ngisho ukukhathazeka ngathi endleleni umuntu ahamba ngayo. Ngoba okuwukuphela kwento esikhathazeka ngayo injabulo, izibusiso, nokuthi ikhona yini indawo yethu embusweni wezulu, nokuthi sizoba nayo yini indima emanzini omfula wokuphila nasesithelweni sesihlahla sokuphila. Ingabe asikholelwa eNkosini, ingabe asibona abalandeli beNkosi, ngenxa yokuzuza lezi zinto? Izono zethu zithethelelwe, siphendukile, siyiphuzile indebe yewayini, sabeka nesiphambano emhlane wethu. Ubani ongathi inani esilikhokhile iNkosi ngeke ilamukele? Ubani ongathi asilungisanga amafutha anele? Asifuni ukuba yizintombi eziyiziwula, noma lezo ezaliwe. Ngaphezu kwalokho, asiphezi ukuthandaza, sicele iNkosi ukuba isivikele ekukhohlisweni oKristu bamanga, ngoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi “Khona uma umuntu ethi kini, Bhekani, nangu uKristu, noma nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, futhi baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukiswe nabakhethiweyo” (Mathewu 24:23-24). Sonke siwagcine engqondweni la mavesi eBhayibheli, siwazi njengoba sizazi, futhi siwabheka njengengcebo eyigugu, njengokuphila, nanjengesigxivizo senjabulo nokusindiswa kwethu…
       Ezinkulungwaneni zeminyaka, abaphilayo baye bashona, bahamba namaphupho kanye nezinto ababezilangazelela, futhi akekho owaziyo ukuthi bawuthola yini umbuso wezulu. Abafile babuya, sebekhohlwe yizo zonke izindaba ezake zenzeka, futhi besalandela izimfundiso nezindlela zoyisemkhulu. Ngakho, njengoba iminyaka nezinsuku kudlula, akekho owazi ukuthi iNkosi yethu uJesu, uNkulunkulu wethu, bayakwamukela yini konke esikwenzayo. Simane silangazelela umphumela futhi siqagela konke okuzokwenzeka. Kodwa uNkulunkulu uye wathula, futhi akazange avele kithi, noma akhulume nathi. Ngakho siyahlulela ngothando intando nesimo sikaNkulunkulu ngokuvumelana neBhayibheli kanye nezimpawu. Siye sajwayelana nokuthula kukaNkulunkulu; sajwayelana nokubona okulungile nokungalungile ekuziphatheni kwethu sisebenzisa indlela esicabanga ngayo; siye sajwayelana nokusebenzisa ulwazi lwethu, imibono, nemithetho yethu yokuziphatha ukuze kungene esikhundleni sezinto ezifunwa uNkulunkulu; siye sajwayelana nokuthokozela umusa kaNkulunkulu; siye sajwayelana nokusiza noma nini lapho kudingeka; siye sajwayelana nokufaka isandla kuzo zonke izinto, nokuyalwa uNkulunkulu; futhi siye sajwayelana nokulandela imfundiso, nokunganaki ukuthi uMoya oNgcwele usiholela kuphi; ngaphezu kwalokho, siye sajwayelana nezinsuku esizibusa ngazo. Siyakholelwa kuNkulunkulu ofana nalona, esingakaze sihlangane Naye. Imibuzo enjengokuthi sinjani isimo Sakhe, yini anayo, unjani umfanekiso Wakhe, nokuthi siyomazi yini lapho eza, njalo njalo—akukho okubalulekile kulokhu. Okubalulekile ukuthi usezinhliziyweni zethu, nokuthi sonke silindele Yena, nokuthi siyakwazi ukubona ngeso lengqondo ukuthi unjani. Siyalwazisa ukholo lwethu, nokumkhonza kwethu. Konke sikubheka njengokuyize, futhi asinandaba nakho konke. Ngoba singabalandeli beNkosi ekhazimulayo, akunandaba ukuthi uhambo lude kangakanani, akunandaba ukuthi sehlelwa yibuphi ubunzima nezinhlekelele, ayikho into engaphazamisa imikhondo yethu njengoba silandela iNkosi. “Umfula ocwebile wamanzi okuphila ocwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nomfula, emacaleni womabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, futhi uthela izithelo zawo inyanga nenyanga: namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe. Futhi akuyikuba khona nokukodwa ukuqalekisa: kodwa isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza: Futhi ziyakubona ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo. Futhi ubusuku abusayikuba khona; nabadingi ukukhanya kwesibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba inkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela: futhi bayakubusa phakade naphakade.”(IsAmbulo 22:1-5) Ngaso sonke isikhathi lapho sicula la mazwi, izinhliziyo zethu ziphuphuma injabulo nokugculiseka, kugobhoza izinyembezi emehlweni ethu. Mayibongwe iNkosi ngokusikhetha, mayibongwe iNkosi ngomusa Wayo. Manje isinike okuningi, isinike ukuphila okungunaphakade ezweni elizayo, futhi uma ingathi asife manje, singenza kanjalo ngaphandle kokukhononda. Nkosi! Sicela uze ngokushesha! Ungephuzi ngisho nangomzuzu, ngoba siyakulangazelela, futhi sidele konke ngenxa Yakho.
      UNkulunkulu uthule, akakaze avele kithi, kodwa umsebenzi Wakhe awukaze ume. Uhlola wonke amazwe, futhi uyala zonke izinto, kanti ubambelela kuwo wonke amazwi nezenzo zomuntu. Ukuqondisa Kwakhe kuhambisana nezigaba futhi kuvumelana necebo Lakhe. Uqhubeka ngokuthula, ngaphandle komsindo, futhi kade imikhondo Yakhe yadlulela kumuntu, isihlalo Sakhe sokwahlulela sisendaweni yonke sihamba ngesivinini sombani, kulandelwa ngokushesha ukwehlela kwesihlalo sobukhosi Sakhe kithi. Yeka indlela leso simo esikhulu ngayo, yeka ingqopha-mlando. Njengejuba, nanjengebhubesi elibhongayo, uMoya uyafika phakathi kwethu. Uhlakaniphile, ulungile futhi unamandla amakhulu, ufika ngokuthula phakathi kwethu, abe negunya futhi aphuphume uthando nobubele. Akekho okubonayo ukuza kwakhe, akekho okwemukelayo, futhi akekho owazi konke azokwenza. Ukuphila komuntu akushintshi; inhliziyo yakhe ayinamehluko, futhi unezinsuku ezijwayelekile. UNkulunkulu phakathi kwethu uphila njengomuntu ojwayelekile, njengomlandeli omangalisayo noma obaluleke kakhulu nekholwa elijwayelekile. Unezinto Zakhe azifunayo, imigomo Yakhe, futhi ngaphezu kwalokho, unobunkulunkulu okungekho muntu ojwayelekile anabo. Akekho oye waphawula ubunkulunkulu Bakhe, futhi akekho ofune umehluko phakathi kwesiqu Sakhe nesomuntu. Siphila kanye Naye, singaboshiwe futhi singethukile, ngoba asiboni njengongaphezu kwekholwa. Ulangazelela ukuhamba kwethu, futhi yonke imicabango yethu yenekwe phambi Kwakhe. Akekho onendaba nokuba khona Kwakhe, akekho okwazi ukucabanga umsebenzi Wakhe, futhi akekho onomqondo wokuthi ungubani. Simane siqhubeka nezinto esizifunayo, njengokungathi Yena akahlanganise lutho nathi…
      UMoya oNgcwele uveza igama elithi “Ngaye,” futhi nakuba kungalindelekile, siyabona ukuthi lokhu kuyinto kaNkulunkulu, futhi siyakwamukela ngoba kuvela kuNkulunkulu. Lokho kungenxa yokuthi, kungakhathaliseki ukuthi la mazwi avela kubani, uma nje esavela kuMoya oNgcwele kufanele siwamukele, asinakuwaphika. Izwi elilandelayo lingavela ngami, noma ngawe, noma Ngaye. Kungakhathaliseki ukuthi livela ngobani, onke angumusa kaNkulunkulu. Kodwa akunandaba ukuthi umuntu ungubani, akufanele simkhonze, yena nanoma yini enye, akanakuba uNkulunkulu; ngeke nangayiphi indlela sikhethe umuntu ojwayelekile, abe uNkulunkulu wethu. UNkulunkulu wethu mkhulu futhi uhloniphekile; angamelwa kanjani umuntu ongabalulekile? Okukhulu, ukuthi sonke silinde ukufika kukaNkulunkulu ukuze asiyise embusweni wezulu, ngakho umuntu ongabalulekile angafaneleka kanjani ukwenza lowo msebenzi obalulekile? Uma iNkosi ibuya, kumele ibe sefwini elimhlophe, ibonakala kubo bonke. Yeka indlela lokho okuyokhazimula ngayo! Angakwazi kanjani ukuzifihla eqenjini labantu abajwayelekile?
     Kodwa futhi ngumuntu ojwayelekile ocashe phakathi kwabantu owenza umsebenzi omusha wokusisindisa. Akasicaciseli lutho, akasitsheli nokuthi yini ayizele. Umane wenza umsebenzi ahlose ukuwenza ezigabeni Zakhe, futhi ngokuvumelana necebo Lakhe. Amazwi nezinto Zakhe kuyejwayeleka. Kusukela ekududuzeni, ekuzikhandleni, ekukhumbuzeni, kanye nokwexwayisa, kuya ekusoleni nasekusiyaleni; kusukela ephimbweni elinomusa kuye emazwini anolaka nanamandla amakhulu—onke anobubele nokukhathazeka kumuntu. Konke akushoyo kuhlaba esikhonkosini ngezimfihlo ezithukuswe kithi, amazwi Akhe ahlaba izinhliziyo zethu, ahlaba umoya wethu, asishiye sishaywa amahloni futhi sihlazekile. Siqala ukuzibuza ukuthi uNkulunkulu enhliziyweni yalo muntu uyasithanda ngempela yini, futhi yini ngempela ahlose ukuyenza. Mhlawumbe singajabula ngemva kokubekezelela izinhlungu ezinjalo? Emakhanda ethu siyabala… ngesikhathi esizayo nangomphumela wethu. Futhi akekho kithi okholelwa ukuthi uNkulunkulu uyishiyile inyama Yakhe usebenza phakathi kwethu. Ngisho noma ebe nathi isikhathi eside, nakuba esekhulume amazwi amaningi kangaka sibhekene ubuso nobuso Naye, asikazimiseli ukwamukela umuntu ongajwayelekile njengoNkulunkulu ekusaseni lethu, ingasaphathwa eyokwethemba umuntu onjalo ngekusasa nomphumela wethu. Kuye sithola amanzi angapheli okuphila, futhi siyambonga ngoba manje siphila noNkulunkulu. Sibonga kuphela umusa weNkosi uJesu emazulwini, futhi asikaze sinake imizwa yalo muntu ojwayelekile onobunkulunkulu. Usawenza umsebenzi Wakhe ngokuzithoba ezifihle enyameni, eveza izwi lenhliziyo Yakhe, okubonakala kungenandaba ukuthi aphikwe isintu, kuze kube phakade umuntu enobungane nokunganaki, futhi Yena embekezelela umuntu.
     Engaziwa kithi, lo muntu ongabalulekile usiholele ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu. Sidlula ezilingweni ezingenakubalwa, ekusolweni okungabaleki, futhi savivinywa ukufa. Sifunda ngokulunga namandla amakhulu esimo sikaNkulunkulu, futhi uthando Lwakhe nobubele, kuyawazisa amandla amakhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuyalubona uthando lukaNkulunkulu, nesifiso esijulile sikaNkulunkulu sokusindisa umuntu. Emazwini alo muntu ojwayelekile, siye sazi isimo nesiqu sikaNkulunkulu, saqonda intando kaNkulunkulu, sazi isiqu nokwakheka komuntu, sabona nendlela yokusindiswa nokupheleliswa. Amazwi Akhe asenza sife, futhi asenza siphinde sizalwe; amazwi Akhe asilethela induduzo, aphinde asishiye sinecala, futhi sinomqondo wokwazisa; amazwi Akhe asilethela injabulo nokuthula, kodwa futhi nobuhlungu obukhulu. Ngezinye izikhathi sifana nezimvu ezihlatshwayo ezandleni Zakhe; kwezinye sifane nama-apula emehlweni Akhe, futhi sijabulele uthando; ngezinye izikhathi sifana nezitha Zakhe, siyiswa emlotheni ngethukuthelo Yakhe esemehlweni Akhe. Siyisintu esisindiswe Nguye, siyizimpethu emehlweni Akhe, futhi siyizimvu ezilahlekile azifuna ubusuku nemini. Unomusa kithi, uyasikhathalela, uyasiphakamisa, uyasiduduza futhi asigqugquzele, uyasiqondisa, uyasikhanyisela, uyasisola futhi asiyale, aze ngisho asiqalekise. Ukhathazeka ngathi ubusuku nemini, uyasivikela ubusuku nemini, akalokothi asishiye, usinakekela ngazo zonke izindlela akhokhe noma yiliphi inani. Phakathi kwamazwi ale nyama engatheni najwayelekile, siye sajabulela ukuphelela kukaNkulunkulu, futhi sabona ikusasa uNkulunkulu asibekele lona. Kodwa naphezu kwalokhu, ukuzidla kusagcwele ezinhliziyweni zethu, futhi asikazimiseli ukwamukela umuntu ofana noNkulunkulu wethu. Nakuba esinike inala yemana, izinto eziningi ezijabulisayo, akukho kulokhu okungathatha indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. Siyabuhlonipha lobu buntu futhi sibubheka njengobubalulekile. Uma engasukumi asibonise ukuthi unguNkulunkulu, khona-ke ngeke siphinde simbheke njengoNkulunkulu ozofika maduze kodwa obelokhu esebenza phakathi kwethu.
       Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila! Usivumele ukuba siphinde siphile, sibone ukukhanya, futhi wenze izinhliziyo zethu zangadideka. Sesibuyile ekhaya likaNkulunkulu, sibuyile esihlalweni Sakhe sobukhosi, sesiNaye, sizibonile izimbangi Zakhe, salubona nohambo olusihlalele. Ngaleso sikhathi izinhliziyo zethu wayesezinqobe ngokugcwele, asisangabazi ukuthi Nguye, futhi asisamelani nomsebenzi kanye nezwi Lakhe, siguqa ngokuphelele phambi Kwakhe. Asifisi lutho ngaphandle kokuhamba emikhondweni kaNkulunkulu ukuphila kwethu konke, nokupheleliswa Nguye, nokuphinde simkhokhele ngomusa Wakhe, nothando analo ngathi, nokulalela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, nokubambisana nomsebenzi Wakhe, nokwenza konke okusemandleni ukuze sifeze asiphathise khona.
    Ukunqotshwa uNkulunkulu kufana nomqhudelwano wobuciko bokulwa.
     Izwi ngalinye likaNkulunkulu ligadla endaweni esibuthaka kuyo, lisishiye silusizi futhi sethukile. Wembula imibono yethu, imicabango yethu, kanye nesimo sethu esikhohlakele. Kukho konke esikushoyo nesikwenzayo, nayo yonke imicabango namacebo ethu, ukwakheka nesiqu sethu kwembuleka emazwini Akhe, kusishiya sikhathazekile futhi sigajwe ukwesaba. Usitshela ngazo zonke izenzo zethu, izinhloso zethu, ngisho nangesimo sethu esonakele esingakaze sisazi, asenze sizizwe sembulwe kakhulu, futhi siqiniseka nakakhulu. Uyasahlulela ngokumelana kwethu Naye, asisole ngokungalungi nokumphika, asenze sicabange ukuthi emehlweni Akhe asinamsebenzi nokuthi singoSathane abaphilayo. Amathemba ethu ayashabalala, asisalokothi sifune izinto ezingenangqondo Kuye, ngisho namaphupho ethu ebusuku ayaphela. Leli iqiniso okungekho muntu kithi ongalicabanga, futhi ongalamukela. Okomzuzwana, izingqondo zethu azisebenzi, futhi asibe sisakwazi ukuqhubeka nohambo olusihlalele, asikwazi ukuqhubeka nezinkolelo zethu. Kubonakala sengathi ukholo lwethu selubuyele kulokhu olwaluyikho, nokuthi asikaze sibone muntu ojwayelene neNkosi uJesu. Sididwa yiyo yonke into ephambi kwamehlo ethu, isenze sizizwe silahliwe. Sinetwetwe, siphoxekile, futhi ekujuleni kwezinhliziyo zethu kunentukuthelo nokuhlazeka okukhulu. Sizama ukuvula imbobo, ukuthola indlela yokuphuma, futhi siyaqhubeka sizama ukulinda uMsindisi wethu uJesu, sithululele Kuye izinhliziyo zethu. Nakuba kunezikhathi lapho singenanzondo nakuthobeka ngaphandle, kodwa ezinhliziyweni zethu silahlekelwe ngendlela esingakaze silahlekelwe ngayo. Nakuba ngezinye izikhathi singase sibonakale sizole ngendlela engajwayelekile, ngaphakathi siququdwa usizi olukhulu. Isahlulelo nesiyalo sakhe sithathe wonke amathemba namaphupho ethu, kusishiye singenazo izifiso ezinkulu, singafuni ukukholelwa ukuthi unguMsindisi Wethu futhi angakwazi ukusisindisa. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kuvule igebe elikhulu phakathi kwethu Naye futhi akekho ozimisele ukulivala. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe ziyizinto zokuqala ezisenza sisokole futhi sihlazeke kangaka. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakwazisa ngempela ukuhlonishwa uNkulunkulu nokubekezelela Kwakhe ukona komuntu, uma kuqhathaniswa nokuthi siphansi futhi asihlanzekile. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sabona okokuqala indlela esizidla futhi sizikhukhumeze ngayo, nokuthi umuntu akasoze alingana noNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze salangazelela ukungabe sisaphila esimweni esinjalo esonakele, futhi kusenze safuna ukuqeda okwakhe nesiqu sethu ngezinga esingakwazi ngalo, futhi sangabe sisamzonda noma simenyanye uNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakuthokozela ukulalela amazwi Akhe, sangabe sisazimisela ukuhlubuka ekuqondiseni nasemalungiselelweni Akhe. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kuphinde kwasinikeza ithuba lokufuna ukuphila, kwasenza sakujabulela ukumamukela njengoMsindisi wethu…. Siye saphuma emsebenzini wokunqoba, saphuma esihogweni, saphuma emathunzini amnyama okufa…. UNkulunkulu uSomandla usizuzile, leli qembu labantu! Umnqobile uSathane, futhi wanqoba zonke izitha Zakhe!
     Simane siliqembu elijwayelekile labantu abanesimo esikhohlakele sobusathane, siyilabo uNkulunkulu abanqumela kusengaphambili ngaphambi kwezinkathi, futhi singabampofu uNkulunkulu abatakule odakeni. UNkulunkulu wake wasenqaba futhi wasilahla, kodwa manje usesinqobile. Samukele ukuphila nendlela eya ekuphileni okuphakade evela kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sikuphi emhlabeni, naphezu kokushushiswa nosizi, asikwazi ukuhlukana nensindiso kaNkulunkulu uSomandla. Ngoba unguMdali wethu, nomhlengi wethu!
     Uthando lukaNkulunkulu lunjengamanzi omthombo, lunikwe mina nawe naye, nabo bonke labo abalifuna ngobuqotho iqiniso futhi abalinda ukubonakala kukaNkulunkulu.
      Njengoba nje unyezi uhlale ulandela ilanga, umsebenzi kaNkulunkulu awusoze waphela, futhi wenzelwa wena, nami, naye, nabo bonke abahamba emikhondweni kaNkulunkulu futhi abamukela isahlulelo nokusolwa uNkulunkulu.
Yethulwa ngomhla ka-23 Mashi, 2010
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke
     Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu. Uma imiqondo nemizimba yethu ingeyona eyomsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu kanye nendlela elungile yesintu, ngakho imiphefumulo yethu ngeke ifanele labo ababulawelwa umsebenzi abawuphathiswe nguNkulunkulu, ngeke ifanele uNkulunkulu nhlobo, osihlinzeke ngakho konke.
     UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini. Ukuthuthuka komuntu nokuqhubekela phambili kungehlukaniswe nobukhosi bukaNkulunkulu, futhi umlando nekusasa lesintu kungeke kwakhishwa ezinhlelweni zikaNkulunkulu. Uma ungumKristu ngokweqiniso, uzokholwa ukuthi ukuvuka nokuwa kwanoma iliphi izwe noma isizwe kwenzeka ngokuhlela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu yedwa owazi isiphetho sezwe noma isizwe, futhi uNkulunkulu yedwa olawula inkambo yale sintu. Uma isintu sifisa ukuba nesiphetho esihle, uma izwe lifuna ukuba nesiphetho esihle, kufanele umuntu aguqe phansi adumise uNkulunkulu, aphenduke futhi avume phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho isiphetho nesiphetho somuntu ngokungenakugwemeka siyogcina ngenhlekelele.
     Bheka emuva esikhathini somkhumbi kaNowa: isintu sasonakele kakhulu, sasidukile esibusisweni sikaNkulunkulu, sasingasanakekelwe nguNkulunkulu, futhi sasesilahlekelwe izithembiso zikaNkulunkulu. Babephila ebumnyameni, ngaphandle kokukhanya kukaNkulunkulu. Ngakho baba nezinkanuko ngokwemvelo, bazilahlela ekonakaleni okusabekayo. Abantu abanjalo babengeke basakwazi ukwemukela isithembiso sikaNkulunkulu: babengafanele ukubona ubuso bukaNkulunkulu, noma ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ngoba babemshiyile uNkulunkulu, babelahle kude konke ayekade ebaphe khona, futhi basebezikhohliwe izimfundiso zikaNkulunkulu. Inhliziyo yabo yedukela kude kakhulu noNkulunkulu, njengoba kwenzeka lokho, bonakala ngaphezulu kokucabanga nobuntu, futhi baphenduka baba babi kakhulu. Ngakho baya besondela ekufeni, bawela olakeni nokujezisa kukaNkulunkulu. UNowa kuphela owayekhonza uNkulunkulu futhi ebalekela ububi, ngakho wayekwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ezwa nemiyalelo kaNkulunkulu. Wawakha umkhumbi ngokusho kwemiyalelo yezwi likaNkulunkulu, futhi waqoqa zonke izinhlobo ngezinhlobo zezidalwa. Ngale ndlela, kwathi uma yonke into seyilungiselelwe, uNkulunkulu wadedela imbubhiso Yakhe phezu komhlaba. UNowa kuphela kanye namalunga ayisikhombisa omndeni wakhe abasinda kuleyo mbubhiso, ngoba uNowa wayekhonza uJehova futhi ebalekela ububi.
      Bese ubheka inkathi yamanje: Abantu abalungile njengoNowa abakhonza uNkulunkulu babalekele ububi, abasekho ngisho ukuba khona. Kepha uNkulunkulu usenomusa esintwini futhi uyasisula icala isintu kule nkathi yokugcina. UNkulunkulu ufuna labo abalangazelela ukuthi aqhamuke. Ufuna labo abakwazi ukuzwa amazwi Akhe, labo abangakhohlwanga yilokho abaphathise khona futhi abanikela inhliziyo nomzimba wabo Kuye. Ufuna labo abalalela okwezingane phambi Kwakhe, futhi abangamelani Naye. Uma ungavinjwa ngamandla athile ekukhonzeni kwakho ngobuqotho uNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenzela umusa, futhi athele izibusiso Zakhe kuwe. Uma usesikhundleni esiphakeme, waziwa ngokuhlonishwa, unolwazi oluchichimayo, unempahla eningi, futhi wesekwe abantu abaningi, kepha zonke lezi zinto zingakuvimbi ukuthi uze phambi kukaNkulunkulu ukwemukela ubizo Lwakhe, nalokho akuphathisa khona, ukwenza lokho uNkulunkulu akucela ukuba ukwenze, konke oyokwenza kuyoba okubaluleke kakhulu emhlabeni futhi uyobe ungolunge kunabo bonke esintwini. Uma wala ubizo lukaNkulunkulu ngenxa yesikhundla kanye nemigomo yakho, konke ozokwenza kuyobe kuqalekisiwe futhi kuyokwenyanywa nguNkulunkulu. Mhlawumbe ungumongameli, noma usosayensi, umfundisi, noma ilunga kodwa noma ngabe siphakeme kangakanani isikhundla sakho, uma wethembele olwazini lwakho, nekhono kulokho okwenzayo, uyoba yisahluleki njalo, futhi uyohlala ungenazo izibusiso zikaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akamukeli lutho olwenzayo, futhi akavumi ukuthi umsebenzi wakho ungolungileyo noma emukele ukuthi usebenzela ukusizakala kwesintu. Uzothi konke okwenzayo, ukusebenzisa ulwazi namandla esintu ukuphuca umuntu ukuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nokuphika izibusiso zikaNkulunkulu. Uzothi uholela isintu ebumnyameni, ekufeni, futhi ekuqaleni kokuphila okungenamkhawulo lapho umuntu eselahlekelwe uNkulunkulu nesibusiso Sakhe.
      Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo.… Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, impucuko yabantu ngokungazi igcina ingakwazi kakhulu ukufeza izifiso zabantu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zixoshe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.
     Mhlawumbe izwe lakho liyaphumelela njengamanje, kodwa uma uvumela abantu ukuthi baphambuke kuNkulunkulu, izwe lakho liyozithola liya ngokuya lingenazo izibusiso zikaNkulunkulu. Impucuko yezwe lakho iyoya ngokuya inyathelwe phansi, kungekudala abantu bayovukela uNkulunkulu futhi baqalekise iZulu. Ngakho isiphetho sezwe siyokwehlelwa incithakalo kungahlosiwe. UNkulunkulu uzovusa amazwe anamandla ukubhekana nalawo mazwe aqalekiswe nguNkulunkulu, futhi angawasusa ebusweni bomhlaba. Ukuvuka nokuwa kwezwe kukhomba ukuthi ababusi balo bayamkhonza uNkulunkulu noma cha, futhi nokuthi bayabaholela yini abantu babo ukuba basondele kuNkulunkulu futhi bamkhonze. Nokho, kule sikhathi sokugcina, ngenxa yokuthi labo abafuna futhi abakhonza uNkulunkulu ngeqiniso baya ngokuya beba yingcosana, uNkulunkulu uzothela umusa okhethekile kulawo mazwe lapho ukholo olusemthethweni kuwubuKristu. Uwaqoqela ndawonye ukwenza inkambu yabalungile nokho emhlabeni, kuthi lawo mazwe angakholwa nhlobo noma lawo angakhonzi uNkulunkulu weqiniso azoba yizitha zenkambu elungile. Ngale ndlela, uNkulunkulu akanayo kuphela indawo phakathi kwesintu lapho ezokwenza khona umsebenzi Wakhe, kodwa uphinda azuze amazwe angaphatha ngegunya elifanele, ukuze alethe unswinyo nemikhawulo kulawo mazwe amelana noNkulunkulu. Kepha ngale kwalokhu, namanje ababaningi abantu abavelayo ukukhonza uNkulunkulu, ngoba umuntu useduke kakhulu Kuye, futhi uNkulunkulu usenesikhathi eside kakhulu engekho emicabangweni yomuntu. Kusele emhlabeni amazwe enza ukulunga futhi amelane nobubi kuphela. Kodwa lokhu kukude nezifiso zikaNkulunkulu, ngoba abekho ababusi bezwe abangavumela uNkulunkulu ukuthi abuse phezu kwabantu babo, futhi ayikho inhlangano yezepolitiki engaqoqa abantu bayo ndawonye ukukhonza uNkulunkulu; uNkulunkulu uselahlekelwe yindawo Yakhe efanele enhliziyweni yezwe, yesizwe, yeqembu elibusayo, kanye ngisho nasenhliziyweni yawonke umuntu. Nakuba amandla alungileyo ekhona emhlabeni, ukubusa lapho uNkulunkulu engenandawo enhliziyweni yomuntu kuntekenteke. Ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu, umkhakha wezepolitiki uyoba yinhlakanhlaka futhi ube sengozini yokuhlaselwa. Esintwini, ukuhlala ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu kufana nokungabi nokukhanya kwelanga. Akukhathaleki ukuthi ababusi banikela ngokukhuthala okungakanani kubantu babo, akusho lutho ukuthi mingaki imihlangano elungile isintu esizenzayo ndawonye, akukho kulokhu okuyolungisa izinto, noma kuguqule isiphetho sesintu. Umuntu ucabanga ukuthi izwe lapho abantu bondlekile futhi begqokile, lapho abantu bephila khona ngokuthula, yizwe elihle, futhi elinabaholi abalungile. Kepha uNkulunkulu akacabangi kanjalo. Ukholwa ukuthi izwe lapho kungekho muntu omkhonzayo Yena yilelo azolibhubhisa. Indlela yomuntu yokucabanga iphikisana kakhulu nekaNkulunkulu. Uma inhloko yezwe ingamkhonzi uNkulunkulu, isiphetho salelo zwe kuyoba ngesinosizi, futhi izwe ngeke libe nampokophelo.
     UNkulunkulu akangeni kwezepolitiki yabantu, kepha isiphetho sezwe noma isizwe silawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu ulawula lomhlaba kanye nomhlaba wonke jikelele. Isiphetho somuntu kanye nohlelo lukaNkulunkulu kuxhumene ngokusondelelene, futhi akekho umuntu, izwe noma isizwe esikhishelwe ngaphandle ebukhosini bukaNkulunkulu. Uma umuntu efisa ukwazi isiphetho sakhe, kufanele eze phambi kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uzokwenza labo abamlandelayo nabamkhonzayo ukuthi baphumelele, futhi uzoletha ukuncipha nobhubhiso kulabo abamelana Naye nabamalayo.
     Khumbula isiqephu eBhayibhelini lapho uNkulunkulu eletha imbubhiso eSodoma, futhi ucabange futhi ukuthi unkosikazi kaLoti waphenduka kanjani isiduli kasawoti. Cabanga emuva ukuthi abantu baseNineva baphenduka kanjani ezonweni zabo bembethe ingubo yamasaka nomlotha, futhi ukhumbule okwalandela emuva kokuthi amaJuda abethela uJesu esiphambanweni eminyakeni eyizi-2,000 eyedlule. AmaJuda axoshwa kwaIsrayeli futhi abalekela emazweni kuwo wonke umhlaba. Amaningi abulawa, futhi isizwe samaJuda sisonkana sabhekana nencithakalo engakaze ibonwe. Babebethele uNkulunkulu esiphambanweni - babenze icala elihlasimulisayo - futhi bachukuluza isimo sikaNkulunkulu. Benziwa ukuthi bakhokhe ngalokho abakwenza, kwafanele bathweswe imiphumela yezenzo zabo. Balahla ngecala uNkulunkulu, bala uNkulunkulu, ngakho baba nesiphetho esisodwa nje: ukujeziswa nguNkulunkulu. Lowo ngumphumela onomunyu ababusi babo abawuletha phezu kwezwe nesizwe sabo.
      Namuhla, uNkulunkulu usebuyele emhlabeni ukwenza umsebenzi Wakhe. Isinyathelo Sakhe sokuqala ngababusi abangaphikiswa: iShayina, inqaba eqinile yokungakholelwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu usezuze iqembu labantu ngokuhlakanipha namandla Akhe. Ngalesi sikhathi, uyazingelwa yiqembu lababusi eShayina ngayo yonke indlela futhi ufakwa ekuhluphekeni okukhulu, engenandawo yokuphumuza ikhanda Lakhe futhi engakwazi ukuthola isiphephelo. Naphezu kwalokhu, uNkulunkulu usaqhubeka nomsebenzi ahlose ukuwenza: uyakhuluma futhi asakaze ivangeli. Akekho ongaqonda ukuba nguSomandla kukaNkulunkulu. EShayina, izwe elibuka uNkulunkulu njengesitha, uNkulunkulu akakaze ayeke umsebenzi Wakhe. Kunalokho, baningi kakhulu abantu abemukele umsebenzi nezwi Lakhe, ngoba uNkulunkulu wenza konke angakwenza ukusindisa ilunga lesintu ngalinye ngalinye. Sithemba ukuthi alikho izwe noma isizwe esizomelana nalokho uNkulunkulu afisa ukukufeza. Labo abavimba umsebenzi kaNkulunkulu, abamelana nezwi likaNkulunkulu, abaphazamisa futhi balimaze uhlelo lukaNkulunkulu, bayojeziswa nguNkulunkulu ekugcineni. Lowo oweyisa umsebenzi kaNkulunkulu uyothunyelwa esihogweni; noma iliphi ilizwe eleyisa umsebenzi kaNkulunkulu liyobhujiswa; noma isiphi isizwe esivukayo ukumelana nomsebenzi kaNkulunkulu siyoshabalaliswa emhlabeni, futhi singabe sisaba khona. Ngiyagqugquzela abantu bazo zonke izizwe, amazwe, ngisho nezimboni ukuthi nilalele izwi likaNkulunkulu, nibone umsebenzi kaNkulunkulu, ninake isiphetho sesintu, ngaleyo ndlela nenze uNkulunkulu abe ongcwele kakhulu, ohlonishwa kakhulu, ophakeme kakhulu nokunguyena kuphela ofanele ukukhonzwa phakathi kwesintu, futhi nivumele isintu sisonkana ukuthi siphile ngaphansi kwesibusiso sikaNkulunkulu, njengoba inzalo ka-Abrahama yabe iphila ngaphansi kwesithembiso sikaJehova, futhi njengoba u-Adamu no-Eva ababenziwe uNkulunkulu ekuqaleni, babephila eNsimini yase-Edeni.
      Umsebenzi kaNkulunkulu ufana namagagasi agubha kakhulu. Akekho ongamvalela, futhi akekho ongamisa izinyathelo Zakhe. Yilabo kuphela abalalela amazwi Akhe ngokucophelela futhi abafuna baphinde bomele Yena, abalandela ezinyathelweni Zakhe futhi bazuze isithembiso Sakhe. Labo abangakwenzi bayobhekana nenhlekelele enamandla kakhulu kanye nesijeziso esifanele.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
     Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke senike nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu belingaphendula lithi: UNkulunkulu uvela kulabo abamlandelayo futhi imilobo yezinyawo zakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena kanye nesimo Sakhe, kanye nendlela yokwenza eyimvelo Yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula inkathi futhi aqede inkathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma akusiyo nakancane inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibonwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni yisigaba somsebenzi wohlelo Lwakhe lokuphatha. Ukubonakala kukaNkulunkulu kuhlala kunenhloso, futhi kuxhumana nohlelo Lwakhe lokuphatha. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kokuqondisa kukaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ebonakala. Lo msebenzi uhlukile kowanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala inkathi entsha futhi uqede inkathi yakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ngaphezu kwalokhu, ngumsebenzi wokuletha isintu enkathini entsha. Lokhu ukubaluleka kokubonakala kukaNkulunkulu.
    Esikhathini esisodwa nokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu ubonakala kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukubonakala kuphi, noma kumele abonakale kuphi. Abanye ngokuthathela phezulu bakholwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya oNgcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho kunezithombe zokomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho abantu bedumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekuthini izinkolo ezinjalo zilungile noma azilungile. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli abantu abadumile, silandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunephimbo likaNkulunkulu, futhi lapho kunemilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, uzibe amagama athi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela Kanye nokuphila.” Ngakho lapho abantu abaningi bethola iqiniso, abakholwa ukuthi bathole imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu futhi abakuvumi nakancane ukubonakala kukaNkulunkulu. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele okukuqala uphume ekucabangeni kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele nakancane umbeke emkhawulweni wakho bese umnciphisela kokucatshangwa nguwe. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu engesilo iqiniso, futhi engaphethe iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi alalele.
    Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.
   UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu abonakala khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu. Beka imicabango yakho eceleni! Yima ufundisise la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes