Tumgik
#UNkulunkulu uSomandla
Photo
Tumblr media
UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke
South African Christian Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Choral Documentary
1 note · View note
Text
1. Kuyini Ukuba Sesimweni Somuntu? Iyini Ingqikithi Yokuba sesimweni Somuntu?
Tumblr media
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
UNkulunkulu wokuqala owaba sesimweni somuntu waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. Kokubili ngesikhathi asebenza ngaso, nangaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe, wayenobuntu obujwayelekile. Wahlala ebuntwini obejwayelekile iminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye. Eminyakeni emithathu nengxenye yokugcina, wazembula ukuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphambi kokuba aqale ukwenza inkonzo Yakhe, waqale wabonakala enobuntu obujwayelekile engabonisi lutho ngobunkulunkulu Bakhe, futhi kwakungemva kwalapho eseqale khona ngokusemthethweni ukwenza inkonzo Yakhe, lapho ubunkulunkulu Bakhe babonakaliswa khona. Ukuphila Kwakhe kanye nomsebenzi kuleyo minyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yokuqala konke kwabonisa ukuthi wayengumuntu wangempela, indodana yomuntu, inyama; ngoba empeleni inkonzo Yakhe yaqala ngemva kweminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yobudala. Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe sesimweni somuntu, inyama enobuntu obujwayelekile; okungenani lokhu kumele kube yiqiniso. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo yobuntu engenabo ubunkulunkulu, engumuntu ojwayelekile owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enesambatho somuntu esijwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, ukuphila kwakho kokubili bomuntu ojwayelekile nobobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuphela ngemva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, angaqalisa ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, udinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obuwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe yilena yakho kokubili engumuntu futhi enguNkulunkulu ophelele. Uma kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, ngakho ubengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, ubuNkulunkulu Bakhe bulokhu buhleli emkhakheni wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzeli womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Omuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba Ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abasemizimbeni yabantu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kokuba ngabantu, lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobuNkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela uma esemzimbeni womuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Eqinisweni, nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba sesimweni somuntu, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu ubuyela emhlabeni engezele ukuzophelelisa ubuntu Bakhe obejwayelekile. Akafikeli ukuzokwenza umsebenzi womuntu ojwayelekile, kodwa uzela ukuzokwenza umsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini obejwayelekile. Lokho uNkulunkulu akukhulumayo ngobuntu obujwayelekile akusikho lokho okucatshangwa umuntu. Umuntu uchaza "ubuntu obejwayelekile" ngokuba nenkosikazi, noma umyeni, namadodana kanye namadodakazi. Lokhu kuwubufakazi bokuthi lo ngumuntu ojwayelekile. Kodwa uNkulunkulu akakuboni ngale ndlela. Ubona ubuntu obejwayelekile njengalokho okunemicabango ejwayelekile yomuntu, ukuphila kobuntu okwejwayelekile, nokuzalwa abantu abejwayelekile. Kodwa ukujwayeleka Kwakhe akubandakanyi ukuba nenkosikazi, kanye nezingane ngendlela umuntu aqonda ngayo ukwejwayeleka. Kusho ukuthi, kumuntu, ubuntu obejwayelekile uNkulunkulu akhuluma ngabo yilokhu umuntu angakuthatha ngokuthi ukungabi nobuntu, obucishe buntule imizwa futhi obubonakala beswele izidingo zenyama, njengoJesu, owayenengaphandle lomuntu ojwayelekile futhi ethathe ukubukeka komuntu ojwayelekile, kodwa empeleni engenakho ngokuphelele lokho umuntu ojwayelekile okumele abe nakho. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ayiqukethe konke okobuntu obejwayelekile, kodwa ingxenye nje yezinto okumele abantu babe nazo, ukuze besekele izindlela ezejwayelekile zokuphila kwabantu kanye nokusekela amandla ejwayelekile okucabanga kwabantu. Kodwa lezi zinto azihlangene nhlobo nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ziyilokho uNkulunkulu osesimweni somuntu okumele abe nakho. Kukhona labo abathi, nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu kungathiwa unakho konke umuntu anakho uma kuphela enenkosikazi, amadodana namadodakazi, umndeni. Ngaphandle kwalezi zinto, bathi, akasiye umuntu ojwayelekile. Ngiyakubuza-ke, “Ngabe uNkulunkulu unayo inkosikazi? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu abe nomyeni? UNkulunkulu angakwazi ukuba nezingane?” Ngabe lokhu akuwona amanga? Nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu akakwazi ukuqhuma emfantwini phakathi kwamadwala noma aqathake esibhakabhakeni. Angazalwa emndenini wabantu abajwayelekile kuphela. Yingakho enabazali kanye nodadewabo. Lokhu kuyizinto ubuntu obejwayelekile bukaNkulunkulu osesimweni somuntu okumele bube nazo. Kwakunjalo kuJesu. UJesu wayenobaba nomama, odadewabo kanye nabafowabo. Konke lokho kwakujwayelekile. Kodwa ukuba wayenenkosikazi namadodana namadodakazi, ngabe okwakhe kwakungeke kube ubuntu obujwayelekile obabuhloswe ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu abe nabo. Ukuba kwakunjalo, wayengeke akwazi ukusebenza egameni lobunkulunkulu. Kwakungenxa kanye yokuthi wayengenayo inkosikazi noma izingane, kodwa wayezalwa abantu abajwayelekile emndenini ojwayelekile, ukuthi wayekwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu. Ukucacisa kakhudlwana, lokhu uNkulunkulu akuthatha njengomuntu ojwayelekile ngumuntu ozalwe emndenini ojwayelekile. Ngumuntu onjalo kuphela ofanelwe ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Uma, kwelinye icala, umuntu ubenenkosikazi, izingane, noma umyeni, lowo muntu ubengeke aze akwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu ngoba angaba nobuntu obejwayelekile kuphela obudingwa abantu kodwa okungesibo ubuntu obujwayelekile uNkulunkulu abudingayo. Lokho uNkulunkulu athi kuyikho kanye nalokho abantu abakuqondayo kuvame ukwehlukana kakhulu.
kwesithi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe eba sesimweni somuntu enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umzimba owembethwe uMoya kaNkulunkulu umzimba kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unguSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, umzimba Wakhe nawo uphakeme, uSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Umzimba onjalo kuphela okwazi ukwenza okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla, futhi awukwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma izimiso zokulunga nobulungisa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela nomzimba Wakhe awonakaliswa uSathane; umzimba Wakhe unobuntu obehlukile kunomzimba womuntu. Ngoba umuntu, hhayi uNkulunkulu, owonaliswa uSathane; uSathane ngeke akwazi ukonakalisa umzimba kaNkulunkulu.
kwesithi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
(Isiqephu Esikhethiweyo Sezwi LikaNkulunkulu)
Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe yisimo sobuntu noma sobunkulunkulu, kokubili kuthobela intando kaBaba Osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. Ngakho-ke, uNkulunkulu osesimweni somuntu angeke awenze umsebenzi ozophazamisa ukuphatha Kwakhe. Yilokhu okumele bonke abantu bakuqonde. Umongo womsebenzi kaMoya oNgcwele ukusindisa abantu ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umsebenzi kaKristu ukusindisa abantu ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.
Ingqikithi kaNkulunkulu uqobo lwayo isebenzisa igunya, kodwa uyakwazi ukuthobela ngokuphelele igunya eliphuma Kuye. Noma ngabe umsebenzi kaMoya noma umsebenzi wenyama, akungqubuzani. Amandla kaMoya kaNkulunkulu anegunya phezu kwendalo yonke. Inyama enengqikithi kaNkulunkulu nayo inegunya, kodwa uNkulunkulu osenyameni angenza wonke umsebenzi olalela intando kaBaba Osezulwini. Lokhu ngeke kutholwe noma kuqondwe umuntu. UNkulunkulu uqobo unamandla, kodwa inyama Yakhe ingathobela igunya Lakhe. Lokhu yincazelo ejulile yamazwi athi: “UKristu uthobela intando kaNkulunkulu uBaba.” UNkulunkulu unguMoya futhi angenza umsebenzi wokusindisa, njengoba uNkulunkulu engaba umuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu uqobo wenza umsebenzi Wakhe; akaphazamisi noma agxambukele, futhi akawenzi umsebenzi ophikisanayo, ngoba ingqikithi yomsebenzi owenziwa uMoya nowenziwa inyama uyafana. Noma ngabe uMoya noma inyama, kokubili kwenzelwe ukugcwalisa intando eyodwa nokuphatha umsebenzi ofanayo. Yize noma uMoya nenyama kunezinto ezingafani, ingqikithi bako buyafana; kokubili kunongqikithi bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanye nobuNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezinto ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane. Noma ngabe umsebenzi unzima kangakanani noma inyama ibuthaka kangakanani, uNkulunkulu, esaphila enyameni, angeke enze okuzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ingaphathwa eyokushiya intando kaNkulunkulu uBaba ngokungalaleli. Angancamela ukuzwa izinhlungu zenyama kunokuthi aphambane nentando kaNkulunkulu uBaba; kunjengoba uJesu asho emkhulekweni. “Baba, uma kungenzeka, mayidlule le ndebe Kimi; kodwa kungabi ngentando Yami, kodwa kube ngentando Yakho.” Umuntu uyokhetha, kodwa uKristu angeke akhethe. Yize enomfanekiso kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kodwa usafuna ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba, agcwalisele lokhu uNkulunkulu uBaba amethembe ngakho, ngasohlangothini lwenyama. Lokhu into umuntu angeke akwazi ukuyenza. Lokhu okuphuma kuSathane akunangqikithi kaNkulunkulu, kunokungalaleli nokuphikisa uNkulunkulu. Angeke kumlalele ngokuphelele uNkulunkulu, futhi ngeke kuyithobele intando kaNkulunkulu. Bonke abantu ngaphandle kukaKristu bangakwenza lokhu okuphikisa uNkulunkulu, futhi akekho noyedwa ongamukela umsebenzi athenjwe uNkulunkulu ngawo; akekho noyedwa ongakwazi ukubona ukuphatha kukaNkulunkulu njengomsebenzi wabo okumele bawenze. Ukuthobela intando kaNkulunkulu uBaba kuyingqikithi kaKristu; ukungalaleli uNkulunkulu kufana noSathane. Lezi zinto zombili azihambelani, futhi noma ubani onalezi zici zikaSathane angeke abizwe ngoKristu. Isizathu esenza ukuthi umuntu angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu esikhundleni Sakhe yingoba umuntu akanaso nesisodwa isimo sengqikithi kaNkulunkulu. Umuntu usebenzela uNkulunkulu ngoba efuna ukuzuza okwakhe nekusasa lakhe, kodwa uKristu usebenzela ukufeza intando kaNkulunkulu uBaba.
Isimo sobuntu sikaKristu sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. Yize noma esenyameni, isimo Sakhe sobuntu asifani ncamashi naleso somuntu wenyama. Unesimo Sakhe esihlukile, naso futhi sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe abunabuthaka; ubuthaka bukaKristu buchaza lobo obesimo Sakhe sobuntu. Ngezinga elithile, lobu buthaka bucindezela ubunkulunkulu Bakhe, kodwa imikhawulo efana nale iphakathi komthamo nesikhathi esithile, futhi ayinamkhawulo. Uma kufika isikhathi sokwenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, wenziwa ngaphandle kokunaka ubuntu Bakhe. Ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe. Ngaphandle kwempilo Yakhe ejwayelekile sobuntu Bakhe, konke okunye ukwenza kobuntu Bakhe kuthonywa, kuthintwe futhi kuqondiswe ubunkulunkulu Bakhe. Yize uKristu enesimo sobuntu, asiwuphazamisi umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe. Lokhu kungenxa yokuthi isimo sobuntu bukaKristu siholwa ubunkulunkulu Bakhe; yize ubuntu Bakhe bungavuthiwe endleleni aziphatha ngayo phambi kwabanye, akuwuthinti umsebenzi ojwayelekile wobunkulunkulu Bakhe. Uma ngithi isimo Sakhe sobuntu asonakaliswanga, ngisho ukuthi isimo sobuntu sikaKristu singaqondiswa ngqo ubunkulunkulu Bakhe, nokuthi unobuhlakani obuphezulu kunalobo bomuntu ojwayelekile. Ubuntu Bakhe bufanele ukuholwa ubunkulunkulu obusemsebenzini Wakhe; Ubuntu Bakhe bukwazi kakhulu ukuveza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi siyakwazi kakhulu ukuthobela umsebenzi ofana nalowo. Njengoba uNkulunkulu esebenza enyameni, akakhohlwa umsebenzi okumele wenziwe umuntu osenyameni; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini ngenhliziyo eneqiniso. Unengqikithi kaNkulunkulu, kanti ubuyena yilobu bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukuthi nje uze emhlabeni waba umuntu odaliwe, waba nomzimba womuntu odaliwe, manje unesimo sobuntu ayengenaso ngaphambilini; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini. Lokhu ukuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi uhlukile kumuntu. Ubuyena bunguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungokwenyama okwenza ukuthi adumise uNkulunkulu; ngakho-ke, amazwi athi “uKristu udumisa uNkulunkulu ezulwini” awalona iphutha. Akufunayo kumuntu ubuyena; usekufezile konke lokho akucelile kumuntu ngaphambi kokucela lokhu kubo. Angeke afune izinto kubantu ebe Yena engazenzi, ngoba konke lokhu kwenza ubuyena. Ngale kokuthi uwenza kanjani umsebenzi Wakhe, angeke angamlaleli uNkulunkulu. Noma ngabe yini ayicela kubantu, akukho okungaphezu kwalokho umuntu akwazi ukukwenza. Konke akwenzayo ukwenza intando kaNkulunkulu futhi kungenxa yokuphatha Kwakhe. Ubunkulunkulu bukaKristu bungaphezulu kwabo bonke abantu, ngakho-ke unegunya phezu kwezidalwa zonke. Leli gunya lingubunkulunkulu Bakhe, isimo nobuyena bukaNkulunkulu uqobo, okusho ubuyena. Ngalokho, noma ngabe isimo Sakhe sobuntu sijwayeleke kangakanani, kungephikwe ukuthi unobuyena obunguNkulunkulu uqobo Lwakhe; noma ngabe ukuphi uyakhuluma futhi noma kanjani uthobela intando kaNkulunkulu, angeke kuthiwe akayena uNkulunkulu uqobo. Abantu abayizilima nabangenalwazi bahlala bethi ubuntu obujwayelekile bukaKristu buyiphutha. Noma engakuveza kanjani ubunkulunkulu Bakhe, abantu bayahluleka ukuvuma ukuthi unguKristu. Uma uKristu eveza ukulalela nokuthobeka Kwakhe, yilapho abantu abangezona kakhulu izilima bembona njengoKristu. Kukhona nalabo abamkhipha inyumbazane nokwedelela, kodwa babeke “amadoda amakhulu” aneziqu eziphakeme phezu kwetafula ukuba akhonzwe. Ukuphikisa nokungalaleli kwabantu uNkulunkulu kubangelwa ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ophila enyameni ithobela intando kaNkulunkulu, kanjalo nesimo sobuntu esijwayelekile sikaKristu; kulapho kukhona umsuka wokuphikisa nokungalaleli uNkulunkulu. Uma uKristu ubengenakho ukuzifihla ebuntwini noma engayifuni intando kaNkulunkulu uBaba ngokubona kwabantu abadaliwe, kodwa egcwele ubuntu obukhulu, mhlawumbe ngabe akekho umuntu ongalaleli. Into eyenza ukuthi abantu bafune ukukholwa kuNkulunkulu ongabonakali osezulwini ukuthi uNkulunkulu osezulwini akanaso isimo somuntu futhi akanakho nokukodwa okufana nokomuntu odaliweyo. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomkhulu kunabo, kodwa banakho ukungamfuni uKristu.
Yize uKristu emhlabeni ekwazi ukusebenza egameni likaNkulunkulu uqobo Lwakhe, akezi ngenhloso yokutshengisa bonke abantu umfanekiso Wakhe esenyameni. Akezelanga ukuthi bonke abantu bambone; uzele ukuthi avumele abantu ukuthi bavume ukuholwa isandla Sakhe, bese bengena enkathini entsha. Umsebenzi wenyama kaKristu ngowomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, okusho ukuthi, ngowomsebenzi kaNkulunkulu enyameni, hhayi ukuvumela abantu ukuthi baqonde ngokugcwele ingqikithi Yakhe yenyama. Noma ngabe usebenza kanjani, akukwedluli lokhu okutholakala enyameni. Noma ngabe usebenza kanjani, ukwenza lokhu esesimweni somuntu obujwayelekile, futhi akabavezeli ngokugcwele abantu ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi Wakhe enyameni awubi ngaphezulu kwamandla emvelo noma ungalinganiseki njengoba umuntu ecabanga. Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. Yize enengqikithi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ekwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, nalapho useyinyama akafani noMoya. Akayena uNkulunkulu onesimo sikaMoya; unguNkulunkulu onomzimba wenyama. Ngalokho-ke, noma engajwayeleka kanjani noma engaba buthaka kanjani, noma ngabe uyifuna kanjani intando kaNkulunkulu uBaba, ubunkulunkulu Bakhe bungebuphikwe. Esimweni sobuntu uNkulunkulu ukhona hhayi kuphela njengomuntu ojwayelekile nobuthaka bakhe; kukhona nokungaphezu okungubuhle nobunkulunkulu Bakhe obungeqondwe, kanjalo nayo yonke imisebenzi Yakhe esenyameni. Ngalokho-ke, empeleni kokubili ubuntu nobunkulunkulu bukuKristu. Lokhu akulona ize noma akukho ngaphezu kwamandla emvelo. Uze emhlabeni ephokophelele into eyodwa ukwenza umsebenzi Wakhe; kubalulekile ukuthi ube nesimo sobuntu obujwayelekile ukuze wenze umsebenzi emhlabeni; ngale kwalokho, noma ngabe makhulu kangakanani amandla obunkulunkulu Bakhe, umsebenzi wakho wokuqala angeke ube namsebenzi. Yize isimo Sakhe sobuntu sibalulekile, asiyona ingqikithi yakhe. Ingqikithi Yakhe ubunkulunkulu; ngakho-ke, uma nje eqala ukwenza inkonzo Yakhe emhlabeni kulapho eqala khona ukuveza ubuyena bobunkulunkulu Bakhe. Isimo Sakhe sobuntu senzelwe ukusekela impilo ejwayelekile yenyama Yakhe ukuze ubunkulunkulu Bakhe buzokwenza umsebenzi Wakhe ngokujwayelekile enyameni; ubunkulunkulu obuqondisa wonke umsebenzi Wakhe. Uma ewuqeda umsebenzi Wakhe, uzobe esephelelise inkonzo Yakhe. Umuntu okumele akwazi umsebenzi Wakhe ophelelisiwe, futhi umsebenzi Wakhe ozokwenza ukuthi abantu bamazi. Ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, kulapho eveza khona ubunkulunkulu Bakhe, okuyisimo esingagcoliswa isimo sobuntu, noma ubuyena obungcoliswe imicabango nendlela yokuziphatha yomuntu. Uma sifika isikhathi sokuthi inkonzo Yakhe yonke ipheleliswe, uzobe esephelelise waphinde waveza ngokuphelele isimo okumele asiveze. Umsebenzi Wakhe awuyalelwa ngumuntu; ukuveza isimo Sakhe nakho ukwenza ngokukhululeka, akulawulwa yingqondo noma kucatshangwe imicabango, kodwa kuvezwa ngokwendalo. Lokhu angeke kutholwe yinoma ubani. Noma ngabe izimo ezimuhaqile zinzima noma izimo zingavumi, uyakwazi ukuveza isimo Sakhe ngesikhathi esifanele. Lowo onguKristu uveza ubuKristu, kanti labo abangasikho abanaso isimo sikaKristu. Ngalokho-ke, noma bonke bemphikisa noma benemibono Ngaye, akekho ongaphikisa ngokombono wabantu ukuthi isimo esivezwa nguKristu singesikaNkulunkulu. Bonke laba abalandela uKristu ngenhliziyo eneqiniso noma abafuna uNkulunkulu ngenhloso bazovuma ukuthi unguKristu ngenxa yokuvezwa yisimo sobunkulunkulu Bakhe. Angeke bamphike uKristu ngenxa yanoma ikuphi okunye Kwakhe okungahambisani nokucatshangwa umuntu. Yize umuntu enobulima, bonke bayazi ukuthi iyini intando yomuntu nokuthi yikuphi okuvela kuNkulunkulu. Kungukuthi nje abantu abaningi baphikisa ngabomu uKristu ngenxa yezinhloso zabo. Uma kungengenxa yalokhu, akekho umuntu ongaba nesizathu sokuphika ubukhona bukaKristu, ngoba ubunkulunkulu obuvezwa nguKristu bukhona ngempela, futhi umsebenzi Wakhe ungabonwa ngamehlo enyama.
Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye. Abantu bangawuphika umsebenzi Wakhe, lokhu akuvezayo, isimo Sakhe sobuntu, kanye nayo yonke impilo Yakhe yesimo sobuntu obujwayelekile, kodwa akekho ongaphika ukuthi ukhonza uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso; akekho ongaphika ukuthi uzile ukuzofeza intando kaBaba wasezulwini, akekho futhi ongaphika ubuqotho afuna ngabo uNkulunkulu uBaba. Yize isithombe Sakhe singazithokozisi izinzwa, inkulumo Yakhe ingenawo umoya ongaphezu kokuvamile, nomsebenzi Wakhe unganyakazisi umhlaba noma unyakazise izulu njengoba umuntu ecabanga, ngempela unguKristu, ofeza intando kaBaba osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, othobela ngokugcwele uBaba osezulwini, futhi othoba kuze kube sekufeni. Lokhu kungenxa yokuthi ingqikithi Yakhe yingqikithi kaKristu. Kunzima ukuthi abantu balikholwe leli qiniso kodwa lona likhona impela. Uma inkonzo kaKristu isigcwalisiwe ngokupheleleyo, abantu bazokwazi ukubona emsebenzini Wakhe ukuthi isimo Sakhe nobuyena bumele isimo nobuyena bukaNkulunkulu ezulwini. Ngaleso sikhathi, ukusongwa komsebenzi Wakhe kuzoqinisekisa ukuthi ngempela uyinyama Izwi eliba yiyo, futhi engafani nenyama negazi lomuntu. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaKristu emhlabeni simele okuthile okubalulekile, kodwa umuntu obona umsebenzi uqobo wesinyathelo ngasinye akanakho ukuqonda ukubaluleka komsebenzi Wakhe. Lokhu kuvamise ezinyathelweni eziningi zomsebenzi owenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu okwesibili. Abaningi balabo abezwe noma ababone amazwi kaKristu kuphela kodwa abangakaze bambone Yena abanamicabango ngomsebenzi Wakhe; labo abambonile uKristu bawezwa namazwi Akhe, bawubona futhi nomsebenzi Wakhe, bakuthola kunzima ukwamukela umsebenzi Wakhe. Ngabe lokhu kwenziwa ukuthi umfanekiso kanye nesimo sobuntu sikaKristu akusikho lokhu okuthandwa abantu? Labo abemukela umsebenzi Wakhe emva kokuthi uKristu esehambile angeke babe nalobu bunzima, ngoba bemukela umsebenzi Wakhe nje kuphela abahlangani nesimo sikaKristu sobuntu. Umuntu akakwazi ukulahla imicabango yakhe ngoNkulunkulu kunalokho uyamhlolisisa; lokhu kungenxa yokuthi umuntu ugxila kuphela emfanekisweni Wakhe bese engakwazi ukubona ingqikithi Yakhe ngokomsebenzi Wakhe namazwi Akhe. Uma umuntu evala amehlo akhe angabuki umfanekiso kaKristu noma agweme ukukhuluma ngesimo somuntu sikaKristu, akhulume kuphela ngobunkulunkulu Bakhe, lowo umsebenzi Wakhe namazwi Akhe angaqondwa ngabantu, ngalokho umcabango womuntu anawo Ngaye uzokwehla, okungathi ngisho nengxenye yobunzima umuntu ahlangabezana nabo bungaxazululeka. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, abantu abakwazi ukumbekezelela futhi bagcwele imibono eminingi Ngaye, kanti nokumphikisa nokungamlaleli kuvamile. Abantu abakwazi ukumelana nobukhona bukaNkulunkulu, noma ukukhombisa ukuzwelana nokuthobeka nokufihlakala kukaKristu, noma ukuxolela ingqikithi kaKristu elalela uBaba osezulwini. Ngalokho-ke, angeke ahlale nabantu phakade emva kokuqeda Kwakhe umsebenzi Wakhe, ngoba umuntu akafuni ukumvumela aphile Naye. Uma abantu engakhombisi ukuzwelana Naye ngesikhathi somsebenzi Wakhe, bazokwazi kanjani ukubekezelela ukuhlala Naye uma eseyifezile inkonzo Yakhe, ebabuka bezwa amazwi Akhe kancane kancane? Angeke abaningi bawe ngenxa Yakhe? Abantu bamvumela ukuthi asebenze emhlabeni kuphela; yilokhu kuphela abantu abangakwazi ukuzwelana Naye kukho. Ukube bekungekhona okomsebenzi Wakhe, abantu ngabe kade bamxosha emhlabeni, ngakho bazoba nozwelo oluncane kangakanani uma esewuqedile umsebenzi Wakhe? Angeke abantu bambulale bamhluphe kuze kube sekufeni? Uma ubengabizwa ngoKristu, ubengeke akwazi ukusebenza phakathi kwabantu; ukube akazange asebenze ngobunjalo bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, wakhetha ukusebenza njengomuntu ojwayelekile, abantu ngabe abazange babekezelele ngisho umusho owodwa kwayengakukhuluma, angiphathi eyomsebenzi Wakhe. Ngakho-ke uma enza umsebenzi Wakhe kumele abe nalobu buyena. Ngale ndlela, umsebenzi Wakhe unamandla kakhulu kunokuba ubengenzanga kanjalo, ngoba abantu bonke bafuna ukulalela ubuyena obaziwayo nobukhulu. Ukube kade engenabo ubuyena bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe ngenkathi esebenza noma avele njengoNkulunkulu uqobo Lwakhe, ngabe akazange abe nalo nhlobo ithuba lokwenza umsebenzi. Ngaphandle nje kokuthi unongqikithi bukaNkulunkulu nobuyena obunguKristu, abantu bebengeke baswabuluke bamvumele enze umsebenzi Wakhe kalula phakathi kwabantu. Emsebenzini Wakhe uba nobuyena bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe; yize noma lo msebenzi unamandla kakhulu kunalowo owenziwa engenabo lobu buyena, umuntu usalokhu engamlaleli ngokugcwele, ngoba abantu bathobela ukuma Kwakhe hhayi ingqikithi bakhe. Uma kunjalo, uma kwenzeka ngelinye ilanga uKristu ehla esikhundleni Sakhe, ngabe abantu bangamvumela aphile ngisho usuku olulodwa? UNkulunkulu uyathanda ukuphila emhlabeni nabantu ukuze azobona umphumela ozolethwa umsebenzi wezandla Zakhe eminyakeni ezayo. Kodwa-ke, umuntu akakwazi ukubekezelela ukuhlala Kwakhe ngisho usuku olulodwa nje, ngakho-ke, ubeyolahla ithemba. Nalapho vele sekuwukubekezela okukhulu komuntu nomusa kaNkulunkulu nokuthi akwazi ukwenza umsebenzi okumele awenze nokuphelelisa inkonzo Yakhe. Yize labo abanqontshwe Nguye baba nomusa Kuye, bamvumela kuphela ukuthi ahlale aze aqede umsebenzi Wakhe hhayi nomzuzu ngaphezulu emva kwalokho. Uma lokhu kunjalo, sithini ngalabo angabanqobile? Akusona isizathu sokuthi abantu bamphathe kanje uNkulunkulu osesimweni somuntu ngenxa yokuthi unguKristu osemzimbeni womuntu ojwayelekile? Ukube ubenobunkulunkulu kuphela engenaso isimo somuntu ojwayelekile, ngabe ubunzima babantu abuxazululekanga kalula nje? Abantu bayabuvuma ubunkulunkulu Bakhe yize bengathandisisi bese bengabi nandaba nomzimba womuntu ojwaleyelekile, naphezu kweqiniso lokuthi ingqikithi Yakhe ekaKristu ithobela intando kaBaba osezulwini. Ngalokhu, angachitha kuphela umsebenzi wokuba phakathi kwabantu abelane nabo injabulo nosizi, ngoba abantu bebengasakubekezeleli ukuba khona Kwakhe.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Photo
Tumblr media
Imithetho YeNkathi Entsha
0 notes
get-new-life-blog1 · 6 years
Text
Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka
Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka
Tumblr media
 Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga.  (more…)
View On WordPress
0 notes
South African Christian Songs News 2018 “UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila”
youtube
Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu “UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila” I Akuyena wonke umuntu onendlela yokuphila; Akuyona into noma ubani angayithola kalula. Ngokuba ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Kusukela kudalwa umhlaba uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu ohlanganisa amandla okuphila aletha ukuphila kumuntu; Ukhokhele umuntu inani eliphezulu ukuze azuze ukuphila. Ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade; Uyindlela yokuthi umuntu athole ukuvuswa.
II UNkulunkulu akakaze angabi khona enhliziyweni yomuntu, Uhlale ephila phakathi komuntu. Uyena ongamandla aqhuba ukuphila kwabo, nesisekelo sobukhona babo; Uyisibambiso esicebile umuntu angaphila ngaso. Wenza ukuba umuntu azalwe kabusha, enze ukuba baphile ngamandla ezindimeni zabo ezahlukene. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Ngenxa yamandla Akhe namandla okuphila angahluleki, umuntu uphilile ezizukulwaneni nezizukulwane. Amandla okuphila kukaNkulunkulu alekelela umuntu ngokuphikelela; UNkulunkulu ukhokhe inani elingakaze likhokhwe muntu ophilayo. III Amandla empilo kaNkulunkulu ayachuma phezu kwawo wonke amandla; futhi adlula wonke amandla. Impilo Yakhe ingunaphakade, amandla Akhe awavamile. Asikho isidalwa noma isitha esinganqoba amandla Akhe, okukhona  futhi  okukhanya ukukhanya okugqamile nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo, nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Izulu, umhlaba kungaguquka kakhulu, impilo kaNkulunkulu yona ngeke; Zonke izinto azisekho, kodwa impilo kaNkulunkulu ilokhu ikhona, UNkulunkulu ungumsuka nempande yobukhona bazo zonke izinto, ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade. IV Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, nomhlaba ukhona ngenxa yamandla empilo kaNkulunkulu. Ayikho into equkethe amandla engadlula ubukhosi bukaNkulunkul, futhi ayikho into enobungqabavu engaphunyuka ebubanzini begunya likaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Ngale ndlela, kungakhathaleki ukuthi si ngobani, isintu sonke asithobe, asithobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, siphile ngaphansi komyalo Wakhe. Akekho ongaphunyuka, akekho ongaphunyuka, ongaphunyuka ekulawuleni Kwakhe. Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe
      Kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe endaweni yonke, uNkulunkulu wanqumela kusengaphambili abantu abaningi ukuba bamkhonze, kuhlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila. Injongo Yakhe ukufeza intando Yakhe nokuqiniseka ngokuthi umsebenzi Wakhe emhlabeni uthela kahle izithelo. Lena injongo kaNkulunkulu yokukhetha abantu ukuba bamkhonze. Wonke umuntu okhonza uNkulunkulu kumele ayiqonde le ntando kaNkulunkulu. Ngalo msebenzi Wakhe, abantu bakubona kangcono ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuba namandla onke kukaNkulunkulu, futhi kubasiza ukuthi baqonde imiyalo yomsebenzi Wakhe emhlabeni. UNkulunkulu weza ngempela emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, ukuzothintana nabantu, ukuze bazi izenzo Zakhe ngokucacile. Namuhla, leli qembu lenu linenhlanhla yokukhonza uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kuyisibusiso esingenakubalwa. Empeleni, uNkulunkulu oniphakamisayo. Ekukhetheni umuntu ukuba amkhonze, uNkulunkulu ahlale enemiyalo Yakhe. Ukukhonza uNkulunkulu akuyona ngempela, lokho abantu abacabanga ukuthi kunjalo, indaba yogqozi. Namuhla niyabona ukuthi noma ubani angamkhonza kanjani uNkulunkulu ekubeni khona Kwakhe, ekwenza ngokuqondiswa uNkulunkulu futhi enomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi ngenxa yokuthi bazingela iqiniso. Lezi izimfuno eziyisisekelo bonke labo abakhonza uNkulunkulu okufanele babe nazo.
      Ukukhonza uNkulunkulu akulula. Labo abasimo sabo esikhohlakele esihlala singashintshile abanakumkhonza uNkulunkulu. Uma isimo sakho singahlulelwanga futhi sasolwa izwi likaNkulunkulu, kusho ukuthi isimo sakho sisamelela uSathane. Lokhu kwanele ukuveza ukuthi inkonzo yakho kuNkulunkulu imayelana nezinhloso zakho ezinhle. Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, babashumayeze futhi babacindezele, futhi baziphakamise—lobo abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Abantu bayathanda ukubambelela kokudala. Banamathela ezinkolelweni ezindala, ezintweni ezedlule. Lesi isiphazamiso esikhulu enkonzweni yabo. Uma ungakwazi ukuzilahla, lezi zinto ziyokuxina ukuphila kwakho konke. UNkulunkulu ngeke ajabule ngawe, ngisho nakancane, ngeke ngisho ungaze uphuke umlenze ugijima noma umgogodla usebenza, ngeke ngisho ungaze ubulawelwe ukholo kanjani enkonzweni kaNkulunkulu. Kuyokwenzeka okuphambene: Uyothi uwumenzi wobubi.
       Kusukela namhlanje, uNkulunkulu uzophelelisa labo abangenazo izinkolelo zenkolo, abakulungele ukushiya ubuntu babo obudala, balalele kuphela uNkulunkulu ngendlela yenhliziyo ethambile, futhi uzophelelisa labo abalangazelela izwi likaNkulunkulu. Laba kumele babhukule bakhonze uNkulunkulu. KuNkulunkulu kunenala engapheli yokuhlakanipha. Umsebenzi Wakhe omuhle ngendlela emangalisayo kanye namazwi Akhe ayigugu alindele ukuthokozelwa yinani labantu abaningi ngisho kakhulu. Okwamanje, labo abanezinkolelo zenkolo, labo abaqhakambisa izikhundla zabo eziphezulu, nalabo abangeke bazidele bakuthola kunzima ukwamukela lezi zinto. Alikho ithuba ngoMoya oNgcwele ukuba uphelelise laba bantu. Uma umuntu engazimisele ukulalela, futhi engalomeli izwi likaNkulunkulu, khona-ke ngeke akwazi ukwamukela lezi zinto ezintsha. Uyolokhu ehlubuka nakakhulu, eba nobuqili nakakhulu, agcine esemgudwini ongafanele. Ekwenzeni umsebenzi Wakhe manje, uNkulunkulu uyovusa abantu abaningi abamthanda ngeqiniso, abemukela ukukhanya okusha. Futhi uyonciphisa izikhulu zenkolo eziqhakambisa izikhundla zazo eziphezulu. Labo abenqaba ngenkani ukushintsha: Akafuni kube ngisho nomuntu oyedwa wabo. Ingabe uyafuna ukuba ngomunye walaba bantu? Ingabe inkonzo yakho uyenza ngendlela othanda ngayo, noma ingabe wenza lokho okufunwa uNkulunkulu? Lena into okufanele uyazi ngawe. Ingabe ungomunye wezikhulu zenkolo, noma ingabe uwusana olusanda kuzalwa olupheleliswa uNkulunkulu? Ingakanani ingxenye yenkonzo yakho eyamukelwa uMoya oNgcwele? Ingakanani uNkulunkulu angeke azihluphe ukuba ayikhumbule? Ngemva kweminyaka eminingi yenkonzo, kushintshe kangakanani ukuphila kwakho? Ingabe kucacile kuwe konke lokhu? Uma unokholo lweqiniso, khona-ke uzohlukana nezinkolelo zakho zenkolo ezindala zangaphambili, futhi umkhonze kangcono uNkulunkulu ngendlela entsha. Akukephuzi kakhulu ukuba ukhuphule amasokisi. Izinkolelo ezindala zenkolo ziyokukhinyabeza ukuphila komuntu. Ulwazi lomuntu luyomphambukisa kuNkulunkulu, enze izinto ngendlela yakhe. Uma ungazishiyi phansi lezi zinto, ziyoba yisithiyo ekukhuleni kwakho ekuphileni. UNkulunkulu ubelokhu ebaphelelisa labo abamkhonzayo. Akabalaxazi kanjalo nje. Uma wamukela ngeqiniso ukwahlulelwa nokusolwa yizwi likaNkulunkulu, uma ungabeka eceleni imikhuba yakho emidala yenkolo nemithetho, futhi uyeke ukusebenzisa izinkolelo zenkolo ezindala njengesikali sezwi likaNkulunkulu namuhla, Ngalokho kuphela kuyoba nekusasa ngawe. Kodwa uma ubambelela ezintweni ezindala, uma usazazisa, khonake ngeke kube nendlela yokuthi ungasindiswa. UNkulunkulu akanandaba nabantu abanjalo. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa, khona-ke kumele ukulungele ukukushiya ngokuphelele konke okudala. Ngisho noma okwakwenziwa phambili kwakukuhle, ngisho noma kwakuwumsebenzi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukukubeka eceleni futhi uyeke ukubambelela kukho. Ngisho noma kwakusobala ukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, owenziwa ngokuqondile uMoya oNgcwele, namuhla kumele ukubeke eceleni. Akumele ubambelele kukho. Yilokhu uNkulunkulu akufunayo. Konke kumele kwenziwe kube kusha. Emsebenzini kaNkulunkulu nasezwini likaNkulunkulu, akabhekiseli ezintweni ezindala ezenzeka, akembi umlando omdala. UNkulunkulu unguNkulunkulu ohlale njalo emusha futhi akagugi. Akabambeleli emazwini Akhe edlule, kulokhu kusobala ukuthi uNkulunkulu akalandeli noma yimiphi imithetho. Kulesi simo, njengomuntu, uma uhlale ubambelela ezintweni ezedlule, ungafuni ukuzidedela, futhi uzisebenzisa ngokuphikelela endleleni yokwenza izinto, kuyilapho uNkulunkulu engasasebenzi ngalezo zindlela zangaphambili, khona-ke ingabe amazwi nezenzo zakho akusona yini isiphazamiso? Awuphendukanga yini isitha sikaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukonakalisa ukuphila kwakho konke ngenxa yalezi zinto ezindala? Lezi zinto ezindala zikwenza ube umuntu ophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ingabe lolo uhlobo lomuntu ofuna ukuba yilo? Uma ungakufuni ngempela lokho, yekela le nto oyenzayo ngokushesha uphenduke; uqale kabusha. UNkulunkulu akazikhumbuli izinto zakho ezindala.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu
  Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi ngokuhlelela kwesandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kuphethwe yisandla sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kusemehlweni kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, ziguquke, zenziwe zintsha futhi zinyamalale ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto.
  Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho buqhamuka khona. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu wamukela ukukhanya kosuku, kodwa akucaci kakhudlwana enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kuvela kuphi nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukuguquguquka okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise nezikhathi, kube futhi kuqikelela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. Umuntu wedlula ezinkathini noNkulunkulu, kodwa umuntu akazi ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa ukuthi izindlela zikaNkulunkulu aziqondakali kakhulu, noma ukuthi yima luzofezeka uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe kuSathane futhi kwaneliswa nguye. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. … UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu wendalo Yakhe yokuqala, futhi umuntu ulahlekelwa yimpande yesiqalo sakhe. Lolu usizi lwalesi sintu. Eqinisweni, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, uNkulunkulu wethule imbangalusizi esintwini lapho umuntu eyiqhawe futhi engumgilwa kuyo, futhi akekho owaziyo ukuthi ubani ongumqondisi wale mbangalusizi.
  Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Akekho owake wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi sizoshona ngaphi. Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kumuntu ongaphenduki ozehlukanise Naye? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Kumele ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa lwenziwa ize nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, lokho kuyomthukuthelisa kangakanani? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.
  UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Umuntu yena, waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso. Umuntu wazi kuphela ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke nokuphila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wobukhona bempilo nokuthi ukukholwa kungumnotho wokuphila kwakhe. Akawuboni umusa nokondliwa okuvela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekusaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu. … Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza kumuntu njengoba ehlelile futhi akalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaphusheni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nenani uNkulunkulu anike okuningi ngalo konke umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye. Akekho oseke wacabanga ngezimfihlo zokuqala nokuqhubeka kwempilo yomuntu. Kodwa, uNkulunkulu kuphela oqonda futhi abekezelele buthule bonke ubuhlungu nokungqutshuzwa okuvela kumuntu, osamukele konke okuvela kuNkulunkulu kodwa akabongi. Umuntu ukuthatha kalula konke okuza nokuphila, futhi “kuyinto efanele nje,” abantu bamlahlile, bamkhohlwa futhi bamsenga uNkulunkulu. Ingabe uhlelo lukaNkulunkulu lubaluleke kangako ngempela yini? Ingabe umuntu, isidalwa esiphilayo esiphuma esandleni sikaNkulunkulu, ubaluleke ngaleyo ndlela? Icebo likaNkulunkulu libaluleke kakhulu; nokho, abantu abaphilayo abadala ngesandla Sakhe baphilela icebo Lakhe. Ngakho, uNkulunkulu ngeke ayeke uhlelo Lwakhe ngenxa yenzondo yalesi sintu. Kungenxa yohlelo Lwakhe nomoya awuphefumulayo okwenza uNkulunkulu abekezelele bonke ukuhlushwa, hhayi ngenxa yenyama yomuntu kodwa ngenxa yokuphila komuntu. Uyafisa ukubuyisa hhayi nje inyama yomuntu kodwa impilo ayiphefumula. Leli icebo Lakhe.
  Bonke abafika kulo mhlaba kumele baphile bese beyafa, futhi baningi asebelubonile uchungechunge lokufa nokuzalwa kabusha. Abaphilayo kungekudala bazoshona bese kuthi abafile babuye maduze. Konke lokhu kungumgudu wokuphila ohlelwe uNkulunkulu ewuhlelela sonke isidalwa esiphilayo. Nokho, lo mgudu nochungechunge kungamaqiniso uNkulunkulu afisa abantu bawazi, ukuthi ukuphila uNkulunkulu akufake kubo akupheli futhi akuphazanyiswa inyama, isikhathi, noma umkhathi. Lena imfihlakalo yokuphila uNkulunkulu akufake kumuntu nobufakazi bokuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu. Nakuba abaningi bengase bengakholwa ukuthi ukuphila kwavela kuNkulunkulu, abantu nakanjani bakujabulela konke okuvela kuNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi bayakukholwa noma bayakuphika ukuba khona Kwakhe. Uma ngelinye ilanga uNkulunkulu engake aguqule inhliziyo yakhe noma abuyisele kuye zonke izinto ezisemhlabeni noma athathe ukuphila akunikezile, akekho umuntu oyophila. UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi kanye bokubonakala kwamandla empilo kaNkulunkulu. Manje yithi nginitshele imfihlo: Ubukhulu namandla okuphila kukaNkulunkulu ngeke kuqondwe ngokujulile yinoma yisiphi isidalwa. Kunjena manje, njengoba kwakunjalo nasekuqaleni, kuyoba njalo esikhathini esizayo. Imfihlo yesibili engizoyikhipha yile: Umthombo wokuphila uvela kuNkulunkulu, kwayo yonke indalo, akunandaba ukuthi yakheke ngendlela ehlukile. Kungakhathaleki ukuthi uluhlobo olunjani lwesidalwa, awukwazi ukuhamba uphambane nomgudu uNkulunkulu awubekile. Kunoma ikuphi, engikufisayo ukuthi umuntu aqonde ukuthi ngaphandle kokunakekelwa, ukulondolozwa, kanye nokondliwa nguNkulunkulu, umuntu ngeke athole yonke into okwakufanele ayithole, akunandaba ukuthi uzama noma uzabalaza kangakanani. Ngaphandle kokuthola ukuphila kuNkulunkulu, umuntu ngeke azi ukuthi uphilelani, futhi uyolahlekelwa injongo yokuphila. UNkulunkulu angamvumela kanjani umuntu ochitha ukubaluleka kokuphila Kwakhe ukuba angabi nandaba kanje? Kodwa futhi, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila. Uma umuntu ehluleka ukwazisa konke lokho uNkulunkulu amnike khona, uNkulunkulu ngeke agcine nje ngokubuyisa amnika khona, kodwa okukhulu kunalokho, umuntu uyokhokha ngokuphindwe kabili ukuze enze isinxephezelo ngakho konke uNkulunkulu akuchithile.
                          Ngomhla ka- 26 Meyi, 2003
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uyayiqeda Nya
Tumblr media
Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uyayiqeda Nya
Uma sesinokuqonda nokho isimo esilungileyo sikaNkulunkulu, singabuyisa umqondo sibheke umuzi waseSodoma lokho uNkulunkulu akubona njengomuzi wesono. Ngokuqonda ingqikithi yalo muzi, singaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ayefuna ukuwubhubhisa nokuthi kungani wawubhubhisa wawuqeda nya. Ngalokhu, singafika ekwazini isimo sikaNkulunkulu esilungile.
Uma sibuka ngamehlo obuntu, iSodoma kwakuwumuzi owawukwazi ukwanelisa izifiso zomuntu nobubi bomuntu. Wawuheha, uloya, ngomculo nombhiyozo wokudansa ubusuku ngobusuku, ukunethezeka kwawo kwaholela amadoda ukuba ahuheke futhi ahlanye. Ububi baso badla izinhliziyo zabantu kwabaloya bawela enkohlakalweni. Lona umuzi lapho imimoya engcolile nemimoya emibi yayichanasa khona; wawugcwele phama isono nokubulala futhi wembozwe iphunga elinuka ukubola negazi. Kwabe kungumuzi onyantisa igazi, umuzi umuntu ayewuhlehlela angafuni ukusondela. Akekho kulo muzi owesilisa noma owesifazane, omncane noma omdala—owafuna indlela yeqiniso; akekho owayelangazelele ukukhanya noma owayefisa ukushiya phansi isono. Babephila ngaphansi kokulawula, inkohlakalo nenkohliso. Base belahlekelwe ubuntu babo; babelahlekelwe imiqondo yabo, futhi base belahlekelwe inhloso yokuba khona komuntu, yokuqala. Benza izono zokumelana noNkulunkulu ezingenakubalwa; bakunqaba ukuqondisa Kwakhe futhi bamelana nentando Yakhe. Kwakuyizenzo zabo ezimbi ezafaka laba bantu, umuzi kanye nayo yonke into ephilayo kuwo, igxathu ngegxathu, endleleni eya ekubhujisweni.
Tumblr media
Noma lezi zindima ezimbili zingasho imininingwane echaza izinga lokukhohlakala kwabantu baseSodoma, esikhundleni salokho zibhala ngokuziphatha kwabo ezithunyweni zikaNkulunkulu, emuva kokufika kwabo emzini, iqiniso elisobala lingakhombisa izinga abantu baseSodoma ababekhohlakele, bebabi futhi bemelene noNkulunkulu ngayo. Ngalokhu, ubuso nengqikithi yangempela yabantu balo muzi yadaluleka. Hhayi nje ukuthi abazange bemukele izexwayiso zikaNkulunkulu, babengakusabi futhi ukujezisa Kwakhe kunalokho, bayishaya indiva intukuthelo kaNkulunkulu. Bamelana noNkulunkulu ngenkani ongathi izimpumputhe. Akukhathaliseki ukuthi wayenzani noma eyenza kanjani, imvelo yabo enonya yavele yanyukela kunakuqala futhi bamelana noNkulunkulu bephindelela. Abantu baseSodoma babenobutha nobukhona bukaNkulunkulu, ukuza Kwakhe, isijeziso Sakhe, kanye nakakhulukazi, izexwayiso Zakhe. Babengaboni lutho oluhle phakathi kwabo. Babeshwabadela futhi balimaza bonke abantu ababengabashwadela futhi babalimaze, futhi wawungekho umehluko endleleni ababephethe ngayo izinceku zikaNkulunkulu. Mayelana nazo zonke izenzo ezimbi ezenziwa abantu baseSodoma, ukulimaza izinceku zikaNkulunkulu kwabe kuyisicongo nje sentaba yeqhwa, kanti nemvelo yabo ekhohlakele eyavezwa yilokhu, yayilingana cishe neconsi nje olwandle olubanzi. Ngakho-ke uNkulunkulu wakhetha ukubabhubhisa ngomlimo. UNkulunkulu akasebenzisanga uzamcolo, akasebenzisanga isiphepho, ukuzamazama komhlaba, itsunami noma inoma iyiphi enye indlela ukubhubhisa umuzi. Kwabe kuchaza ukuthini ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukubhubhisa lo muzi? Kwakuchaza ukubhujiswa okuphelele kwalowo muzi; kwakuchaza ukuthi umuzi wanyamalala ngokuphelele emhlabeni nasekutheni ubukhona. Lapha, ukubhujiswa akuchazi nje ukunyamalala kokuma, nesakhiwo noma ukubukeka kwangaphandle komuzi; kwakuchaza nokuthi imiphefumulo yabantu babengaphakathi komuzi yashabalala, ngenxa yokubhujiswa ngokuphelele. Ngamafuphi, bonke abantu, izigameko kanye nezinto eziphathelene nomuzi zabhujiswa. Kwakungeke kube khona kamuva noma ukuzalwa ngokusha komunye umzimba kubona; uNkulunkulu wayekususe ngokuphelele kubantu, indalo Yakhe, ingunaphakade. “Ukusetshenziswa komlilo” kwakuchaza ukuma kwesono, futhi kwakusho isiphetho sesono; leso sono sasingeke sisaba khona noma sisabalale. Kwakusho ukuthi ububi bukaSathane babulahlekelwe inhlabathi yabo ebondlayo kanye nasemathuneni lapho base buthole khona imvume yokuhlala nokuphila. Empini phakathi kukaNkulunkulu noSathane, ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo uphawu lukaNkulunkulu lokunqoba, uSathane abekwa uphawu ngalo. Ukubhujiswa kweSodoma kuyimbuyiselamuva enkulu ekuzimiseleni kukaSathane ukumelana noNkulunkulu ngokonakalisa nokushwabadela abantu, futhi ngokufanayo kuwuphawu oludumazayo lwesikhathi ekuthuthukeni kwesintu, lapho umuntu enqaba ukuqondiswa uNkulunkulu wazinikela ekonakaleni. Ngokungaphezu kwalokho, kuwumbhalo wokwembuleka ngeqiniso lesimo esilungile sikaNkulunkulu.
Lapho umlilo uNkulunkulu awuthumela usuka ezulwini usuqothule iSodoma kwangasala lutho nje ngaphandle komlotha, kwakusho ukuthi umuzi obizwa ngokuthi “Sodoma” wawuyoyeka ukuba khona, njengakho konke ngaphakathi komuzi uqobo. Wabhujiswa intukuthelo kaNkulunkulu; wanyamalala ngaphansi kolaka nobukhosi bukaNkulunkulu. Ngenxa yesimo sikaNkulunkulu esilungile, iSodoma yathola isijeziso sayo esiyilungele; ngenxa yesimo sikaNkulunkulu esilungile, yathola isiphetho esiyilungele. Ukushabalala kokuba khona kweSodoma kwakungenxa yobubi bayo, kwakungenxa yesifiso sikaNkulunkulu ukuthi angaphinde ayibone, noma abone inoma ibaphi abantu ababekade bekuyo noma iyiphi impahla eyayikade ikhulele kulo muzi. “Isifiso sikaNkulunkulu sokuthi angaphinde awubone lo muzi” wulaka Lakhe, kanye nobukhosi Bakhe. UNkulunkulu wawushisa umuzi ngenxa yokuthi ububi nesono sawo kwamenza Wezwa intukuthelo, ukunyanya kanye nokunengeka mayelana nawo futhi wafisa ukuthi angaphinde awubone wona noma nabantu nakho konke okuphilayo okuhlala kuwo. Emuva kokuthi umuzi sewushe wangqongqa, kwasala umlotha nje, wase ungasekho ngempela emehlweni kaNkulunkulu; ngisho izinkumbulo Zakhe ngawo, zasulwa. Lokhu kusho ukuthi umlilo owawuthunyelwe usuka ezulwini awuzange nje uqothule kuphela wonke umuzi waseSodoma kanye nabantu bakhona abagcwele izono, futhi awuzange nje ubhubhise zonke izinto ngaphakathi komuzi ezazingcoliswe isono, ngaphezu kwalokho, lo mlilo wabhubhisa izinkumbulo zobubi bomuntu nokumelana noNkulunkulu. Lokhu kwabe kuyinhloso kaNkulunkulu ngokushisa umuzi.
Isintu sase sonakaliswe kwaze kweqa. Babengazi ukuthi uNkulunkulu ngubani noma babevele kuphi. Uma uphatha uNkulunkulu laba bantu babegasela, banyunde futhi bahlambalaze. Ngisho noma izinceku zikaNkulunkulu zazifikile ukuzomemezela isexwayiso Sakhe, laba bantu abazange nje kuphela bangabonakalisi zimpawu zokuzisola; abazange bakulahle ukuziphatha ngendlela ekhohlakele. Esikhundleni salokho, balimaza izinceku zikaNkulunkulu ngokweyisa. Abakukhombisa nabakuveza kwabe kuyimvelo nobukhona babo obunobutha obudlulele noNkulunkulu. Siyabona ukuthi ukumelana noNkulunkulu kwalaba bantu abonakele, kwabe kukukhulu kunokwembulwa kwesimo sabo esonakele, njengoba kwabe kukukhulu kunesigameko esisodwa nje sokunyundela noma ukubhuqa okusuka ekusweleni ukuqonda ngeqiniso. Kwabe kungebona ubulima noma ukungabi nalwazi okwakudala ukuziphatha ngokukhohlakala kwabo; kwakungekhona ukuthi laba bantu babekhohlisiwe, futhi kwabe kungesikhona ukuthi babedukisiwe. Ukuziphatha kwabo kwase kufike ezingeni lokuphikisana, ukumelana kanye nobuyaluyalu noNkulunkulu, okwakunokweyisa okusobala. Ngaphandle kokungabaza, lolu hlobo lokuziphatha komuntu kwakuzovusa ulaka lukaNkulunkulu, futhi kuvuse ulaka lwesimo Sakhe—isimo okungafanele sicasulwe. Ngakho-ke, uNkulunkulu wadedela ngqo futhi nangokusobala ulaka Lwakhe nobukhosi Bakhe; lokhu ukwembulwa ngeqiniso kwesimo sakhe esilungile. Ebhekene nomuzi owabe uchichima yisono, uNkulunkulu wafisa ukuwubhubhisa ngendlela esheshayo kakhulu kunezinye; wayefisa ukuqothula abaqede abantu abakuwo kanye nazo zonke izono zabo ngendlela ephelele kakhulu, ukwenza abantu balo muzi ukuthi bangabi sabakhona kanye nokuvimba isono esabe singaphakathi ukuthi sichume sande. Indlela eyabe ishesha futhi iphelele yokwenza lokhu kwabe kuwukushisa ngomlilo. Umbono kaNkulunkulu ngabantu baseSodoma kwabe kungesona esokubashiya noma ukungabakhathaleli; kunalokho, wasebenzisa ulaka, nobukhosi negunya Lakhe ukujezisa, ukuvithiza nokubabhubhisa nya laba bantu. Umbono Wakhe ngabo kwakungesona kuphela esokubabhubhisa ngokomzimba kuphela, kodwa kwabe kungukubhubhiswa komphefumulo, ukushabalalisa okungunaphakade. Yilokhu empeleni obekuqondwe isifiso sikaNkulunkulu ngabo ukuthi “bangabe besaba khona.”
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
1 note · View note
Text
3. Igama likaNkulunkulu lingashintsha, kodwa umongo Wakhe awusoze washintsha
Tumblr media
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze? Uma umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquki, ingabe ubengahola isintu yonke indlela kuze kube namuhla? Uma uNkulunkulu engaguquki, kungani pho esenze umsebenzi wezinkathi ezimbili? Umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili, okusho ukuthi isimo Sakhe siya ngokuya sembuleka kumuntu, futhi okwembulwayo yisimo Sakhe semvelo. Ekuqaleni, isimo sikaNkulunkulu sasifihliwe kumuntu, akazange asiveze obala isimo Sakhe kumuntu, futhi umuntu ngokusobala wayengenalo ulwazi Ngaye. Ngenxa yalokhu, usebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze aveze kancane kancane isimo Sakhe kumuntu, kodwa ukusebenza ngale ndlela akusho ukuthi isimo Sakhe siyaguquka ezinkathini zonke. Akukhona ukuthi isimo sikaNkulunkulu sihlale siguquka ngenxa yokuthi intando Yakhe ihlala iguquka. Kunalokho, kuwukuthi, ngenxa yokuthi izinkathi zomsebenzi Wakhe zehlukene, uNkulunkulu uthatha isimo Sakhe semvelo sonke bese esambula kancane kancane kumuntu, ukuze umuntu akwazi ukumazi. Kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi ekuqaleni uNkulunkulu akanaso isimo esithile noma ukuthi isimo Sakhe besilokhu siguquka kancane kancane ngokuguquka kwezinkathi—ukuqonda okunjalo kungaba yiphutha. UNkulunkulu uyaziveza kumuntu, isimo Sakhe, lokho ayikho ngempela, ngokudlula kwezinkathi. Umsebenzi wenkathi eyodwa awukwazi ukusiveza sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, amazwi athi, “UNkulunkulu uhlala emusha futhi akasoze aguga” abhekise emsebenzini Wakhe, futhi amazwi athi “UNkulunkulu akaguquki” abhekise kulokho uNkulunkulu ngokwemvelo anakho nalokho ayikho. Kungakhathaleki ukuthi kunjani, ngeke ukwazi ukwenza ukuthi umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ume endaweni eyodwa, noma uwuveze ngamagama afile. Bunjalo ubuwula bomuntu. UNkulunkulu akalula njengoba umuntu ecabanga, futhi umsebenzi Wakhe ngeke ume kunoma iyiphi inkathi eyodwa. Igama elithi Jehova ngokwesibonelo, angeke lihlale limela igama likaNkulunkulu; uNkulunkulu angawenza umsebenzi Wakhe ngaphansi kwegama likaJesu. Lokhu kuwuphawu lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubeka uya phambili.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu, futhi akasoze aba nguSathane; uSathane uyohlala enguSathane, akasoze aba nguNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga. Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu uthatha igama elisha, enze umsebenzi omusha futhi avumele ukuba izidalwa Zakhe zibone intando Yakhe entsha nesimo esisha. Uma, enkathini entsha, abantu behluleka ukubona ukuvezwa kwesimo esisha sikaNkulunkulu, ingabe abasoze yini bambethela esiphambanweni unomphela? Futhi ngokwenza kanjalo, bayobe benganqumi yini uNkulunkulu?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke.
kwesithi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Funda kabanzi: UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo
0 notes
Photo
Tumblr media
Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
https://insindiso.ucoz.org/blog/the_appearance_of_god_has_brought_a_new_age/2019-05-29-13
0 notes
get-new-life-blog1 · 6 years
Text
UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele
UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele
Tumblr media
Igunya likaNkulunkulu (I)
 Izintshumayelo zami eziningana ezedlule bezimayelana nomsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, kanye noNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Emuva kokuzwa lezi zingxoxo uzwa sengathi uzuze ukuqonda nolwazi ngesimo sikaNkulunkulu? (more…)
View On WordPress
0 notes
South Africa Worship Songs “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu”
youtube
South Africa Worship Songs “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu” I UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni. Ugodla incasiselo. Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo. Amazwi Akhe ayakhula usuku ngosuku, eduduza, ekhumbuza, esola futhi exwayisa. Kusuka kokuthambile nokunomusa kuya kokunolaka nobukhosi, amazwi Akhe afaka uzwelo novalo. Konke akushoyo kwembula izimfihlo zethu ezijulile. Amazwi Akhe akwazi ukusihlaba futhi sizizwa sihlazekile. Kunokunikwa okungenamkhawulo kwamanzi Akhe okuphila. Futhi ngenxa Yakhe, siphila noNkulunkulu ubuso nobuso. UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni. Ugodla incasiselo. Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.
II Amazwi Akhe anamandla okuphila, futhi akhombisa indlela yokuhamba, asenze sazi ukuthi liyini iqiniso. Sidonswa yizwi Lakhe, silalela iphimbo nezwi lenhliziyo lalo muntu onganakekile. Wenza wonke umzamo futhi achithe igazi lenhliziyo Yakhe. Kungenxa yethu ebubula futhi ekhala ngobuhlungu, ebekezelela ihlazo ngenxa yesimiselo nokusindiswa kwethu. Inhliziyo Yakhe iyopha futhi iyakhala ngenxa yokuhlubuka kwethu. Akekho ongathola ubunjena kanye nanakho. Akekho ongafika ekubekezeleni Kwakhe. Akukho sidalwa esingake sibe nothando nesineke anaso. UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni. Ugodla incasiselo. Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe, wenza umsebenzi Wakhe. Yebo, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.
Kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Wonderful Recommendation: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
2018 South Africa Best Gospel Music Video “Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu”
youtube
Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ngibona ubuso Bakhe obuthandekayo. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, sengishiye imuva lami lokuzula ngemuva. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ukuthokozela izwi Lakhe kungigcwalisa ngenjabulo. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, inhliziyo yami inokuningi engakusho. Ngamazwi Akhe athambile anginiselayo futhi angondlayo ukuze ngikhule. Ngamazwi Akhe aqinile angikhuthaza ukuba ngiphinde ngime. Oh Nkulunkulu! Singakudumisa ngoba usiphakamisile! Singakuhlabelelela namuhla konke ngenxa yesibusiso nomusa Wakho.
Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Usenza sijabulele amazwi Akho nsuku zonke! Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Usikhanyisela nsuku zonke! Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Unisela futhi wondle abantu Bakho. Usihola usisuse ethonyeni likaSathane. Bafowethu nodadewethu! Sheshani nivuke! Asidumise uNkulunkulu wethu! Asiyazise indlela asiqoqele ngayo lapha namuhla. Sikhululeke kuyo yonke imithwalo yenyama! Sidumise uNkulunkulu uSomandla ngokuzinikela! Sigcwalise umsebenzi wethu ngayo yonke inhliziyo namandla ethu, sikhombise uthando lwethu kuNkulunkulu ngezenzo. Siyokuthanda kuze kube phakade, Nkulunkulu wangempela onamandla onke!
kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe
  Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngothando lukaNkulunkulu, njalo njalo. Njengoba kumi kanje, uma uthanda uNkulunkulu ngesizathu sokunakekelwa kwenyama noma ukuthokoza kwesikhashana, ngisho noma, ekugcineni, uthando othanda uNkulunkulu ngalo lufinyelela esicongweni futhi ungaceli lutho, lolu "uthando" olufunayo kusewuthando olungahlanzekile nolungamthokozisi uNkulunkulu. Labo abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu ukuze banothise izimpilo zabo eziphansi futhi bavale isikhala ezinhliziyweni zabo yilabo abafuna ukuphila kalula, hhayi labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Lolu hlobo lothando luphambene nentando yakhe, lungukulandela ukuthokoza komoya, futhi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lothando. Ngakho, olwakho uthando luwuhlobo luni? UNkulunkulu umthandelani? Lungakanani uthando lweqiniso othanda ngalo uNkulunkulu manje? Uthando lwabantu abaningi phakathi kwenu lunjengalolu olubalwe ngenhla. Lolu hlobo lothando lungakwazi ukugcina isimo samanje kuphela; ngeke lukwazi ukuqhubeka phakade, noma ukuzinza kubantu. Lolu hlobo lothando lunjengembali engatheli izithelo emuva kokuqhakaza yabuna. Ngamanye amazwi, uma sewuthande uNkulunkulu ngaleyo ndlela futhi engekho umuntu ozokuhola endleleni, uzowa. Uma ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngezikhathi zokuthanda uNkulunkulu futhi ungaguquli lutho esimweni sempilo yakho emva kwalokho, uzoqhubeka nokugutshuzelwa amandla obumnyama, ungakwazi ukuphunyuka, futhi ungakwazi ukukhululeka ekudukisweni nasekwenziweni isiwula uSathane. Akekho umuntu onjalo ongazuzwa uNkulunkulu ngokugcwele; ekugcineni, umoya wabo, umphefumulo kanye nomzimba uzobe usangokaSathane. Lokhu akunakuphikiswa. Bonke labo abangakwazi ukuzuzwa nguNkulunkulu ngokugcwele bazobuyela endaweni yabo yokuqala, leyo, ukubuyela kuSathane, futhi bazoya echibini lomlilo nesibabule ukuze bamukele isigaba esilandelayo sokujeziswa uNkulunkulu. Labo abazuzwe uNkulunkulu yilabo abahlubuke kuSathane futhi baphunyuka endaweni ebuswa nguye. Abantu abanjalo bayobalwa ngokugcwele kubantu bombuso. Abantu bombuso bavela kanjalo. Ngabe uzimisele ukuba yilolu hlobo lomuntu? Ngabe uzimisele ukuzuzwa uNkulunkulu? Ngabe uzimisele ngokuphunyuka endaweni ebuswa nguSathane bese ubuyela kuNkulunkulu? Manje ngabe ungokaSathane noma ubalwa phakathi kwabantu bombuso? Izinto ezinjalo kumele zicace futhi zingadingi ukuthi zichazwe kabanzi.
  Ezikhathini zangaphambili, abantu abaningi babelandela ngezifiso kanye nemibono yomuntu nangenxa yamathemba abantu. Lezi azizukudingidwa njengamanje. Okumqoka ukuthola indlela yokwenza ezovumela ukuthi umuntu ngamunye akwazi ukuba sesimweni esejwayelekile phambi kukaNkulunkulu futhi kuye ngokuya ekhululeka emaketangweni ethonya likaSathane, ukuze uNkulunkulu akwazi ukukuzuza, bese uphila emhlabeni lokho uNkulunkulu akucela kuwe. Yilokhu kuphela okungagcwalisa isifiso sikaNkulunkulu. Baningi abakholwa uNkulunkulu, kepha abakwazi lokho okufiswa uNkulunkulu noma lokho okufiswa uSathane. Ngobuwula bakholwa futhi balandele abanye ngobumpumputhe , ngakho abakaze bayiphile impilo yobuKristu ejwayelekile; abanabo ubudlelwano obejwayelekile nabantu, kunobudlelwane obejwayelekile obuncane kakhulu umuntu anabo noNkulunkulu. Kulokhu kuyabonakala ukuthi izinkinga kanye namaphutha abantu, kanye nokunye okuningi okungavimba intando kaNkulunkulu kuningi. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umuntu akazifakile emgudwini ofanele futhi akakabhekani nempilo yeqiniso. Ngakho-ke kuyini ukungena emgudwini ofanele? Ukuba semgudwini ofanele kusho ukuthi ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu ngazo zonke izinkathi futhi uxhumane ngokwemvelo noNkulunkulu, uye ngokuya ufinyelele ekwazini ukuthi kuntulekani kumuntu futhi aye ngokuya athole ulwazi olujulile ngoNkulunkulu. Ngalokhu, nsukuzonke uzozuza ukubona okusha futhi ukhanyiseleke emoyeni; ukulangazelela kwakho kuyanda, futhi ufuna ukungena eqinisweni. Nsukuzonke kuba khona ukukhanya okusha kanye nokuqonda okusha. Ngale ndlela, uyakhululeka kancane kancane ethonyeni likaSathane, futhi impilo yakho iyakhula kakhulu. Umuntu onje usungene emgudwini ofanele. Hlaziya lokho obhekane nakho ngokwakho futhi uhlole indlela oyithathile ekukholweni kuNkulunkulu ukuqhathanise nokungenhla. Ngabe ungumuntu osemgudwini ofanele? Ngabe uzikhulule kuziphi izindaba emaketangaweni kaSathane kanye nasethonyeni likaSathane? Uma kuwukuthi yilapho usazongena emgudwini ofanele, izibopho zakho noSathane kusamele zigqashulwe. Njengoba kunje, ngabe lokhu kufuna uthando lukaNkulunkulu kungaholela othandweni oluyiqiniso, oluzinikele, futhi olumsulwa? Uthi uthando othanda uNkulunkulu ngalo luqinile futhi lusuka ekujuleni kwenhliziyo, kodwa awukazikhululi emaketangweni kaSathane. Ngabe awumenzi isiwula uNkulunkulu? Uma ufisa ukuthola uthando olumsulwa lukaNkulunkulu, uzuzwe nguNkulunkulu ngokugcwele, futhi ubalwe phakathi kwabantu basembusweni, ngakho kumele uqale uzifake emgudwini ofanele.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Isahluko 4
Tumblr media
Sizohlala sibhekile futhi silindile, sithule emoyeni futhi sifuna ngenhliziyo ehlanzekile. Noma yini esehlelayo, akufanele sihlanganyele ngobumpumputhe. Sidinga kuphela ukuthula phambi kukaNkulunkulu futhi sibe nokuhlanganyela okungapheli Naye khona-ke izinhloso Zakhe ziyokwambulwa kithi. Umoya wethu kufanele uhlale ukulungele ukwahlukanisa futhi kufanele uzimisele futhi ungathambi. Kufanele sikhe emanzini aphilayo phambi kukaNkulunkulu, amanzi aqeda ukoma komoya wethu owomile. Kufanele silungele ngezikhathi zonke ukuzihlanza ekuzazini ukulunga kwethu, ukuzithwala kwethu, ukweneliseka kwethu ngathi, nokunganaki kwethu, ngakunye kwakho okuzalwa yisimo sethu sobusathane. Kufanele sivule izinhliziyo zethu ukuze samukele izwi likaNkulunkulu, kufanele sethembele emazwini Akhe ngenkathi siqhubeka nezimpilo zethu. Kufanele sizwe futhi siqiniseke ngezwi lakhe siphinde sithole ukuqonda izwi Lakhe, sivumele izwi Lakhe libe ukuphila kwethu. Yilolu ubizo lwethu! Sinqoba kuphela lapho siphila ngezwi likaNkulunkulu.
Manje imiqondo yethu iqotho ngokwedlulele, sikhuluma kalula futhi senze ngokugagamela futhi asikwazi ukulandela uMoya. Inamuhla ngeke libe njengesikhathi esedlule; umsebenzi woMoya oNgcwele uya phambili ngesivinini esikhulu. Kufanele silizwe ngokwemininingwane izwi likaNkulunkulu; wonke umqondo nomcabango, wonke umnyakazo nokuphendula kufanele sikwahlukanise ezinhliziyweni zethu. Akukho esikwenza phambi komuntu noma ngemuva kwakhe okungaphunyuka ekwahlulelweni phambi kwesihlalo sikaKristu. UMoya oNgcwele usiqondisa endaweni yokuhlangenwe nakho okujulile, futhi ngalokhu okuhlangenwe nakho sisondela ekuqinisekeni ngoSomandla.
UNkulunkulu wezulu nomhlaba uvule amehlo ethu omoya futhi izimfihlakalo zilokhu zembulwa kithi. Funa ngenhliziyo ehlanzekile! Zimisele ukukhokha inani, yana phambili ngayo yonke inhliziyo yakho, zimisele ukuzithiba, ungabe usaba nomhobholo, landela uMoya oNgcwele futhi uthokozele izwi likaNkulunkulu futhi umuntu omusha womhlaba wonke uyobonakala. Isiphetho sikaSathane siyophela phambi kwamehlo akho futhi intando kaNkulunkulu iyokwenzeka. Zonke izizwe zomhlaba ziyoba ngumbuso kaKristu futhi uKristu uyobusa njengeNkosi emhlabeni kuze kube phakade!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
1 note · View note
Text
2. Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?
Tumblr media
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
“UJehova” yigama engalisebenzisa ngenkathi ngisebenza kwa-Israyeli, futhi lisho uNkulunkulu wama-Israyeli (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu) ongazwela umuntu, amqalekise umuntu futhi aqondise ukuphila komuntu. Lisho uNkulunkulu onamandla amakhulu futhi ogcwele ukuhlakanipha. … Okusho ukuthi, uJehova kuphela onguNkulunkulu wabantu baka-Israyeli abakhethiweyo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, uNkulunkulu kaJakobe, uNkulunkulu kaMose noNkulunkulu wabo bonke abakwa-Israyeli. Ngakho nakule nkathi, bonke abakwa-Israyeli ngaphandle kwesizwe samaJuda bakhonza uJehova. Bamenzela iminikelo e-altare futhi bamkhonze begqoke izingubo zabapristi ethempelini. Abanethemba lakho ukubonakala kukaJehova futhi. … Igama elithi Jehova, liyigama elithile labantu bakwa-Israyeli ababephila ngaphansi komthetho. ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ubufakazi balabo ababekholwa Kuye babungokukaJesu Kristu, nomsebenzi ababewenza babewenzela uJesu Kristu. Isiphetho seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala sasho ukuthi umsebenzi kakhulu owawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova usufinyelele esiphethweni. Kusuka lapho, igama likaNkulunkulu kwakungaseyena uJehova; kunalokho wayesebizwa ngoJesu futhi kusukela lapho kuqhubeke uMoya oNgcwele waqala umsebenzi kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
“UJesu” ungu-Emanuweli, okusho umnikelo wesono ogcwele uthando, ogcwele ububele futhi okhulula isintu. Wenza umsebenzi Wenkathi Yomusa, futhi wamelela ingxenye eyodwa yohlelo lokuqondisa. … NguJesu kuphela ongoMhlengi wesintu. Ungumnikelo wesono owahlenga isintu esonweni. Okusho ukuthi, igama likaJesu livela eNkathini Yomusa, futhi belilokhu likhona ngenxa yomsebenzi wokukhulula weNkathi Yomusa. Igama likaJesu libe khona ukuze abantu bangeNkathi Yomusa bazalwe kabusha futhi basindiswe, futhi liyigama elithile lokuhlenga sonke isintu. Ngakho igama likaJesu limelela umsebenzi wokuhlenga, futhi lisho iNkathi Yomusa. … “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya, kodwa ngizobizwa ngoMninimandla Onke UNkulunkulu Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi. Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Lokhu akuyona into engajwayelekile, futhi abantu bacabanga kanjena[a] kuphela ngenxa yokuthatha izinto kalula. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu. Ungalokothi uthi uJesu yilona gama likaNkulunkulu kuze kube phakade, ukuthi uNkulunkulu uyolokhu futhi uyohlale ebizwa ngegama elithi Jesu, nokuthi lokho ngeke kushintshe? Ake sithi ngokuqinisekile yigama elithi Jesu eliqede iNkathi Yomthetho laphinde laqeda inkathi yokugcina? Ubani ongathi umusa kaJesu yiwo ongaqeda inkathi?
kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani? Kumele ukuba uNkulunkulu abizwe ngoJehova, futhi ngale kukaNkulunkulu obizwa ngoJehova, noma ngubani obizwa nganoma yiliphi elinye igama akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi ngaphandle kwegama likaJesu akufanele abizwe ngelinye igama; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu, noNkulunkulu uSomandla akayena uNkulunkulu futhi. Umuntu ukholwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu onomuntu, futhi kumele abizwe ngoJesu ngoba uNkulunkulu unomuntu. Ukwenza lokhu, kuwukulandela imfundiso, futhi kuwukuqoqela uNkulunkulu emkhawulweni othile. Ngakho, kuzo zonke izinkathi, umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, igama abizwa ngalo, nomfanekiso awuthathayo—umsebenzi awenzayo kuzo zonke izigaba kuze kube namuhla—akulandeli umthetho owodwa, futhi akukho ngaphansi nhlobo kwanoma yimuphi umkhawulo. UnguJehova, futhi usenguye uJesu, kanye noMesiya, noNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi Wakhe ungaguquka kancane kancane nokuguquka okuhambisanayo egameni Lakhe. Akukho gama elilodwa elingammela ngokugcwele, kodwa wonke amagama abizwa ngawo ayakwazi ukummela, futhi umsebenzi awenzayo kuzo zonke izinkathi umele isimo Sakhe.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Njalo lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, uguqula igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindi umsebenzi Wakhe. UnguNkulunkulu ohlale emusha futhi ongagugi neze. Kuqala lapho efika, wabizwa ngokuthi uJesu; ingabe usengabizwa ngoJesu kulokhu lapho esefika futhi?…Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, unasiphi isidingo segama elifanaleke kakhulu kodwa elingaphelele? Namanje usathungatha igama likaNkulunkulu? Usalokotha uthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngoJehova? Usalokotha uthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngoJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Okusho ukuthi.”
0 notes