Tumgik
#Izwi likaNkulunkulu
Text
Ukujikeleza Kokuphila Nokufa Kwabantu Abehlukahlukene Benkolo
Tumblr media
Siqeda kuxoxa ngokujikeleza kokuphila nokufa esigabeni sokuqala, sabangakholwayo. Manje, make sixoxe ngesigaba sesibili, sabantu abahlukahlukene benkolo. “Ukujikeleza kokuphila nokufa kwabantu abehlukahlukene benkolo” naso yisihloko esibalulekile, futhi kunilungele ukuthi nibe nokuqonda ngakho. Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu. Phezu kwabangakholwayo, abantu abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu bayingxenye enkulu yenani labantu emhlabeni. Kulezi zinkolo ezinhlanu, labo asebekwenze umsebenzi wabo ukukholwa—abalandeli abasebenzela inkolo ngokugcwele—bambalwa, kodwa lezi zinkolo zinamakholwa amaningi. Amakholwa azo aya endaweni ehlukile uma efa. “Ehlukile” ehluke kunekabani? Ehlukile kweyabangakholwayo, kweyabangenankolo, ebesikhuluma ngabo khona manje. Emva kokufa, abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu baya kwenye indawo, endaweni ehlukile kweyabangakholwayo. Umhlaba kamoya uzokhipha isahlulelo ngabo ulandela lokho abakwenzile ngaphambi kokufa, kulandele ukuthi benziwe izinto ezifanele. Kungani-ke kodwa laba bantu bebekwa endaweni ehlukile lapho bezohlungwa khona? Kunesizathu esibalulekile salokhu. Siyini leso sizathu? Ngizonichazela ngokwenza isibonelo.
Masibhekise enkolweni yamaBuddha: Make nginitshele iqiniso. Umuntu ongumBuddha, okokuqala, lowo ngumuntu ophendukele enkolweni yamaBuddha, futhi ngumuntu owaziyo ukuthi inkolo yakhe iyini empeleni. Uma umBuddha egunda izinwele bese eba yindela noma yindelakazi, lokho kusho ukuthi uziqhelelanisile nomhlaba wezinto ezibambekayo washiya izinto zomhlaba womuntu kude le. Zonke izinsuku bahaya imibhalo yakhona badle ukudla okuyimifino kodwa, baphila impilo yokuzithiba, izinsuku zabo zidlula zihambisana nelambu elishisa ibhotela elibandayo nelikhanya okulufifi. Abenkolo yamaBuddha baphila impilo yabo ngale ndlela. Uma impilo yabo yomzimba wenyama iphela, benza isifinyezo sempilo yabo, kodwa ezinhliziyweni zabo abazi ukuthi bazoya kuphi emva kokufa, bazohlangana nobani, futhi bazoba nesiphelo esinjani—ezinhliziyweni zabo abacacelwa yilezi zinto. Ayikho into abayenzile ngaphandle kokuphila impilo yabo yonke ngokunganaki bephelekezelwa yinkolo, emva kwalokho bayawushiya umhlaba bephelekezelwa ngamathemba nemibono engasho lutho. Leso yisiphetho sempilo yabo yenyama okuthi lapho beshiya khona emhlabeni wabaphilayo, nalapho impilo yabo iphela, babuyele endaweni yabo yakuqala emhlabeni kamoya. Ukuthi labo bantu babuyiselwe enyameni ukuba babuyele emhlabeni bayoqhubeka nempilo yokuzifundisa kuncika ekuthini ukuziphatha kwabo nakho ukuzifundisa lokho ngaphambi kokuthi bafe. Uma bengenzanga lutho olungafanele ngesikhathi besaphila, bazobuyiselwa enyameni masinya babuyiselwe emhlabeni futhi, lapho bezofika bagunde khona izinwele ekhanda babe yizindela noma izindelakazi. Baba yizindela noma izindelakazi kathathu noma kasikhombisa: Ngokwenqubo yokuqala, imizimba yabo yenyama iyazifundisa, emva kwalokho bayafa babuyele emhlabeni kamoya, lapho befika bahlolwe khona, emva kwalokho—uma kungenazinkinga—bangabuyela futhi emhlabeni wabantu, baqhubeke nokuzifundisa, okusho ukuthi bangaphinda futhi baphendukele enkolweni yamaBuddha baqhubeke nokuzifundisa. Uma sebebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, bazophinda babuyele emhlabeni kamoya, okuyilapho beya khona njalo uma impilo yabo yenyama iphela. Uma okubenza bemukeleke nezindlela zokuziphatha emhlabeni wabantu kuhambisana nemithetho yasezulwini ngokomhlaba kamoya, kusukela lapho bayohlala khona okokuphela; ngeke besabuyiselwa enyameni njengabantu, ngeke futhi besangena engcupheni yokujeziselwa ukwenza okubi. Ngeke baphinde babhekane nale nqubo. Esikhundleni salokho, ngokwezimo zabo, bazohlala endaweni kamoya, okuyindawo amaBuddha ayibiza ngenzuzo yokungafi. Uyaqonda manje, yebo? Kusho ukuthini ukuthi “inzuzo yokungafi” ngokwenkolo yamaBuddha? Kusho ukuba yisithunywa somhlaba kamoya, lapho kungekho khona ukubuyiselwa enyameni noma ukujeziswa. Ngaphezu kwalokho, kusho ukungabe kusaba nenhlupheko okuyinkinga yokuba ngumuntu emva kokubuyiselwa enyameni. Ngakho lisekhona yini elinye ithuba lokuthi babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane? Alikho nhlobo. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi bahlalele ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya kanti abasezubuyiselwa enyameni njengabantu. Yisibonelo esisodwa lesi sokungena kulokhu abakubiza ngokuthi ukuzuza ukungafi.
Kwenzekani ngalabo abangakuzuzanga ukungafi? Uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayahlolwa baqinisekiswe yisithunywa, uma betholakala bengazange bazifundise ngokukhuthala noma bazi imibhalo ngokukhuthala njengoba kubalula inkolo yamaBuddha; esikhundleni salokho, benza okubi kakhulu, bakwenza kakhulu okubi lokho. Uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayehlulelwa ngokwenza okubi, kulandele ukujeziswa. Kulokhu, akukho ukukhetha abathile. Umuntu onje ukuzuza nini ukungafi? Uma empilweni yakhe engakwenzi okubi—uma, emva kokubuyela emhlabeni kamoya, kubonakala ukuthi akenzanga lutho olungafanele ngaphambi kokuthi afe. KULUNGILE! Bona bayaqhubeka nokubuyiselwa enyameni, baqhubeke basho imibhalo, badluliseizinsuku zelambu elishisa ibhotela elibandayo, elikhanya kalufifi, bengabulali noma yini ephilayo, bengadli inyama, futhi bengahlanganyeli ezintweni ezenziwa emhlabeni wabantu, beshiya izinkathazo emuva futhi kude, bengaxabani namuntu. Ngenkathi kwenzeka lokho, bangenzi bubi, kuba sekulandela ukuthi babuyele emhlabeni kamoya, kuthi emva kwazo zonke izenzo zabo nokuziphatha sekuhloliwe, babe sebephindiselwa emhlabeni wabantu futhi, ekujikelezeni ozokwenzeka izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa. Uma kungabi khona okuphoxayo ngalesi sikhathi, ukuzuza kwabo ukungafi kuzobe sekuhlala kungathintekile ngokungafanele, futhi bazophumelela. Lena indaba yokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabo bonke abantu benkolo: Bayakwazi-ke lapha ukuzuza ukungafi, bathathe indawo emhlabeni kamoya. Lokhu yikhona okubenza behluke kwabangakholwayo. Okokuqala, ngenkathi besaphila emhlabeni, kumele baziphathe kanjani labo abakwazi ukuthatha indawo emhlabeni kamoya? Kumele bangenzi nobuncane ububi: Akumele babulale, bashise abantu, badlwengule, noma baphange izimpahla zabantu; kodwa uma bekhwabanisa, bekhohlisa, bentshontsha, beqola, ngeke bakuzuze ukungafi. Okusho ukuthi, uma behlobana noma besondelana nokwenza okubi, ngeke baphunyule ekujezisweni emhlabeni kamoya. Umhlaba kamoya wenza amalungiselelo amaBuddha azuze ukungafi: Anganikwa umsebenzi wokulawula labo ababonakala bekholwa enkolweni yamaBuddha, kanye naseNdodeni Endala Esesibhakabhakeni, amaBuddha azonikwa igunya lokuphatha, angaphatha abangakholwayo, noma abe yizithunywa esisezingeni eliphansi. Lokhu kubekwa kuhambisana nobunjalo bale miphefumulo. Yisibonelo senkolo yamaBuddha lesi.
Ezinkolweni ezinhlanu esikhulume ngazo, ubuKrestu bukhethekile ngandlela thile. Yini ekhetheke kangako ngobuKrestu? Laba ngabantu abakholwa kuNkulunkulu weqiniso. Singabafaka kanjani kulolu hla abantu abakholwa wuNkulunkulu weqiniso? Kungoba ubuKrestu buyemukela kuphela ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa futhi bayamphikisa uNkulunkulu abanabo ubungane Naye. Ingani babethela uKrestu esiphambanweni, bazifaka bona esimeni sokuba yizitha kuNkulunkulu nomsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina, imiphumela yalokho yabenza baba yiqeqebana lenkolo. UbuKrestu buwuhlobo lwenkolo, buyiyo, ngaphandle kokungabaza, buhlobene nenkolo—buwumsebenzi othile, buyibandla, bungukukholwa, buthe ukwehluka enkolweni yalabo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso. Isizathu sokuthi ngibufake kulolu hlu lwezinkolo ezinhlanu ezinkulu ukuthi ubuKrestu busezingeni elilodwa nobuJuda, inkolo yamaBuddha, kanye ne-Islam. AmaKrestu amaningi awakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, nokuthi ubusa phezu kwezinto zonke, awakholwa futhi ukuthi ukhona. Esikhundleni salokho, azinikela ekukhulumeni ngobukholwa ebhekisa emibhalweni yeBhayibheli, asebenzisa isifundo sobukholwa ukufundisa abantu ukuthi babe nomusa, babekezelele ukuhlushwa, nokwenza izinto ezinhle. Buyilolo hlobo lwenkolo ubuKrestu: Bunamathela kuphela emibhalweni yezinkolo, abubhekisi nakancane emsebenzini kaNkulunkulu wokulawula aphinde asindise umuntu, yinkolo yalabo kuphela abalandela uNkulunkulu bebe bengemukelwa wuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu unawo umgomo awubhekise kubona. Akabaphathi nje noma ikanjani ngokuzibonela Kwakhe, ngendlela efanayo nabangakholwayo. Indlela asebenza ngayo udaba lwabo iyafana neyamaBuddha: Uma, ngenkathi besaphila, umKrestu eziqoqile ngokwakhe, ehlala ngempela Emithethweni Elishumi kanye nakweminye imithetho, ehlala emithethweni yalokho okuthinta ukuziphatha kwakhe – nokuthi uma engakwenza empilweni yakhe yonke—bazophinda badinge ukuchitha isikhathi esifanayo ekujikelezeni wokuphila nokufa ngaphambi kokuthi bazuze ngokweqiniso lokho okubizwa ngokuhlwithwa. Emva kokuzuza lokhu “kuhlwithwa,” babe sebehlala emhlabeni kamoya, lapho benikwa khona isikhundla sokuba ngesinye sezithunywa. Ngokufanayo, uma benza okubi emhlabeni, uma bona futhi benza izono eziningi, akube kusavikeka ukuthi bajeziswe bagotshwe ngobunzima obehlukahlukene. Enkolweni yamaBuddha, ukuzuza “ukungafi” kusho ukungena eNirvana, kubizwa ngokuthini-ke lokho enkolweni yobuKrestu? Kubizwa “ngokungena ezulwini” kanye “nokuhlwithwa.” Labo “abahlwithwe” ngokweqiniso bayaphinda nabo bangene ekujikelezeni kwempilo yokuphila nokufa izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, okuzothi emva kwakho, emva kokufa, bafike emhlabeni kamoya, kungathithi balele basebuthongweni. Uma bephelelisekile bayakwazi ukusala bebamba iqhaza, kanti, kungafani nabantu abesemhlabeni, ababuyiselwa enyameni ngendlela elula, noma ngokwesivumelwano.
Kuzo zonke lezi zinkolo, isiphelo okukhulunywa ngaso nesilwela ukusizuza siyafana nokuzuza ukungafi kwabenkolo yamaBuddha—ukuthi kubantu abangamaKrestu lokhu kutholakala ngezindlela ezahlukile. Bawuhlobo olulodwa. Ngokuba ngabantu balezi zinkolo abakwazi ukuhlala ngeqiniso emithethweni yayo inkolo ekuziphatheni kwabo, lolu hlobo lwabantu, uNkulunkulu ubapha indawo efanele abayise kuyo, indawo abafanelwe ukuba kuyo, abaphathe ngendlela efanelekile. Konke lokhu kungokwamukelekayo, kodwa akufani nendlela abantu abakucabanga ngayo. Manje, senikuzwile konke okwenzeka ngabantu abangamaKrestu, nizizwa kanjani nina? Niyakhathazeka ngabo? Niyabezwela? (Kancane.) Akukho okungenziwa—kumele bazilahle bona ngecala. Kungani ngisho kanje? Umsebenzi kaNkulunkulu uliqiniso, uNkulunkulu uyaphila futhi ukhona, umsebenzi Wakhe uhloselwe abantu bonke ungowawo wonke umuntu—kungani amaKrestu engakwemukeli lokhu? Kungani bemphikisa futhi bemelana noNkulunkulu? Banenhlanhla ukuthi banesiphelo esikanje, kungani-ke nibazwela? Ukuthi baphathwe kanje kukhombisa ukubabekezelela okukhulu. Ngendlela abaphikisa ngayo uNkulunkulu, kumele babhujiswe—kodwa uNkulunkulu akakwenzi lokho, uphethe ubuKrestu njengenkolo ejwayelekile. Esimeni esinje, ngabe sikhona isidingo sokuthi sijule nangalezi ezinye izinkolo? Yini ewumongo walezi ezinye izinkolo zizonke? Ukuthi abantu babe nomusa, bangenzi okubi. Bathole ubunzima obukhulu, bangenzi okubi, basho izinto ezinhle, benze izenzo ezinhle, bangethuki abanye, bangafinyeleli ezinqumeni ngabanye abantu, bazehlukanise nezingxabano, benze izinto ezinhle, babe ngabantu abahle—eziningi izimfundiso zezinkolo zisho lokhu. Ngakho, uma laba bantu benkolo—laba bantu bezinkolo eziningi namahlelo—bekwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, ngeke benze amaphutha amakhulu noma izono ngesikhathi besaphila emhlabeni, kanye nasemva kokuba bebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, kakhulu-ke laba bantu, abantu abakwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, bazokwazi ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya. Ngabe baningi abantu abanjalo? Akulula ukwenza okuhle, noma ukuhlala emithethweni. Inkolo yamaBuddha ayibavumeli abantu badle inyama—ungakwenza lokho? Uma kungathiwa gqoka izingubo ezimpunga usho imibhalo ngendlela yamaBuddha ethempelini usuku lonke, ungakwenza lokho? Ngeke kube lula. UbuKrestu buneMithetho Elishumi kanye neminye imithetho, ngabe le miyalelo nemithetho kulula ukuhlala kuyo? Akunjalo! Bheka ukungethuki abanye: Abantu abakwazi ukuhlala kulo mthetho, yebo? Abakwazi ukuzivimba, bayethukana—emva kwalokho abakwazi ukukwesula lokho, benzanjani-ke? Ebusuku bavuma izono zabo! Abakwazi ukuvika ukwethuka abanye abantu, emva kwalokho babe nenzondo futhi ezinhliziyweni zabo, baphinde bedlulele ekuzilungiseleleni isikhathi abazobalimaza ngaso. Uma sihlanganisa, kulabo abaphila ngale nkolo efile, akulula ukungoni nokungenzi okubi. Ngakho, kuyo yonke inkolo, bambalwa abantu abakwazi ukuzuza ukungafi. Ucabanga ukuthi njengoba abantu abaningi belandela lezi zinkolo, baningi abazothola ithuba lokubamba iqhaza emhlabeni kamoya! Ababaningi kangako nokho, bambalwa abakwazi ukufinyelela kulokhu. Kungako esingakhuluma ngakho ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwabantu benkolo. Okubehlukanisayo ukuthi bayakwazi ukuzuza ukungafi, okuyiwona mahluko abanawo kwabangakholwayo.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
2 notes · View notes
Text
Livela Kuphi Leli Zwi
Tumblr media
                                                                                       UShiyin, EChina
Ngazalelwa emndenini wamaKristu, futhi nginezihlobo eziningi ezingabashumayeli. Kusukela ngesikhathi ngisemncane, ngalandela abazali bami ekukholweni eNkosini. Emva kokuba sengikhulile, ngabhekisa eNkosini ngomkhuleko: uma nje ngingathola umyeni okholwa eNkosini, ngingazinikela mina kanye naye sisebenzele iNkosi. Emva kokuba sengishadile, umyeni wami wayekholwa ngempela eNkosini, futhi waba ngumshumayeli ozinikele ngokuphelele. Ukuze umyeni wami ezwe ekhululekile emsebenzini wakhe weNkosi, futhi ukuze akwazi ukugcwalisa isibopho sakhe phambi kweNkosi, ngazinikela ukuthatha imithwalo yokubhekana nekhaya. Yize noma kwakunzinyana futhi kukhathaza, inhliziyo yami yayigcwele intokozo nokuthula noma ngabe ngangihlupheka kangakanani ngoba ngangineNkosi eceleni kwami ingeseka.
Emva kuka-1997, ngathola ukuthi umyeni wami wayengasakhanyiselekile ngendlela ayekade ekhanyiseleke ngayo ekuqaleni ekushumayeleni kwakhe. Lapho ngimcela ukuba enze okuthile okungumsebenzi wasekhaya, wayehlala njalo enza izaba ngokuthi wayematasatasa kangakanani nomsebenzi wakhe wokushumayela. Ngisho noma ewenzile umsebenzana wasendlini, inhliziyo yakhe yayisuke ingekho neze kuwona, futhi wayeye angithukuthelele ngezinto ezingatheni. Yize noma ngaphandle ngangibukeka ngibekezele futhi ngingahilizisani naye, enhliziyweni yami ngazizwa ngingenelisekile ngempela ngezindlela zomyeni wami. Imithwalo enzima yempilo yasekhaya nobumnyama bomoya wami kwangenza ngaphila ebuhlungwini. Into engangingayenza kwakungukuziletha ebukhoneni bukaNkulunkulu ngikhuleke ezinzulwini zobusuku lapho wonke umuntu eselele, ngicele iNkosi inginikeze ukholo namandla athe xaxa. Ngesikhathi esifanayo futhi, ngangilangazelela ukubuya kweNkosi masisha ukuze ingisindise empilweni yami eyayilusizi.
Ngelinye ilanga ngo-Ephreli 2000, ngenkathi ngihlela kahle izingubo, ngathola isikhwama somyeni wami. Ngaqaphela ukuthi sasiqumbile, ngakho ngavula uziphu ngenxa yokulangazelela ukwazi ngase ngibona ukuthi kwakuneBhayibheli nencwadi yamaculo ngaphakathi. Kwakukhona futhi nencwadi entsha eyayikhaviwe ngekhava yangaphandle. Ngazicabangela ngathi: “Kungani ngingakaze ngiyibone le ncwadi ngaphambilini? Kufanele ukuthi incwadi ethile yokubheka kuyo abashumayeli, noma yincwadi equkethe okuhlangenwe nakho kwabantu abakholwayo. Kufanele nakanjani ngiyifunde, mhlawumbe ngingathola ukusizakala kuyona.” Ngiholwa ukulangazelela kwami, ngabona isihloko esasithi, “Labo Abazokwenziwa Baphelele Kufanele Babhekane Nokucwengwa.” “Saze sasisha futhi sangajwayeleka isihloko!” ngacabanga, “Ngokubuka nje isihloko sakhona, ukucwengwa akuyona into embi! Njengamanje ngisesimweni sokucwengwa okungaphezu kwamandla ami, ngakho kufanele ngithole ukuthi uhlangabezana kanjani ngokucwengwa futhi ngalokho ngingathola indlela yokuzilolonga.” Ngaleso sikhathi, ngaqala ukufunda: “Kwakuvame ukuthiwa bonke abantu bayofunga phambi kukaNkulunkulu bathi: ‘Akunandaba ukuthi ubani ongamthandi uNkulunkulu, kumele ngimthande Yena.’ Kodwa manje, ubhekene nokucwengwa. Akuhambisani nemibono yakho, ngakho uphelelwa ukholo kuNkulunkulu. Ingabe lolu uthando lweqiniso? Usufunde kaningi ngezenzo zikaJobe—ingabe usuzikhohliwe? … Lapho uhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu wenzani, kumele uhloniphe uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nezilingo, kumele wanelise uNkulunkulu naphezu kokunqikaza ukuzihlanganisa nokuthandayo, noma ukukhala kabuhlungu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando lweqiniso nokholo. Akunandaba ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale uzimisele ukubekezelela ubunzima kanye nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukulahla inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu. Kumele uphinde ube nenhliziyo yokuzisola, ukuthi awukwazanga ukwanelisa uNkulunkulu phambilini, futhi ukwazi ukuzisola manje. Akukho nokukodwa kulokhu ongakuntula futhi uNkulunkulu uyokupheleliswa ngalezi zinto. Uma untula le mibandela, awunakupheleliswa.” La mazwi ayithinta ngempela inhliziyo yami. Ngangifunda ngikhala ngesikhathi esifanayo, njengoba la magama ayekhuluma ngesimo sami ngqo. Ngaphambilini nganginqume ukuzinikela mina nomyeni wami eNkosini. Ngangihlala ngenelisekile ngokuphelele ukubhekana nayo yonke imithwalo yekhaya ukuze ngeseke umyeni wami emsebenzini ayewenzela iNkosi ngaphandle, kungakhathaleki ukuthi kwakubuhlungu noma kukhathaza kangakanani. Kodwa-ke, ngenxa yobunzima ekhaya nokungakhathali komyeni wami, ngangihlale nginomuzwa wokuthi ngiphathwe kabi, ngihlala esimweni sokubhekana nokucwengwa, futhi ngalahlekelwa ukholo kanye nothando engangikade nginalo ekuqaleni. Ngangingakwazi ukugcina isinqumo engangisenze phambi kukaNkulunkulu, futhi ngangivame ukukhala ngingedwa ngasese. Ngacabanga ngokuthi uJobe wayekwaze kanjani ukufakazela uNkulunkulu phakathi kwesilingo esikhulu futhi esinzima, nokungalahli ukholo kuNkulunkulu, futhi wayeze wathi, “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova” (UJobe 1:21). Ngangingakukhohlwa kanjani lokho? Ngabe sengizisola kakhulu ngakho konke engangikwenzile phambi kukaNkulunkulu: UJobe wayencamela ukuzwa ubunzima futhi alahlekelwe yizinto azithandayo kodwa nokho akwazi ukwenelisa uNkulunkulu. Ngase ngikholwe eNkosini iminyaka eminingi impela, kodwa ngase ngilahlekelwe ukholo eNkosini. Ngakhononda eNkosini ngenkathi ngibhekene nokucwengwa, futhi yikuphi lapho ngangibonise khona uthando ngeNkosi na? Nginalokhu engqondweni, ngenza isinqumo ngedwa, ukuthi ngangingeke ngisakwazi ukufana nalokhu engangiyikho ngaphambili, ukuthi ngangizokweseka umyeni wami emsebenzini ayewenzela iNkosi, nokuthi kwakufanele ukuba ngibhekane nokuhlupheka okuthile.
Ngesikhathi ngicabanga ngale ndlela, ngokushesha ngazizwa ngingcono emphefumulweni. Ngezwa ukuthi la mazwi ayekhulunywe kahle kakhulu, futhi ayekwazi ukufinyelela esimweni sami sangempela. Ngabona ukuthi ayekwazi ukukhomba indlela yokwenza kimi futhi abangele ukuba ukholo namandla kuqubuke ngaphakathi kimi ngingazelele. Ngazicabangela ngathi: “Ubani owasho la mazwi? Kwenzeka kanjani ukuba ulwazi lwakhe luphakame kangaka? Sengifunde izincwadi ezithile ezilotshwe ngabantu abadume kakhulu abakholwayo, futhi nakuba lezo zincwadi zazilethe inzuzo kwabanye abantu, zazingabhalwanga ngendlela ecacile futhi ekhanyisela ngendlela yale ncwadi, noma enamaqiniso angaka. Ngempela, ubani owakhuluma la mazwi?” Yangidonsa le ncwadi ukuba ngiqhubeke ngiyifunde, futhi lapho ngiqhubeka ngifunda ngaya ngokuya ngizwa sengathi impela la mazwi ayekhulunywe kahle kakhulu. Umugqa ngamunye wawukhuluma nengaphakathi lenhliziyo yami. Kusukela kula mazwi ngaqonda ukuthi kungakhathaleki ukuthi ukuhlupheka komuntu kukhulu kangakanani, kumele alandele uNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Lapho ebhekene nokuhlupheka, umuntu kufanele azithobe ngokuzinikela kuNkulunkulu. Uma umuntu eba buthakathaka lapho ebhekene nezilingo, kufanele abe nokholo, futhi ancike kuNkulunkulu ukuze ame aqine. Lapho ngiqhubeka ngifunda, ngazizwa ngikhanyiseleka ngokwengeziwe enhliziyweni yami futhi ngazithola ngokwengeziwe ngiba nendlela yokukwenza lokhu. Kwaba yilapho kanye lapho umyeni wami afika ekhaya, futhi ngambuza ngokushesha, “Uyithathephi le ncwadi?” Umyeni wami wamamatheka wathi, “Kukhona engiyiboleke kuyena, futhi kufanele ngimbuyisele yona maduzane.” Ngathi, “Nami ngifuna ukuyifunda le ncwadi.” Umyeni waphendula emamatheka, wathi, “Ngakho-ke thandaza! UNkulunkulu angenza kube njalo.”
Ngelinye ilanga, ngenkathi ngipheka, ngangilokhu ngilalela ngibuye ngingalaleli iculo elalidlalwa ngumyeni wami, “Ngubani ongamangali ngalokhu? Ngubani ongalangazeleli ukubona uNkulunkulu? UNkulunkulu usechithe iminyaka phakathi kwabantu, kodwa umuntu akakuboni nhlobo lokhu. Namuhla, uNkulunkulu uqobo usebonakele ukuze avuselele uthando Lwakhe oludala nomuntu. Emva kokusuka eJudiya, uNkulunkulu wanyamalala akwasala mkhondo. Abantu balangazelela ukumbona futhi, kodwa abakaze balindele ukuhlangana Naye futhi lapha nanamuhla. Kwakungenzeka kanjani lokhu kungabuyisi izinkumbulo zakudala? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule, uSimoni indodana kaJona wahlangana neNkosi uJesu, futhi wadla neNkosi etafuleni elilodwa. Iminyaka yokulandela yajulisa uthando lwakhe Ngaye. Wayethanda uJesu ekujuleni kwenhliziyo yakhe. UNkulunkulu usechithe iminyaka phakathi kwabantu, kodwa umuntu akakuboni nhlobo lokhu. Namuhla, uNkulunkulu uqobo usebonakele ukuze avuselele uthando Lwakhe oludala nomuntu, ukuze avuselele uthando Lwakhe oludala nomuntu” (“Iminyaka Eyizinkulungwane Ezimbili Yokulangazelela” kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha). Amazwi aleli culo avuselela imicabango yami futhi angivusela imizwa yokulangazelela ukubuya kweNkosi. Ngakhala njengalokhu ngangilalele, futhi ngazicabangela ngathi: “Selokhu ngaqala ukukholwa eNkosini, ngangicabanga ngeNkosi uJesu zonke izinsuku, futhi ngethemba ukuthi ingabuya masisha ukuze ngikwazi ukuyixoxela izindaba zezikhathi esezadlula. La mazwi ayeqinisile ngempela futhi enyakazisa umphefumulo, futhi nakakhulu ayekwazi ukuzwakalisa ukulangazelela kwabantu uNkulunkulu.” Ngabe sengiyeka lokho engangikwenza ngalalelisisa kahle, ngizwa elinye iculo elithi “Funa Kuphela Inhliziyo Ethanda UNkulunkulu”:“Angiceli lutho empilweni yami ngaphandle kokuthi imicabango yami yothando lukaNkulunkulu nezifiso zenhliziyo yami kwamukelwe nguNkulunkulu.” Ngacabanga ngathi, “Ubani owabhala leli culo? Kwenzeka kanjani ukuba isinqumo sakhe sibe sikhulu kangaka? Leli culo liyakhuthaza kakhulu kimina, futhi ingabe imsulwa kangakanani inhliziyo ethanda uNkulunkulu njengoba ikhuluma la mazwi, ‘Angiceli lutho empilweni yami ngaphandle kokuthi imicabango yami yothando lukaNkulunkulu!’ Ngaphambili, lapho ngikholwa eNkosini, ngangingazi ngokuthanda iNkosi, futhi ngangifuna nje kuphela ukuthokozela umusa, ukuthula nentokozo evela eNkosini. Namuhla, leli culo lavula kakhulu indlela engangibuka ngayo umhlaba, futhi ngabona ukuthi abantu abakholwa kuNkulunkulu kufanele bamthande uNkulunkulu, futhi akufanele bazifunele lutho futhi yilolu hlobo lothando kuphela olungaba msulwa. Leli culo liculwa kahle kakhulu.” Ngabe senginquma ngokuyimfihlo enhliziyweni yami ukuthi nami ngiyafuna ukufuna le mpokophelo, nokuthi ngangizothanda iNkosi nomkungakhathaleki ukuthi ubani owayengayithandi.
Ngemva kokufunda amazwi ayekule ncwadi, kanye nokuzwa lawo maculo, ngabe sengenza njengokusho kwalawo mazwi. Lapho umyeni wami ephuma futhi uyosebenza futhi engenaso isikhathi sokusiza ngemisebenzi yasendlini, inhliziyo yami yayingakhathazeki njengoba yayenza ngaphambilini. Uma abafowethu nodadewethu benanoma yimaphi amaphutha abakushoyo, nami ngangikwazi ukubathethelela kuloko ababesuke bekushilo, ngoba ngangifuna ukwenza uNkulunkulu eneliseke. Ngangifuna kuphela ukufuna inhliziyo ethanda uNkulunkulu njengalokho iculo lalishilo.
Ngokuphazima kweso, isikhathi sokutshala amasimu sase sifikile. Ngokunye ukuhlwa, umyeni wami wayeqoqaqoqa wase ethi kimi, “Kusasa, ngizophuma ngiyosebenza ebandleni elikwenye indawo.” Ngathi ngokushesha, “Uzokwazi yini ukubuya emva kwezinsuku ezimbalwa?” Wathi, “Angazi. Ngizozama konke okusemandleni ami ukuba ngibuye ngokushesha, ukuze ungakhathazeki ngomsebenzi wasendlini.” Lapho ngizwa lokho ayekusho, ubuso bami bahwaqabala, futhi ngacabanga, “Uthi ngingakhathazeki ngakho, kodwa ngingahlala kanjani ngingakhathazeki? Uyahamba futhi awazi nokwazi ukuthi uzobuya nini, futhi amasimu akwamanye amakhaya asetshaliwe vele. Eyethu insimu ayikalinywa nokulinywa, futhi uma imbewu itshalwe emva kwesikhathi, ekwindla ngeke sibe nesivuno esihle. Uma leso sikhathi sesifika, siyokwenzenjani? Ukube nje umyeni wami uqala ngokuqeda ukuhlwanyela insimu yakhe bese ehamba-ke ayosiza abafowethu nodadewethu!” Kusihlwa ngalo lolo suku, ngalala embhedeni wami bungafiki ubuthongo ngigcwele ukuyaluza kwenhliziyo okukhulu: Ngesikhathi egcina ukuhamba umyeni wami wahamba isikhathi esingaphezu kwengxenye yenyanga ngaphambi kokuba abuye, kepha kwakungesona isikhathi sokusebenza epulazini. Manje, isikhathi esibucayi somsebenzi wasepulazini sase sifikile, futhi uma ehamba enye ingxenye yenyanga, ngiyokwenzenjani? Ngingahle nje ngimyale ukuba ahambe ayofuna lowo asizana naye emsebenzini ukuba enze lo msebenzi nje kwaphela. Kodwa ngaphinde ngacabanga ngakho: “Lokho ngeke kulunge, njengoba abafowethu nodadewethu belindele yena ukuba azobasiza. Uma engahambi, ngeke yini lokho kube yicala eNkosini?” Esimweni sokucwengwa, ngeza ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi ngathandaza: “Nkosi! Akukhona ukuthi angizimisele ukuba umyeni wami ahambe ayosiza abafowethu nodadewethu, ukuthi yisikhathi esifanele lapho umndeni wethu kufanele usebenze emasimini. Enhliziyweni yami, ngibhekene nokucwengwa okunzulu ngempela, futhi angazi ukuthi ngenzenjani. Nkosi! Ngicela usizo Lwakho, ukuba uvikele inhliziyo yami futhi ungangivumeli ukuba ngiphazanyiswe yilezi zinto.” Ngemva kokuthandaza, la mazwi angifikela ngokucace bha engqondweni yami: “Akunandaba ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale uzimisele ukubekezelela ubunzima kanye nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukulahla inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu” (“Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Lawa mazwi masinyane ayibamba inhliziyo yami, futhi ayilethela ukukhanya okucacisayo: Kuyiqiniso lokho! Uma umuntu efuna ukwanelisa iNkosi, kumele anqume ukubekezela ubunzima futhi kufanele kunalokho abhekane nobunzima siqu sakhe futhi abe nokulahlekelwa kulokho akuthandayo ukuze anelise intando kaNkulunkulu! La mazwi anginika ukholo, futhi ngacabanga: Uma amasimu etshalwe emva kwesikhathi kancane, akusenani! Noma ngabe kungakanani esikuvunayo kusesandleni sikaNkulunkulu, futhi into ebaluleke kakhulu ngumyeni wami esebenzela iNkosi. Nginalokhu engqondweni, ngezwa ngilula futhi ngaba nokukhululeka enhliziyweni yami, futhi kwaba sengiyazumeka njalo. Ngakusasa ekuseni, ngathi kumyeni wami: “Khululeka uhambe uye emsebenzini weNkosi! Noma ngabe ubuya nini, akunandaba. Ngizothobela ilungiselelo likaNkulunkulu.” Lapho ngicabanga ngokuthi lokho engangikwenza kwakuyanelisa iNkosi, ngazizwa ngijabule futhi nginokuzinza enhliziyweni yami.
Umyeni wami wabuya emva kwezinsuku ezimbalwa, futhi ngathola ukuthi wayebonakala sengathi uguqukile waba omunye umuntu. Wangisiza ngemisebenzi yasendlini, wathi kimi: “Usebenza kanzima ngokwedlulele! Le minyaka embalwa edlule ibe nzima ngokwanele kuwe, wenza konke ngaphakathi nangaphandle kwendlu. Ngiyakwazi lokhu. Ngaphambilini, bengivame ukuhamba ngiyosebenza, ngingakusizi ukuhlanganyela nawe imithwalo yemisebenzi yasendlini. Esikhathini esizayo, ngizokwenza okuningi uma nginesikhathi.” Lapho ngizwa amazwi akhe, ngathinteka kakhulu ngoba umyeni wami wayengakaze akhulume ngale ndlela ngaphambili. Ngazicabangela ngathi: “Kusukela umyeni wami afunda leya ncwadi, kube khona uguquko olukhulu kuye. Akashumayeli nje kuphela ngokukhanya okukhulu, kepha isimo sakhe sengqondo ngami sihlukile kunakuqala. Ukufunda iBhayibheli kwakungazange kubangele izinguquko ezinjalo kuye esikhathini esidlule, kodwa emva kokufunda leya ncwadi wayeguquke kakhulu ngesikhathi esifushane. Kubonakala sengathi ngempela amazwi akuleya ncwadi anamandla okuguqula abantu!” Ngesikhathi esifanayo ngangizwa sengathi amazwi ale ncwadi ayebe nenzuzo enkulu nakimi. Ngemva kokuyifunda, nganginokholo namandla, futhi lapho ngenza ngokuvumelana namazwi ayo leya ncwadi, ukunganeliseki engangikuzwa ngomyeni wami kwashabalala. Ngemva kokuba umyeni wami efunde le ncwadi, isimo sakhe sengqondo ngami sashintsha, futhi waqonda ukuthi angikhathalele futhi anginakekele kanjani. Zonke lezi zinguquko zangenza ngacabanga nakakhulu ngamazwi aleya ncwadi ayenamandla ngempela futhi enegunya! Kodwa empeleni, ubani owayebhale amazwi ale ncwadi? Ngangingakaze ngiyithole impendulo yalokhu.
Ngolunye usuku, ngemva kwezinyanga ezimbili, umyeni wami wathi ufuna ukungithatha ukuba ngiye naye emhlanganweni. Nganginomuzwa wokuthi lo mbuthano wawuyoba into ekhethekile kakhulu, kungenjalo umyeni wami wayengeke angithathe ukuba ngiyolalela naye. Ngangigcwele ukulangazelela enhliziyweni yami, futhi ngijahile ukuphinde ngibone le ncwadi futhi. Ngakusasa, mina nomyeni wami, kanye nodadewethu ababili, sasihlezi ngenjabulo emotweni sisendleleni eya kudade othile. Kwakukhona abazalwane nodade abaningi ababeyingxenye yalo mbuthano, phakathi kwabo udade owayeseminyakeni engamashumi amathathu owayedidiyela iBhayibheli futhi ahlanganyele kithi ngamaqiniso amaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Ngesikhathi ngilalele lokho udade ayehlanganyela nathi ngakho, ngazizwa nginohlobo olukhethekile lokukhanya enhliziyweni yami, futhi ngaqonda kahle iziqephu eziningi zeBhayibheli namayelana nokubuya kukaNkulunkulu ebuyela ukwenza umsebenzi wokwahlulela engangingawuqondi ngaphambili. Ngacabanga ngathi, “Uhlanganyela kanjani ngalokhu kahle kangaka, futhi ulixoxa kanjani iBhayibheli ngokucace kangaka? Ukwazi kanjani ukuba nokuqonda okungaka?” Khona-ke, udade lo, ubuso bakhe bugcwele ukumamatheka, washo kakhulu wathi, “Ngizotshela abafowethu nodade ulwazi olumangalisayo noluzojabulisa izinhliziyo zabantu. INkosi uJesu ekade sifisa ukuba ibuye isibuyile isenyameni phakathi kwethu ukwenza umsebenzi Wayo omusha, ukuveza izwi nokuvula wonke amaqiniso nezimfihlakalo, ukubeka obala izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kanye nohlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, kanjalo nokuba kukaNkulunkulu sesimweni somuntu nezimfihlakalo zeBhayibheli. Namuhla, okuqukethwe yilokho engihlanganyela ngakho konke kuvela emazwini avezwe nguNkulunkulu.” Mina nabafowethu nodadewethu ababehlezi sezwa le ndaba enhle, futhi ekugcineni saqonda ukuthi kungani udade wayeqonda okuningi kangaka. Kwavela ukuthi konke kwakutshelwe abantu ngephimbo leNkosi eyayibuyile. Manje nathi sezwa izwi leNkosi, futhi sonke sangana ngenjabulo, sakhala izinyembezi zenjabulo, futhi indawo yonke yaqala ukuvevezela ngomdlandla. Ngangijabule kakhulu kangangokuthi kwakuthi angigxume yinjabulo, futhi ngacabanga ngathi: Ngaso sonke lesi sikhathi bengifisa ukuthi iNkosi uJesu ibuye ngaphambili kwesikhathi esilindelwe. Manje iNkosi ibuyile ngempela! Ngesikhathi ngisaphila, ngiyakwazi ukwamukela ukubuya kweNkosi uJesu, futhi ngenxa yalokho ngibusisiwe ngempela!
Ngokushesha, lapho kufika isikhathi sokuba sihlakazeke, odade banikeza ngamunye wethu incwadi ethi Ukwahlulela Kuqala Endlini KaNkulunkulu. Ngibambelele encwadini yezwi likaNkulunkulu, ngacabanga ngokushesha ngaleya ncwadi yangaphambili. Kungenzeka yini ukuthi yiyo le ncwadi? Lapho ngifika emuva ekhaya, ngabuza umyeni wami ukuthi, “Incwadi engayibona ngaloluya suku—ingabe iyizwi likaNkulunkulu elifanayo naleli udade alikhulume namuhla?” Umyeni wami wamamatheka futhi wathi, “Kunjalo.” Ngaleso sikhathi, kwakusengathi ngangivuka ephusheni. Leli phimbo livela kuNkulunkulu ngempela, yiphimbo lokuba kweNkosi uJesu ebuyile sesimweni somuntu, futhi yiphimbo likaNkulunkulu! Akumangalisi ukuthi la mazwi akwazi ukungishukumisa kangaka, anginike ukholo namandla, aguqule isimo sami esikhohlakele, futhi angisuse ekuhluphekeni. Khona-ke, ngamgxeka umyeni wami, ngathi, “Uthole umsebenzi omusha kaNkulunkulu; kungani ungifihlele na?” Umyeni wami wathi, “Ngalesiya sikhathi ngangifuna ngempela ukukutshela, kodwa iningi labantu basemndenini wakini bangabashumayeli ebandleni, futhi ngangesaba ukuthi ungase ungakuqondi lapho ngikuchazela. Ngangesaba ukuthi izihlobo zakho zizothola ngakho, futhi uma sezifikile ukuzokuphazanyisa nokukuvimbela, ngeke nje lokhu kugcine ngokudala ukuba nilahlekelwe yithuba lenu lokwamukela insindiso, kodwa futhi kwakuzongenza umuntu omubi!” Ngzwa lokho umyeni wami ayekusho, ukungamqondi kahle umyeni wami kwaphela, futhi ngaba nokubonga okwengeziwe kuNkulunkulu ngokungisindisa. Nganquma ukuba ngiyifunde kahle le ncwadi.
Ngenxa yokufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla, umoya wami owomile wathola ukondleka nokunakekeleka…. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngangingakwazi ukuzwa izwi leNkosi ebuyile ngezami izindlebe, ukuba ngiphakanyiselwe ebukhoneni bukaNkulunkulu, ukubhekana ubuso nobuso noNkulunkulu, futhi ngazizwa nginokubonga okukhulu kuNkulunkulu ngothando nensindiso Yakhe. Emva kwezinsuku ezingaphezu kweziyi-10, umyeni wami nami kanye nodade abasabalalisa izwi sahlangana, sathatha abafowethu nodade bebandla lethu ababenokholo lwangempela eNkosini ukuba siyohlangana noNkulunkulu uSomandla. Lonke udumo nenkazimulo makube kuNkulunkulu!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Isinkwa Semihla Ngemihla: Isinkwa Semihla Ngemihla
0 notes
Photo
Tumblr media
Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?
https://insindiso.ucoz.org/blog/is_the_work_of_god_so_simple_as_man_imagines_2/2019-08-15-78
0 notes
get-new-life-blog1 · 6 years
Text
Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nanye
Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nanye
       Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. (more…)
View On WordPress
0 notes
South African Christian Songs News 2018 “UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila”
youtube
Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu “UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila” I Akuyena wonke umuntu onendlela yokuphila; Akuyona into noma ubani angayithola kalula. Ngokuba ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Kusukela kudalwa umhlaba uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu ohlanganisa amandla okuphila aletha ukuphila kumuntu; Ukhokhele umuntu inani eliphezulu ukuze azuze ukuphila. Ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade; Uyindlela yokuthi umuntu athole ukuvuswa.
II UNkulunkulu akakaze angabi khona enhliziyweni yomuntu, Uhlale ephila phakathi komuntu. Uyena ongamandla aqhuba ukuphila kwabo, nesisekelo sobukhona babo; Uyisibambiso esicebile umuntu angaphila ngaso. Wenza ukuba umuntu azalwe kabusha, enze ukuba baphile ngamandla ezindimeni zabo ezahlukene. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Ngenxa yamandla Akhe namandla okuphila angahluleki, umuntu uphilile ezizukulwaneni nezizukulwane. Amandla okuphila kukaNkulunkulu alekelela umuntu ngokuphikelela; UNkulunkulu ukhokhe inani elingakaze likhokhwe muntu ophilayo. III Amandla empilo kaNkulunkulu ayachuma phezu kwawo wonke amandla; futhi adlula wonke amandla. Impilo Yakhe ingunaphakade, amandla Akhe awavamile. Asikho isidalwa noma isitha esinganqoba amandla Akhe, okukhona  futhi  okukhanya ukukhanya okugqamile nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo, nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Izulu, umhlaba kungaguquka kakhulu, impilo kaNkulunkulu yona ngeke; Zonke izinto azisekho, kodwa impilo kaNkulunkulu ilokhu ikhona, UNkulunkulu ungumsuka nempande yobukhona bazo zonke izinto, ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade. IV Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, nomhlaba ukhona ngenxa yamandla empilo kaNkulunkulu. Ayikho into equkethe amandla engadlula ubukhosi bukaNkulunkul, futhi ayikho into enobungqabavu engaphunyuka ebubanzini begunya likaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Ngale ndlela, kungakhathaleki ukuthi si ngobani, isintu sonke asithobe, asithobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, siphile ngaphansi komyalo Wakhe. Akekho ongaphunyuka, akekho ongaphunyuka, ongaphunyuka ekulawuleni Kwakhe. Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Text
Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe
      Kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe endaweni yonke, uNkulunkulu wanqumela kusengaphambili abantu abaningi ukuba bamkhonze, kuhlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila. Injongo Yakhe ukufeza intando Yakhe nokuqiniseka ngokuthi umsebenzi Wakhe emhlabeni uthela kahle izithelo. Lena injongo kaNkulunkulu yokukhetha abantu ukuba bamkhonze. Wonke umuntu okhonza uNkulunkulu kumele ayiqonde le ntando kaNkulunkulu. Ngalo msebenzi Wakhe, abantu bakubona kangcono ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuba namandla onke kukaNkulunkulu, futhi kubasiza ukuthi baqonde imiyalo yomsebenzi Wakhe emhlabeni. UNkulunkulu weza ngempela emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, ukuzothintana nabantu, ukuze bazi izenzo Zakhe ngokucacile. Namuhla, leli qembu lenu linenhlanhla yokukhonza uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kuyisibusiso esingenakubalwa. Empeleni, uNkulunkulu oniphakamisayo. Ekukhetheni umuntu ukuba amkhonze, uNkulunkulu ahlale enemiyalo Yakhe. Ukukhonza uNkulunkulu akuyona ngempela, lokho abantu abacabanga ukuthi kunjalo, indaba yogqozi. Namuhla niyabona ukuthi noma ubani angamkhonza kanjani uNkulunkulu ekubeni khona Kwakhe, ekwenza ngokuqondiswa uNkulunkulu futhi enomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi ngenxa yokuthi bazingela iqiniso. Lezi izimfuno eziyisisekelo bonke labo abakhonza uNkulunkulu okufanele babe nazo.
      Ukukhonza uNkulunkulu akulula. Labo abasimo sabo esikhohlakele esihlala singashintshile abanakumkhonza uNkulunkulu. Uma isimo sakho singahlulelwanga futhi sasolwa izwi likaNkulunkulu, kusho ukuthi isimo sakho sisamelela uSathane. Lokhu kwanele ukuveza ukuthi inkonzo yakho kuNkulunkulu imayelana nezinhloso zakho ezinhle. Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, babashumayeze futhi babacindezele, futhi baziphakamise—lobo abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Abantu bayathanda ukubambelela kokudala. Banamathela ezinkolelweni ezindala, ezintweni ezedlule. Lesi isiphazamiso esikhulu enkonzweni yabo. Uma ungakwazi ukuzilahla, lezi zinto ziyokuxina ukuphila kwakho konke. UNkulunkulu ngeke ajabule ngawe, ngisho nakancane, ngeke ngisho ungaze uphuke umlenze ugijima noma umgogodla usebenza, ngeke ngisho ungaze ubulawelwe ukholo kanjani enkonzweni kaNkulunkulu. Kuyokwenzeka okuphambene: Uyothi uwumenzi wobubi.
       Kusukela namhlanje, uNkulunkulu uzophelelisa labo abangenazo izinkolelo zenkolo, abakulungele ukushiya ubuntu babo obudala, balalele kuphela uNkulunkulu ngendlela yenhliziyo ethambile, futhi uzophelelisa labo abalangazelela izwi likaNkulunkulu. Laba kumele babhukule bakhonze uNkulunkulu. KuNkulunkulu kunenala engapheli yokuhlakanipha. Umsebenzi Wakhe omuhle ngendlela emangalisayo kanye namazwi Akhe ayigugu alindele ukuthokozelwa yinani labantu abaningi ngisho kakhulu. Okwamanje, labo abanezinkolelo zenkolo, labo abaqhakambisa izikhundla zabo eziphezulu, nalabo abangeke bazidele bakuthola kunzima ukwamukela lezi zinto. Alikho ithuba ngoMoya oNgcwele ukuba uphelelise laba bantu. Uma umuntu engazimisele ukulalela, futhi engalomeli izwi likaNkulunkulu, khona-ke ngeke akwazi ukwamukela lezi zinto ezintsha. Uyolokhu ehlubuka nakakhulu, eba nobuqili nakakhulu, agcine esemgudwini ongafanele. Ekwenzeni umsebenzi Wakhe manje, uNkulunkulu uyovusa abantu abaningi abamthanda ngeqiniso, abemukela ukukhanya okusha. Futhi uyonciphisa izikhulu zenkolo eziqhakambisa izikhundla zazo eziphezulu. Labo abenqaba ngenkani ukushintsha: Akafuni kube ngisho nomuntu oyedwa wabo. Ingabe uyafuna ukuba ngomunye walaba bantu? Ingabe inkonzo yakho uyenza ngendlela othanda ngayo, noma ingabe wenza lokho okufunwa uNkulunkulu? Lena into okufanele uyazi ngawe. Ingabe ungomunye wezikhulu zenkolo, noma ingabe uwusana olusanda kuzalwa olupheleliswa uNkulunkulu? Ingakanani ingxenye yenkonzo yakho eyamukelwa uMoya oNgcwele? Ingakanani uNkulunkulu angeke azihluphe ukuba ayikhumbule? Ngemva kweminyaka eminingi yenkonzo, kushintshe kangakanani ukuphila kwakho? Ingabe kucacile kuwe konke lokhu? Uma unokholo lweqiniso, khona-ke uzohlukana nezinkolelo zakho zenkolo ezindala zangaphambili, futhi umkhonze kangcono uNkulunkulu ngendlela entsha. Akukephuzi kakhulu ukuba ukhuphule amasokisi. Izinkolelo ezindala zenkolo ziyokukhinyabeza ukuphila komuntu. Ulwazi lomuntu luyomphambukisa kuNkulunkulu, enze izinto ngendlela yakhe. Uma ungazishiyi phansi lezi zinto, ziyoba yisithiyo ekukhuleni kwakho ekuphileni. UNkulunkulu ubelokhu ebaphelelisa labo abamkhonzayo. Akabalaxazi kanjalo nje. Uma wamukela ngeqiniso ukwahlulelwa nokusolwa yizwi likaNkulunkulu, uma ungabeka eceleni imikhuba yakho emidala yenkolo nemithetho, futhi uyeke ukusebenzisa izinkolelo zenkolo ezindala njengesikali sezwi likaNkulunkulu namuhla, Ngalokho kuphela kuyoba nekusasa ngawe. Kodwa uma ubambelela ezintweni ezindala, uma usazazisa, khonake ngeke kube nendlela yokuthi ungasindiswa. UNkulunkulu akanandaba nabantu abanjalo. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa, khona-ke kumele ukulungele ukukushiya ngokuphelele konke okudala. Ngisho noma okwakwenziwa phambili kwakukuhle, ngisho noma kwakuwumsebenzi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukukubeka eceleni futhi uyeke ukubambelela kukho. Ngisho noma kwakusobala ukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, owenziwa ngokuqondile uMoya oNgcwele, namuhla kumele ukubeke eceleni. Akumele ubambelele kukho. Yilokhu uNkulunkulu akufunayo. Konke kumele kwenziwe kube kusha. Emsebenzini kaNkulunkulu nasezwini likaNkulunkulu, akabhekiseli ezintweni ezindala ezenzeka, akembi umlando omdala. UNkulunkulu unguNkulunkulu ohlale njalo emusha futhi akagugi. Akabambeleli emazwini Akhe edlule, kulokhu kusobala ukuthi uNkulunkulu akalandeli noma yimiphi imithetho. Kulesi simo, njengomuntu, uma uhlale ubambelela ezintweni ezedlule, ungafuni ukuzidedela, futhi uzisebenzisa ngokuphikelela endleleni yokwenza izinto, kuyilapho uNkulunkulu engasasebenzi ngalezo zindlela zangaphambili, khona-ke ingabe amazwi nezenzo zakho akusona yini isiphazamiso? Awuphendukanga yini isitha sikaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukonakalisa ukuphila kwakho konke ngenxa yalezi zinto ezindala? Lezi zinto ezindala zikwenza ube umuntu ophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ingabe lolo uhlobo lomuntu ofuna ukuba yilo? Uma ungakufuni ngempela lokho, yekela le nto oyenzayo ngokushesha uphenduke; uqale kabusha. UNkulunkulu akazikhumbuli izinto zakho ezindala.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu
  Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi ngokuhlelela kwesandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kuphethwe yisandla sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kusemehlweni kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, ziguquke, zenziwe zintsha futhi zinyamalale ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto.
  Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho buqhamuka khona. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu wamukela ukukhanya kosuku, kodwa akucaci kakhudlwana enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kuvela kuphi nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukuguquguquka okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise nezikhathi, kube futhi kuqikelela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. Umuntu wedlula ezinkathini noNkulunkulu, kodwa umuntu akazi ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa ukuthi izindlela zikaNkulunkulu aziqondakali kakhulu, noma ukuthi yima luzofezeka uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe kuSathane futhi kwaneliswa nguye. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. … UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu wendalo Yakhe yokuqala, futhi umuntu ulahlekelwa yimpande yesiqalo sakhe. Lolu usizi lwalesi sintu. Eqinisweni, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, uNkulunkulu wethule imbangalusizi esintwini lapho umuntu eyiqhawe futhi engumgilwa kuyo, futhi akekho owaziyo ukuthi ubani ongumqondisi wale mbangalusizi.
  Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Akekho owake wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi sizoshona ngaphi. Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kumuntu ongaphenduki ozehlukanise Naye? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Kumele ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa lwenziwa ize nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, lokho kuyomthukuthelisa kangakanani? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.
  UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Umuntu yena, waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso. Umuntu wazi kuphela ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke nokuphila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wobukhona bempilo nokuthi ukukholwa kungumnotho wokuphila kwakhe. Akawuboni umusa nokondliwa okuvela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekusaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu. … Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza kumuntu njengoba ehlelile futhi akalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaphusheni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nenani uNkulunkulu anike okuningi ngalo konke umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye. Akekho oseke wacabanga ngezimfihlo zokuqala nokuqhubeka kwempilo yomuntu. Kodwa, uNkulunkulu kuphela oqonda futhi abekezelele buthule bonke ubuhlungu nokungqutshuzwa okuvela kumuntu, osamukele konke okuvela kuNkulunkulu kodwa akabongi. Umuntu ukuthatha kalula konke okuza nokuphila, futhi “kuyinto efanele nje,” abantu bamlahlile, bamkhohlwa futhi bamsenga uNkulunkulu. Ingabe uhlelo lukaNkulunkulu lubaluleke kangako ngempela yini? Ingabe umuntu, isidalwa esiphilayo esiphuma esandleni sikaNkulunkulu, ubaluleke ngaleyo ndlela? Icebo likaNkulunkulu libaluleke kakhulu; nokho, abantu abaphilayo abadala ngesandla Sakhe baphilela icebo Lakhe. Ngakho, uNkulunkulu ngeke ayeke uhlelo Lwakhe ngenxa yenzondo yalesi sintu. Kungenxa yohlelo Lwakhe nomoya awuphefumulayo okwenza uNkulunkulu abekezelele bonke ukuhlushwa, hhayi ngenxa yenyama yomuntu kodwa ngenxa yokuphila komuntu. Uyafisa ukubuyisa hhayi nje inyama yomuntu kodwa impilo ayiphefumula. Leli icebo Lakhe.
  Bonke abafika kulo mhlaba kumele baphile bese beyafa, futhi baningi asebelubonile uchungechunge lokufa nokuzalwa kabusha. Abaphilayo kungekudala bazoshona bese kuthi abafile babuye maduze. Konke lokhu kungumgudu wokuphila ohlelwe uNkulunkulu ewuhlelela sonke isidalwa esiphilayo. Nokho, lo mgudu nochungechunge kungamaqiniso uNkulunkulu afisa abantu bawazi, ukuthi ukuphila uNkulunkulu akufake kubo akupheli futhi akuphazanyiswa inyama, isikhathi, noma umkhathi. Lena imfihlakalo yokuphila uNkulunkulu akufake kumuntu nobufakazi bokuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu. Nakuba abaningi bengase bengakholwa ukuthi ukuphila kwavela kuNkulunkulu, abantu nakanjani bakujabulela konke okuvela kuNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi bayakukholwa noma bayakuphika ukuba khona Kwakhe. Uma ngelinye ilanga uNkulunkulu engake aguqule inhliziyo yakhe noma abuyisele kuye zonke izinto ezisemhlabeni noma athathe ukuphila akunikezile, akekho umuntu oyophila. UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi kanye bokubonakala kwamandla empilo kaNkulunkulu. Manje yithi nginitshele imfihlo: Ubukhulu namandla okuphila kukaNkulunkulu ngeke kuqondwe ngokujulile yinoma yisiphi isidalwa. Kunjena manje, njengoba kwakunjalo nasekuqaleni, kuyoba njalo esikhathini esizayo. Imfihlo yesibili engizoyikhipha yile: Umthombo wokuphila uvela kuNkulunkulu, kwayo yonke indalo, akunandaba ukuthi yakheke ngendlela ehlukile. Kungakhathaleki ukuthi uluhlobo olunjani lwesidalwa, awukwazi ukuhamba uphambane nomgudu uNkulunkulu awubekile. Kunoma ikuphi, engikufisayo ukuthi umuntu aqonde ukuthi ngaphandle kokunakekelwa, ukulondolozwa, kanye nokondliwa nguNkulunkulu, umuntu ngeke athole yonke into okwakufanele ayithole, akunandaba ukuthi uzama noma uzabalaza kangakanani. Ngaphandle kokuthola ukuphila kuNkulunkulu, umuntu ngeke azi ukuthi uphilelani, futhi uyolahlekelwa injongo yokuphila. UNkulunkulu angamvumela kanjani umuntu ochitha ukubaluleka kokuphila Kwakhe ukuba angabi nandaba kanje? Kodwa futhi, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila. Uma umuntu ehluleka ukwazisa konke lokho uNkulunkulu amnike khona, uNkulunkulu ngeke agcine nje ngokubuyisa amnika khona, kodwa okukhulu kunalokho, umuntu uyokhokha ngokuphindwe kabili ukuze enze isinxephezelo ngakho konke uNkulunkulu akuchithile.
                          Ngomhla ka- 26 Meyi, 2003
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Photo
Tumblr media
Ukuthulisa Inhliziyo Yakho Phambi KukaNkulunkulu
UNkulunkulu USomandla uthi:
“Ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu kungesinye sezinyathelo esibalulekile kakhulu zokungena emazwini kaNkulunkulu, futhi kuyisifundo lapho abantu bonke benesidingo esiphuthumayo sokungena kuso manje. Izindlela zokungena ekuthuliseni inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu yilezi: 1. Susa inhliziyo yakho ezintweni ezingaphandle, thula phambi kukaNkulunkulu, futhi ukhuleka kuNkulunkulu ngenhliziyo egxilile.
2. Ngenhliziyo yakho ethule phambi kukaNkulunkulu, yidla, uphuze, futhi uthokozele amazwi kaNkulunkulu.
3. Zindla futhi ucabange ngothando lukaNkulunkulu futhi uzindle ngomsebenzi kaNkulunkulu enhliziyweni yakho.”
Kucashunwe “encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni”
1 note · View note
Text
Indlela Yokwazi Iqiniso
Tumblr media
UNkulunkulu unguNkulunkulu ongokoqobo: Wonke umsebenzi Wakhe ungokoqobo, wonke amazwi awakhulumayo angokoqobo, futhi wonke amaqiniso awavezayo angokoqobo. Yonke into engewona amagama Akhe ayinalutho, ayikho, futhi ayinampilo. Namhlanje uMoya oNgcwele uzoholela abantu emazwini kaNkulunkulu. Uma abantu bezophokophela ukungena eqinisweni, kufanele bafune iqiniso, futhi bazi iqiniso, emuva kwalokho bazizwele iqiniso, baphinde baliphile iqiniso. Uma kwanda ukuba abantu bazi iqiniso, yilapho abantu bekwazi kangcono khona ukubona ukuthi ngabe amazwi abanye awangempela yini; uma kwenyuka ukwazi kwabantu iqiniso, iyancipha imibono ababa nayo; uma kwanda ukuzizwela kwabantu iqiniso, futhi uma kwenyuka ukwazi kwabo izenzo zikaNkulunkulu weqiniso, futhi kuya kuba lula kubo ukuphunyuka ezimeni zabo ezonakele ezinobusathane; ukwanda kweqiniso kubantu, kuya kwanda ukwazi kwabo uNkulunkulu, futhi kuya kwanda ukwenyanya kwabo inyama nokuthanda iqiniso; uma kwanda ukuba neqiniso kwabantu, baya besondela ezingeni lezimfuneko zikaNkulunkulu. Abantu abazuzwa nguNkulunkulu yilabo abaneqiniso, abazi iqiniso; nasebefinyelele ekwazini izenzo zangempela zikaNkulunkulu ngokuzizwela iqiniso. Uma ukubambisana noNkulunkulu ngokoqobo futhi uthibe umzimba wakho, yilapho uyowuthola kakhulu umsebenzi woMoya oNgcwele, yilapho uyozuza iqiniso, futhi uyokhanyiselwa kakhulu nguNkulunkulu—futhi ingakho luyokhula ulwazi lwakho ngemisebenzi kaNkulunkulu yangempela. Uma ukwazi ukuphila ekukhanyeni kwamanje koMoya oNgcwele, indlela yamanje yokwenza iyoya ikucacela, futhi uyokwazi ukuzehlukanisa nemibono yenkolo kanye nokwenza okudala kwesikhathi esidlule. Namuhla sigxile eqinisweni: Uma abantu beba neqiniso ngokwengeziwe, luya lucaca ulwazi labo ngeqiniso, futhi kuya kukhula ukuqonda kwabo intando kaNkulunkulu. Iqiniso linganqoba wonke amagama kanye nezimfundiso, linganqoba lonke ulwazi olucatshangwayo nobuchwepheshe, futhi uma abantu begxila kakhulu eqinisweni, kuya kukhula ukuthanda kwabo uNkulunkulu, nokulamba nokunxanelwa amazwi Akhe. Uma ugxila eqinisweni, ifilosofi yakho ngempilo, imibono ngenkolo kanye nesimilo sakho semvelo, siyocinywa ngokwemvelo emuva komsebenzi kaNkulunkulu. Labo abangashisekeli iqiniso, futhi abangenalo ulwazi ngeqiniso, kulula ukuthi baphishekele lokho okungaphezu kwemvelo, futhi bayokhohliseka kalula. UMoya oNgcwele awunayo indlela yokusebenza kubantu abanjalo, ngakho bazizwa bengenalutho, futhi nokuthi izimpilo zabo azisho lutho.
UMoya oNgcwele ungasebenza kuwe uma uqeqesha ngempela, ufune ngempela, uthandaza ngempela futhi uzimisela ukuhlupheka ngenxa yokulandela iqiniso. Labo abangalifuni iqiniso abanalutho ngaphandle kwamagama nezifundiso, nemicabango ethile eyize, futhi labo abangenalo iqiniso ngokwemvelo banemibono eminingi ngoNkulunkulu. Abantu abanjalo bafisa nje ukuthi uNkulunkulu aguqule umzimba wabo wenyama ube owomoya ukuze bakwazi ukwenyukela ezulwini lesithathu. Ave beyiziwula laba bantu! Bonke abasho izinto ezinjalo abanalwazi ngoNkulunkulu, noma iqiniso; abantu abanjalo abasoze babambisana noNkulunkulu, futhi bangazola nje kuphela. Uma abantu bezoqonda iqiniso, futhi balibone ngokucacile iqiniso, futhi uma, ngaphezu kwalokho, bezongena eqinisweni, futhi balenze, kufanele baqeqeshe ngempela, bafune ngempela futhi balambe futhi bome. Uma ulambile futhi womile, futhi lapho ubambisana noNkulunkulu ngempela, uMoya kaNkulunkulu uyokuthinta ngokuqinisekile futhi usebenze kuwe, okuzokulethela ukukhanyiseleka okukhulu, futhi kukunike ulwazi olukhulu ngeqiniso, kuphinde kube usizo olukhulu empilweni yakho.
Uma abantu bezomazi uNkulunkulu, kufanele baqale bazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongokoqobo, futhi kufanele bazi amazwi kaNkulunkulu, ukubukeka kukaNkulunkulu okungokoqobo, kanye nomsebenzi ongokoqobo kaNkulunkulu. Kuphela emuva kokwazi ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo uyokwazi ukubambisana noNkulunkulu ngempela, futhi ingale ndlela kuphela uyokwazi ukuba nokukhula empilweni yakho. Bonke labo abangenalwazi ngeqiniso abanandlela yokuzizwela amazwi kaNkulunkulu, bangene ogibeni ngenxa yemibono yabo, baphila emicabangweni yabo yamehlo engqondo, ngakho abanalo ulwazi ngamazwi kaNkulunkulu. Uma luya lwanda ulwazi lwakho ngeqiniso, uya usondela kuNkulunkulu, futhi uba nobungane obusondelene kakhulu Naye; uma ukufuna ngokwengeziwe okungaqondakali nalokho okusengqondweni kuphela, kanye nemfundiso, ilapho uyoqhubekela phambili nokuduka kwakho kuNkulunkulu, futhi yilapho uyozwa ukuthi ukuzizwela amazwi kaNkulunkulu kuyakhandla futhi kunzima, futhi yilapho ungeke ukwazi ukungena. Uma ufisa ukungena eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu nasemgudwini ofanele empilweni yakho yangokomoya, kufanele wazi iqiniso kuqala futhi uzikhiphele eceleni ezintweni ezingaqondakali futhi ezingezona ezemvelo yasemhlabeni—okungukuthi, uma ungaqonda ngempela umsebenzi wangempela woMoya oNgcwele phakathi kuwe, uyobe sewungenile emgudwini ofanele wokupheleliswa nguNkulunkulu.
Namuhla yonke into iqala eqinisweni. Umsebenzi kaNkulunkulu nguwo oyiqiniso kakhulu, futhi ungathintwa abantu; uyilokhu abantu abangazizwela khona, futhi bakufeze. Kubantu kuningi lokho okungaqondakali futhi okungesikho okwemvelo yasemhlabeni, okubavimba ekutheni bazi umsebenzi wamanje kaNkulunkulu. Ngakho, lapho bedlula ezintweni, banjalo bayaphambuka, futhi bazwe ubunzima, konke okubangelwa yimibono yabo. Abantu abakwazi ukubamba izimiso zomsebenzi woMoya oNgcwele, abalazi iqiniso, ngakho bahlale bekhuluma kambi endleleni yabo yokungena. Bazibukela kude izimfuneko zikaNkulunkulu, abanakuzifeza; bamane babone nje ukuthi amazwi kaNkulunkulu alungile impela, kodwa abayitholi indlela yokungena. UMoya oNgcwele usebenza ngale simiso: Ngokubambisana nabantu, ngokuthi bathandaze ngenkuthalo, bafune futhi basondele kuNkulunkulu, imiphumela ingatholakala futhi bangakhanyiselwa futhi bakhanyiswe uMoya oNgcwele. Akukhona ukuthi uMoya oNgcwele usebenza ohlangothini olulodwa. Kokubili kusemqoka, futhi uma abantu ngokubambisana ngokwengeziwe, futhi uma bekuphishekela ngokwengeziwe ukufinyelela emazingeni ezimfuneko zikaNkulunkulu, uyoba mkhulu umsebenzi woMoya oNgcwele, ungaveza okuhlangenwe nakho kwangempela nolwazi olunohlonze lwamazwi kaNkulunkulu. Kancane kancane, ngokuzizwela ngale ndlela, umuntu ophelelisiwe uyakheka ekugcineni. UNkulunkulu akazenzi izinto ezingezona ezemvelo yalapha emhlabeni; emibonweni yabantu, uNkulunkulu ungusomandla, futhi yonke into yenziwa nguNkulunkulu—okunomphumela wokuthi abantu bazole, abawafundi amazwi kaNkulunkulu noma bathandaze, futhi bamane balinde ukuthintwa uMoya oNgcwele. Labo abanokuqonda okufanele, nokho, bakholwa yilokhu: Izenzo zikaNkulunkulu zingahamba kuphela ngangokubambisana kwami naye, nomphumela umsebenzi kaNkulunkulu onawo kimi uncike ekutheni ngibambisana kanjani. Uma uNkulunkulu ekhuluma, kufanele ngenze konke engingakwenza ukuphokophela emazwini kaNkulunkulu; yilokhu okufanele ngikufeze.
KuPetru noPawulu ubona ngokucacile ukuthi uPetru owaqaphela iqiniso. Kulokho uPetru adlula kukho, kuyabonakala ukuthi lokho adlula kukho kwaqoqa izifundo zalabo ababekade behlulekile ngaphambilini, futhi wathola amandla kwabangcwele besikhathi esedlule-futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kwakuyiqiniso kangakanani okuhlangenwe nakho kukaPetru, futhi kwakwanele ukuvumela abantu ukuthi bazithinte, babe nokwazi futhi, nanokuthi kwakungenziwa ngabantu. UPawulu, nokho, wayehlukile: Zonke izinto akhuluma ngazo zabe zingaqondakali, futhi zingabonakali, izinto ezinjengokuya ezulwini lesithathu, ukukhuphukela esihlalweni sobukhosi, kanye nomqhele wokulunga. Wagxila kulokho okungaphandle: esikhundleni, futhi exwayisa abantu, ngokuzikhukhumeza ngesikhundla sakhe esiphakeme, ukuthintwa nguMoya oNgcwele, njalo njalo. Ayikho into ayiphishekela eyabe iyiqiniso, futhi okuningi kwabe kufeketha kungelona iqiniso, ngakho kungabonakala ukuthi konke lokho okungesikho okwemvelo yasemhlabeni, njengokuthi uMoya oNgcwele ubathinta kangakanani abantu, intokozo enkulu abantu abayijabulelayo, ukuya ezulwini lesithathu, noma ukuqeqesha njalo nokujabulela kuze kube ezingeni elithile, ukufunda izwi likaNkulunkulu nokukujabulela lokhu kuze kube ezingeni elithile—konke lokhu akukho. Wonke umsebenzi woMoya oNgcwele ujwayelekile futhi uyiqiniso. Uma ufunda amazwi kaNkulunkulu futhi uthandaza, ngaphakathi uzizwa uphapheme futhi ugxilile ungena kuzanyazanyiswa, umhlaba ongaphandle awukwazi ukugxambukela kuwe, ngaphakathi uzimisele ukuthanda uNkulunkulu, uzimisele ukuhlanganyela nezinto ezinhle, futhi uyawuzonda umhlaba omubi; lokhu ukuphila ngaphakathi kukaNkulunkulu, futhi akukhona ukuzijabulisa kakhulu, njengoba abantu besho—inkulumo enjalo ayilona iqiniso. Namuhla, yonke into iqala eqinisweni. Yonke into uNkulunkulu ayenzayo iyiqiniso, futhi ezintweni odlula kuzo, kufanele uqaphele ukwazi ngempela uNkulunkulu, kanye nokufuna izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu nezindlela uMoya oNgcwele othinta futhi okhanyisela ngayo abantu. Uma udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi uthandaza, uphinde ubambisane ngendlela eyiqiniso kakhulu, wetshisa lokho okulungile ezikhathini zakudala, futhi wenqaba lokho okubi njengoPetru, uma ulalela ngezindlebe zakho futhi ubuke ngamehlo akho, uphinde uthandaze futhi uzindle enhliziyweni yakho, futhi wenze konke ongakwenza ukubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, ngokuqinisekileyo uNkulunkulu uyokuhola.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Photo
Tumblr media
Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
https://insindiso.ucoz.org/blog/the_appearance_of_god_has_brought_a_new_age/2019-05-29-13
0 notes
get-new-life-blog1 · 6 years
Text
Umsebenzi Nokungena (6)
       Umsebenzi nokungena kuyizinto ezizuzwa ngokoqobo futhi eziqondiswe emsebenzini kaNkulunkulu nasekungeneni komuntu. Umuntu akabuqondisisi ubuso bukaNkulunkulu bangempela nomsebenzi kaNkulunkulu olethe ubunzima obukhulu ekungeneni kwakhe. (more…)
View On WordPress
0 notes
Text
Umyalo kaNkulunkulu kuSathane
Tumblr media
(UJobe 2:6) Futhi uJehova wathi kuSathane, Bheka, usesandleni sakho; kepha gcina ukuphila kwakhe.
USathane Akakaze Alokothe Eqe Igunya LoMdali, futhi Ngenxa Yalokhu, Zonke Izinto Ziphila Ngokuhleleka
Lokhu kuyisiqephu esisuka eNcwadini kaJobe, futhi u “u” kula mazwi uqondise kuJobe. Noma umfushane, lo musho ucacisa izinto eziningi. Uchaza ingxoxo ethize phakathi kukaNkulunkulu noSathane ezweni lomoya, futhi usitshela ukuthi lowo uNkulunkulu ayekhuluma naye, kwabe kunguSathane. Usitshela ngokuthile okwashiwo nguNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu ayewumyalo nomyalelo kuSathane. Imininingwane ethize ngalo myalelo imayelana nokusindisa impilo kaJobe futhi lapho uNkulunkulu adweba umugqa khona ngempatho kaJobe nguSathane—uSathane kwakumele agcine ukuphila kukaJobe. Into yokuqala esiyifundayo kulo musho ukuthi lawa ngamazwi akhulunywa nguNkulunkulu kuSathane. NgokweNcwadi kaJobe yokuqala, isitshela isindlalelo sala mazwi: uSathane wayefisa ukubeka icala uJobe, ngakho kwakufanele athole imvume kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi amlinge. Lapho evuma, isicelo sikaSathane sokuthi alinge uJobe, uNkulunkulu ubeka lo mbandela kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa ungakuthinti ukuphila kwakhe.” Ingabe aluhlobo luni la mazwi? Kucacile ukuthi awumyalo, umyalelo. Uma usuluqondile uhlobo lwala mazwi, kufanele, empeleni, uqonde ukuthi Lo owawukhipha lo myalelo nguNkulunkulu, nokuthi lowo owathola umyalelo, wawulalela, nguSathane. Akudingi ukushiwo, kulo myalelo, ubudlelwano phakathi kukaNkulunkulu noSathane bucacile kunoma ubani ofunda la mazwi. Kunjalo ukuthi lobu futhi ubudlelwano phakathi kukaNkulunkulu noSathane ezweni lomoya, nomehluko phakathi kobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu noSathane, okutholakala kokuqoshwa kwengxoxo phakathi kukaNkulunkulu noSathane emiBhalweni, futhi kuze kube namhlanje, lokhu kuyisibonelo esithize nerekhodi ebhalwe phansi lapho umuntu engafunda umahluko osemqoka phakathi kobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu noSathane. Kulesi sikhathi, kufanele ngisho ukuthi ukuqoshwa kwala mazwi kuwuMbhalo obalulekile olwazini lwesintu ngobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu. Ngale ngxoxo phakathi koMdali noSathane ezweni lomoya, umuntu uyakwazi ukuqonda ingxenye ethile ngegunya loMdali. La mazwi awobunye ubufakazi begunya eliyingqayizivele loMdali. 
Uma ubuka ngaphandle, ayingxoxo phakathi kukaNkulunkulu uJehova noSathane. Ingqikithi yawo ukuthi indlela uJehova uNkulunkulu akhuluma ngayo, nesikhundla akhuluma ekusona, kuphakeme kunoSathane. Okungukuthi uNkulunkulu uJehova uyala uSathane ngephimbo lokuyala futhi utshela uSathane ukuthi uJobe uvele usesezandleni zakhe futhi ukhululekile ukumphatha noma kanjani uJobe—kodwa akakwazi ukuthatha impilo kaJobe. Okubhalwe kwalokho kuthi noma uJobe ebekwe ezandleni zikaSathane, kodwa impilo yakhe ayinikelwe kuSathane; akekho ongathatha impilo kaJobe ezandleni zikaNkulunkulu ngaphandle kokuthi evunyelwe nguNkulunkulu. Isimo somqondo kaNkulunkulu sikhonjiswe kwacaca kulo myalo awunika uSathane, futhi lo myalo ubonakalisa futhi wembule isikhundla uNkulunkulu akhuluma ekusona noSathane. Kulokhu, uNkulunkulu uphethe isikhundla sikaNkulunkulu owadala ukukhanya, nomoya, nezinto zonke nezidalwa eziphilayo, uNkulunkulu ophethe ubukhosi phezu kwezinto zonke nezidalwa eziphilayo, futhi olawula iHayidesi, uNkulunkulu olawula ukuphila nokufa kwezinto zonke eziphilayo. Ezweni lomoya, ubani ngaphandle kukaNkulunkulu ongalokotha anike umyalo onjena kuSathane? Futhi kungani uNkulunkulu uqobo wakhipha lo myalo Wakhe kuSathane? Ingoba impilo yomuntu, kuhlanganise nekaJobe ilawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu akavumanga ukuthi uSathane alimaze noma athathe ukuphila kukaJobe, okungukuthi, ngaphambi kokuvumela uSathane ukuba alinge uJobe, uNkulunkulu wakhumbula ukuqikelela ukukhipha lo myalelo, futhi waphinda wamyala uSathane ukuthi angayithathi impilo kaJobe. USathane akakaze eqe igunya kaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, uhlala elalela ngokucophelela enze imiyalelo nemiyalo ethize kaNkulunkulu, engalokothi ukuyishaya indiva, futhi engalingi ukuguqula noma ikanjani inoma imiphi imiyalo kaNkulunkulu. Injalo ke imigomo uNkulunkulu ayibekele uSathane, ngakho futhi uSathane akakaze alokothe eqe le migomo. Ingabe akuwona amandla egunya likaNkulunkulu lawa? Ingabe akubona ubufakazi begunya likaNkulunkulu? Ngokuthi kufanele siziphathe kanjani kuNkulunkulu nokuthi simthathe kanjani uNkulunkulu, uSathane unokuqonda okucacile kunesintu, ngakho ezweni lomoya, uSathane ubona isikhundla negunya likaNkulunkulu ngokusobala, futhi unokwazisa okujulile amandla negunya likaNkulunkulu nezimiso ezimise ukusebenza kwegunya Lakhe. Akalokothi neze, nakanye, angazinaki noma azephule izimiso noma ikanjani futhi akalokothi achukuluze intukuthelo kaNkulunkulu nganoma iyiphi indlela. Noma emubi futhi ezidla ngokwemvelo, uSathane akakaze alokothe ukweqa imigomo uNkulunkulu ambekele yona. Ezigidini zeminyaka ulandela ngokuqikelela le migomo, ugcine yonke imiyalo nemiyalelo ayinikwe nguNkulunkulu, futhi akakaze alokothe eqele ngale komngcele. Noma enenhliziyo embi, uSathane uhlakaniphile kunesintu esonakele; uyabazi ubunjalo boMdali, futhi uyayazi imingcele yakhe. Kusukela kulezi zenzo “zokuthobeka” zikaSathane kniyabonakala ukuthi igunya namandla kaNkulunkulu ayizimemezelo zasezulwini ezingenakweqiwa uSathane, nokuthi kungenxa yobungqayizivele begunya likaNkulunkulu ukuthi zonke izinto ziyaguquka futhi zizalane ngendlela ehlelekile, ukuthi isintu singaphila futhi sande emzileni omiswe nguNkulunkulu, kungekho muntu noma into engathikameza lolu hlelo, futhi kungekho muntu noma into engakwazi ukuguquka lo mthetho—ngoba yonke ivela ezandleni zoMdali, futhi ngokulawula negunya loMdali.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Isinkwa Semihla Ngemihla:  uyini umthandazo?
1 note · View note
Text
Isahluko 4
Tumblr media
Sizohlala sibhekile futhi silindile, sithule emoyeni futhi sifuna ngenhliziyo ehlanzekile. Noma yini esehlelayo, akufanele sihlanganyele ngobumpumputhe. Sidinga kuphela ukuthula phambi kukaNkulunkulu futhi sibe nokuhlanganyela okungapheli Naye khona-ke izinhloso Zakhe ziyokwambulwa kithi. Umoya wethu kufanele uhlale ukulungele ukwahlukanisa futhi kufanele uzimisele futhi ungathambi. Kufanele sikhe emanzini aphilayo phambi kukaNkulunkulu, amanzi aqeda ukoma komoya wethu owomile. Kufanele silungele ngezikhathi zonke ukuzihlanza ekuzazini ukulunga kwethu, ukuzithwala kwethu, ukweneliseka kwethu ngathi, nokunganaki kwethu, ngakunye kwakho okuzalwa yisimo sethu sobusathane. Kufanele sivule izinhliziyo zethu ukuze samukele izwi likaNkulunkulu, kufanele sethembele emazwini Akhe ngenkathi siqhubeka nezimpilo zethu. Kufanele sizwe futhi siqiniseke ngezwi lakhe siphinde sithole ukuqonda izwi Lakhe, sivumele izwi Lakhe libe ukuphila kwethu. Yilolu ubizo lwethu! Sinqoba kuphela lapho siphila ngezwi likaNkulunkulu.
Manje imiqondo yethu iqotho ngokwedlulele, sikhuluma kalula futhi senze ngokugagamela futhi asikwazi ukulandela uMoya. Inamuhla ngeke libe njengesikhathi esedlule; umsebenzi woMoya oNgcwele uya phambili ngesivinini esikhulu. Kufanele silizwe ngokwemininingwane izwi likaNkulunkulu; wonke umqondo nomcabango, wonke umnyakazo nokuphendula kufanele sikwahlukanise ezinhliziyweni zethu. Akukho esikwenza phambi komuntu noma ngemuva kwakhe okungaphunyuka ekwahlulelweni phambi kwesihlalo sikaKristu. UMoya oNgcwele usiqondisa endaweni yokuhlangenwe nakho okujulile, futhi ngalokhu okuhlangenwe nakho sisondela ekuqinisekeni ngoSomandla.
UNkulunkulu wezulu nomhlaba uvule amehlo ethu omoya futhi izimfihlakalo zilokhu zembulwa kithi. Funa ngenhliziyo ehlanzekile! Zimisele ukukhokha inani, yana phambili ngayo yonke inhliziyo yakho, zimisele ukuzithiba, ungabe usaba nomhobholo, landela uMoya oNgcwele futhi uthokozele izwi likaNkulunkulu futhi umuntu omusha womhlaba wonke uyobonakala. Isiphetho sikaSathane siyophela phambi kwamehlo akho futhi intando kaNkulunkulu iyokwenzeka. Zonke izizwe zomhlaba ziyoba ngumbuso kaKristu futhi uKristu uyobusa njengeNkosi emhlabeni kuze kube phakade!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
1 note · View note
Photo
Tumblr media
IBandla likaNkulunkulu uSomandla
2 notes · View notes
Text
Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu
Tumblr media
Phakathi komsebenzi owenziwa umuntu ungakanani umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi umuntu unolwazi olungakanani? Ngisho kumanje, kungathiwa abantu abakayiqondi le mibuzo, imbangela ukuthi abantu abayiqondi imiyalo uMoya oNgcwele osebenza ngayo. Umsebenzi womuntu engikhuluma ngawo, empeleni, kushiwo umsebenzi walabo abanoMoya oNgcwele noma labo abasetshenziswa uMoya oNgcwele. Angisho umsebenzi osuka entandweni yomuntu kodwa ngisho umsebenzi wabaphostoli, izisebenzi noma abafowethu nodadewethu abasemsebenzini kaMoya oNgcwele. Lapha, umsebenzi womuntu awusho umsebenzi wobuntu bukaNkulunkulu kodwa uhlelo kanye nemiyalo yomsebenzi kaMoya oNgcwele kubantu. Njengoba le miyalo iyimiyalo kanye nohlelo lokusebenza lukaMoya oNgcwele, ayifani nemiyalo nezinhlelo zomsebenzi wobuntu bukaNkulunkulu. Umsebenzi womuntu ubalulekile futhi unemiyalo, futhi umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu futhi unemiyalo.
Umsebenzi wendlela kaMoya oNgcwele, noma ngabe kuwumsebenzi kaNkulunkulu noma ukusetshenziswa komsebenzi wabantu, kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele. Ukubaluleka kukaMoya oNgcwele Uqobo nguMoya, ongabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele noma uMoya oziqu eziyisikhombisa uqinisiwe. Kukho konke, BanguMoya kaNkulunkulu. Wukuthi nje uMoya kaNkulunkulu ubizwa ngezindlela ezahlukene ngezinkathi ezahlukene. Kodwa ukubaluleka Kwawo kunye. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uwumsebenzi kaMoya oNgcwele; awukho omunye umsebenzi wobuntu bukaNkulunkulu ngaphandle komsebenzi kaMoya oNgcwele. Umsebenzi wabantu abasetshenziswayo usewumsebenzi kaMoya oNgcwele. Wukuthi nje umsebenzi kaNkulunkulu uyisibonakaliso esigcwele sikaMoya oNgcwele, futhi awukho umehluko, kube umsebenzi wabantu usetshenziselwa ukuxutshaniswa nezinto zabantu eziningi, futhi akusikho ukubonakaliswa kukaMoya oNgcwele okuqondile, ngingasakubali ukubonakaliswa ngokugcwele. Umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlukahlukene kepha imiyalo ayinakuwunqanda. Umsebenzi uyahlukahlukana ngokwabantu, futhi udlulisa indlela yokusebenza eyahlukile. Ngezikhathi ezithile umsebenzi uyehluka, njengoba kwenzeka nasemsebenzini wasemazweni ahlukene. Nakanjani, yize uMoya oNgcwele usebenza ngezindlela ezahlukene nangokulandela imiyalelo eminingi, noma wenziwe kanjani umsebenzi noma kungaba abantu baluphi uhlobo, okuqukethwe kuyehluka ngaso sonke isikhathi, futhi umsebenzi awenza kubantu abahlukene unemiyalo futhi yonke imele isiqu salokho okusetshenziswayo. Lokhu kudalwa wukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele unomthamo ocacile futhi uyakalwa. Umsebenzi owenziwa enyameni esesimweni somuntu awufani nomsebenzi owenziwa ebantwini, futhi umsebenzi wehlukana ngokwezimo zabantu. Umsebenzi owenziwa enyameni esisimweni somuntu awenziwa kubantu, futhi enyameni esesimweni somuntu akayenzi imisebenzi efana naleyo eyenziwa ngabantu. Izwi, ngisho noma lisebenza kanjani, elisebenza ezintweni ezahlukene alikaze lifane, futhi imiyalo Asebenza ngayo iyehlukana ngokwesimo sabantu abahlukene. UMoya oNgcwele usebenza kubantu abahlukene ngokususela kulokho okubalulekile abakutholayo futhi awufuni lutho kubo ngaphezu kwalokho abanakho abakutholile, noma wenze umsebenzi kubo ongaphezu kwamandla abo. Ngakho, umsebenzi kaMoya oNgcwele kumuntu uvumela abantu ukuthi babone ukubaluleka komsebenzi. Okubalulekile okutholakele komuntu akuguquki; amandla omuntu anomkhawulo. Uma kwenzeka uMoya oNgcwele usebenzisa abantu noma imisebenzi yabantu, umsebenzi uhlala uhambisana nemikhawulo emandleni abantu ukuze bakwazi ukuzuza kuyo. Uma umsebenzi kaMoya oNgcwele usetshenziswa kubantu, iziphiwo zabo kanye namandla abo kuvela obala futhi akunakubuyiselwa emuva. Amandla abo eqiniso avezwa obala ukuze enze umsebenzi. Kungathiwa usebenza ngokusebenzisa izingxenye ezikhona kubantu ukuze akwazi ukufinyelela emiphumeleni yokusebenza. Ngokuphambene, umsebenzi owenziwa enyameni esesimweni somuntu ngowokuveza umsebenzi kaMoya ngokuqondile futhi uhlanganiswa nomqondo kanye nemicabango yomuntu, iziphiwo zomuntu okungefinyelele ke kuzo, lokho umuntu ake abhekana nakho noma isimo somuntu sangaphakathi. Umsebenzi omangalisayo kaMoya oNgcwele uwonke uhlose ukuhlomulisa nokungcwelisa umuntu. Kodwa abanye abantu bangalungiswa kube abanye abanaso isimo sokulungiswa, okuwukuthi, abanakulungiswa futhi bangesindiswe, noma kungenzeka ukuthi banomsebenzi kaMoya oNgcwele, bagcina sebenqunyiwe. Lokho kusho ukuthi yize umsebenzi kaMoya oNgcwele kuwukungcwelisa abantu, lokhu akusho ukuthi bonke abantu uMoya oNgcwele osebenza kubo bayopheleliswa ngokugcwele, ngoba indlela ethathwa abantu abaningi akusiyo indlela epheleliswayo. Banomsebenzi ohambisana noMoya oNgcwele kuphela, futhi abancikile ekulandeleni abantu noma ukulungisa lokho okulandelwa abantu. Ngale ndlela, umsebenzi kaMoya oNgcwele kulaba bantu uba ngumsebenzi osiza labo abapheleliswayo. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ungebonwe abantu ngqo noma uthintwe abantu ngokwabo. Ungabonakaliswa ngokusiza abantu ngesiphiwo sokusebenza, okusho ukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele unikezwa abalandeli ngalokho okuvezwa abantu.
Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyafezwa futhi uqedelwe ngabantu abahlukahlukene kanye nezimo ezinhlobonhlobo. Yize umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ungamela umsebenzi wesikhathi somlando esithile sisonke, futhi ungamela okwenziwa abantu ngesikhathi somlando esithile, umsebenzi okulokho okubhaliwe okunemininingwane kudingeka wenziwe ngabantu abasetshenziswa uMoya oNgcwele, hhayi uNkulunkulu ongumuntu. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu, noma inkonzo kaNkulunkulu ngokwayo, ingumsebenzi kaNkulunkulu esenyameni esesimweni somuntu futhi umuntu angewenze esikhundleni Sakhe. Umsebenzi kaMoya oNgcwele uqedelwa yizinhlobo zabantu ezehlukene futhi ungegcwaliswe umuntu oyedwa vo noma ungecaciswe umuntu oyedwa vo. Labo abahola amasonto nabo ngeke bakwazi ukumela umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokugcwele; futhi bangenza umsebenzi wokuhola othile kuphela. Umsebenzi wendlela kaMoya oNgcwele ungahlukaniswa izingxenye ezintathu: umsebenzi kaNkulunkulu, umsebenzi wabantu osetshenziswayo, kanye nomsebenzi wendlela kaMoya oNgcwele. Phakathi kokuthathu, umsebenzi kaNkulunkulu uyohlala ungukuhola ngaso sonke isikhathi; umsebenzi wabantu abasetshenziswayo ukuhola bonke abalandeli baNkulunkulu ngokuthunywa noma ngokwamukela iziyalo ngokwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, futhi laba bantu yibo abasebenzisana nomsebenzi kaNkulunkulu; umsebenzi owenziwa uMoya oNgcwele ukugcina umsebenzi Wakhe uwonke uqhubeka, okusho ukuthi, ukubhekelela zonke ezokuqondisa futhi kuqhutshezelwe ubufakazi Bakhe, kube khona manjalo kupheleliswa labo abangapheleliseka. Lezi zingxenye ezintathu ziwumsebenzi kaMoya oNgcwele ogcwele, kodwa ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, umsebenzi wokuqondisa uwonke ungonakala. Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu uwodwa umela ukunyakaza nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho umsebenzi wabaphostoli ulandela umsebenzi kaNkulunkulu futhi awusiholi isikhathi somlando, noma akumeli umsebenzi oqhubekayo kaMoya oNgcwele kuso sonke isikhathi somlando. Benza umsebenzi okumele wenziwe ngabantu kuphela, okungabandakanyi umsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi kaNkulunkulu uwumsebenzi oyingxenye yomsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi womuntu nguwo kuphela umsebenzi womuntu osetshenziswayo futhi ongahlangene nhlobo nomsebenzi wokuqondisa. Ngenxa yokwahlukana kwezinhlobo kanye nokumelwa komsebenzi, yize empeleni konke kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele kunomehluko ocacile nomkhulu phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nomsebenzi womuntu. Ngaphezu kwalokho, ububanzi bomsebenzi owenziwa nguMoya oNgcwele kubantu abahlukene uyehlukahluka. Le yimiyalo kanye nomthamo womsebenzi kaMoya oNgcwele.
Umsebenzi womuntu umele lokho ake abhekana nakho nobuntu bakhe. Okuhlinzekwa ngumuntu kanye nomsebenzi owenziwa umuntu wokumela yena. Ukubona komuntu, ukucubungula komuntu, ukuhlunga komuntu kanye nengcebo yomcabango wakho kubandakanywa emsebenzini wakhe. Ikakhulukazi, lokho umuntu ake abhekana nakho kwenza akwazi ukumela umsebenzi wakhe kangcono, futhi lokho umuntu abhekane nakho kuzoba yisakhi somsebenzi wakhe. Umsebenzi womuntu ungabonakalisa lokho ake abhekana nakho. Uma abanye abantu bebhekana nesimo sokungenzi lutho, indlela eningi abahlanganyela ngayo iqukatha izinhla ezingezinhle. Uma ababhekane nakho ngesikhathi esithile kukuhle futhi ikakhulukazi uma benezindlela ezinhle, indlela abahlanganyela ngayo iba ngegqugquzelayo, futhi abantu bazokwazi ukuqhubeka nokubahlinzeka ngokuhle. Uma umsebenzi engenzi lutho ngesikhathi esithile, ukuhlanganyela kwakhe kuyohlala kuqukethe izici ezimbi. Lolu hlobo lokukhonza luyadumaza, futhi abanye bazodumazeka benganakile ngokulandela ukukhonza kwakhe. Isimo sabalandeli sishintsha ngenxa yesimo somholi. Lokho umsebenzi ayikho ngaphakathi kuba yikho akubonakalisayo, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele uvame ukushintsha ngokwesimo somuntu. Usebenza ngokwalokho umuntu abhekene nakho futhi awumphoqi umuntu kodwa wenza lokho okuphoqelelwa umuntu ukuthi kuhambisane nesimo salokho abhekana nakho. Lokhu kusho ukuthi ukukhonza komuntu kuyehluka kunezwi likaNkulunkulu. Lokho okukhonzwa ngumuntu kudlulisa lokho okubonwa umuntu kanye nalokho abhekana nakho, kuveza abakubonayo kanye nalokho ababhekana nakho esisekelweni somsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi wabo ukuthola, emuva kokukhuluma kukaNkulunkulu, lokho okumele bakwenze noma bangene kukho, bese bekudlulisela kubalandeli. Ngakho, umsebenzi womuntu umela ukungena nokusebenza kwakhe. Nakanjani, umsebenzi onjalo uxutshaniswe nezifundo zomuntu kanye nalokho ake abhekana nakho noma neminye imicabango yomuntu. Noma ungasebenza kanjani uMoya oNgcwele, kungaba wukuthi usebenza kumuntu noma kubuntu bukaNkulunkuku, kuhlala kuba abasebenzi abaveza ukuthi bangobani. Yize kunguMoya oNgcwele osebenzayo, umsebenzi utholakala kulokho okuyikho ngokwendalo, ngoba uMoya oNgcwele awusebenzi ngaphandle kwesisekelo. Ngamanye amazwi, umsebenzi awenziwa ngeze, kodwa uhlala uhambisana nezimo zangempela kanye nezimo eziyiqiniso. Yile ndlela kuphela engaguqula isimo somuntu, ukuthi indlela abebona izinto ngayo kudala kanye nokuqonda kwakudala kungashintsha. Umuntu uveza lokho akubonayo, abhekane nakho kanye nalokho angakucabanga. Ngisho noma kungaba yizimfundiso noma indlela yokubona izinto, konke lokhu kufinyeleleka kukho ngokucabanga komuntu. Ngisho noma ungaba ngakanani umsebenzi womuntu, ungedlule ubukhulu balokhu umuntu abhekana nakho, lokho okubona umuntu, noma lokho okucatshangwa noma okucutshungulwa umuntu. Lokho okuvezwa uNkulunkulu yilokho uNkulunkulu uqobo ayikho, futhi lokhu kungaphezu kokufinyelela komuntu, kungaphezu kwemicabango yomuntu. Uveza umsebenzi Wakhe wokuhola bonke abantu, futhi lokhu akuhambisani nemininingwane yalokho umuntu ake wabhekana nakho, kodwa kunalokho kumayelana nendlela Yakhe yokuphatha. Umuntu ubonakalisa lokho ake abhekana nakho ngenkathi uNkulunkulu eveza ubuyena—lokhu kuyisimo Sakhe esingokomlando futhi singaphezu kokufinyelela komuntu. Lokho umuntu ake abhekana nakho ngalokho akubonayo kanye nolwazi alutholile sisuselwa ekubonakaliseni kukaNkulunkulu ubuyena. Lokho okubonwayo nolwazi kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Sibonakaliswa esisekelweni sesimo somuntu semvelo kanye nasemandleni akhe angempela; ngakho kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Umuntu ukwazi ukukhonza lokho abhekane nakho kanye nalokho akubonayo. Lokho angabhekananga nakho noma angakubonanga noma umqondo wakhe ongafinyeleli kukho, okusho, izinto angenazo ngaphakathi, akakwazi ukukukhonza. Uma lokho umuntu akubonakalisayo kungasikho lokho abhekane nakho, kuba umcabango wakhe noma imfundiso yakhe. Ezwini, akukho okuke kwenzeka kulokho akukhulumayo. Uma uke wahlangabezana nezinto zasemphakathini, uzokwazi ukukhonza ngokucacile ulandela ubudlelwane basemphakathini obuxakile. Uma ungenawo umndeni kodwa abanye abantu bakhuluma ngezindaba zomndeni, izinto eziningi abakhuluma ngazo ngeke uze uziqonde. Ngakho, lokho okukhonzwa umuntu kanye nomsebenzi awenzayo kumele ingaphakathi lakhe. Uma umuntu ekhonza ngokuqonda kwakhe ukusola kanye nokwahlulela, kodwa ungakaze ubhekane nakho, awunaluphikisa ulwazi lwakhe, njengoba ungeqiniseke ngokugcwele ngalo. Lokhu kudalwa ukuthi lokho akhonzisa ngakho kumayelana nento ongakaze ubhekane nayo, into angazi lutho ngayo, futhi umqondo wakho uwukwazi nokuyicabanga. Ungakwazi ukucaphuna olwazini lwakhe kuphela indlela yesikhathi esizayo ephathelene nokusola nokwahlulela. Kodwa le ndlela ingasebenza njengokuqonda okususelwa emfundisweni futhi ingethathe indawo yokuqonda kwakho, kanjalo nalokho oke wabhekana nakho. Kungenzeka ucabange ukuthi akushoyo kuyiqiniso, kodwa uma sewubhekana nakho, uthola ukuthi kuningi kukho okungenzeke. Kungenzeka ukuthi ubona ukuthi olunye ulwazi oluzwayo luyinto engeke yenzeke nhlobo; ugcina imicabango mayelana nayo ngesikhathi, futhi yize ukwamukela, wenza njalo uzihudula. Kodwa uma sewubhekana nakho, ulwazi olukwenza ucabange okuthile luba yindlela ozoqhuba ngayo. Futhi uma uzamazama, uzoqonda kangcono isilinganiso seqiniso kanye nencazelo yamagama akhe. Uma sewuke wabhekana nokuthile, ungakwazi ukuqala ukhulume ngolwazi okumele ngabe unalo mayelana nezinto obhekane nazo. Phezu kwalokho, ungakwazi nokwahlukanisa phakathi kokuthi ngolukabani ulwazi oluyiqiniso nokungenzeka kanye nolwazi olususelwa emfundisweni nolungacacile. Ngakho, ukuthi ngabe ulwazi olukhulumayo luhambisana kakhulu neqinisio kuncike ekutheni ngabe unolwazi olufanele yini ngalokho oke wabhekana nakho. Lokho oke wabhekana nakho ngobuqiniso, ulwazi lwakho luzoba ngolwenzekayo kanye nolubalulekile. Ngalokho oke wabhekana nakho ungakwazi nokuthola ukukwahlukanisa nokukuqonda, ujulise ulwazi lwakho, futhi wandise ukuhlakanipha nokuqonda endleleni yokuziphatha. Ulwazi olukhulunywe ngabantu abangenalo iqiniso luyimfundiso, noma lungaphakama kangakanani. Lolu hlobo lomuntu kungenzeka abe ngumuntu okhaliphe kakhulu uma kuziwa ezindabeni zenyama kodwa ehluleke ukwahlukanisa ezindabeni zikamoya. Imbangela yalokhu ukuthi abantu abanje abangakaze babhekane nezindaba zikamoya. Kunabantu abangakhanyiselekile ngezindaba zikamoya futhi abangawuqondi umoya. Ngisho noma ulwazi okhuluma ngalo lumayelana nani, kuphela uma kunguwe, kuyilokho obhekane nakho, khona-ke kuzoba kuwulwazi lwakho siqu, ulwazi lwakho lweqiniso. Lokho okukhulunywayo okumayelana nemfundiso, okuwukuthi, labo abangenalo iqiniso noma okwenzeke ngempela, abakhuluma ngakho kusangathiwa kuyisimo sabo, ngoba imfundiso yakho ifika isuselwa emicabangweni yabo futhi iwumphumela womqondo wabo ekujuleni kwawo, kodwa akusiyo imfundiso, kuwumcabango nje kuphela! Lokho abantu abehlukene ababhekana nakho kumele izinto ezingaphakathi kubo. Bonke labo abangakaze babhekane nesimo esithile ngokomoya ngeke bakwazi ukukhuluma ngolwazi lweqiniso, noma balungise ulwazi olumayelana nezinto zikamoya. Umuntu uveza lokho ayikho ngaphakathi—lokhu kuqinisekisiwe. Uma umuntu efisa ukuba nolwazi ngezinto zikamoya kanye neqiniso, kumele abhekane nezinto ngokweqiniso. Uma ungakwazi ukukhuluma ngezinto ezejwayelekile ngempilo, uyokwazi kanjani-ke ukukhuluma ngezinto zikamoya? Labo abangakwazi ukuhola amabandla, bapha abantu ukuphila, futhi babe abaphostoli, kumele babhekane nezinto ngokweqiniso, babe nokuqonda okuyikho ngezinto zikamoya, ukwamukela okuyiqiniso kanye nokubhekana neqiniso. Ngabantu abanjalo kuphela abafanelekela ukuba ngabasebenzi noma abaphostoli abahola amabandla. Kungenjalo, bangakwazi ukulandela okungenani futhi ngeke bahole, noma okungenani babe abaphostoli abanika abantu ukuphila. Lokhu kudalwa ukuthi umsebenzi wabaphostoli akusikho ukubaleka noma ukulwa; kuwukushumayela ngempilo futhi kuholela ekuguquleni isimo somuntu. Kuwumsebenzi owenziwe yilabo abanikwe umsebenzi wokuthwala ijoka elisindayo hhayi umsebenzi ongenziwa yibo bonke abantu. Lolu hlobo lomsebenzi lungenziwa kuphela yilabo abanokuphila, okuwukuthi, yilabo ababhekane neqiniso. Kungenziwe yinoma ubani ongashiya konke, ongagijima noma ongazinikela ngokuthi uzosebenzisa anakho; abantu abangakaze babhekana neqiniso, abangakahlungwa noma abangakahlulelwa, abakwazi ukwenza lolu hlobo lomsebenzi. Abantu abangakaze babhekana nokuthile okuwukuthi, abantu abangakaze babhekane nokwenzekayo, abangakwazi ukubona okwenzekayo ngokucacile ngoba bona uqobo abanakho ukuba kulesi simo. Ngakho, lolu hlobo lomuntu ave nje kuwukuthi alukwazi ukwenza umsebenzi wokuhola, kodwa luzosetshenziselwa ukunquma uma engenalo iqiniso isikhathi eside. Ukubona okhuluma ngakho kungafakazela ubunzima obhekane nabo empilweni, phezu kwalokho okubalulekile osolwe ngakho kanye nezimo owahlulelwe ngazo. Lokhu kuyiqiniso nasezimweni zokulingwa: Izinto umuntu acwengwa ngazo, izinto umuntu antengantenga kuzo, lezi yizinto umuntu okumele abhekane nazo, izinto umuntu akwazi ukwenza okuthile ngazo. Isibonelo, uma umuntu ebhekene nezinkinga emshadweni, uzokhonza kakhulu, "Ngibonga uNkulunkulu, ngidumisa uNkulunkulu, kumele nganelise okufiswa inhliziyo kaNkulunkulu futhi nginikele impilo yami iyonke, ngibeke umshado wami ezandleni zikaNkulunkulu. Ngizimisele ngokubeka impilo yami iyonke kuNkulunkulu." Ngokukhonza, konke okungaphakathi komuntu, lokho ayikho, kungamelelwa. Isivinini umuntu akhuluma ngaso, ukuthi ngabe ukhulumela phezulu noma phansi, izindaba ezinjalo okungezona izindaba eziphathelene nalokho abake babhekana nakho ngeke kukwazi ukumela lokho anakho nayikho. Bangakwazi ukusho ukuthi ngabe isimilo sakhe silungile noma sisibi, noma ngabe isimo sakhe silungile noma sibi, kodwa ngeke kulinganiswe nalokho abhekane nakho. Ikhono lokuziveza uma ukhuluma, noma ikhono noma isivinini sokukhuluma, noma nje ukulinganisa ngeke kuze kuthathe indawo yolwazi ngalokho oke wabhekana nakho. Uma ukhuluma ngalokho oke wabhekana nakho uwedwa, ukhonza ngendlela oyincikisa ekubalulekeni kwazo zonke izinto ezingaphakathi kuwe. Inkulumo yami imele ubumina, kodwa engikushoyo kungaphezu kokufinyelela komuntu. Engikushoyo akumele lokho umuntu abhekana nakho, futhi akusikho lokho okubonwa umuntu, kuphinde kube yinto umuntu angeke akwazi ukuyithinta, kodwa kuyilokho engiyikho. Abanye abantu bazisa ukuthi ngikhonza lokho engibhekane nakho, kodwa ababoni ukuthi lokho kuyisibonakaliso sikaMoya ngokuqondile. Nakanjani, engikushoyo yilokho engibhekane nakho. Yimi engenze umsebenzi wokuphatha eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha ezedlule. Ngibhekane nakho konke kusukela ekuqaleni kokudalwa kwabantu kuze kube manje; ngingakakwazi kanjani ukukhuluma ngakho pho? Uma kuziwa esimweni semvelo somuntu, ngikubone ngokucacile, futhi sesiside isikhathi ngikubhekile; ngihlala kanjani ngingakwazi ukukhuluma ngayo ngokucacile? Selokhu ngaqala ukubona ubunjalo bomuntu ngokucacile, ngifanelekile ukusola umuntu futhi ngimahlulele, ngoba bonke abantu bavela Kimi kodwa bakhohlakaliswe uSathane. Nakanjani, ngifanelekile nawukuhlola umsebenzi engiwenzile. Yize lo msebenzi ungenziwanga inyama Yami, uveza uMoya ngokuqondile, futhi yilokhu engikwenzile nengiyikho. Ngakho, ngifanelekile ukukuveza futhi ngenze umsebenzi okumele ngiwenze. Umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. Yilokho engikubonile, lokho imiqondo yabo ekwazi ukufinyelela kukho kanye nalokho imizwa yabo engakuzwa. Yilokho abangakwazi ukukukhonza. Amazwi akhulunywe uNkulunkulu esesimweni somuntu enyameni akuveza ngokuqondile ngoMoya futhi aveza umsebenzi owenziwe nguMoya. Inyama ayikabhekani futhi ayikakuboni, kodwa kusaveza ubuyena ngoba inyama iphila ngoMoya, futhi uveza umsebenzi kaMoya. Yize noma inyama yehluleka ukufinyelela kuwo, kuwumsebenzi osewenziwe nguMoya. Emuva kokuba sesimweni somuntu, ngokuveza kwenyama, wenza abantu bakwazi ukumazi uNkululunkulu uqobo futhi kuvumeleke ukuthi abantu babone isimo sikaNkulunkulu kanye nomsebenzi awenzile. Umsebenzi womuntu wenza abantu bacacelwe kabanzi ngalokho okumele bangene kukho kanye nalokho okumele bakuqonde; okubandakanya ukuholela abantu ekuqondeni nasekubhekaneni neqiniso. Umsebenzi womuntu wukuqhubekisa abantu; umsebenzi kaNkulunkulu ukuvula izindlela ezintsha kanye nokuvulela isintu izinkathi ezintsha, kanye nokudalulela abantu lokho okungaziwa abantu benyama, okwenza ukuthi bazi isimo Sakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhola sonke isintu.
Umsebenzi kaMoya oNgcwele umayelana nokwenza abantu bathole imihlomulo; umayelana nokungcwelisa abantu; awukho umsebenzi ongabahlomulisi abantu. Ngisho iqiniso lingajula noma lingaba ngaphezulu, futhi ngisho noma lingelwaluphi uhlobo labo abamukela iqiniso ngokufanayo, noma ngabe yini eyenziwa nguMoya oNgcwele, ihlomulisa abantu. Kodwa umsebenzi kaMoya oNgcwele ungenzeke ngokuqondile; kumele wenziwe abantu abahambisana nawo. Imiphumela yomsebenzi kaMoya oNgcwele ingatholakala ngale ndlela kuphela. Nakanjani, uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele oqondile, ungangcolisiwe nhlobo; kodwa uma usebenzisa umuntu, uyaxuba futhi awubi umsebenzi kaMoya oNgcwele weqiniso. Ngale ndlela, iqiniso lishintsha ngamazinga ahlukene. Abalandeli abayitholi incazelo eyiyona yona kaMoya oNgcwele kodwa inhlanganisela kaMoya oNgcwele kanye nolwazi ngesimo oke wabhekana naso kanye nolwazi lomuntu. Ingxenye yomsebenzi kaMoya oNgcwele eyamukelwa abalandeli ingeyeqiniso. Ulwazi ngalokho oke wabhekana nakho kanye nolwazi lomuntu olutholakalayo kuyehlukahluka ngenxa yokuthi umsebenzi awufani. Uma abasebenzi bekhanyiselekile futhi beholwa uMoya oNgcwele, khona manjalo babhekana nokuthile okususelwa ekukhanyiselekeni nasekuholweni. Khona kulokhu obhekana nakho kuhlanganiswa umqondo womuntu kanye nalokho oke wabhekana nakho, kanjalo nokuba wumuntu, emuva kwalokho bathola ulwazi noma babone ngendlela efanayo. Le yindlela okuqhutshwa ngayo emuva kokuba umuntu ebhekane neqiniso. Indlela okuqhutshwa ngayo iyashintshashintsha ngoba abantu babhekana nokwahlukahlukene futhi izinto abantu ababhekana nazo ziyehlukahluka. Ngale ndlela, ukukhanyiseleka okufanayo koMoya oNgcwele kuholela olwazini olwahlukene kanye nenqubo ngoba labo abathole ukukhanyiseleka bahlukile. Abanye abantu benza amaphutha amancane ngenkathi besebenza kube abanye benza amaphutha amakhulu, futhi abanye abakhathazeki ngamaphutha abo. Lokhu kudalwa wukuthi amakhono abantu okuqonda ahlukene nangoba amandla abo angempela ayehlukana. Abanye abantu bakuqonda ngale ndlela emuva kokuzwa umyalezo, futhi abanye abantu bakuqonda njengendlela eza emuva kweqiniso. Abanye abantu baphambuka kancane; futhi abayiqondi nhlobo incazelo yangempela yeqiniso. Ngakho, noma ngabe ubani oqonda ukuthi angabahola kanjani abanye abantu; lokhu kuyiqiniso langampela, ngoba umsebenzi wakhe uveza ubuyena nje. Abantu abaholwa yilabo abaqonda iqiniso ngokuyikho bazoliqonda iqiniso. Noma kunabantu abanamaphutha ekuqondeni kwabo, bambalwa kakhulu, futhi akusibo bonke abantu abanamaphutha. Abantu abaholwa yilabo abanamaphutha okuqonda iqiniso nakanjani bazoba namaphutha. Laba bantu bazoba namaphutha ngayo yonke indlela. Isilinganiso sokuqonda iqiniso phakathi kwabalandeli sincike kakhulu kubasebenzi. Nakanjani, iqiniso elivela kuNkulunkulu liyilo futhi alinalo iphutha, futhi ungaqiniseka ngokuphelele ngalo. Kodwa, abasebenzi ngeke bakwazi ukuqonda futhi okungethiwe bangathembeka ngokugcwele. Uma abasebenzi benendlela yokubhekana neqiniso okuyinto esobala, abalandeli nabo bazoba neyabo indlela yokwenza. Uma abasebenzi bengenayo indlela yokwenza iqiniso kodwa bengenamfundiso, abalandeli bazoba neqiniso kuphela. Isimo kanye nohlobo lwabalandeli kunquma ngokuzalwa futhi kuhambisana nabasebenzi. Kodwa izinga abalandeli abaqonda ngalo iqiniso futhi nebazi ngayo uNkulunkulu incike kubasebenzi (lokhu kunjalo ngempela kwabanye abantu). Nokho noma ngabe unjani umsebenzi, yilokho nabalandeli abaholayo abazoba yikho. Lokho umsebenzi abhekana nakho ngokwakhe, kanye nangaphandle kokuqapha. Umthwalo awubhekisa kubalandeli bakhe uyilokhu azimisele ukuphumelela kukho noma angakwazi ukufinyelela kukho. Abasebenzi abaningi basho abakufunayo kubalandeli babo ngokususela kulokho abakwenzayo ngokwabo, yize kuba khona abantu abangeke baphumelele nhlobo. Lokho abantu abahlulekayo ukuphumelela kukho kuba yisihibe ekungeneni kwabo.
Amaphutha aba mancane emsebenzini walabo asebetheniwe futhi bahlulelwa. Futhi ukuvezwa komsebenzi wabo kunemba kakhulu. Labo abethembela esimweni sabo semvelo ukuze basebenza benza amaphutha amakhulu. Kunesimo semvelo esiningi emsebenzini wabo wabantu abangalungile, okubeka isihibe esikhulu emsebenzini kaMoya oNgcwele. Ngisho labo abanezimo zokusebenza ngokwemvelo kumele badlule ekuthenweni nokwahlulela ukuze bakwazi ukuqhuba umsebezni kaNkulunkulu. Uma bengakadluli kulokho kwahlulelwa, noma bengenza kahle kangakanani, ngeke baze bahambisane nemigomo yeqiniso futhi kwenzeka ngokwemvelo kanye nangokulunga komuntu. Ngokwenza umsebenzi kaNkulunkulu, umsebenzi walabo abadlule ekuthenweni nasekwahlulelweni uyiwonawona kunomsebenzi walabo abangahlulelwanga. Labo abadlule ekwahlulelweni abavezi lutho mayelana nenyama kanye nemicabango, kuhlanganiswa nobuhlakani bomuntu obuningi kanye namakhono akhe angaphakathi. Akusiwo umsebenzi kaNkulunkulu ovezwe umuntu ngendlela eyiyonayona. Abantu ababalandelayo bahanjiswa amandla abo angaphakathi phambi kwabo. Ngoba, baveza okuningi abakubonile kanye nalokho umuntu adlule kukho, okucishe kungaxhumana nencazelo yokuqala kaNkulunkulu, futhi kuchezuka kakhulu kuyo, umsebenzi womuntu owulolu hlobo awukwazi ukuhambisa abantu phambi kukaNkulunkulu, kodwa ngaphambi kwakhe. Ngakho labo asebedlule ekwahlulelweni nasekusolweni abafanelekile ukuqhuba umsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke. Phezu kwalokho, bangakhula kancane kancane empilweni, baqhubekele eqinisweni ngokujulile. Umsebenzi womuntu ofanelekile usilela kakhulu; umsebenzi wakhe uwubuwula. Angakwazi ukuholela abantu emithethweni kuphela; lokho akufunayo kubantu kuyehluka ngokomuntu ngamunye; akasebenzi ngokwezidingo zabantu. Kulolu hlobo lomsebenzi, kunemithetho eminingi kakhulu kanye nezimfundiso eziningi kakhulu, futhi ngeke kuze kuholele abantu eqinisweni noma emsebenzini ojwayelekile wokukhula empilweni. Kungenza abantu bakwazi ukuma ngemithetho ethile kuphela. Lolu hlobo lwesiqondiso olungadukisa abantu nje kuphela. Ukuholela ekutheni ube yilokho ayikho; ukwazi ukuhambisa kulokho anakho nayikho. Ukuze abalandeli bakwazi ukwahlukanisa ukuthi ngabe abaholi bafanelekile yini ukuhola, kusemqoka ukuthi babheke inkambo yabo kanye nemiphumela yomsebenzi wabo, futhi babheke ukuthi ngabe abalandeli bathola imigomo ngokweqiniso yini, nokuthi ngabe bathola izindlela zokuqhuba ezibafanele yini ukuze baphenduke. Kumele ukwazi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi ohlukene wabantu abahlukene; kumele ungabi umlandeli oyisiwula. Lokhu kulimaza ukungena kwakho. Uma wehluleka ukwahlukanisa ukuthi ngabe ubuholi bomuntu bunenkambo futhi ahamba ngayo noma cha, uzodukiseka kalula. Konke lokhu kunomthelela oqondile empilweni yakho. Kuningi kakhulu okuyimvelo emsebenzini wabantu abangalungisisiwe; kungcwele intando yomuntu kukho. Isimo sabo ngesemvelo, lokho abazalwe nakho, hhayi impilo elandela ukudlula ekubhekaneni noma eqinisweni emuva kokuguqulwa. Lolu hlobo lomuntu lungakwazi kanjani ukwesekela labo abayilandelayo? Impilo yomuntu yokuqala iwubuhlakani noma ikhono lakhe eliphuma ngaphakathi. Lolu hlobo lobuhlakani noma ikhono liqhelelene kakhulu nalokho uNkulunkulu akufuna emuntwini. Uma umuntu engeke apheleliswe futhi isimo sakhe semvelo singakathenwa futhi kungakabhekanwa naso, kuzoba negebe elikhulu phakathi kwalokho okuvezwa umuntu neqiniso; kuzoxutshwa nezinto ezingathi shu ezinjengomcabango wakhe kanye nalokho adlula kukho ecaleni elilodwa, njll. Phezu kwalokho, ngisho noma esebenza kanjani, abantu babona ukuthi kunomgomo omkhulu futhi alikho iqiniso ngokungena kwabantu. Okuningi okufunekayo kubantu kubiza okungapheu kwamandla abo, okubalimazayo. Lo ngumsebenzi wentando yabantu. Isimo somuntu esinenkohlakalo, imicabango nokuqonda kwakhe kungena emzimbeni wakhe wonke. Umuntu akazalwa enomuzwa wokwenza iqiniso ngokwemvelo, futhi akazalwa nemizwa yokuqonda iqiniso ngqo. Uma kuhlanganiswa nesimo somuntu esinenkohlakalo, uma lolu hlobo lomuntu lusebenza, ave kuba nokuphazamiseka? Kodwa umuntu opheleliswe yiqiniso ahlangabezana nalo okumele abantu baliqonde, futhi ulwazi lwesimo senkohlakalo sabo, ukuze izinto ezingathi shu nezingesizo ezangempela emsebenzini wakhe zigcine seziphelile, okusho ukuthi iqiniso alivezayo liqonda ngqo futhi liba ngelangempela. Ukuqonda komuntu yikho okunomthelela omkhulu ekuthiyeni umsebenzi kaMoya oNgcwele. Umuntu unemicabango eminingi futhi ukwazi ukucabanga ngokufanele futhi asebenzise ulwazi ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini ukuze akwazi ukubhekana nezimo. Uma lokhu kungadluli ekuthengweni nasekulungisweni, konke kuba yisithiyo emsebenzini. Ngakho umsebenzi womuntu ngeke ufinyelele ezingeni elifanele, ikakhulukazi umsebenzi wabantu abangaphelelisiwe.
Umsebenzi womuntu unamazinga kanye nemikhawulo. Umuntu oyedwa ukwazi ukwenza umsebenzi wesigaba esithile kuphela futhi ngeke akwazi ukwenza umsebenzi wesikhathi sasendulo esithile—kungenjalo, uyoholela abantu emithethweni. Umsebenzi womuntu ungakwazi ukusebenza ngesikhathi noma ngesigaba esithile kuphela. Lokhu kwenziwa ukuthi ulwazi lomuntu ngalokho ake abhekana nakho luhleliwe. Umuntu angeqhathanise umsebenzi womuntu nomsebenzi kaNkulunkulu. Izindlela zomuntu zokuqhuba kanye nolwazi lwakhe lweqiniso konke kusebenza ohlelweni oluthile. Ungathi indlela ethathwa umuntu igcwele intando kaNkulunkulu, ngoba umuntu angakhanyiselwa uMoya oNgcwele kuphela futhi ngeke akwazi ukugcwaliswa uMoya oNgcwele ngokuphelele. Izinto umuntu angabhekana nazo zonke zingena ngaphansi kohlelo lobuntu obejwayelekile futhi zingedlule uhlelo lwemicabango esimweni somqondo somuntu esejwayelekile. Bonke labo abake babhekana nokuthile bakuveza kulolu hlobo. Uma bebhekana neqiniso, kuhlala kuwukuveza ababhekane nakho empilweni ejwayelekile ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ukubhekana ngendlela echezuka empilweni yomuntu ejwayelekile. Babhekana neqiniso elikhanyiswe uMoya oNgcwele phansi kwesisekelo sokuphila impilo yabo yabantu. Phezu kwalokho, leli qiniso liyehlukahluka kumuntu nomuntu, futhi ukujula kwalo kuncike esimweni somuntu. Umuntu angathi indlela ahamba ngayo iyisimo sokuphila esejwayelekile sokuthi umuntu alandele iqiniso, futhi kuyindlela abantu abajwayelekile abahambe ngayo abanokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele. Ngeke uthi indlela abahamba ngayo yindlela kaMoya oNgcwele. Esimweni esejwayelekile umuntu abhekana naso, ngoba abantu abalandelelayo abafani, umsebenzi kaMoya oNgcwele nawo awufani. Phezu kwalokho, ngoba izimo ababhekana nazo kanye nezinhlobo zabahlangabezana nazo azifani, ngenxa yokuxubeka okusemiqondweni nasemicabangweni yabo, ababhekana nakho kuxutshwa ngokwahlukana. Umuntu ngamunye uqonda iqiniso ngokwesimo somuntu ngamunye. Ukuqonda kwabo kwencazelo yeqiniso akuphelele futhi kunye kuphela noma kuyizingxenyana zakho. Isimo umuntu abhekana neqiniso kuso sihlala sisuselwa ezimweni ezehlukene zomuntu futhi ngenxa yalokho azifani. Ngale ndlela, ulwazi oludlulisiwe lweqiniso elifanayo elivezwa abantu abahlukene alufani. Lokhu kusho ukuthi, lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunemikhawulo futhi ngeke kuze kuyiveze ngokugcwele intando kaMoya oNgcwele, futhi umsebenzi womuntu ngeke uze uthathwe ngokuthi ungumsebenzi kaNkulunkulu, ngisho noma okuvezwe ngumuntu kuhambisana ncamashi nentando kaNkulunkulu, ngisho noma lokho umuntu abhekane nakho kusondele kakhulu emsebenzini ongenasici owenziwa uMoya oNgcwele. Umuntu angaba yisisebenzi sikaNkulunkulu kuphela, enze umsebenzi uNkulunkulu amethembe ngawo. Umuntu angakwazi ukuveza ulwazi ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele kanye namaqiniso awathole ngadlule kukho. Umuntu akafanelekile futhi akanazo izimo ezivezwa uMoya oNgcwele. Akafanelekile ukuthi athi umsebenzi womuntu ungumsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu unemigomo yokusebenza, futhi bonke abantu babhekana nokwehlukene futhi banezimo ezahlukene. Umsebenzi womuntu ubandakanya konke adlule kukho ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele. Lokhu abhekane nakho kungamela umuntu futhi ngeke kumele ubuNkulunkulu noma intando kaMoya oNgcwele. Ngakho, inkambo yomuntu kungethiwe iyinkambo kaMoya oNgcwele ngoba umsebenzi womuntu awukwazi ukumela umsebenzi kaNkulunkulu futhi umsebenzi womuntu nalokho umuntu adlula kukho akusiyo intando kaMoya oNgcwele ephelele. Umsebenzi womuntu uvame ukuwela emthethweni, futhi indlela yomsebenzi wakhe ivaleleke ohlelweni olunomkhawulo futhi awukwazi ukuholela abantu endleleni ekhululekile. Abalandeli abaningi baphila ngaphansi kohlelo olunomkhawulo, futhi indlela yabo yokubhekana nezimo nayo ithiywa yilolu hlelo. Lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunomkhawulo; indlela yomsebenzi wakhe nayo incishishwa izinhlobo ezahlukene futhi ngeke iqhathaniswe nomsebenzi kaMoya oNgcwele noma umsebenzi kaNkulunkulu uqobo - lokhu kudalwa ukuthi lokho umuntu abhekana nakho, ekugcineni, kuba nomkhawulo. Nokho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, ongabekelwanga mithetho; nokho uyenziwa, awunamikhawulo yokuthi wenziwe ngendlela eyodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo nhlobo imithetho, yonke imisebenzi Yakhe idedelwa ngokukhululekile. Ngisho noma umuntu angasebenzisa isikhathi esingakanani elandela Yena, ngeke aze akwazi ukufinyeza imithetho yezindlela asebenza ngazo. Yize umsebenzi Wakhe unemigomo, uhlala wenziwa ngezindlela ezintsha futhi uba nokusha okusunguliwe, okungaphezu kokufinyelela komuntu. Ngesikhathi esisodwa, uNkulunkulu angase abe nezinhlobo zomsebenzi eziningana kanye nezindlela ezehlukile zobuholi, okwenza abantu bahlale bengenisa okusha futhi benza ushintsho. Ngeke uze uthole imithetho emisha yomsebenzi Wakhe ngoba uhlala ekhanda izindlela ezintsha. Abalandeli baNkulunkulu bakwazi ukungena emithethweni ngale ndlela kuphela. Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uhlala ugwema imizwa yabantu futhi uhlangabezana nemizwa yabo. Yilabo abamlandelayo kuphela futhi abalandela Yena abanenhliziyo yeqiniso kuphela abangakwazi ukuba nezimo eziguquliwe futhi abakwazi ukuphila ngokukhululeka ngaphandle kokuphoqeleleka ukulandela imithetho noma ukuthiywa yimibono yezenkolo. Okufunwa imisebenzi yabantu kubantu kususelwa kulokho adlule kukho kanye nalokho angafinyelela kukho ngokwakhe. Imigomo yalokhu okudingekayo inomkhawulo wohlelo oluthile, futhi izindlela zokuqhuba nazo zinomkhawulo omkhulu. Ngakho abalandeli benganakile baphile ngaphansi kwalolu hlelo; kuthi ngokuhamba kwesikhathi, kube yimithetho nezinqubo. Uma umsebenzi wesikhathi esithile uholwa umuntu ongakadluli esimweni sikaNkulunkulu uqobo futhi engakahlulelwa, bonke abalandeli bakhe bazoba ochwepheshe kwezenkolo futhi babe ochwepheshe bokumelana uNkulunkulu. Ngakho, uma umuntu efanelekile ukuba umholi, umuntu kumele adlule ekwahlulelweni futhi amukele ukupheleliswa. Labo abangazange badlule ekwahlulelweni, ngisho noma benomsebenzi kaMoya oNgcwele, baveza izinto eziyize nezingasizo ngempela. Ngokuhamba kwesikhathi, bazoholela abantu emithethweni eyize nengasiyo eyemvelo. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuhambisani nesimo somuntu senyama; awuhambisani nemicabango yomuntu kodwa kuba ukuqonda komuntu ahlangabezana nakho; akuxutshiwe nokwenkolo okungacacile. Umuntu ngeke afinyelele emphumeleni womsebenzi Wakhe uma engapheleliswanga Nguye futhi ungaphezu kwemicabango yomuntu.Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu;
Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, bandisa ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zezenkolo kabanzi. Abagxili ekutheni izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma abadaluli imizwa yabo, kube abalungisi umonakalo noma inkohlakalo ekubo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo zemvelo, futhi lokho abakuvezayo kuwulwazi kanye neqiniso elingacacile lezenkolo, eliqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole. Emsebenzini kaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe ukhona umthetho owuthola kuwo? Kunemithetho eminingi kanye nezithiyo emsebenzini owenziwa umuntu, futhi umqondo womuntu uphikisa kakhulu. Ngakho lokho okuvezwa umuntu kuwulwazi oluthile kanye nokuqwabuka kukho konke adlule kukho. Umuntu akakwazi ukuveza lutho ngaphandle kwalokhu. Ulwazi lwalokho umuntu ake abhekana nakho noma ulwazi akuveli eziphiweni zabo zangaphakathi noma ekuqondeni kwakhe; kuvela ngenxa yokuqondiswa uNkulunkulu kanye nokweluswa okuqondile uNkulunkulu. Umuntu kuphela onomuzwa wokwamukela lokhu kuholwa futhi angavezi okuyikona okungcwele. Umuntu akakwazi ukuba wumthombo, angaba yisitsha esamukela amanzi emthonjeni kuphela; lokhu kwenzeka ngokwemvelo kumuntu, umuzwa okumele umuntu abe nawo njengomuntu. Uma umuntu elahlekelwa umuzwa wokwamukela izwi likaNkulunkulu futhi elahlekelwe umuzwa wobuntu, lowo muntu ubaluleke kakhulu, futhi ulahlekelwa umsebenzi womuntu odaliwe. Uma umuntu engenalo ulwazi noma ake abhekana nakho ngezwi likaNkulunkulu noma umsebenzi Wakhe, lowo muntu ulahlekelwa umsebenzi wakhe, umsebenzi okumele awenze njengomuntu odaliwe, futhi elahlekelwa isithunzi somuntu odaliwe. Kuwumuzwa kaNkulunkulu ukuveza ukuthi ubungcwele buyini, ukuthi kungavezwa ngokwenyama noma ngokuqondile kwenziwa uMoya; le yintshumayelo kaNkulunkulu. Umuntu uveza ukuthi lokho adlula kukho noma akwaziyo (okusho ukuthi, uveza lokho ayikho) ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu noma kamuva; lokhu kuyisazelo somuntu kanye nomsebenzi womuntu, kuyinto okumele umuntu afinyelele kuzo. Yize okuvezwa abantu kushoda ngalokho okuvezwa uNkulunkulu, futhi kunemithetho eminingi ngalokho okuvezwa umuntu, umuntu kumele agcwalise umsebenzi wakhe okumele awugcwalise nokumele awenze. Umuntu kumele enze konke angakwenza njengomuntu ukuze afeze umsebenzi wakhe, futhi kumele kungabikho nokukodwa okugodliwe.
Emuva kokusebenza iminyaka, umuntu uzohlanganisa ulwazi lwalokho ake wabhekana nakho kuyo yonke iminyaka, kanjalo nokuhlakanipha nemithetho ayiqongelelile. Usebenza isikhathi eside azi indlela yokuqapha ukunyakaza komsebenzi kaMoya oNgcwele, uyazi uma uMoya oNgcwele kanye nomsebenzi angawenzi; uyayazi indlela yokukhonza uma ethwele umthwalo, uyasazi isimo somsebenzi kaMoya oNgcwele kanye nesimo sokukhula kwabantu empilweni. Njengomuntu osebenze iminyaka futhi owazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. Labo abasebenze isikhathi eside bakhuluma beqiniseka futhi bengajahile; ngisho noma bengenalutho abangalusho baqoqekile. Ngaphakathi, balokhu bekhulekela ukufuna umsebenzi kaMoya oNgcwele; banolwazi ngalokho abake babhekana nakho oluqondene nokusebenza. Umuntu osesebenze isikhathi eside futhi ofunde izifundo eziningi futhi wabhekana nokuningi kuphazamisa ngaphakathi okuphazamisa uMoya oNgcwele; lokhu umsebenzi wakhe wesikhathi eside. Umutnu osandla kuqala ukusebenza akafiki nezifundo zempilo noma ulwazi analo ngalokho ake abhekana nakho ngaphambili, ikakhulukazi ngoba kusilela ukwazi ukuthi uMoya oNgcwele usebenza kanjani. Nokho, ngenkathi kuqhubeka umsebenzi, uye efunda kancane kancane ukubona indlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo futhi aze azi ukuthi kumele enze njani ukuze uMoya oNgcwele usebenze kanye nokuthi kumele enze njani ngezindawo ezibalulekile zabanye abantu. Ugcina eseba nalo ulwazi olujwayelekile olunjengalolo okumele abantu abasebenzayo babe nalo. Ngokuhamba kwesikhathi, ugcina esenolwazi ngaloko kuhlakanipha kanye nolwazi olujwayelekile mayelana nokusebenza aselwazi ngekhanda, futhi avame ukulusebenzisa kalula. Nokho, uma uMoya oNgcwele ushintsha indlela osebenza ngayo, usaqhubeka nolwazi lwakhe lokusebenza lwakudala kanye nemithetho yokusebenza yakudala futhi wazi okuncane kakhulu ngendlela entsha yokusebenza. Umsebenzi weminyaka kanye nokugcwala ubukhona nobuholi bukaMoya oNgcwele kumunika izifundo zokusebenza eziningi kanye nolwazi oluningi ngalokho ake abhekana nakho. Izinto ezinjengalezi zimenza azethembe angazikhukhumezi. Ngamanye amazwi, wanelisekile ngomsebenzi wakhe uqobo futhi uthokoze kakhulu ngolwazi olujwayelekile aluthole ngomsebenzi kaMoya oNgcwele. Ikakhulukazi, lezo zinto abanye abantu abangakafinyeleli kuzo noma abangakaziboni zimenza azethembe kakhulu; kubonakala sengathi umsebenzi kaMoya oNgcwele ongaphakathi kuye awusoze wacisheka, kube abanye bengafanelekile ukuphathwa ngale ndlela. Ngabantu balolu hlobo kuphela abasebenze iminyaka futhi ababaluleke kakhulu abafanelek ukukuthokozela. Lezi zinto ziba yisihibe esikhulu ekwamukeleni umsebenzi kaMoya oNgcwele omusha. Ngisho noma amukela umsebezni omusha, akusiyo into eyenzeka ngosuku olulodwa. Nakanjani uzobhekana nezingqinamba ngaphambi kokuba amukele. Lesi simo singaguqulwa kancane kancane emuva kokulungiswa kwemibono emidala futhi kwahlulelwe isimo sakhe sakudala. Ngaphandle kokudlula kulezi zigaba, akakhathali futhi wamukela izifundiso ezintsha kalula kanye nomsebenzi ongahambisani nemizwa yakhe yakudala. Lokhu kuyinto enzima kakhulu okumele umuntu abhekane nayo, futhi akulula ukuthi ayishintshe. Uma, njengomsebenzi, engakwazi ukufinyelela ekuqondeni umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi ahlanganise indlela ohamba ngayo, futhi akwazi ukunganqandwa umsebenzi adlule kuwo futhi akwazi ukwamukela umsebenzi omusha emsebenzini omdala, usuka ewumuntu ohlakaniphile futhi ofanelekile ukuba ngumsebenzi. Abantu bavame ukusebenza iminyaka bebe bengakwazi ukuhlanganisa umsebenzi asebewenzile, noma banqandeke ekwamukeleni umsebenzi omusha emuva kokuhlanganisa umsebenzi abawenzile kanye nokuhlakanipha futhi abakwazi ukuqonda ngokufanele noma ukuphatha umsebenzi omdala nomusha ngokufanele. Impela kunzima ukuphatha abantu! Abaningi kini banje. Labo abahlangabezane nemisebenzi kaMoya oNgcwele iminyaka ngeminyaka bathwala kanzima uma kumele bamukele umsebenzi omusha, bahlala begcwele ukuqonda okungelula ukuthi bahlukane nakho, kube umuntu osanda kuqala ukusebenza usuka engenalo ulwazi olujwayelekile ngokusebenza futhi engazi nokuthi angabhekana kanjani nezinkinga ezingatheni. Nina bantu nilukhuni impela! Labo asebenesikhathi eside babhekana nakho ngaphambilini esikhathini esithile abahamba naso bazigqaja kakhulu futhi bayazikhukhumeza kangangoba sebekhohliwe ukuthi babuyaphi. Bahlala bebukela phansi abantu abasebasha, yize behluleka ukwamukela umsebenzi omusha futhi behluleka ukudedela ukuqonda abakuqoqa eminyakeni eminingi edlule. Yize laba bantu abasebancane bekwazi ukwamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele futhi benogqozi, bahlala beqhathanisa futhi bengazi ukuthi kumele benzenjani uma behlangabezana nezinkinga. Yize begqugquzelekile, abazi nhlobo. Banolwazi oluncinyana ngemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi bayehluleka ukuyisebenzisa empilweni yabo; imfundiso nje engasizi ngalutho. Baningi kakhulu abantu abanjengawe; bangakanani abalungele ukusetshenziswa? Bangaki abangakwazi ukukhanyiselwa nokukhanyiswa nguMoya oNgcwele futhi bakwazi ukugcwalisa intando kaNkulunkulu? Kubukeka sengathi labo kinina akade bengabalandeli kuze kube manje bebelalela kakhulu, Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu;kodwa empeleni, anikakudedeli ukuqonda kwenu, nisafuna eBhayibhelini, nikholwa into engasho lutho, noma nihlezi emibonweni yenu. Akekho umuntu ongenza uphenyo olunzulu ngomsebenzi wanamuhla wangempela noma ojulayo kuwo. Wamukela indlela yanamuhla ngokuqonda kwakho kwakudala. Ungazuzani ngalokhu kukholwa? Kungathiwa ucashiswe ukuqonda okuningi okungakadalulwa, futhi ukuthi nje wenza imizamo ethile ukuze uyifihle futhi awuyivezi kalula. Awuwamukeli umsebenzi omusha ngobumnene futhi awuzimisele ngokulahla ukuqonda kwakho okudala; unezimfundiso eziningi kakhulu, nezingobungozi ngempilo. Awukudedeli ukuqonda kwakho kwakudala futhi uyazihudula ukuze ubhekane nomsebenzi omusha. Izinhliziyo zenu zigcwele izimfundiso ezimbi, futhi awuzithathi izinyathelo ezifanele zomsebenzi omusha enhliziyweni. Ngabe umchibi onjengawe ungakwazi ukusabalalisa ivangeli? Ungakwazi ukwenza umsebenzi wokulisabalalisa emhlabeni wonke? Le misebenzi yakho iyakuvimba ekuguquleni isimo sakho nasekwazini uNkulunkulu. Uma uqhubeka kanje, nakanjani uzokhishwa.
Kumele nazi indlela yokwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi womuntu. Ungabonani emsebenzini womuntu? Kunezinto eziningi lokho umuntu ake ahlangabezana nakho ngaphambilini emsebenzini wakhe; lokhu okuvezwa umuntu yilokho ayikho. Umsebenzi kaNkulunkulu uqobo uphinde uveze lokho ayikho, kodwa lokho ayikho kwehlukile kunalokho umuntu ayikho. Lokho umuntu ayikho kumele lokho adlule kukho kanye nempilo (lokho umuntu adlula kukho noma abhekana nakho empilweni yakhe, noma izimfundiso anazo), futhi abantu abaphila ezindaweni ezahlukene baveza izimo zabantu ezahlukene. Ukuthi ngabe unalo ulwazi ngalokho owake wabhekana nakho ngaphambilini okuphathelene nabantu okuthi uphila kanjani futhi ubhekana kanjani nomndeni wakho kungabonakala kulokho okubonakalisayo, kube ngeke uze ubone emsebenzini kaNkulunkulu esesimweni somuntu ukuthi ngabe Yena uke wabhekana nabantu yini. Wazi kahle kamhlophe ingqikithi yomuntu, angakwazi ukudalula zonke izinhlobo zemisebenzi ephathelene nezinhlobo zabantu. Uphuma phambili kakhulu ekudaluleli isimo sokukhohlakala somuntu kanye nokuziphatha kabi. Akaphili phakathi kwabantu abaphila impilo yasemhlabeni, kodwa wazi kahle ngesimo semvelo sabantu basemhlabeni kanye nayo yonke inkohlakalo yabantu abaphila impilo yasemhlabeni. Unjalo nje. Yize engabhekani nomhlaba, uyayazi imithetho yokubhekana nomhlaba, ngoba usiqonda kahle isimo somuntu. Unolwazi ngomsebenzi kaMoya ongeke ubonwe ngamehlo omuntu futhi ongeke kuzwiwe izindlebe zomuntu, namuhla kanye nangaphambilini. Lokhu kubandakanya ukuhlakanipha okungasiyo imfundiso yempilo futhi ukuzibuza ukuthi kungani abantu bebhekana nobunzima bokuqonda lokhu. Yingakho eyilokhu ayikho, kwenziwe kwavuleleka kubantu futhi kufihlakele kubantu. Lokho akuvezayo akusikho lokho umuntu onokwehlukile ayikho, kodwa yilokho okuyigalelo elitholakalayo kanye nesimo sikaMoya. Akahambi emhlabeni kodwa wazi konke okukuwo. Uxhumana "nezazi zomlando" ababengenalwazi noma ukukhanyiseleka, kodwa ukhipha amazwi aphakeme kunolwazi futhi angaphezu kwabantu abakhulu. Uphila phakathi kwabantu abandikindiki abangenabo ubuntu futhi abangaziqondi izivumelwano zabantu kanye nempilo, kodwa angacela isintu ukuthi siphile ngobuntu obujwayelekile, khona manjalo aveze isisekelo kanye nobuntu obuphansi besintu. Konke lokhu kuyilokho ayikho, kungaphezu kwalokho umuntu wenyama negazi ayikho. Kuye, asikho isidingo sokuthi ubhekane nempilo ethinta abantu exakile, nezima nengcolile ukuze wenze umsebenzi adinga ukuthi uwenza futhi udalula ingqikithi yenkohlakalo yesintu. Impilo yokuphila nabantu engcolile ayiyingcwelisi inyama. Umsebenzi kanye namazwi Akhe kudalula ukungalaleli komuntu futhi akuhlinzeki umuntu ngolwazi lwalokho ake abhekana nakho ngaphambilini kanye nezifundo zokubhekana nomhlaba. Akadingi ukwenza uphenyo ngomphakathi noma ngomndeni womuntu uma enika umuntu ukuphila. Ukudalula nokwahlulela umuntu akusikho ukuveza ulwazi Lwakhe ngalokho Ake abhekana nakho ngaphambilini enyameni Yakhe; kuwukudalula ukungalungi komuntu emuva kokwazi ukungalaleli komuntu kwesikhathi eside kanye nokubekezelela inkohlakalo yomuntu. Umsebenzi awenzayo ukudalula isimo Sakhe kubantu nokuveza ubuyena. Nguye kuphela ongenza lokhu, akusiyo into engenziwa umuntu wenyama negazi. Mayelana nomsebenzi Wakhe, umuntu akanakusho ukuthi uwuhlobo luni lomuntu. Umuntu akakwazi ukumahlukanisa ngokwezigaba njengoba Kunguye owadala umuntu ngesisekelo somsebenzi Wakhe. Lokho ayikho kuphinde kumenze angakwazi ukwahlukaniswa ngokwezigaba njengomuntu odaliwe. Umuntu ukwazi ukumcubungula ngendlela engasiyo eyomuntu, kodwa akazi ukuthi angamfaka kuziphi isigaba, ngakho umuntu uphoqeleleka ukuthi amfake esigabeni sikaNkulunkulu. Akumangazi ukuthi kungani umuntu enza nje, ngoba wenze umsebenzi omkhulu kakhulu phakathi kwabanu kangangoba umuntu akakwazi ukwenza njalo.
Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuvezi ulwazi analo ngalokho ake wahlangabezana nakho ngaphambili okuphathelene nenyama; umsebenzi owenziwa umuntu umela ulwazi umuntu analo ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini. Wonke umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. UNkulunkulu ukwazi ukuveza iqiniso ngokuqondile, kube umuntu uveza abhekane nakho okuhambisanayo emuva kokubhekana neqiniso. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo imithetho futhi awuncikanga esikhathini noma kuzingqinamba zendawo. Angaveza ayikho noma kunini, noma kukuphi. Usebenza ngendlela emthokozisayo. Umsebenzi womuntu unemigomo nengqikithi, kungenjalo, akakwazi ukusebenza futhi akakwazi ukuveza ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu noma indlela abhekane neqiniso ngayo. Okufanele ukwenze ukuqhathanisa umehluko phakathi kwakho ukuze ukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma umsebenzi womuntu. Uma ungekho umsebenzi owenziwe uNkulunkulu Uqobo futhi uma kunomsebenzi womuntu kuphela, uzokwazi kalula ukuthi izimfundiso zabantu ziphakeme, ngaphezu kwamandla omunye umuntu; indlela abakhuluma ngayo, imigomo abayilandelayo uma bebhekene nezimo kanye nendlela yabo asebeke babhekana nayo ngaphambilini futhi engasheshi ekusebenzeni ingaphezu kokufinyelela kwabanye abantu. Nonke niyabahlonipha abantu abanobuntu obukhulu, kodwa aniwuboni umsebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi okuphakama kobuntu Bakhe. Kunalokho, ungojwayelekile, futhi uma kusetshenzwa, ungojwayelekile futhi ongoweqiniso kodwa futhi angelinganiswe abantu, okwenza abantu bamhloniphe ngendlela ehlukile. Mhlawumbe isimo umuntu abhekane naso emsebenzini wakhe siphakeme kakhulu, noma imicabango nokuqonda kwakhe kuphakeme kakhulu, futhi ubuntu bakhe bungokulungile impela; lokhu kungenza abantu bamthande impela, kodwa kungenzi babe nokumesaba. Abantu babathanda bonke abakwazi ukusebenza futhi ulwazi olunzulu ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini futhi abakwazi ukwenza iqiniso, kodwa bayehluleka ukuveza ukwesaba, kuba nje ukuthanda nokumhalela. Kodwa abantu abake bahlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu abangamthandi uNkulunkulu, kunalokho abona ukuthi umsebenzi Wakhe ungaphezu kokufinyelela kwabantu futhi ungeqondwe umuntu, futhi omusha nomangalisayo. Uma abantu behlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu, ulwazi lwabo lokuqala Ngaye kuba ukuthi akaqondakali, ukhaliphile futhi uyamangalisa, futhi bamhloniphe ngokuzenzakalela bengaboni futhi bezwe imfihlakalo yomsebenzi awenzayo, ongaphezu kokufinyelela komuntu. Abantu bafuna ukukwazi ukuhlangabezana nezidingo Zakhe, ukwanelisa ukulangazelela Kwakhe; abafisi ukumedlula, ngoba umsebenzi awenzayo ungaphezu kokucabanga komuntu futhi umuntu ngeke aze akwazi ukuwenza. Ngisho umuntu uqobo akazazi izici zakhe, kube uvule indlela entsha futhi uzofaka abantu emhlabeni omusha nomuhle kakhulu, ukuze isintu sibe nenye inqubekelaphambili futhi siqale kabusha. Le mizwa umuntu ayizwayo Ngaye akusilo uthando, noma kunalokho, akusilo uthando kuphela. Ababhekana nakho kakhulu ukwesaba nothando, umuzwa wabo wukuthi uNkulunkulu umangalisa ngempela. Wenza umsebenzi abantu abangeke bakwazi ukuwenza, usho izinto abantu abangeke bakwazi ukuzisho. Abantu ababhekane nomsebenzi Wakhe bahlala bebhekana nomuzwa ongachazeke. Abantu ababhekana nokujulile bamthanda kakhulu uNkulunkulu. Bahlala bezwa ubuhle Bakhe, babona ukuthi umsebenzi Wakhe ukhaliphe kakhulu, muhle kakhulu, futhi lokhu kubanika amandla angelinganiswe. Akusikho ukwesaba noma uthando lwesikhashana noma inhlonipho, kodwa umuzwa ojulile wokuthanda uNkulunkulu nokubekezela komuntu. Nokho, abantu ababhekane nokusola nokwahlulela Kwakhe bamuzwa enobukhosi futhi engoneki. Ngisho abantu ababhekane kakhulu nomsebenzi Wakhe abakwazi ukumqonda; bonke abantu abamkhonza ngokugcwele bayazi ukuthi umsebenzi Wakhe awuqondene nokuqonda kwabantu kodwa uhlala uphikisana nakho. Akadingi ukuthi abantu bamthande ngokugcwele noma benze sengathi bayamthobela, kodwa kunalokho ukuthi babe nenhlonipho ephelele kanye nokuthobeka kweqiniso. Emsebenzini Wakhe omningi, wonke umuntu oke wabhekana naye umhlonipha kakhulu, okungaphezu kokuthando. Abantu ababone isimo Sakhe ngenxa yomsebenzi Wakhe wokusolwa nokwahlulela, futhi abamhloniphayo ngenxa yalokho ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu kumele ahlonishwe, ngoba ubuyena kanye nesimo Sakhe akufani nalokho okudalwe ngabantu, futhi kungaphezu kokomuntu odaliwe. UNkulunkulu akakhiwanga, futhi ave nje kufanele ahlonishwe futhi athotshelwe; umuntu akafanelekile yilokhu. Ngakho, bonke abantu ababhekane nomsebenzi Wakhe futhi abamazi ngokweqiniso bayamhlonipha. Nokho, labo abangakudedeli ukuqonda kwabo Ngaye, okuwukuthi, labo abangamthathi ngokuthi unguNkulunkulu, abangamhloniphi nhlobo, futhi yize bemlandela abanqotshiwe; bangabantu bemvelo abangahloniphi. Wenza lo msebenzi ukuze athole umphumela wokuthi bonke abantu abadaliwe bangahlonipha Umdali, bamkhonze, futhi bathobela ukubusa Kwakhe ngaphandle kwemigomo. Lo ngumphumela wokugcina umsebenzi Wakhe uwonke ozama ukuphumelela kuwo. Uma abantu ababhekane nomsebenzi onje bengamhloniphi uNkulunkulu, ngisho kancane nje, uma ukungalaleli kwabo kwangaphambilini kungashintshi nhlobo, laba bantu bayakunqunywa nakanjani. Uma umoya womuntu awubhekise kuNkulunkulu kuwukuthanda nokubonisa inhlonipho ekudeni futhi kungasikho ukuthanda ngisho kancane, lokhu kuyinto okufinyelela kuyo umuntu ongenayo inhliziyo yokuthanda uNkulunkulu, futhi lowo muntu akanaso isimo esingapheleliswa. Uma umsebenzi ongaka wehluleka ukuthola uthando lomuntu lweqiniso, lokhu kusho ukuthi umuntu akakamzuzi uNkulunkulu futhi akalilandeli iqiniso ngokwempela. Umuntu ongamthandi uNkulunkulu akalithandi iqiniso futhi ngalokho akakazi ukuthola uNkulunkulu, futhi mancane kakhulu amathuba okugunyazwa uNkulunkulu. Abantu abanjalo, ngisho noma bebhekane nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngayiphi indlela, futhi noma bebhekane nokwahlulela kanjani, bayaqhubeka nokuhluleka ukuhlonipha uNkulunkulu. Laba ngabantu abanemvelo engaguquleki, abanesimo esibi ngokwedlulele. Bonke labo abangamhloniphi uNkulunkulu bayonqunywa, ukuze babe yinto yokujeziswa, futhi bayojeziswa njengalabo abenza ububi, abahlupheka ngaphezu kwalabo abenze izinto ezingalungile.
0 notes
Text
UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo
Tumblr media
Isigaba esisodwa somsebenzi wezinkathi ezimbili ezingaphambilini senzeka kwa-Israyeli; esinye senzeka eJudiya. Uma sikhuluma ngokujwayelekile, asikho esalezi zigaba zomsebenzi esashiya u-Israyeli; kwabe kuyizigaba zomsebenzi ezazenziwe phakathi kwabantu abakhethiweyo basekuqaleni. Ngakho, ngokubona kwama-Israyeli, uJehova uNkulunkulu nguye kuphela onguNkulunkulu wama-Israyeli. Ngenxa yomsebenzi kaJesu eJudiya, nangenxa yokuphetha kwakhe umsebenzi wokubethelwa, ngokubona kwamaJuda, uJesu nguMhlengi wamaJuda. UyiNkosi yamaJuda kuphela, hhayi yanoma ibaphi abanye abantu; akuyona iNkosi ehlenga amaNgisi, noma iNkosi ehlenga amaMelikana, kodwa uyiNkosi ehlenga ama-Israyeli, futhi kwa-Israyeli, ngamaJuda awahlengayo. Empeleni, uNkulunkulu uyiNkosi yazo zonke izinto. UnguNkulunkulu wayo yonke indalo. Akayena nje kuphela uNkulunkulu wama-Israyeli, futhi akayena kuphela uNkulunkulu wamaJuda; unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe. Izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe wangaphambilini zenzeka kwa-Israyeli, futhi ngale ndlela, kwakheka imicabango ethile kubantu. Abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu wayesebenza kwa-Israyeli nokuthi uJesu Uqobo Lwakhe wenza umsebenzi Wakhe eJudiya—ngaphezu kwalokho, kwaba ingokuthatha isimo sesintu ukuthi wayesebenza eJudiya—futhi akunandaba ukuthi kwakukuphi, lo msebenzi awuzange udlule ngale kwaka-Israyeli. Wayengekho emsebenzini nabaseGibhithe; Wayengekho emsebenzini namaNdiya; Wayesemsebenzini nama-Israyeli. Abantu ngale ndlela bakha imicabango ehlukahlukene; Ngaphezu kwalokho, bahlela umsebenzi kaNkulunkulu ngaphakathi kwesilinganiso esithile. Bathi uma uNkulunkulu esebenza, kufanele kwenzeke phakathi kwabantu abakhethiweyo futhi kwa-Israyeli; ngaphandle kwama-Israyeli uNkulunkulu akanabo abanye abamukela umsebenzi Wakhe, futhi akanaso esinye isilinganiso somsebenzi Wakhe; banemthetho eqinile ikakhulukazi “ekuqondiseni” uNkulunkulu othathe isimo sesintu, bengamvumeli Yena ukuthi asebenze ngaphandle komngcele wakwa-Israyeli. Akuyona yonke yini lena imibono yabantu? UNkulunkulu wenza wonke amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke, futhi wenza konke okudaliweyo; wayengawuklalela kanjani umsebenzi wakhe ku-Israyeli kuphela? Uma kunjalo, kwakusizani ukuthi adale okudaliwe Kwakhe sekukonke? Wadala umhlaba wonke; useqhube uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha hhayi kuphela kwa-Israyeli kodwa nakuwona wonke umuntu emhlabeni jikelele. Akunandaba ukuthi bahlala eShayina, eMelika, eNgilandi noma eRashiya, wonke umuntu uyinzalo ka-Adamu; bonke benziwe nguNkulunkulu. Akekho noyedwa umuntu ongaphuma esilinganisweni sendalo kaNkulunkulu, futhi akekho noyedwa umuntu ongaphunyuka ekubizweni ngokuthi “bayinzalo ka-Adamu.” Bonke bayizidalwa zikaNkulunkulu, futhi bayinzalo ka-Adamu; bayinzalo ka-Adamu no-Eva eyonakalisiwe. Akuwona ama-Israyeli kuphela okudaliwe kukaNkulunkulu, kodwa bonke abantu; nokho, abanye endalweni baqalekiswa futhi abanye babusiswa. Ziningi izinto ezifisekayo ngama-Israyeli; uNkulunkulu wayeqale ukusebenza kubo ngokuba babengabantu abangenakho ukukhohlakala njengabo bonke abanye. AmaShayina awubala uma kuqhathaniswa nabo, futhi ngeke bathembe ukubafica; ngakho, uNkulunkulu ekuqaleni wasebenza phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, futhi isigaba sesibili somsebenzi Wakhe senziwa kuphela eJudiya. Ngenxa yalokhu, abantu bakha imibono eminingi nemigomo eminingi. Empeleni, uma wayengenza ngokusho kwemibono yabantu, uNkulunkulu wayeyoba nguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela; ngale ndlela wayengeke akwazi ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe, ngoba ubezobe ewuNkulunkulu wama-Israyeli kunoNkulunkulu wakho konke okudaliweyo. Iziprofetho zathi igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe—kungani babengasho lokhu? Uma uNkulunkulu kwabe kunguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, wayezobe esebenza kwa-Israyeli kuphela. Ngaphezu kwalokho, wayengeke awandise umsebenzi Wakhe, futhi wayengeke asenze lesi siprofetho. Njengoba enza lesi siprofetho, wayezodinga ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe nasezizweni nezindawo zonke. Njengoba washo lokhu, wayezokwenza njalo. Lokhu uhlelo Lwakhe, ngoba uyiNkosi eyadala amazulu nomhlaba nezinto zonke, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe. Akunandaba ukuthi usebenza nama-Israyeli noma eJudiya yonke, umsebenzi awenzayo ngumsebenzi womhlaba jikelele nomsebenzi wesintu sonke. Umsebenzi awenzayo namhlanje esizweni sadrago omkhulu obomvu—esizweni Sabezizwe—kusewumsebenzi wesintu sonke. U-Israyeli angaba isisekelo somsebenzi Wakhe emhlabeni; ngokunjalo iShayina ingaba isisekelo somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe. Akazange manje asigcwalise isiprofetho esithi “igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe”? Isinyathelo sokuqala somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe siphathelene nalo msebenzi awenzayo esizweni sadrago omkhulu obomvu. Ukuthi uNkulunkulu ethathe isimo sesintu uyasebenza kuleli zwe nokuthi asebenze phakathi kwabantu abaqalekisiwe kuyashayisana esikakhulukazi nemibono yabantu; labantu abaphansi kunabo bonke futhi abanaso isigqi nhlobo. Bonke laba abantu uNkulunkulu ayebalahlile phambilini. Abantu bangalahlwa abanye abantu, kodwa uma belahlwe nguNkulunkulu, laba bantu ngeke babe nasikhundla, futhi bayoba nesigqi esincane kakhulu. Njengengxenye yokudaliwe, ukuphathwa uSathane noma ukulahlwa ngabanye abantu izinto ezibuhlungu zombili, kodwa uma ingxenye yokudaliwe ilahlwe iNkosi yokudaliwe, lokhu kusho ukuthi isikhundla sayo siphansi ngokuphelele. Inzalo kaMowabi yayiqalekisiwe, futhi bazalwa kuleli lizwe eliphansi; akungabazeki, inzalo kaMowabi abantu abanesikhundla esiphansi ngokweqile esingaphansi kwamandla obumnyama. Ngenxa yokuthi laba bantu babenesikhundla esiphansi kakhulu phambilini, umsebenzi owenziwa phakathi kwabo ukwazi kakhulu ukuchitha imibono yabantu, futhi umsebenzi owusizo kakhulu ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha isiyonke. Ukuthi Yena asebenze phakathi kwalaba bantu yisenzo esingakwazi ukuchitha imibono yabantu; ngalokhu wethula inkathi; ngalokhu uchitha yonke imibono yabantu; ngalokhu uqeda umsebenzi weNkathi Yomusa isiyonke. Umsebenzi Wakhe wokuqala wenziwa eJudiya, ngaphakathi kwesilinganiso sakwa-Israyeli; ezizweni Zabezizwe akazange enze umsebenzi wokwethula-inkathi nhlobo. Isigaba sokugcina somsebenzi Wakhe asenziwa phakathi kwabantu bezizwe Zabezizwe kuphela, kodwa nangaphezu kwalokho, senziwa phakathi kwalabo bantu abaqalekisiwe. Leli phuzu lodwa lingubufakazi obungamhlaza kakhulu uSathane; ngakho, uNkulunkulu “uphenduka” uNkulunkulu wakho konke okudaliwe emhlabeni jikelele futhi uphenduka iNkosi yezinto zonke, lokho okukhonzwayo yiyo yonke into enokuphila.
Kusekhona abantu njengamanje abangaqondi ukuthi onjani umsebenzi omusha uNkulunkulu awethulile. UNkulunkulu wenze isiqalo esisha ezizweni Zabezizwe futhi useqale enye inkathi futhi wethula umsebenzi omusha, futhi usebenza phakathi kwenzalo kaMowabi. Akuwona umsebenzi wakhe omusha sha? Akekho ezinkathini zonke oke wadlula kulo msebenzi, futhi akekho owake wezwa ngawo, kungasaphathwa ukuwuthakasela. Ubuhlakani bukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukungaqondakali kukaNkulunkulu, ubukhulu bukaNkulunkulu, ubungcwele bukaNkulunkulu buthembele kulesi sigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina, ukuze kuvele kucace. Akuwona umsebenzi omusha ochitha imibono yabantu? Kusekhona labo abacabanga ukuthi: “Njengoba uNkulunkulu aqalekisa uMowabi futhi wathi wayezoyilahla inzalo kaMowabi, angabasindisa kanjani manje?” Bayilabo bantu ababeqalekisiwe ezizweni Zabezizwe futhi bakhishwa ku-Israyeli; ama-Israyeli ayebabiza “ngezinja Zabezizwe.” Ngokubuka kwabo bonke abantu, abazona nje izinja Zabezizwe, kodwa babi ngokwedlulele, amadodana okulahlwa; ngamanye amazwi, ababona abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo. Nakuba ekuqaleni babezalwe ohlelweni lakwa-Israyeli, abayona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli; baxoshelwa ezizweni Zabezizwe. Bangabantu abaphansi kunabo bonke. Yingoba impela bangabaphansi kunabo bonke phakathi kwesintu uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe wokwethula inkathi entsha phakathi kwaso ngenxa yokuthi bamele isintu esonakalisiwe. Umsebenzi kaNkulunkulu awunakho ukungakhethi noma inhloso, umsebenzi awenza phakathi kwalaba bantu namuhla ngumsebenzi awenzayo futhi phakathi kokudaliwe. UNowa wabe eyingxenye yokudaliwe, njengenzalo yakhe. Noma imuphi umuntu emhlabeni onenyama negazi uyingxenye yokudaliwe. Umsebenzi kaNkulunkulu uqondiswe kukho konke okudaliwe sekukonke; awenziwa ngokuthi umuntu ubeqalekisiwe yini emuva kokudalwa. Umsebenzi Wakhe wokuphatha uqondiswe kukho konke okudaliwe, hhayi labo bantu abakhethiwe abangazange baqalekiswe. Njengoba uNkulunkulu efisa ukwenza umsebenzi Wakhe phakathi kwezidalwa Zakhe, ngokuqinisekileyo, uzowenza uze uphethwe ngempumelelo; uzosebenza phakathi kwalaba bantu abawusizo emsebenzini Wakhe. Ngakho, uchitha wonke amasiko ekusebenzeni phakathi kwabantu; Kuye amagama “qalekisiwe”, “soliwe” kanye “busisiwe” akasho lutho! AmaJuda alungile impela, nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abababi futhi; bangabantu abanezinga nobuntu obuhle. UJehova ekuqaleni wayethule umsebenzi wakhe phakathi kwabo futhi wenza umsebenzi Wakhe wokuqala, kodwa bekuzoba yize uma Ubengabasebenzisa njengabamukeli bomsebenzi Wakhe wokunqoba manje. Nakuba beyingxenye yokudaliwe futhi benezingxenye ezinhle eziningi, bekuyoba yize ukwenza lesi sigaba somsebenzi phakathi kwabo. Ubengeke akwazi ukunqoba muntu futhi ubengeke akwazi ukukholisa konke okudaliwe. Lokhu ukubaluleka kokudlulisela umsebenzi Wakhe kula bantu besizwe sadrago omkhulu obomvu. Incazelo ejulile lapha isekuthulweni kwenkathi, ekuchitheni Kwakhe yonke imigomo nemicabango yabantu kanye nokuphetha Kwakhe iNkathi Yomusa isiyonke. Uma umsebenzi wakhe wamanje ubuwenziwa phakathi kwama-Israyeli, ngesikhathi uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luphela, bonke abantu babezokholwa ukuthi uNkulunkulu nguNkulunkulu wabakwa-Israyeli bodwa, nokuthi ama-Israyeli kuphela abantu baNkulunkulu abakhethiweyo, nokuthi ama-Israyeli kuphela afanelekile ukudla ifa lesibusiso nesithembiso sikaNkulunkulu. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uthathe isimo sesintu esizweni Sabezizwe sadrago omkhulu obomvu; usewenzile umsebenzi kaNkulunkulu njengoNkulunkulu wokudaliwe; usewuqedile wonke umsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi uzoqeda ingxenye ephakathi nendawo yomsebenzi Wakhe esizweni sadrago omkhulu obomvu. Ingqikithi yalezi zigaba ezintathu zomsebenzi insindiso yomuntu—okungukuthi, ukwenza konke okudaliwe kukhonze iNkosi yokudaliwe. Ngakho, zonke izigaba zalo msebenzi zibalulekile; uNkulunkulu ngeke neze enze into engenayo ingqondo noma engabalulekile. Ngakulolu hlangothi, lwesigaba somsebenzi siphethe ukwethulwa kwenkathi nokuphethwa kwezinkathi ezimbili zangaphambilini; ngakolunye uhlangothi siphethe ukuchithwa kwemicabango yonke yabantu nazo zonke izindlela ezindala zokukholwa nolwazi lwabantu. Umsebenzi wezinkathi ezimbili zangaphambilini wenziwa ngokuhambisana nemibono yabantu ehlukene; lesi sigaba, nokho, siyayisusa imibono yabantu, ngokwenze njalo sinqoba isintu ngokuphelele. Ngokusebenzisa ukunqotshwa kwenzalo kaMowabi futhi nangokusebenzisa umsebenzi owenziwe phakathi kwenzalo kaMowabi, uNkulunkulu uzonqoba sonke isintu emhlabeni jikelele. Lokhu ukubaluleka okujule kakhulu kwale sigaba somsebenzi Wakhe, futhi yingxenye yalesi sigaba somsebenzi Wakhe esisemqoka kunazo zonke. Noma ngabe uyazi ukuthi isikhundla sakho siphansi, nokuthi unesigqi esiphansi, uzozizwa ukuthi uhlangane nento ejabulisa kakhulu: uthole njengefa isibusiso esikhulu, wathola isithembiso esikhulu, futhi ungawufeza lo msebenzi omkhulu kaNkulunkulu, futhi ungabona ubuso beqiniso bukaNkulunkulu, wazi isimo sikaNkulunkulu esiyimvelo, futhi wenze intando kaNkulunkulu. Izigaba ezimbili zangaphambilini zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa kwa-Israyeli. Uma lesi sigaba somsebenzi wakhe ngezinsuku zokugcina ubuwenziwe phakathi kwama-Israyeli namanje, konke okudaliwe kwakungeke kukholwe kuphela ukuthi ama-Israyeli yiwo wodwa abantu baNkulunkulu abakhethiweyo, kodwa uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lulonke nalo belungeke lufeze umphumelo ohlosiwe. Ngesikhathi izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe zazenziwa kwa-Israyeli, awukho umsebenzi omusha owake wenziwa futhi awukho umsebenzi kaNkulunkulu wokwethula inkathi owake wenziwa ezizweni Zabezizwe. Lesi sigaba somsebenzi wokwethula inkathi wenziwa okokuqala ezizweni Zabezizwe, futhi, ngaphezu kwalokho, wenziwa okukuqala phakathi kwenzalo kaMowabi; lokhu sekuthule inkathi entsha yonke. UNkulunkulu usechithe noma iluphi ulwazi olusemibonweni yabantu futhi akasavumanga ukuthi nanoma iluphi luqhubeke lube khona. Emsebenzini Wakhe usechithile imibono yabantu, nezindlela ezindala zangaphambilini zolwazi lwabantu. Uvumela abantu ukuthi babone ukuthi kuNkulunkulu ayikho imigomo, ukuthi ayikho into endala ngoNkulunkulu, ukuthi umsebenzi awenzayo ukhululekile ngokuphelele, uvuleleke ngokuphelele, ukuthi uneqiniso kunoma yini ayenzayo. Kufanele uthobele yonke into ayenzayo phakathi kokudaliwe. Noma imuphi umsebenzi awenzayo unomqondo futhi wenziwa ngokuhambisana nendlela Yakhe uqobo yokubuka nobuhlakani hhayi ngokuhambisana nokukhetha nokucabanga kwabantu. Wenza lezo zinto eziwusizo emsebenzini Wakhe; uma into ingelona usizo emsebenzini Wakhe ngeke ayenze, noma ngabe ilunge kangakanani! Usebenza futhi akhethe umemukeli nendawo yomsebenzi Wakhe ngokuhambisana nomqondo nenhloso yomsebenzi Wakhe. Akabambeleli emigomweni edlule, futhi akalandeli amafomula amadala; kunalokho uhlela umsebenzi Wakhe ngokuhambisana nokubaluleka komsebenzi; ekugcineni ufuna ukuthola umphumela wawo wangempela kanye nenhloso ebhekiwe. Uma ungaziqondi lezi zinto manje, lo msebenzi ngeke ube namphumela kuwe.
0 notes