Tumgik
#umusa kankulunkulu
Text
Izinto Eziningi Abantu Abaziqonda Ngokungeyikho NgoJobe
Tumblr media
Ubunzima obabekezelelwa uJobe kwakungewona umsebenzi wezithunywa ezazithunywe uNkulunkulu, futhi wawungabangelwa isandla sikaNkulunkulu. Kunalokho, wawuhlelwe uSathane ngokuqondile, isitha sikaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, izinga lobunzima obabekezelelwa uJobe alinakuqhathaniswa. Kodwa ngalo mzuzu, uJobe walubonisa ngalé kwamahloni, ulwazi lwakhe lwamihla yonke ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, nendlela abheka ngayo uNkulunkulu—futhi leli iqiniso. Ukube uJobe akazange alingwe, ukube uNkulunkulu akazange alethe izilingo phezu kukaJobe, lapho uJobe ethi, “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI,” ungathi uJobe uwumzenzisi; uNkulunkulu umnike izinto eziningi, ngakho wabusisa igama likaJehova. Ukube ngaphambi kokulingwa, uJobe wayethe, “simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukela nokubi na?” ubungathi uJobe unehaba, nokuthi ngeke alishiye igama likaNkulunkulu kusukela abusiswa isandla sikaNkulunkulu. Ukube uNkulunkulu waletha inhlekelele phezu kwakhe, khona-ke nakanjani ngabe walishiya igama likaNkulunkulu. Kodwa lapho uJobe ezithola ngaphansi kwezimo ezingafiswa muntu, noma okungekho ofisa ukuzibona, abantu abangethuka uma zibehlela, uJobe wayesakwazi ukubambelela ebuqothweni bakhe: “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI” futhi “simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukela nokubi na?” Bebhekene nokuziphatha kukaJobe ngalesi sikhathi, labo abathanda ukukhuluma amagama amakhulu, futhi abathanda ukukhuluma ngezincwadi nezimfundiso, basala bekhexile. Labo abadumisa igama likaNkulunkulu ngamazwi kuphela, kodwa abangakaze bamukele uvivinyo lukaNkulunkulu, kudingeka babe qotho njengoJobe, futhi labo abangakholelwa ukuthi umuntu angakwazi ukuqina endleleni kaNkulunkulu, bahlulelwa ubufakazi bukaJobe. Bebhekene nokuziphatha kukaJobe phakathi nezilingo kanye namazwi awakhuluma, abanye bayodideka, abanye bakhathazeke, abanye bangabaze, abanye ngeke babe nandaba, bangabunaki ubufakazi bukaJobe ngenxa yokuthi ababoni kuphela uvivinyo olwehlela uJobe phakathi nezilingo, futhi bafunde amazwi akhulunywa uJobe, kodwa futhi babona “nobuthaka” bukaJobe phakathi nalezi zilingo. Lobu “buthaka” bakholelwa ukuthi kuwukungapheleli okukhona ekupheleleni kukaJobe, ibala elisendodeni eyayiphelele emehlweni kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, kukholakala ukuthi labo abaphelele, abangenabala, abangenabo ubuthakathaka, abangakaze bezwe ubuhlungu, abakaze bangajabuli noma bazizwe belahliwe futhi abanayo inzondo noma nayiziphi izimo zangaphandle ezinzima; ngenxa yalokho, abantu abaningi abakholelwa ukuthi uJobe wayephelele ngempela. Abantu abakwamukeli lokhu kuziphatha phakathi nokulingwa kwakhe. Ngokwesibonelo, lapho uJobe elahlekelwa izimpahla kanye nezingane zakhe, akazange, njengoba abantu becabanga, akhihle isililo. Lokho kwenza abantu bacabange ukuthi wayengenamizwa, ngoba akakhalanga izinyembezi, noma wayengawuthandi umndeni wakhe. Lona umbono ongemuhle uJobe aqale wawunika abantu. Indlela aziphatha ngayo kamuva bayithola idida kakhulu: “Ukuklebhula ingubo yakhe” abantu baye bakubheka njengokwedelela uNkulunkulu, “nokuphucula ikhanda lakhe” kubhekwe ngokungeyikho njengokwedelela kukaJobe nokumelana noNkulunkulu. Ngaphandle kwamazwi kaJobe athi “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI,” abantu akukho ukulunga abakubonayo okwatuswa uNkulunkulu, ngakho indlela iningi labo elimqonda ngayo uJobe ihlotshaniswa nokungaqondi, ukungabaza, nokuchithwa kanye nokucabanga ukuthi wemukelwe. Akekho kubo oluqonda ngempela futhi olazisayo izwi likaJehova uNkulunkulu elithi uJobe wayeyindoda elungile futhi eqotho, umuntu oyedwa wesaba uNkulunkulu wagwema okubi.
Ngenxa yombono wabo ongenhla ngoJobe, abantu bakungabaza kakhulu ukulunga kwakhe, ngoba izenzo nokuziphatha kukaJobe okulotshwe emibhalweni kwakungezona izinto ezazithinta abantu ngendlela abayifisayo. Akaphuthelwanga nje kuphela izidlo ezinkulu, kodwa futhi waziphala lapho ehlezi emlotheni. Leli qiniso libashiya bekhexile abantu, futhi abalikholwa—baze baliphike—ukulunga kukaJobe, ngesikhathi eziphala uJobe akazange athandaze kuNkulunkulu, noma enze isithembiso kuNkulunkulu; noma akhale izinyembezi ngenxa yobuhlungu. Ngalesi sikhathi, abantu babona kuphela ubuthaka bukaJobe, ngakho ngisho nalapho bezwa uJobe ethi “simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukela nokubi na?” akukho lutho nhlobo olubathintayo, futhi abakakwazi ukubona ukulunga kukaJobe emazwini akhe. Umqondo oyisisekelo uJobe awunika abantu phakathi nezilingo zakhe ukuthi wayengadumazekile futhi engazidli. Abantu abayiboni indaba engemva kokuziphatha kwakhe eyayisekujuleni kwenhliziyo yakhe, futhi abakuboni ukwesaba uNkulunkulu okwakusenhliziyweni yakhe noma ukunamathela emyalweni wokugwema okubi. Ukuzola kwakhe kwenza abantu bacabange ukuthi ukulunga nobuqotho bakhe kumane kungamazwi nje, ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kuyinzwabethi; “ubuthaka” abembula ngaphandle yibona ababambelela kubo, bubenza babe “nombono omusha” kanye “nokuqonda okusha” ngomuntu uNkulunkulu athi ulungile futhi uqotho. “Umbono omusha” kanjalo “nokuqonda okusha” kwafakazelwa uJobe lapho evula umlomo wakhe eqalekisa usuku azalwa ngalo.
Nakuba izinga lovivinyo alubekezelela lungacabangeki futhi umuntu angeke aluqonde, akukhuluma kwakungeyona inzwabethi, kodwa wayemane enciphisa ubuhlungu ayebuzwa emzimbeni wakhe. Njengoba kulotshiwe emiBhalweni, wathi: “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa” (Jobe 3:3). Mhlawumbe kukhona owake wacabanga ukuthi abalulekile la mazwi, futhi mhlawumbe kunabantu abake bawanaka. Ngokombono wenu, ingabe asho ukuthi uJobe wayephika uNkulunkulu? Ingabe ayisikhalazo esibhekiswe kuNkulunkulu? Ngiyazi ukuthi iningi lenu linemibono ethile ngala mazwi akhulunywa uJobe futhi likholelwa ukuthi ukube uJobe wayelungile futhi eqotho, wayengeke aveze izimpawu zokuba buthaka noma zosizi, futhi wayezofuna ukubhekana kahle nokuhlasela kukaSathane, futhi ajabule lapho uSathane emlinga. Kwakungafanele akhathazeke nganoma yiluphi uvivinyo olwalethwa uSathane enyameni yakhe, futhi kwakungafanele ahlukumeze imizwa esenhliziyweni yakhe. Empeleni kwakufanele acele uNkulunkulu enze lezi zilingo zibe namandla. Yile nto okwakufanele ivezwe noma umuntu ongesabi futhi omesaba ngempela uNkulunkulu nogwema okubi okwakufanele abe nayo. Ngemva kwalolu vivinyo olwedlulele, uJobe waluqalekisa usuku azalwa ngalo. Akazange akhononde ngoNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba nezinhloso zokuphikisana noNkulunkulu. Kulula kakhulu ukukusho lokhu kunokukwenza, ngoba kusukela endulo kuze kube manje, akekho owake wavivinywa njengoJobe. Kungani kungakaze kube namuntu oke wabhekana novivinyo olufana nolukaJobe? Ngoba, njengoba kunjalo ngokombono kaNkulunkulu, akekho ongakwazi ukuthwala leso sibopho, akekho ongakwazi ukwenza njengoba kwenza uJobe, futhi akekho ngaphandle kokuqalekisa usuku azalwa ngalo, ongeke alishiye igama likaNkulunkulu futhi aqhubeke ebusisa igama likaJehova uNkulunkulu, njengoba kwenza uJobe lapho ehlelwa izilingo. Ingabe ukhona owayengenza lokhu? Lapho sisho lokhu ngoJobe, ingabe siyakuncoma ukuziphatha kwakhe? Wayeyindoda elungile, futhi ekwazi ukufakaza kanjalo ngoNkulunkulu, futhi ekwazi ukuxosha uSathane, ukuze angaphinde ame phambi kukaNkulunkulu ammangalele—ngakho yini engalungile ngokumncoma? Kungenzeka yini ukuthi ninezinga eliphakeme kunelikaNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuthi naniyokwenza kangcono kunoJobe lapho nibhekene nalolu vivinyo? UJobe wadunyiswa uNkulunkulu—kukhona abangavumelani nakho?
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
1 note · View note
Text
UNkulunkulu uSomandla wangiholela endleleni yokuthola ukuhlanjululwa
Tumblr media
 UNkulunkulu uSomandla wangiholela endleleni yokuthola ukuhlanjululwa
                                                             UGangqiang   e-USA
Ngo-2007, ngenxa yengcindezi eningi empilweni yami ngazifikela ngokwami eSingapore ukuze ngisebenze ngizokwazi ukuziphilisa. Isimo sezulu siyashisa kakhulu unyaka wonke eSingapore, ngakho-ke nsuku zonke ngangijuluka kakhulu uma ngisebenza. Kwakunzima kakhulu kangangokuthi ngahlupheka ngendlela engachazeki futhi ngaphezu kwalokho kwakuyimpilo engajwayelekile zingekho izihlobo nabangani, ngakho ngacabanga ukuthi inesithukuthezi futhi inesidina. Ngolunye usuku ngo-Agasti ngathola ipheshana levangeli uma ngibuya emsebenzini ngiya ekhaya elalifundeka ngale ndlela: “Kodwa uNkulunkulu womusa wonke, osibizele enkazimulweni Yakhe yaphakade ngoKristu uJesu, emva kokuba senihlupheke isikhashana, uyoniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele” (1 Petru 5:10). Ukubona la magama kwanginika umuzwa ofudumele enhliziyweni yami. Emva kwalokho umzalwane wangiletha ebandleni futhi abazalwane bangemukela ngemfudumalo futhi bangipha nokudla okuconsisa amathe. Ngangisebenze ingxenye enkulu yonyaka emva kokusuka ekhaya, futhi imfudumalo yomndeni nokudla okumnandi okuphekiwe kwasekhaya kwakuyinto engayigcina kudala. Njengoba nganginomzwangedwa futhi ngiziphilela ngokungabi nanjongo, izinyembezi ezishisayo zagcwala emehlweni ami futhi ngaleso sikhathi ngaba nomuzwa wokuthi ngangibuyele ekhaya. Kusukela ngaleso sikhathi ibandla kwakuyindawo engangidinga ukuba kuyo njalo ngeSonto.
Ngabhabhadiswa ngoDisemba, futhi ngangenela ngokusemthethweni indlela yokukholelwa eNkosini nokuvuma izono nokuphenduka ezonweni zami. Kwake kwathi, ebandleni, ngezwa umshumayeli efunda esahlukweni 18, amavesi 21-22 NgokukaMathewu “Khona-ke kwasondela uPetru kuye, futhi wathi, Nkosi, umfowethu angone kangaki, futhi ngimthethelela na? kuze kube kasikhombisa na? UJesu wathi kuye, angisho kuwe, Kuze kube kasikhombisa: kodwa, Kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa” Emva kokuzwa lokhu ngazibuza: “Intethelelo nesineke seNkosi uJesu singaba kanjani sikhulu ngale ndlela? Ukuthethelela Kwakhe abantu kungamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Uma ngabe abantu babekwazi ngempela ukukwenza lokhu kwakuzoba nothando nemfudumalo phakathi kwabantu!” Ngashukumiseka enhliziyweni futhi ngazimisela ukuhamba ngiyokwenza ngokuvumelana nezimfundiso zeNkosi.
Kule minyaka emithathu ngiqale ukukholelwa eNkosini, nganginomdlandla kakhulu wokuya emihlanganweni nokulalela izintshumayelo. Kamuva, umphathi wami wangibeka ukuba ngiphathe isiza sokwakha, ngakho ngasebenzisa ngawo wonke amandla ami emsebezini wami futhi kancane kancane ngayeka ukuya emihlanganweni. Emva kwalokho, ngahlangana nomphathi uMnu. Li, engamaziswa umngani futhi sisebenza ndawonye samisa inkampani yokwakha. Ngangijabulile kakhulu, futhi ngazitshela ukuthi kufanele ngifake umdlandla omkhulu. Ngaleso sikhathi, wawungigwinye wangiqeda umsinga wemali, futhi ngayeka ukuya ebandleni. Ukuze ngenze iphrojekthi iphumelele ukuze abantu bababaze amakhono ami, ngangingenalo uthando noma isineke ngezisebenzi zami futhi kaningi ngangizithethisa, futhi ngaze ngakhalisa nomholi wethimba kaningi ngokumhlukumeza kwami. Zonke izisebenzi zazingibuka ngokwesaba, futhi zazize zingibalekele zizama ukungigwema. Futhi nabantu okwakungabangani bami abahle bangifulathela futhi babengafuni ukuhlephulelana nami ngamazwi ayesezinhliziyweni zabo. Inhliziyo yami yakuthola kunzima ukubekezelela le mpatho! INkosi uJesu yafundisa ukuthi ukuxolela kwethu abanye kumelwe kube kamashumi ayisikhombiswa aphindwe kasikhombisa. Ngangingakaze ngithethelele ngisho nakanye, ngakho ngangingabukeka njengomKristu kanjani? Ngangazi ukuthi lokho engangikwenza kwakungalungile, futhi ngangifuna ukuguquka enhliziyweni yami, kodwa sonke lesi sikhathi ngahlupheka ngokungabi nanjongo. Uma ngangidumele, okuwukuphela kwento engangikwazi ukuyenza ukuthandaza eNkosini futhi ngisho konke okwakusengqondweni yami, futhi kwakusemva kwalokho nje kuphela lapho ngangiba khona nomuzwa othile wokukhululeka.
Ngo-Agasti we-2015, sayeka ukusebenza ngoba inkampani yayingenzi kahle, futhi ngabuyela ekhaya. Ngaleso sikhathi, ngazizwa ngicindezelekile kakhulu, futhi ngangidakwa ngidlale namakhadi usuku lonke. Uma umkami engitshela ukuthi kumele ngiyeke ukuphuza, ngangimhlukumeza kabuhlungu ngokuthi: “Yimali yami, ngiyisebenzele futhi ngizoyisebenzisa ngendlela engifuna ngayo....” Ngamlimaza kabuhlungu, futhi indodakazi yami yayingalokothi iwuthi vu umlomo, kodwa yayimela eceleni ibukele ngokwesaba. Umkami wayengakwazi ukungenza lutho kodwa wayehlala eceleni akhale. Njalo mva kokulimaza umndeni wami ngale ndlela, ngangizisola kodwa ngangingenayo indlela yokuzithiba. Ngalezo zinsuku ngangilahlekelwe isithunzi somKristu ngokuphelele futhi ukuziphatha kwami nezenzo kwakungezomuntu ongakholwa.
Ngesikhathi ngithothongene futhi ngihlupheka, ngabuyela ebandleni futhi. Ngaleso sikhathi, ngangithandaza njalo eNkosini uJesu: “Nkosi! Ngenze izinto eziningi engangingafuni ukuzenza, futhi ngisho izinto eziningi ezibuhlungu ebantwini. Njalo uma ngenza lesi sono, ngazisola. Ngangizinyanya kakhulu, kodwa ngangingakwazi ukuzisiza. Ngathandaza ngavuma izono zami ngaleyo ntambama, kodwa phakathi nosuku ngaphinda izono ezifanayo, futhi ngenxa yalokho ngigcine senginjengomuntu okungekho muntu ofuna ukuzihlanganisa naye. Wonke umuntu uqhelelane nami. O, Nkosi! Ngiyakuncenga ukuba ungisindise. Kumelwe ngenzeni ukuze ngikhululeke ngokuphelele esonweni?”
NgoNcibijane we-2016, nganyathela emhlabathini waseMelika, ukuze ngiyosebenza eNew York. Emva nje kwalokho, ngaya esontweni ukuze ngihlanganyele ezifundweni zesonto, futhi kwakuyilapho ngahlangana khona noMzalwane uQing Lian. Ngolunye usuku, uMzalwane uQing Lian wangishayela ucingo ethi kunezindaba ezimnandi ayefuna ukungitshela zona. Ngathi, “Zithini lezo zindaba?” Wathi, “Kunomvangeli ofikile lapha. Ingabe uyafuna ukumuzwa ekhuluma?” Ngathi, “Kwakuhle! Ukuphi?” Wabe esehlela isikhathi sokuba ngiye emzini wakhe.
Ngosuku esasiluhlelile, ngaya endlini kaMzalwane uQing Lian. Futhi uMzalwane Zhao wayekhona naye ngokufanayo. Ngababona basebenzisa umabonakude ukuze badlale ingxenye yenkulumo: “Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni.… Isimo somuntu kufanele siguquke ukusuka ekuzazini yena uqobo nasekuguqukeni kokucabanga kwakhe, imvelo, nesimo sengqondo–ngezinguquko eziqavile. Kungale ndlela kuphela lapho izinguquko zempela zingaba khona esimweni somuntu. Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso” (“Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni). Ngathinteka kakhulu emva kokuzwa la mazwi “Ingabe abakhulumi ngami? Ngangibabukela phansi abanye njalo, ngizama ukubafundisa lokhu noma ngibaqalekisele lokhuya, ngaphandle kokulunga kwenhliziyo noma isizathu, futhi ngalahlekelwa isithunzi sabantu abangcwele.” Lamazwi angihlaba afinyelela ekujuleni kwami. Bengingakaze ngaphambilini ngifunde amazwi anjengalawa noma ngizwe umshumayeli ekhuluma ngale ndlela. Sonke lesi sikhathi bengicindezelekile ngenxa yokwenza izono, kodwa angikwazanga ukugqashula ekulawulweni isono. La mazwi angikhombisa indlela yokushiya isono emuva, futhi yayingajwayelekile kimi: La mazwi ayekhulunywe kahle kakhulu, kodwa ayebhalwe ngubani?
Umzalwane Zhao wangitshela ukuthi leli yizwi likaNkulunkulu, nokuthi iNkosi uJesu yayibuyile kakade enyameni, yenza umsebenzi wokwahlulela nokuhlanza abantu ngezwi Layo ezinsukwini zokugcina. Uma ngizwa lezi zindaba, angizikholwanga izindlebe zami. Ubani emakholweni eNkosi ongakulindele ukubuya Kwakhe? Manje ngangizwa izindaba zokubuya kweNkosi ngibe ngingalindele, futhi ngabamba ongezansi: Ingabe iNkosi ibuyile ngempela? Kwadingeka ukuba ngithole abazalwane ngokushesha ukuze bahlanganyele nami kule ndaba. Umzalwane uZhao wathi. “INkosi uJesu ibuyile ngempela, futhi unguNkulunkulu uSomandla esimweni senyama. Ukhulume iqiniso ngokuhlanza nokusindisa abantu, futhi uqalile ukuwenza umsebenzi wokwahlulela eqala ngendlu kaNkulunkulu. Umgomo Wakhe ukusisindisa ngokuphelele egunyeni likaSathane nokuthi sibe ngabatholwe uNkulunkulu. ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu iqede umsebenzi wokuhlengwa, isihlenga esonweni, yahlambulula izono zethu ukuze singalahlwa ngaphansi komthetho, kodwa akasisusanga isimo sethu sesono. Sonke siyakwazi ukufunda ezintweni ezenzekile, ukuthi nakuba iNkosi izihlambululile izono zethu, sisahlushwa amaketanga esimo sethu sesono. Siyona kaningi futhi sithukuthelise iNkosi, futhi ayikho indlela yokuba sigqashule ekulawulweni yisono. Esikhathini esidlule, sasingazi ukuthi kungani kungale ndlela, futhi kwakungenxa yokufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla ukuba sazi. Emva kokuba sonakaliswe nguSathane, sasigcwele isimo sokonakala sikaSathane kakade, isidalwa esizidlayo, esiziqhayisayo, esiyisigwegwe, esikhohlisayo, esizicabangela sona, esinyanyekayo, esiyigovu, esinenzondo, njalo-njalo. Belawulwa yilezi zimo ezonakele, abantu bayalwa futhi bakhelane uzungu futhi baphikisane ngenxa yengcebo nodumo, futhi abakwazi ukuhlala ngokuthula; benza izono kaningi futhi bamelane noNkulunkulu. Ukuze asindise abantu ngokuphelele esonweni, umuntu usadinga ukuba uNkulunkulu aze azokwenza umsebenzi wokususa isimo somuntu sesono, futhi kulapho kuphela sizokwazi ukuhlanjululwa, sisindiswe, sitholwe uNkulunkulu. Emva kokufunda ezinye izingxenye zezwi likaNkulunkulu uSomandla, sizoqondisisa.”
UMzalwane Zhao wavula incwadi yezwi likaNkulunkulu futhi waqala ukufunda: “Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele…” (“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni).“Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane” (Isandulela kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni). “Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele” (“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni). UMzalwane Zhao wahlanganyela ngale ndlela: Emva kokuba sifunde amazwi kaNkulunkulu kuyasicacela, akunjalo? Nakuba sikholelwe eNkosini iminyaka eminingi, asikwazi ukugqashula ekuboshweni yisono. Isizathu ukuthi ngeNkathi Yomusa uNkulunkulu wenza umsebenzi wokusihlenga kuphela, kodwa hhayi umsebenzi wokuqeda isono. Ngakho kungakhathaleki ukuthi sizivuma kangakanani izono futhi siphenduke, futhi sizinqobe thina, noma sizile futhi sithandaze, asinakukwazi ukufinyelela esimweni sokungoni. Lokhu kusho ukuthi uma sifuna ukugqashula ekuboshweni yisimo sethu sokona, ukubona umsebenzi weNkosi uJesu wokusihlenga kuphela akwanele. Sidinga ukwamukela umsebenzi wokwahlulela owenziwa yiNkosi uJesu ebuyile ngoba wumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela kuphela ongabonakalisa umsuka wezono ezenziwa ngabantu ubonise nendlela yokugqashula esimweni sabo sokona neyokuzuza ubumsulwa. Uma senza nokuvumelana nalokho uNkulunkulu akushoyo namuhla, isimo esonakele esikithi sizohlanjululwa kancane kancane, futhi sizogqashula ekuboshweni yisono, futhi kuyilapho kuphela singathola ukukhululwa kwangempela nenkululeko. Ngakho “inhlawulo yesono” eNkathini Yomusa "nokususa isono" kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina yimisebenzi emibili engafani. “Ukuhlawulela isono” kwakumane kuyiNkosi uJesu imelela izono zabantu, futhi ikhulule abantu esijezisweni okwakufanele bajeziswe ngaso uma benza izono. Kodwa akusho ukuthi abantu abanaso isono, noma ukuthi abantu abasenakuzenza izono futhi bazohlanjululwa ngokuphelele. Kunalokho, “ukususwa kwesono” kusho ukususa umthombo wabantu abenza izono, bebangelwa ukuba bangasoni futhi bafinyelele kwinguquko esimweni sabo sempilo, futhi bahlanzwe ngokuphelele. Ngakho, singathola insindiso ngokwamukela umsebenzi wokwahlulela kukaNkulunkulu kuphela ngezinsuku zokugcina, silethwe embusweni kaNkulunkulu, futhi sithole isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu.
Emva kokuzwa izwi likaNkulunkulu nalokho abazalwane ababekuhlanganyela, ngezwa sengathi kuhambisana eduze neqiniso futhi kungokoqobo. Ngicabanga ngayo yonke le minyaka lapho ngangiqhosha futhi ngingavinjwa yilutho khona, abantu engangisebenza nabo bengesaba futhi beziqhelelanisa nami, umkami nendodakazi yami ekhaya nabo bengesaba, kungekho muntu ofuna ukuba umngani wami. Angikwazi ngisho nokuthola umuntu engingamthululela isifuba, futhi ngezwa umuzwa ojulile wobuhlungu nokuthi ngangiyisehluleki njengomuntu. Ngangizizonda kodwa ngingenayo indlela yokuguquka. Siyayidinga ngempela iNkosi uJesu ukuba ibuye izokwenza umsebenzi wensindiso nokusihlanza. Ukuzwa namuhla ngeNkosi uJesu ebuyayo ukuze izwakalise iqiniso futhi yenze nomsebenzi wokwahlulela nokuguqula abantu, nganginenhlanhla ngempela. Ngalolo suku, uma ngisuka ngiya ekhaya, umzalwane wanginika ikhophi yencwadi yezwi likaNkulunkulu ethi “Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa izwi likaNkulunkulu.” futhi wathi ekuqaleni wayephila esonweni futhi wayehluleka ukuzikhipha kuzo njengami. Kamuva, emva kokuba efunde amazwi kule ncwadi, wayithola ekugcineni indlela yokwenza. Ngayithatha ngenjabulo incwadi futhi ngazimisela ukuba nokholo oluhle kuNkulunkulu uSomandla!
Kusukela ngamukele umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina, ngifunda kakhulu ngezwi likaNkulunkulu, futhi kancane kancane ngaqondisisa ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, imfihlakalo kaNkulunkulu esimweni somuntu, incazelo yamagama kaNkulunkulu, iqiniso ngeBhayibheli, nezinye izingxenye, futhi ngaba nokholo olungcono kuNkulunkulu. Ngithe ngisanda kuqala, ngezwa ubuhlungu obukhulu enhliziyweni uma ngifunda amazwi okuthi uNkulunkulu wahlulela isimo sabantu sobusathane. Ngangisasenemicabango phakathi kwami, futhi ngicabanga ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ngolunya. Kamuva, ngafunda ezwini likaNkulunkulu: “Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu” (“UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni). Ngaqonda ezwini likaNkulunkulu ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina usebenzisa iqiniso lelo umuntu angenalo nakancane ukuze abonise ukuhlubuka kwabantu nokonakala nokuhlaziya ukukhuluma kwabantu nokuziphatha. Kungenxa yokwembula, ukubhekana kanye nokuhlunga kukaNkulunkulu kwesikhathi eside kuphela, lapho bengakwazi ukwazi isimo sabo esonakele nesimo esidingekayo kancane kancane, nokubona ngokucacile imikhuba yabo eyonakele nemibi, futhi bakwazi ukufinyelela esimweni sokuzizonda bese bayaziguqula. Uma ngabe uNkulunkulu wayengasebenzi ngale ndlela, ngangingezukusazi isimo sami esonakele, ngakho ngingagqashula kanjani esimweni sami sesono futhi ngithole ukuhlanzwa na? Njengoba ngangiqhubeka ngifunda izwi likaNkulunkulu, ngaqhubeka ngizwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela wawumuhle kakhulu. Izwi likaNkulunkulu ngempela liyakwazi ukuhlanza, liguqule, futhi lisindise abantu.
Kanye, emhlanganweni, uma ngihlephula ngokwenzeke kimi lapho ngangivame ukusebenzisa amazwi anjengokuthi “ngicabanga,” nokuthi “nakhu engikucabangayo,” umzalwane wangibonisa ukuthi lo mkhuba endleleni yokukhuluma kwami wawubonakalisa ukuziqhayisa. Uma ngabe omunye umuntu wangidalula ngale ndlela ngaphambilini, ngangizoqophisana naye futhi ngimphikise ngokushesha. Kodwa ngaleso sikhathi, ngakhetha ukuthula ngaphandle kokuphikisa nokuzithethelela, ngoba ngacabanga ngamazwi encwadi ethi “Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ekungeneni Ekuphileni”: “Uma njalo uthi ‘ngicabanga’ uma kuziwa kunoma iyiphi indaba ohlangana nayo, kungaba kuhle kakhulu ukuthi uyeke imibono yakho. Ngiyakuncenga ukuba uyeke imibono yakho futhi ufune iqiniso. Hlolisisa amazwi kaNkulunkulu. ‘Umbono’ wakho akulona iqiniso! … Uyaziqhayisa kakhulu futhi uzibona ulungile kakhulu! Uma ubhekene neqiniso awunakukwazi ngisho ukuyeka nokuphika imicabango yakho nokuzikhohlisa. Awufuni ukulalela uNkulunkulu nakancane! Kulabo abafuna iqiniso ngempela nabanenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu ngempela, ngubani osathi ‘ngicabanga’? Le nkulumo isisusiwe kakade. Lokhu ukubonakaliswa kwesimo sobusathane” Ngakho ngezwa sengathi lokho lomzalwane ayesanda kukusho kwakunembile, futhi nganginenazizathi zokukuphikisa. Lokhu umuntu acabanga ukuthi kuyiqiniso akunakuthatha indawo yeqiniso. Noma yikuphi lokho umuntu akucabangayo kuvela kuSathane. Uma umuntu othile esebenzisa igama elithi “mina” ekuqaleni kwalokho akushoyo, lesi isimo sokungabi naNkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi lolu uphawu lokungamhloniphi uNkulunkulu. Yeka ukuthi ngangiziqhayisa kanjani ngokucabanga kanjalo ngaso sonke isikhathi!
Kamuva, ngafunda ingxenye ethile encwadini ethi “Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ekungeneni Ekuphileni” eyayithi: “Abantu baqala ukuqhosha emva kokuthola impahla ethile. Uma umuntu engowohlobo oluhle futhi enekhono elisezingeni elithile, uzocabanga athi, ‘Ngingcono kunabanye abantu.’ Ngokwenza kanjalo babonisa isimo sabo sokuqhosha, futhi abanandaba nomunye umuntu. Lokhu kujwayelekile, ngoba banekhono futhi bayakwazi. Uma babezazi ngempela, babezocabanga ukuthi bebengezuthengwa ngisho nangopeni. Babezoziqhayisa ngani ngempela? Ucabanga ukuthi akuyona into angaziqhayisa ngayo futhi akanayo impahla yokuziqhayisa ngayo, ngakho akanakuziqhayisa. Ingabe akunjalo? Kunabanye abantu abacabanga ukuthi bangcono kunabanye abantu, nokuthi bayakwazi ukuqonda noma iyiphi indaba ngokucacile, ngakho yini ezokwenzeka ngolunye usuku? Uma bevelelwa yisithiyo esikhulu, futhi bethotshiswa ukwehluleka, ingabe basazokwazi ukuqhosha? Bazozizwa sengathi abakwazi ukuphakamisa ikhanda labo, bengalokothi bafune ukubonwa ngumuntu. Ngakho uma laba bantu abanesimo sokuqhosha nokuzidla behlangabezana nokwehluleka noma bethotshiswa izikhathi eziningana, noma kusetshenzelwana nabo futhi bephoxwa izikhathi eziningana, isimo sabo sokuqhosha sizoxazululeka ngokwemvelo. Bonke abantu baphetha ngale ndlela. Ngokubona ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, ngokuhlungwa nokusetshenzwa, ngokuyalwa nguMoya oNgcwele, nangangokuhlushwa ukwehluleka nokudumazeka, abantu bazothembeka ngisho nakakhulu. Ukuqhosha kwabo kuzoncipha kancane kancane, futhi abasenakuzibona belunge kakhulu. Ngisho noma beqonda okuthile kahle, basazofuna iqiniso ngakho, bafuna imibono yabanye abantu, ukuze baxwaye ukwenza iphutha. Yonke lena yimiphumela okufinyelelwa kuyo ngesahlulelo nokusola kukaNkulunkulu. Ngakho ngisho noma bangaqhosha futhi bazibone belunge kangakanani, ungesabi, futhi ungakhathazeki. Uma nje ubona ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, futhi wamukela ukuhlungwa nokusetshenzwa, ikakhulukazi isiyalo sikaMoya oNgcwele, kancane kancane uzoqala ukushintsha. Akekho umuntu ongakusiza ngalokhu, ngakho kumele uncike ekuthandazeni kuNkulunkulu, nasekufuneni iqiniso, nasekutholeni umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba uma nje uMoya oNgcwele esebenza kuwe zonke izinkinga zakho ziyoxazululeka. Le ngxenye yahlanganyelwa ngokujulile kakhulu, futhi yawenza kahle umsebenzi! Ngiyaqaphela ukuthi esikhathini esedlule endaweni yokusebenzela, noma ekhaya, njalo ngangisesikhundleni esiphakeme, ngishumayeza abanye, futhi konke lokhu kwakungenxa yokulawulwa yisimo sokuqhosha sikaSathane. Ngicabanga ukuthi nginekhono, ngiyakwazi ukwenza imali, ngikhangisa ngobudala bami, futhi ngibukela wonke umuntu phansi ngaphandle kokuzibuka mina, futhi ngicabanga ukuthi akekho owayenza izinto kahle kunami, futhi ngizibeka phambili njalo. Emva kokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, ngafunda amazwi amaningi amayelana nokwahlulela kukaNkulunkulu nokwembulwa kwesimo sabantu sokuqhosha, futhi nangalokho abazalwane abakhuluma ngakho emihlanganweni ngaqala ukuba nokusiqonda okuncane isimo sami sokuqhosha. Ngabona ukuthi empeleni ngangingengcono kunanoma ubani, nokuthi ikhono lami nengcebo ngakunikwa nguNkulunkulu, ngakho ngangingenalutho engangingaqhosha ngalo. Ngesikhathi esifanayo, ngathola indlela yokuguqula isimo sami sokuqhosha ezwini likaNkulunkulu, okungukwamukela ukusetshenzwa nokuhlungwa ngabazalwane nakakhulu, ngiziqhathanisa nezwi likaNkulunkulu futhi ngicabanga ngami ngokwengeziwe, ngizuza ulwazi lwangempela ngami nangenzondo yami, futhi ngingasanciki esimweni sobusathane kwengikwenzayo, kodwa ngenza ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu. Ekuboneni ukuhlungwa nokusetshenzwa ngale ndlela izikhathi eziningi, nangalokho engakwazi ngokucabangisisa kwami, isimo sami sokuqhosha saqala ukuguquka kancane kancane.
Kukho ukufunda izwi likaNkulunkulu, nokuphila impilo yebandla njalo, ngazizwa nginenhlanhla ngokwengeziwe ukuthi ngamukele izwi likaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Ebandleni likaNkulunkulu uSomandla, bonke abazalwane bazimisele, futhi baphathana ngobuqotho. Bonke bamsulwa futhi abalukhuni, futhi bakhuluma ngalokho okwenzeke kubo nakwabanye, futhi nanoma isimo sabo esonakele sivezwa, bayakwazi ukucabanga futhi bezazi ngezwi likaNkulunkulu. Ngibonile ukuthi izwi likaNkulunkulu uSomandla liyakwazi ngempela ukuhlanza nokuguqula abantu. UNkulunkulu wakhuluma izwi ngokwaKhe ukuze asiholele ekugqashuleni esonweni nokuthola insindiso, ngakho sibusisiwe ngempela! Uma ngicabanga ngokuthi baningi kangakanani abantu abakholelwa kuNkulunkulu ngobuqotho futhi balinde ngokushisekela ukuba iNkosi uJesu ibuye, futhi balangazelele ukugqashula ezibophweni zesono nokuthola ukuhlanjululwa, ngenza isinqumo ngomkhuleko kuNkulunkulu: Ngizimesele ukusabalalisa ivangeli lombuso kubantu abaningi ngisho nakakhulu, nokubenza ukuba babe njengami, balandele izinyathelo zikaNkulunkulu, futhi bathole insindiso kaNkulunkulu yezinsuku zokugcina.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Okusanda Kukhishwa: Intshumayelo Yasentabeni
0 notes
Photo
Tumblr media
Yini umehluko obalulekile phakathi kukaNkulunkulu esimweni somuntu kanye nalabo bantu abasetshenziswa uNkulunkulu?
https://insindiso.ucoz.org/blog/gods_incarnation_5/2019-08-30-93
0 notes
Text
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu
  Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi ngokuhlelela kwesandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kuphethwe yisandla sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kusemehlweni kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, ziguquke, zenziwe zintsha futhi zinyamalale ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto.
  Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho buqhamuka khona. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu wamukela ukukhanya kosuku, kodwa akucaci kakhudlwana enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kuvela kuphi nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukuguquguquka okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise nezikhathi, kube futhi kuqikelela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. Umuntu wedlula ezinkathini noNkulunkulu, kodwa umuntu akazi ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa ukuthi izindlela zikaNkulunkulu aziqondakali kakhulu, noma ukuthi yima luzofezeka uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe kuSathane futhi kwaneliswa nguye. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. … UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu wendalo Yakhe yokuqala, futhi umuntu ulahlekelwa yimpande yesiqalo sakhe. Lolu usizi lwalesi sintu. Eqinisweni, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, uNkulunkulu wethule imbangalusizi esintwini lapho umuntu eyiqhawe futhi engumgilwa kuyo, futhi akekho owaziyo ukuthi ubani ongumqondisi wale mbangalusizi.
  Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Akekho owake wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi sizoshona ngaphi. Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kumuntu ongaphenduki ozehlukanise Naye? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Kumele ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa lwenziwa ize nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, lokho kuyomthukuthelisa kangakanani? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.
  UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Umuntu yena, waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso. Umuntu wazi kuphela ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke nokuphila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wobukhona bempilo nokuthi ukukholwa kungumnotho wokuphila kwakhe. Akawuboni umusa nokondliwa okuvela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekusaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu. … Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza kumuntu njengoba ehlelile futhi akalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaphusheni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nenani uNkulunkulu anike okuningi ngalo konke umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye. Akekho oseke wacabanga ngezimfihlo zokuqala nokuqhubeka kwempilo yomuntu. Kodwa, uNkulunkulu kuphela oqonda futhi abekezelele buthule bonke ubuhlungu nokungqutshuzwa okuvela kumuntu, osamukele konke okuvela kuNkulunkulu kodwa akabongi. Umuntu ukuthatha kalula konke okuza nokuphila, futhi “kuyinto efanele nje,” abantu bamlahlile, bamkhohlwa futhi bamsenga uNkulunkulu. Ingabe uhlelo lukaNkulunkulu lubaluleke kangako ngempela yini? Ingabe umuntu, isidalwa esiphilayo esiphuma esandleni sikaNkulunkulu, ubaluleke ngaleyo ndlela? Icebo likaNkulunkulu libaluleke kakhulu; nokho, abantu abaphilayo abadala ngesandla Sakhe baphilela icebo Lakhe. Ngakho, uNkulunkulu ngeke ayeke uhlelo Lwakhe ngenxa yenzondo yalesi sintu. Kungenxa yohlelo Lwakhe nomoya awuphefumulayo okwenza uNkulunkulu abekezelele bonke ukuhlushwa, hhayi ngenxa yenyama yomuntu kodwa ngenxa yokuphila komuntu. Uyafisa ukubuyisa hhayi nje inyama yomuntu kodwa impilo ayiphefumula. Leli icebo Lakhe.
  Bonke abafika kulo mhlaba kumele baphile bese beyafa, futhi baningi asebelubonile uchungechunge lokufa nokuzalwa kabusha. Abaphilayo kungekudala bazoshona bese kuthi abafile babuye maduze. Konke lokhu kungumgudu wokuphila ohlelwe uNkulunkulu ewuhlelela sonke isidalwa esiphilayo. Nokho, lo mgudu nochungechunge kungamaqiniso uNkulunkulu afisa abantu bawazi, ukuthi ukuphila uNkulunkulu akufake kubo akupheli futhi akuphazanyiswa inyama, isikhathi, noma umkhathi. Lena imfihlakalo yokuphila uNkulunkulu akufake kumuntu nobufakazi bokuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu. Nakuba abaningi bengase bengakholwa ukuthi ukuphila kwavela kuNkulunkulu, abantu nakanjani bakujabulela konke okuvela kuNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi bayakukholwa noma bayakuphika ukuba khona Kwakhe. Uma ngelinye ilanga uNkulunkulu engake aguqule inhliziyo yakhe noma abuyisele kuye zonke izinto ezisemhlabeni noma athathe ukuphila akunikezile, akekho umuntu oyophila. UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi kanye bokubonakala kwamandla empilo kaNkulunkulu. Manje yithi nginitshele imfihlo: Ubukhulu namandla okuphila kukaNkulunkulu ngeke kuqondwe ngokujulile yinoma yisiphi isidalwa. Kunjena manje, njengoba kwakunjalo nasekuqaleni, kuyoba njalo esikhathini esizayo. Imfihlo yesibili engizoyikhipha yile: Umthombo wokuphila uvela kuNkulunkulu, kwayo yonke indalo, akunandaba ukuthi yakheke ngendlela ehlukile. Kungakhathaleki ukuthi uluhlobo olunjani lwesidalwa, awukwazi ukuhamba uphambane nomgudu uNkulunkulu awubekile. Kunoma ikuphi, engikufisayo ukuthi umuntu aqonde ukuthi ngaphandle kokunakekelwa, ukulondolozwa, kanye nokondliwa nguNkulunkulu, umuntu ngeke athole yonke into okwakufanele ayithole, akunandaba ukuthi uzama noma uzabalaza kangakanani. Ngaphandle kokuthola ukuphila kuNkulunkulu, umuntu ngeke azi ukuthi uphilelani, futhi uyolahlekelwa injongo yokuphila. UNkulunkulu angamvumela kanjani umuntu ochitha ukubaluleka kokuphila Kwakhe ukuba angabi nandaba kanje? Kodwa futhi, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila. Uma umuntu ehluleka ukwazisa konke lokho uNkulunkulu amnike khona, uNkulunkulu ngeke agcine nje ngokubuyisa amnika khona, kodwa okukhulu kunalokho, umuntu uyokhokha ngokuphindwe kabili ukuze enze isinxephezelo ngakho konke uNkulunkulu akuchithile.
                          Ngomhla ka- 26 Meyi, 2003
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke
     Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu. Uma imiqondo nemizimba yethu ingeyona eyomsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu kanye nendlela elungile yesintu, ngakho imiphefumulo yethu ngeke ifanele labo ababulawelwa umsebenzi abawuphathiswe nguNkulunkulu, ngeke ifanele uNkulunkulu nhlobo, osihlinzeke ngakho konke.
     UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini. Ukuthuthuka komuntu nokuqhubekela phambili kungehlukaniswe nobukhosi bukaNkulunkulu, futhi umlando nekusasa lesintu kungeke kwakhishwa ezinhlelweni zikaNkulunkulu. Uma ungumKristu ngokweqiniso, uzokholwa ukuthi ukuvuka nokuwa kwanoma iliphi izwe noma isizwe kwenzeka ngokuhlela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu yedwa owazi isiphetho sezwe noma isizwe, futhi uNkulunkulu yedwa olawula inkambo yale sintu. Uma isintu sifisa ukuba nesiphetho esihle, uma izwe lifuna ukuba nesiphetho esihle, kufanele umuntu aguqe phansi adumise uNkulunkulu, aphenduke futhi avume phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho isiphetho nesiphetho somuntu ngokungenakugwemeka siyogcina ngenhlekelele.
     Bheka emuva esikhathini somkhumbi kaNowa: isintu sasonakele kakhulu, sasidukile esibusisweni sikaNkulunkulu, sasingasanakekelwe nguNkulunkulu, futhi sasesilahlekelwe izithembiso zikaNkulunkulu. Babephila ebumnyameni, ngaphandle kokukhanya kukaNkulunkulu. Ngakho baba nezinkanuko ngokwemvelo, bazilahlela ekonakaleni okusabekayo. Abantu abanjalo babengeke basakwazi ukwemukela isithembiso sikaNkulunkulu: babengafanele ukubona ubuso bukaNkulunkulu, noma ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ngoba babemshiyile uNkulunkulu, babelahle kude konke ayekade ebaphe khona, futhi basebezikhohliwe izimfundiso zikaNkulunkulu. Inhliziyo yabo yedukela kude kakhulu noNkulunkulu, njengoba kwenzeka lokho, bonakala ngaphezulu kokucabanga nobuntu, futhi baphenduka baba babi kakhulu. Ngakho baya besondela ekufeni, bawela olakeni nokujezisa kukaNkulunkulu. UNowa kuphela owayekhonza uNkulunkulu futhi ebalekela ububi, ngakho wayekwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ezwa nemiyalelo kaNkulunkulu. Wawakha umkhumbi ngokusho kwemiyalelo yezwi likaNkulunkulu, futhi waqoqa zonke izinhlobo ngezinhlobo zezidalwa. Ngale ndlela, kwathi uma yonke into seyilungiselelwe, uNkulunkulu wadedela imbubhiso Yakhe phezu komhlaba. UNowa kuphela kanye namalunga ayisikhombisa omndeni wakhe abasinda kuleyo mbubhiso, ngoba uNowa wayekhonza uJehova futhi ebalekela ububi.
      Bese ubheka inkathi yamanje: Abantu abalungile njengoNowa abakhonza uNkulunkulu babalekele ububi, abasekho ngisho ukuba khona. Kepha uNkulunkulu usenomusa esintwini futhi uyasisula icala isintu kule nkathi yokugcina. UNkulunkulu ufuna labo abalangazelela ukuthi aqhamuke. Ufuna labo abakwazi ukuzwa amazwi Akhe, labo abangakhohlwanga yilokho abaphathise khona futhi abanikela inhliziyo nomzimba wabo Kuye. Ufuna labo abalalela okwezingane phambi Kwakhe, futhi abangamelani Naye. Uma ungavinjwa ngamandla athile ekukhonzeni kwakho ngobuqotho uNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenzela umusa, futhi athele izibusiso Zakhe kuwe. Uma usesikhundleni esiphakeme, waziwa ngokuhlonishwa, unolwazi oluchichimayo, unempahla eningi, futhi wesekwe abantu abaningi, kepha zonke lezi zinto zingakuvimbi ukuthi uze phambi kukaNkulunkulu ukwemukela ubizo Lwakhe, nalokho akuphathisa khona, ukwenza lokho uNkulunkulu akucela ukuba ukwenze, konke oyokwenza kuyoba okubaluleke kakhulu emhlabeni futhi uyobe ungolunge kunabo bonke esintwini. Uma wala ubizo lukaNkulunkulu ngenxa yesikhundla kanye nemigomo yakho, konke ozokwenza kuyobe kuqalekisiwe futhi kuyokwenyanywa nguNkulunkulu. Mhlawumbe ungumongameli, noma usosayensi, umfundisi, noma ilunga kodwa noma ngabe siphakeme kangakanani isikhundla sakho, uma wethembele olwazini lwakho, nekhono kulokho okwenzayo, uyoba yisahluleki njalo, futhi uyohlala ungenazo izibusiso zikaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akamukeli lutho olwenzayo, futhi akavumi ukuthi umsebenzi wakho ungolungileyo noma emukele ukuthi usebenzela ukusizakala kwesintu. Uzothi konke okwenzayo, ukusebenzisa ulwazi namandla esintu ukuphuca umuntu ukuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nokuphika izibusiso zikaNkulunkulu. Uzothi uholela isintu ebumnyameni, ekufeni, futhi ekuqaleni kokuphila okungenamkhawulo lapho umuntu eselahlekelwe uNkulunkulu nesibusiso Sakhe.
      Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo.… Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, impucuko yabantu ngokungazi igcina ingakwazi kakhulu ukufeza izifiso zabantu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zixoshe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.
     Mhlawumbe izwe lakho liyaphumelela njengamanje, kodwa uma uvumela abantu ukuthi baphambuke kuNkulunkulu, izwe lakho liyozithola liya ngokuya lingenazo izibusiso zikaNkulunkulu. Impucuko yezwe lakho iyoya ngokuya inyathelwe phansi, kungekudala abantu bayovukela uNkulunkulu futhi baqalekise iZulu. Ngakho isiphetho sezwe siyokwehlelwa incithakalo kungahlosiwe. UNkulunkulu uzovusa amazwe anamandla ukubhekana nalawo mazwe aqalekiswe nguNkulunkulu, futhi angawasusa ebusweni bomhlaba. Ukuvuka nokuwa kwezwe kukhomba ukuthi ababusi balo bayamkhonza uNkulunkulu noma cha, futhi nokuthi bayabaholela yini abantu babo ukuba basondele kuNkulunkulu futhi bamkhonze. Nokho, kule sikhathi sokugcina, ngenxa yokuthi labo abafuna futhi abakhonza uNkulunkulu ngeqiniso baya ngokuya beba yingcosana, uNkulunkulu uzothela umusa okhethekile kulawo mazwe lapho ukholo olusemthethweni kuwubuKristu. Uwaqoqela ndawonye ukwenza inkambu yabalungile nokho emhlabeni, kuthi lawo mazwe angakholwa nhlobo noma lawo angakhonzi uNkulunkulu weqiniso azoba yizitha zenkambu elungile. Ngale ndlela, uNkulunkulu akanayo kuphela indawo phakathi kwesintu lapho ezokwenza khona umsebenzi Wakhe, kodwa uphinda azuze amazwe angaphatha ngegunya elifanele, ukuze alethe unswinyo nemikhawulo kulawo mazwe amelana noNkulunkulu. Kepha ngale kwalokhu, namanje ababaningi abantu abavelayo ukukhonza uNkulunkulu, ngoba umuntu useduke kakhulu Kuye, futhi uNkulunkulu usenesikhathi eside kakhulu engekho emicabangweni yomuntu. Kusele emhlabeni amazwe enza ukulunga futhi amelane nobubi kuphela. Kodwa lokhu kukude nezifiso zikaNkulunkulu, ngoba abekho ababusi bezwe abangavumela uNkulunkulu ukuthi abuse phezu kwabantu babo, futhi ayikho inhlangano yezepolitiki engaqoqa abantu bayo ndawonye ukukhonza uNkulunkulu; uNkulunkulu uselahlekelwe yindawo Yakhe efanele enhliziyweni yezwe, yesizwe, yeqembu elibusayo, kanye ngisho nasenhliziyweni yawonke umuntu. Nakuba amandla alungileyo ekhona emhlabeni, ukubusa lapho uNkulunkulu engenandawo enhliziyweni yomuntu kuntekenteke. Ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu, umkhakha wezepolitiki uyoba yinhlakanhlaka futhi ube sengozini yokuhlaselwa. Esintwini, ukuhlala ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu kufana nokungabi nokukhanya kwelanga. Akukhathaleki ukuthi ababusi banikela ngokukhuthala okungakanani kubantu babo, akusho lutho ukuthi mingaki imihlangano elungile isintu esizenzayo ndawonye, akukho kulokhu okuyolungisa izinto, noma kuguqule isiphetho sesintu. Umuntu ucabanga ukuthi izwe lapho abantu bondlekile futhi begqokile, lapho abantu bephila khona ngokuthula, yizwe elihle, futhi elinabaholi abalungile. Kepha uNkulunkulu akacabangi kanjalo. Ukholwa ukuthi izwe lapho kungekho muntu omkhonzayo Yena yilelo azolibhubhisa. Indlela yomuntu yokucabanga iphikisana kakhulu nekaNkulunkulu. Uma inhloko yezwe ingamkhonzi uNkulunkulu, isiphetho salelo zwe kuyoba ngesinosizi, futhi izwe ngeke libe nampokophelo.
     UNkulunkulu akangeni kwezepolitiki yabantu, kepha isiphetho sezwe noma isizwe silawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu ulawula lomhlaba kanye nomhlaba wonke jikelele. Isiphetho somuntu kanye nohlelo lukaNkulunkulu kuxhumene ngokusondelelene, futhi akekho umuntu, izwe noma isizwe esikhishelwe ngaphandle ebukhosini bukaNkulunkulu. Uma umuntu efisa ukwazi isiphetho sakhe, kufanele eze phambi kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uzokwenza labo abamlandelayo nabamkhonzayo ukuthi baphumelele, futhi uzoletha ukuncipha nobhubhiso kulabo abamelana Naye nabamalayo.
     Khumbula isiqephu eBhayibhelini lapho uNkulunkulu eletha imbubhiso eSodoma, futhi ucabange futhi ukuthi unkosikazi kaLoti waphenduka kanjani isiduli kasawoti. Cabanga emuva ukuthi abantu baseNineva baphenduka kanjani ezonweni zabo bembethe ingubo yamasaka nomlotha, futhi ukhumbule okwalandela emuva kokuthi amaJuda abethela uJesu esiphambanweni eminyakeni eyizi-2,000 eyedlule. AmaJuda axoshwa kwaIsrayeli futhi abalekela emazweni kuwo wonke umhlaba. Amaningi abulawa, futhi isizwe samaJuda sisonkana sabhekana nencithakalo engakaze ibonwe. Babebethele uNkulunkulu esiphambanweni - babenze icala elihlasimulisayo - futhi bachukuluza isimo sikaNkulunkulu. Benziwa ukuthi bakhokhe ngalokho abakwenza, kwafanele bathweswe imiphumela yezenzo zabo. Balahla ngecala uNkulunkulu, bala uNkulunkulu, ngakho baba nesiphetho esisodwa nje: ukujeziswa nguNkulunkulu. Lowo ngumphumela onomunyu ababusi babo abawuletha phezu kwezwe nesizwe sabo.
      Namuhla, uNkulunkulu usebuyele emhlabeni ukwenza umsebenzi Wakhe. Isinyathelo Sakhe sokuqala ngababusi abangaphikiswa: iShayina, inqaba eqinile yokungakholelwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu usezuze iqembu labantu ngokuhlakanipha namandla Akhe. Ngalesi sikhathi, uyazingelwa yiqembu lababusi eShayina ngayo yonke indlela futhi ufakwa ekuhluphekeni okukhulu, engenandawo yokuphumuza ikhanda Lakhe futhi engakwazi ukuthola isiphephelo. Naphezu kwalokhu, uNkulunkulu usaqhubeka nomsebenzi ahlose ukuwenza: uyakhuluma futhi asakaze ivangeli. Akekho ongaqonda ukuba nguSomandla kukaNkulunkulu. EShayina, izwe elibuka uNkulunkulu njengesitha, uNkulunkulu akakaze ayeke umsebenzi Wakhe. Kunalokho, baningi kakhulu abantu abemukele umsebenzi nezwi Lakhe, ngoba uNkulunkulu wenza konke angakwenza ukusindisa ilunga lesintu ngalinye ngalinye. Sithemba ukuthi alikho izwe noma isizwe esizomelana nalokho uNkulunkulu afisa ukukufeza. Labo abavimba umsebenzi kaNkulunkulu, abamelana nezwi likaNkulunkulu, abaphazamisa futhi balimaze uhlelo lukaNkulunkulu, bayojeziswa nguNkulunkulu ekugcineni. Lowo oweyisa umsebenzi kaNkulunkulu uyothunyelwa esihogweni; noma iliphi ilizwe eleyisa umsebenzi kaNkulunkulu liyobhujiswa; noma isiphi isizwe esivukayo ukumelana nomsebenzi kaNkulunkulu siyoshabalaliswa emhlabeni, futhi singabe sisaba khona. Ngiyagqugquzela abantu bazo zonke izizwe, amazwe, ngisho nezimboni ukuthi nilalele izwi likaNkulunkulu, nibone umsebenzi kaNkulunkulu, ninake isiphetho sesintu, ngaleyo ndlela nenze uNkulunkulu abe ongcwele kakhulu, ohlonishwa kakhulu, ophakeme kakhulu nokunguyena kuphela ofanele ukukhonzwa phakathi kwesintu, futhi nivumele isintu sisonkana ukuthi siphile ngaphansi kwesibusiso sikaNkulunkulu, njengoba inzalo ka-Abrahama yabe iphila ngaphansi kwesithembiso sikaJehova, futhi njengoba u-Adamu no-Eva ababenziwe uNkulunkulu ekuqaleni, babephila eNsimini yase-Edeni.
      Umsebenzi kaNkulunkulu ufana namagagasi agubha kakhulu. Akekho ongamvalela, futhi akekho ongamisa izinyathelo Zakhe. Yilabo kuphela abalalela amazwi Akhe ngokucophelela futhi abafuna baphinde bomele Yena, abalandela ezinyathelweni Zakhe futhi bazuze isithembiso Sakhe. Labo abangakwenzi bayobhekana nenhlekelele enamandla kakhulu kanye nesijeziso esifanele.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Photo
Tumblr media
UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke
South African Christian Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Choral Documentary
1 note · View note
Text
Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile
Tumblr media
Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile
Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile. UNkulunkulu wathumela ukudla esezulwini, amanzi nemana ukuze abantu bayijabulele, futhi kusenjalo nanamuhla: uNkulunkulu ngokwakhe uthumele izinto ezidliwayo neziphuzwayo ukuze abantu bazijabulele, futhi Yena ngokwakhe ulethe iziqalekiso ukuze asole abantu. Ngakho zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe zenziwa uNkulunkulu mathupha. Namuhla, abantu balambele iqiniso, bazama ukubona izimpawu nezimangaliso, futhi kunokwenzeka ukuthi bonke abantu abanjalo bashiywe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uya uba ngokoqobo kakhulu. Akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu wehlile esuka ezulwini, abakaqapheli ukuthi uNkulunkulu uthumele ukudla nezinto ezivela ezulwini—kuyilapho uNkulunkulu ekhona ngempela, nezimo ezijabulisayo zoMbuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu abazicabangayo kuyizinto ezivela ngqo emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso, futhi lokhu kuwukuphela ukubusa noNkulunkulu emhlabeni. Ukubusa noNkulunkulu emhlabeni kuqondise enyameni. Lokhu okungeyona inyama akukho emhlabeni, ngakho bonke labo abalwela ukuya ezulwini lesithathu balwela into engekho. Ngelinye ilanga, lapho umhlaba wonke usubuyela kuNkulunkulu, umongo womsebenzi Wakhe ezulwini nasemhlabeni wonke uyolandela amazwi kaNkulunkulu; kwenye indawo,abanye abantu bayoshaya izingcingo, abanye bayogibela izindiza, abanye bayogibela izikebhe bawele ulwandle, abanye bayosebenzisa ama-laser ukuze bathole amazwi kaNkulunkulu. Bonke abantu bayokhonza futhi bayolangazelela, bonke bayosondela kuNkulunkulu, futhi bahlanganyele kuNkulunkulu, futhi bonke bayokhonza uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuyobe kuyizenzo zikaNkulunkulu . Khumbula lokhu! Ayikho into uNkulunkulu asazoyiqala kabusha kwenye indawo. UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa : Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo.Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa uzokwehlelwa yindlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. Leso kuyoba yisikhathi sokwambulwa kwezenzo zikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhazinyuliswa; bonke abantu emhlabeni wonke bazokhonza “umuntu” onganakekile. Ingabe lolu ngeke kube usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu? Ngelinye ilanga, abafundisi abadala bazothumela amathelegramu befuna amanzi omthombo wokuphila. Bazobe bekhulile, kodwa nabo bazoza bakhonze lo muntu, lowo ababemdelela. Emilonyeni yabo bazoqaphela futhi ezinhliziyweni zabo bazothemba —ingabe lolu akulona uphawu noma isimanga? Lapho wonke umbuso ujabulela inkazimulo kaNkulunkulu,futhi noma ubani oza kinina futhi amukele izindaba ezinhle zikaNkulunkulu uzobusiswa Nguye, futhi la mazwe nalaba bantu bazobusiswa futhi banakekelwe uNkulunkulu. Umyalelo wangelinye ilanga uyoba nje: Labo abathole amazwi evela emlonyeni kaNkulunkulu bazoba nendawo yokuhamba emhlabeni, futhi noma bangosomabhizinisi noma ososayensi, noma othisha, noma abezimboni, labo abangenawo amazwi kaNkulunkulu kuzoba nzima ngisho ukuthatha isinyathelo esisodwa, futhi bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Yilokho okushiwoyo uma kuthiwa, “Ngeqiniso uzohamba emhlabeni wonke; ngaphandle kweqiniso, ngeke uye ndawo.” Amaqiniso awukuthi: UNkulunkulu uzosebenzisa Indlela (okusho ukuthi wonke amazwi Akhe) ukuze aqondise wonke umhlaba futhi abuse futhi anqobe isintu. Abantu bahlale bethemba ukujika okukhulu emisebenzini kaNkulunkulu. Ukucacisa,uNkulunkulu uqondisa abantu ngezwi, futhi kumele wenze lokho akushoyo kungakhathaleki ukuthi uyafisa ukwenza lokho noma cha; leli yiqiniso elingenakuphikwa, futhi kumele lilalelwe yibo bonke, nalo futhi laziwe yibo bonke.
UMoya oNgcwele unikeza abantu umuzwa. Ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, ezinhliziyweni zabo bayaqina futhi banokuthula, kanti labo abangalamukeli izwi likaNkulunkulubazizwa bengenalutho. Lokho kungamandla ezwi likaNkulunkulu—abantu okumele bawafunde, ngemva kokuwafunda bazokondleka, futhi angeke benze lutho ngaphandle kwawo. Kunjengalapho abantu bedla isidakamizwa okuthiwa yi-opium: sibanikeza amandla, futhi ngaphandle kwayo bazizwa bengenamandla. Unjalo umkhuba ophakathi kwabantu namuhla. Ukufunda amazwi kaNkulunkulu kunikeza abantu amandla. Uma bengawafundi, bazizwa bengenamdlandla, kodwa ngemva kokuwafunda, bavuka ngaso leso sikhathi “ekuguleni.” Leli yizwi likaNkulunkulu liphethe amandla emhlabeni noNkulunkulu ebusa emhlabeni. Abanye abantu bafuna ukushiya, noma sebekhathele umsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi benzani, abakwazi ukusuka emazwini kaNkulunkulu ; kungakhathaleki ukuthi babuthaka kangakanani, kusadingeka bancike emazwini kaNkulunkulu ukuze baphile,futhi kungakhathaleki ukuthi bavukela kangakanani, abalokothi bashiye amazwi kaNkulunkulu. Lapho amazwi kaNkulunkulu ebonisa amandla awo yilapho uNkulunkulu ebusa futhi esebenzisa amandla Akhe, futhi yile ndlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Kukho konke lokhu, imisebenzi kaNkulunkulu, futhi akekho ongayishiya. Amazwi kaNkulunkulu azosabalalela emakhaya angenakubalwa, azokwaziwa yibo bonke, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho amazwi Akhe ezosabalala emhlabeni wonke. Okungukuthi, uma umsebenzi Wakhe kumele usabalale kuwo wonke umhlaba, amazwi Akhe kumele asatshalaliswe. Osukwini lwenkazimulo kaNkulunkulu, amazwi Akhe azobonisa amandla negunya lawo. Onke amazwi Akhe kusukela ngesikhathi esingakhumbuleki kuze kube namuhla azofezeka futhi azogcwaliseka. Ngale ndlela, inkazimulo izoya kuNkulunkulu emhlabeni—okusho ukuthi, amazwi Akhe azobusa emhlabeni.Bonke ababi bazosolwa amazwi asemlonyeni kaNkulunkulu, bonke abalungile bazobusiswa amazwi omlomo Wakhe, futhi bonke bazokwakhiwa futhi bapheleliswe amazwi omlomo Wakhe. Angeke abonise noma yiziphi izimpawu noma izimangaliso; konke kuzofezwa amazwi Akhe, futhi amazwi Akhe azokhiqiza amaqiniso. Wonke umuntu emhlabeni uzohalalisela amazwi kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi badala noma bayizingane, owesilisa, owesifazane, omdala, omncane, bonke abantu bazozithoba ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu abonakala esenyameni, evumela abantu ukuba bawabone emhlabeni, ecacile futhi ephila. UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulukazi ukuze afeze iqiniso lokuthi “uLizwi uba yinyama,” okusho ukuthi, uze ukuze amazwi Akhe azonikezwa esenyameni (hhayi njengasesikhathini sikaMose eTestamenteni Elidala,lapho uNkulunkulu ayekhuluma ngokuqondile esesibhakabhakeni). Ngemva kwalokho ngalinye lamazwi Akhe lizogcwaliseka phakathi neNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane, azoba amaqiniso asobala emehlweni abantu, futhi abantu bazowabona ngamehlo abo ngaphandle kokungabaza. Lena yincazelo yangempela yokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okungukuthi, umsebenzi kaMoya ufezwa ngenyama, nangamazwi. Lena incazelo enembayo yokuthi “uLizwi waba yinyama” nethi “Ukubonakala kukaLizwi enyameni.” UNkulunkulu kuphela ongakhuluma intando kaMoya, futhi uNkulunkulu osenyameni kuphela ongakhulumela uMoya; amazwi kaNkulunkulu enziwe acaca ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uqondiswa yiwo. Akekho okhululiwe, bonke bakhona ngaphakathi kwalo mngcele. Yingala mazwi kuphela lapho abantu bengakwazi khona;labo abangazuzi ngale ndlela bayaziphuphela nje uma becabanga ukuthi bangathola amazwi avela ezulwini. Lelo gunya libonakaliswe uNkulunkulu ekuguqulweni abe yinyama: ukwenza ukuba bonke bakholwe. Ngisho kuthiwa ompetha abaqeqeshiwe noma abefundisi bezinkolo angeke bakwazi ukukhuluma la mazwi. Kumele bazithobe kuwo, futhi akekho ongakwazi ukuqalisa kabusha. UNkulunkulu uzosebenzisa amazwi ukuze anqobe umhlaba wonke. Uzokwenza lokhu hhayi ngokuguqulelwa enyameni, kodwa ngokusebenzisa amazwi avela umlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama ukuze anqobe bonke abantu emhlabeni wonke; yilokhu kuphela okunguLizwi eba yinyama, futhi yilokhu kuphela ukubonakala kukaLizwi enyameni. Mhlawumbe, kubantu, kubonakala sengathi uNkulunkulu akakenzi msebenzi ongako—kodwa uNkulunkulu kufanele akhlume nje amazwi Akhe kubantu ukuze bakholwe ngokuphelele,futhi kubo ukuze bathuthumele. Ngaphandle kwamaqiniso abantu bayamemeza futhi bakhamuluke; ngamazwi kaNkulunkulu, bayathula. UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni . Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
1 note · View note
Text
Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uyayiqeda Nya
Tumblr media
Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uyayiqeda Nya
Uma sesinokuqonda nokho isimo esilungileyo sikaNkulunkulu, singabuyisa umqondo sibheke umuzi waseSodoma lokho uNkulunkulu akubona njengomuzi wesono. Ngokuqonda ingqikithi yalo muzi, singaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ayefuna ukuwubhubhisa nokuthi kungani wawubhubhisa wawuqeda nya. Ngalokhu, singafika ekwazini isimo sikaNkulunkulu esilungile.
Uma sibuka ngamehlo obuntu, iSodoma kwakuwumuzi owawukwazi ukwanelisa izifiso zomuntu nobubi bomuntu. Wawuheha, uloya, ngomculo nombhiyozo wokudansa ubusuku ngobusuku, ukunethezeka kwawo kwaholela amadoda ukuba ahuheke futhi ahlanye. Ububi baso badla izinhliziyo zabantu kwabaloya bawela enkohlakalweni. Lona umuzi lapho imimoya engcolile nemimoya emibi yayichanasa khona; wawugcwele phama isono nokubulala futhi wembozwe iphunga elinuka ukubola negazi. Kwabe kungumuzi onyantisa igazi, umuzi umuntu ayewuhlehlela angafuni ukusondela. Akekho kulo muzi owesilisa noma owesifazane, omncane noma omdala—owafuna indlela yeqiniso; akekho owayelangazelele ukukhanya noma owayefisa ukushiya phansi isono. Babephila ngaphansi kokulawula, inkohlakalo nenkohliso. Base belahlekelwe ubuntu babo; babelahlekelwe imiqondo yabo, futhi base belahlekelwe inhloso yokuba khona komuntu, yokuqala. Benza izono zokumelana noNkulunkulu ezingenakubalwa; bakunqaba ukuqondisa Kwakhe futhi bamelana nentando Yakhe. Kwakuyizenzo zabo ezimbi ezafaka laba bantu, umuzi kanye nayo yonke into ephilayo kuwo, igxathu ngegxathu, endleleni eya ekubhujisweni.
Tumblr media
Noma lezi zindima ezimbili zingasho imininingwane echaza izinga lokukhohlakala kwabantu baseSodoma, esikhundleni salokho zibhala ngokuziphatha kwabo ezithunyweni zikaNkulunkulu, emuva kokufika kwabo emzini, iqiniso elisobala lingakhombisa izinga abantu baseSodoma ababekhohlakele, bebabi futhi bemelene noNkulunkulu ngayo. Ngalokhu, ubuso nengqikithi yangempela yabantu balo muzi yadaluleka. Hhayi nje ukuthi abazange bemukele izexwayiso zikaNkulunkulu, babengakusabi futhi ukujezisa Kwakhe kunalokho, bayishaya indiva intukuthelo kaNkulunkulu. Bamelana noNkulunkulu ngenkani ongathi izimpumputhe. Akukhathaliseki ukuthi wayenzani noma eyenza kanjani, imvelo yabo enonya yavele yanyukela kunakuqala futhi bamelana noNkulunkulu bephindelela. Abantu baseSodoma babenobutha nobukhona bukaNkulunkulu, ukuza Kwakhe, isijeziso Sakhe, kanye nakakhulukazi, izexwayiso Zakhe. Babengaboni lutho oluhle phakathi kwabo. Babeshwabadela futhi balimaza bonke abantu ababengabashwadela futhi babalimaze, futhi wawungekho umehluko endleleni ababephethe ngayo izinceku zikaNkulunkulu. Mayelana nazo zonke izenzo ezimbi ezenziwa abantu baseSodoma, ukulimaza izinceku zikaNkulunkulu kwabe kuyisicongo nje sentaba yeqhwa, kanti nemvelo yabo ekhohlakele eyavezwa yilokhu, yayilingana cishe neconsi nje olwandle olubanzi. Ngakho-ke uNkulunkulu wakhetha ukubabhubhisa ngomlimo. UNkulunkulu akasebenzisanga uzamcolo, akasebenzisanga isiphepho, ukuzamazama komhlaba, itsunami noma inoma iyiphi enye indlela ukubhubhisa umuzi. Kwabe kuchaza ukuthini ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukubhubhisa lo muzi? Kwakuchaza ukubhujiswa okuphelele kwalowo muzi; kwakuchaza ukuthi umuzi wanyamalala ngokuphelele emhlabeni nasekutheni ubukhona. Lapha, ukubhujiswa akuchazi nje ukunyamalala kokuma, nesakhiwo noma ukubukeka kwangaphandle komuzi; kwakuchaza nokuthi imiphefumulo yabantu babengaphakathi komuzi yashabalala, ngenxa yokubhujiswa ngokuphelele. Ngamafuphi, bonke abantu, izigameko kanye nezinto eziphathelene nomuzi zabhujiswa. Kwakungeke kube khona kamuva noma ukuzalwa ngokusha komunye umzimba kubona; uNkulunkulu wayekususe ngokuphelele kubantu, indalo Yakhe, ingunaphakade. “Ukusetshenziswa komlilo” kwakuchaza ukuma kwesono, futhi kwakusho isiphetho sesono; leso sono sasingeke sisaba khona noma sisabalale. Kwakusho ukuthi ububi bukaSathane babulahlekelwe inhlabathi yabo ebondlayo kanye nasemathuneni lapho base buthole khona imvume yokuhlala nokuphila. Empini phakathi kukaNkulunkulu noSathane, ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo uphawu lukaNkulunkulu lokunqoba, uSathane abekwa uphawu ngalo. Ukubhujiswa kweSodoma kuyimbuyiselamuva enkulu ekuzimiseleni kukaSathane ukumelana noNkulunkulu ngokonakalisa nokushwabadela abantu, futhi ngokufanayo kuwuphawu oludumazayo lwesikhathi ekuthuthukeni kwesintu, lapho umuntu enqaba ukuqondiswa uNkulunkulu wazinikela ekonakaleni. Ngokungaphezu kwalokho, kuwumbhalo wokwembuleka ngeqiniso lesimo esilungile sikaNkulunkulu.
Lapho umlilo uNkulunkulu awuthumela usuka ezulwini usuqothule iSodoma kwangasala lutho nje ngaphandle komlotha, kwakusho ukuthi umuzi obizwa ngokuthi “Sodoma” wawuyoyeka ukuba khona, njengakho konke ngaphakathi komuzi uqobo. Wabhujiswa intukuthelo kaNkulunkulu; wanyamalala ngaphansi kolaka nobukhosi bukaNkulunkulu. Ngenxa yesimo sikaNkulunkulu esilungile, iSodoma yathola isijeziso sayo esiyilungele; ngenxa yesimo sikaNkulunkulu esilungile, yathola isiphetho esiyilungele. Ukushabalala kokuba khona kweSodoma kwakungenxa yobubi bayo, kwakungenxa yesifiso sikaNkulunkulu ukuthi angaphinde ayibone, noma abone inoma ibaphi abantu ababekade bekuyo noma iyiphi impahla eyayikade ikhulele kulo muzi. “Isifiso sikaNkulunkulu sokuthi angaphinde awubone lo muzi” wulaka Lakhe, kanye nobukhosi Bakhe. UNkulunkulu wawushisa umuzi ngenxa yokuthi ububi nesono sawo kwamenza Wezwa intukuthelo, ukunyanya kanye nokunengeka mayelana nawo futhi wafisa ukuthi angaphinde awubone wona noma nabantu nakho konke okuphilayo okuhlala kuwo. Emuva kokuthi umuzi sewushe wangqongqa, kwasala umlotha nje, wase ungasekho ngempela emehlweni kaNkulunkulu; ngisho izinkumbulo Zakhe ngawo, zasulwa. Lokhu kusho ukuthi umlilo owawuthunyelwe usuka ezulwini awuzange nje uqothule kuphela wonke umuzi waseSodoma kanye nabantu bakhona abagcwele izono, futhi awuzange nje ubhubhise zonke izinto ngaphakathi komuzi ezazingcoliswe isono, ngaphezu kwalokho, lo mlilo wabhubhisa izinkumbulo zobubi bomuntu nokumelana noNkulunkulu. Lokhu kwabe kuyinhloso kaNkulunkulu ngokushisa umuzi.
Isintu sase sonakaliswe kwaze kweqa. Babengazi ukuthi uNkulunkulu ngubani noma babevele kuphi. Uma uphatha uNkulunkulu laba bantu babegasela, banyunde futhi bahlambalaze. Ngisho noma izinceku zikaNkulunkulu zazifikile ukuzomemezela isexwayiso Sakhe, laba bantu abazange nje kuphela bangabonakalisi zimpawu zokuzisola; abazange bakulahle ukuziphatha ngendlela ekhohlakele. Esikhundleni salokho, balimaza izinceku zikaNkulunkulu ngokweyisa. Abakukhombisa nabakuveza kwabe kuyimvelo nobukhona babo obunobutha obudlulele noNkulunkulu. Siyabona ukuthi ukumelana noNkulunkulu kwalaba bantu abonakele, kwabe kukukhulu kunokwembulwa kwesimo sabo esonakele, njengoba kwabe kukukhulu kunesigameko esisodwa nje sokunyundela noma ukubhuqa okusuka ekusweleni ukuqonda ngeqiniso. Kwabe kungebona ubulima noma ukungabi nalwazi okwakudala ukuziphatha ngokukhohlakala kwabo; kwakungekhona ukuthi laba bantu babekhohlisiwe, futhi kwabe kungesikhona ukuthi babedukisiwe. Ukuziphatha kwabo kwase kufike ezingeni lokuphikisana, ukumelana kanye nobuyaluyalu noNkulunkulu, okwakunokweyisa okusobala. Ngaphandle kokungabaza, lolu hlobo lokuziphatha komuntu kwakuzovusa ulaka lukaNkulunkulu, futhi kuvuse ulaka lwesimo Sakhe—isimo okungafanele sicasulwe. Ngakho-ke, uNkulunkulu wadedela ngqo futhi nangokusobala ulaka Lwakhe nobukhosi Bakhe; lokhu ukwembulwa ngeqiniso kwesimo sakhe esilungile. Ebhekene nomuzi owabe uchichima yisono, uNkulunkulu wafisa ukuwubhubhisa ngendlela esheshayo kakhulu kunezinye; wayefisa ukuqothula abaqede abantu abakuwo kanye nazo zonke izono zabo ngendlela ephelele kakhulu, ukwenza abantu balo muzi ukuthi bangabi sabakhona kanye nokuvimba isono esabe singaphakathi ukuthi sichume sande. Indlela eyabe ishesha futhi iphelele yokwenza lokhu kwabe kuwukushisa ngomlilo. Umbono kaNkulunkulu ngabantu baseSodoma kwabe kungesona esokubashiya noma ukungabakhathaleli; kunalokho, wasebenzisa ulaka, nobukhosi negunya Lakhe ukujezisa, ukuvithiza nokubabhubhisa nya laba bantu. Umbono Wakhe ngabo kwakungesona kuphela esokubabhubhisa ngokomzimba kuphela, kodwa kwabe kungukubhubhiswa komphefumulo, ukushabalalisa okungunaphakade. Yilokhu empeleni obekuqondwe isifiso sikaNkulunkulu ngabo ukuthi “bangabe besaba khona.”
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
1 note · View note
Video
youtube
African Gospel Song 2018 "Ukusola Nokwahlulela KukaNkulunkulu Kungukukhanya Kwensindiso Yomuntu"
I
Ukuze uhlanzwe ekuphileni kwakho, ukuze uguqulwe isimo,
uphile impilo enenhloso, ufeze umsebenzi wakho njengesidalwa,
kufanele wamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu,
akufanele uvumele ukuqondisa nokushaya kukaNkulunkulu ukuba kusuke kuwe, ukuze uzikhulule ekusetshenzisweni nguSathane,
Kufanele uvumele uNkulunkulu akushaye futhi abhekane nawe.
ukuze ukhululeke ethonyeni likaSathane,
emandleni akubambela embusweni wakhe,
futhi ungaphila, futhi ungaphila, futhi ungaphila ngokwengeziwe ekukhanyeni kukaNkulunkulu.
II
Ukusola kukaNkulunkulu, kuwukukhanya; ukwahlulela Kwakhe nakho, ukukhanya kwensindiso.
Kuwumusa omkhulu kakhulu kuwe, isivikelo esiqinile esikuzungezile.
Ukusola kukaNkulunkulu, kuwukukhanya; ukwahlulela Kwakhe nakho, ukukhanya kwensindiso.
Kuwumusa omkhulu kakhulu kuwe, isivikelo esiqinile esikuzungezile.
kufanele wamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu,
akufanele uvumele ukuqondisa nokushaya kukaNkulunkulu ukuba kusuke kuwe, ukuze uzikhulule ekusetshenzisweni nguSathane,
Kufanele uvumele uNkulunkulu akushaye futhi abhekane nawe.
ukuze ukhululeke ethonyeni likaSathane,
emandleni akubambela embusweni wakhe,
futhi ungaphila, futhi ungaphila, futhi ungaphila ngokwengeziwe ekukhanyeni kukaNkulunkulu.
Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
1 note · View note
Photo
Tumblr media
Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu
3 notes · View notes
Text
“Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” | Ubufakazi Bamandla KaNkulunkulu
youtube
Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu? Selokhu safika sikhala kulo mhlaba saqala ukufuna ukudlala izindima ezahlukene ekuphileni. Sisuka ekuzalweni siye ekugugeni siye ekuguleni siye ekufeni, sihamba phakathi kwenjabulo nosizi… Sibuya kuphi ngempela isintu, futhi sizoya kuphi ngempela? Ubani obusa isimiselo sethu? Kusukela ezikhathini zasendulo kuze kube sezikhathini zanamuhla, izizwe ezinkulu zivelile, amakhosi afikile futhi edlula, kanti amazwe nabantu bachumile futhi bashabalala emagagasini omlando…. Njengomthetho wemvelo, ukuthuthuka kwemithetho yesintu kuqukethe izimfihlakalo ezingapheli. Ingabe ungathanda ukwazi izimpendulo zazo? Idokhumentari ethi Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke izokuqondisa ukuba uthole umsuka walokhu, ukuba yembule zonke lezi zimfihlakalo!
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
1 note · View note
Text
Ukwamukela UNkulunkulu NjengeNkosi Yakho Eyingqayizivele Kuyisinyathelo Sokuqala Sokuthola Insindiso
Tumblr media
Amaqiniso mayelana negunya likaNkulunkulu ukuthi wonke umuntu kumele awaphathe ngokubaluleka, kumele awezwe futhi awaqonde ngenhliziyo yakhe; ngoba la maqiniso awumthwalo wakho konke ukuphila komuntu, imuva lomuntu, inkathi yamanje nenkathi ezayo, ayisehlakalo esibalulekile wonke umuntu okumele aphumelele kuso empilweni, olwazini lomuntu ngobukhosi bukaNkulunkulu nangendlela okufanele abheke ngayo igunya likaNkulunkulu, kuyo yonke indawo umuntu aphokophele kuyo. Ngakho kuthatha ukuphila kwakho konke ukuwaqonda. Uma ubheka igunya likaNkulunkulu njengelibalulekile, lapho wamukela ubukhosi bukaNkulunkulu, uyoqonda kancane kancane ukuthi igunya likaNkulunkulu likhona ngempela. Kodwa uma ungakaze uqaphele igunya likaNkulunkulu, ungakaze wamukele ubukhosi Bakhe, kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi uphila iminyaka emingaki, ngeke uthole noluncane ulwazi ngobukhosi bukaNkulunkulu. Uma ungalazi ngempela futhi ungaliqondi igunya likaNkulunkulu, khona-ke lapho ufika ekupheleni kwendlela, ngisho noma wake wakholelwa amashumi eminyaka kuNkulunkulu, ngeke ube nalutho ozokubonisa ekuphileni kwakho, ulwazi lwakho ngobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa komuntu luyoba into engekho. Ingabe lokhu akuyona into edabukisa kakhulu? Ngakho kungakhathaliseki ukuthi usuhambe ibanga elingakanani ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi usumdala kangakanani, kungakhathaliseki ukuthi lingakanani ibanga elikuhlalele, kumele uqale uqaphele igunya likaNkulunkulu futhi ulibheke njengelibalulekile, wamukele ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi yakho eyingqayizivele. Uthole ulwazi olucacile, olunembile nokuqonda ngala maqiniso amayelana nobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa komuntu kungaba isifundo esikhulu kuwo wonke umuntu, kuyisihluthulelo sokwazi ukuphila komuntu nokuthola iqiniso, kuyingxenye yokuphila nesisekelo solwazi ngoNkulunkulu wonke umuntu abhekene nalo usuku ngalunye, okungekho umuntu ongamelana nakho. Uma abanye benu befuna ukuthatha izindlela ezinqamulelayo ukuze bafinyelele lo mgomo, khona-ke ngithi kini, lokho akunakwenzeka! Uma abanye befuna ukuphunyuka ebukhosini bukaNkulunkulu, lokho ngeke kwenzeke nangephutha! UNkulunkulu uwukuphela kweNkosi yomuntu, uNkulunkulu uwukuphela kweNkosi yokudalelwa komuntu, ngakho akunakwenzeka ngomuntu ukuba anqume ukudalelwa kwakhe, futhi awukwazi. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu unamakhono amakhulu kangakanani, ngeke akwazi ukuthonya, ingasaphathwa eyokuqondisa, ukuhlela, nokulawula noma ukushintsha imiphumela yabanye. UNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe kuphela onganquma konke ngomuntu, ngoba nguye onegunya eliyingqayizivele elinobukhosi phezu kokudalelwa komuntu; futhi uMdali kuphela oyiNkosi yomuntu eyingqayizivele. Igunya likaNkulunkulu linobukhosi hhayi nje phezu kwabantu abadaliwe kuphela, kodwa naphezu kwezinto ezingadaliwe umuntu angeke akwazi ukuzibona, ezisezinkanyezini, nasendaweni yonke. Leli iqiniso elingenakuphikwa, iqiniso elikhona ngempela, okungekho muntu ongalishintsha. Uma abanye benu bengakagculiseki ngendlela izinto ezimi ngayo, ukholelwa ukuthi unamakhono akhethekile, futhi usacabanga ukuthi ungaba nenhlanhla ushintshe izimo zakho zamanje noma uphunyuke kuzo; uma uzama ukushintsha ukudalelwa kwakho, ngalokho uvelela kwabanye uthole udumo nengcebo; ngakho ngithi kuwe, wenza izinto zibe nzima kuwe, uzibizela inkinga, uzimbela ithuna! Kungekudala ngelinye ilanga, uyothola ukuthi wenze isinqumo esibi, ukuthi imizamo yakho ibe yize. Isifiso sakho sokulwa nokudalelwa, nokuziphatha kwakho okubi, kuyokuholela endleleni ongeke ukwazi ukubuyela emuva ngayo, futhi uyokhokha kabuhlungu. Nakuba okwamanje ningaboni ukuthi mkhulu kangakanani umphumela, njengoba uqhubeka ubona iqiniso elijulile lokuthi uNkulunkulu uyiNkosi yokudalelwa komuntu, uyokubona kancane kancane lokho engikusho kuwe namuhla nencazelo yangempela yakho. Kungakhathaliseki ukuthi unenhliziyo noma umoya, noma uwumuntu othanda iqiniso, lokho kuncike embonweni onawo ngobukhosi bukaNkulunkulu nangeqiniso. Futhi lokhu kunquma ukuthi ungakwazi yini ukuliqonda ngempela igunya likaNkulunkulu. Uma ungakaze ekuphileni kwakho uzwe ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ingasaphathwa eyokubona nokwamukela igunya likaNkulunkulu, khona-ke uyoba into engenamsebenzi, ngaphandle kokungabaza uyoba into uNkulunkulu afuna ukuyiqothula, uyosindiswa indlela oyikhethile nesinqumo osenzile. Kodwa labo emsebenzini kaNkulunkulu, abangemukela uvivinyo Lwakhe, abangemukela ubukhosi Bakhe, abangathobela igunya Lakhe, futhi kancane kancane baqonde amazwi Akhe, bayozitholela ulwazi lweqiniso ngegunya likaNkulunkulu, ukuqonda kwangempela ngobukhosi Bakhe, futhi ngempela bayoba ngabantu boMdali. Abantu abanjalo kuphela abayosindiswa. Ngoba baye babazi ubukhosi bukaNkulunkulu, ngenxa yokuthi babamukele, ukwazisa kwabo nokuvuma iqiniso lokuthi ubukhosi bukaNkulunkulu bungaphezu kokudalelwa komuntu kuyiqiniso futhi kunembile. Lapho bebhekene nokufa bayokwazi, njengoJobe, ukuba nomqondo ongethuswa ukufa, bazithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngaphandle kokukhetha nesifiso somuntu. Abantu abanjalo kuphela abayokwazi ukubuyela ohlangothini loMdali njengabantu bangempela abadaliwe.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Noma Isintu Sonakalisiwe, Sisaphila Ngaphansi Kobukhosi Begunya LoMdali
Tumblr media
Noma Isintu Sonakalisiwe, Sisaphila Ngaphansi Kobukhosi Begunya LoMdali
USathane selokhu onakalisa isintu izinkulungwane zeminyaka. Usedale ububi obungebalwe, ukhohlise isizukulwane ngesizukulwane, futhi wenza amacala esabekayo emhlabeni. Uhlukumeze umuntu, wakhohlisa umuntu, wayenga umuntu ukuthi amelane noNkulunkulu, futhi wenza izenzo ezimbi ezikhungathe zakhinyabeza uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha izikhathi eziningi. Kepha, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, zonke izinto nezidalwa eziphilayo ziyaqhubeka ukugcina imigomo nemithetho ebekwe nguNkulunkulu. Uma uqhathanisa negunya likaNkulunkulu, imvelo embi kaSathane nedlangile imbi kakhulu, iyanyanyeka kakhulu, futhi iyanyanyisa, futhi incane kakhulu futhi ibuthakathaka. Noma ngabe uSathane uhamba phakathi kwezinto zonke ezidalwe nguNkulunkulu, akakwazi ukudala ngisho oluncane uguquko kubantu, ezintweni, kanye noma yini edalwe nguNkulunkulu. Izinkulungwane eziningi zeminyaka seyidlulile, futhi isintu sisathakasela ukukhanya nomoya okulethwe nguNkulunkulu, sisaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo, sisajabulela izimbali, izinyoni, izinhlanzi kanye nezinambuzane ezidalwe nguNkulunkulu; imini nobusuku busadedelana; izinkathi ezine zonyaka zisadedelana njengokujwayelekile; amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba ebusika, futhi abuye entwasahlobo elandelayo; izinhlanzi emanzini aziyishiyi neze imifula namachibi—ikhaya lazo; izihlonono emhlabathini ziyacula ngokuzimisela ehlobo; izinyendle otshanini ziyavungazela kancane zihambisana nomoya ekwindla; amahansi ayaqoqana aba imihlambi, lapho ukhozi lusahlala lodwana; imihlambi yamabhubesi ayazigcina ephila ngokuzingela; inyamazane i-elk ayeduki ibe kude notshani nezimbali…. Zonke izinhlobo zezilwane eziphilayo phakathi kwezinto zonke ziyahamba futhi zibuye, futhi ziphinde zihambe futhi, izigidi zezinguquko zenzeka ngokuphazima kweso—kodwa okungaguquki imizwelo nemithetho yokuphila. Noma isintu, esiphila phakathi kwezinto zonke, sonakalisiwe futhi sakhohliswa nguSathane, umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi enziwe nguNkulunkulu, kanye nomoya owenziwe nguNkulunkulu, kanye nezinto zonke ezenziwe nguNkulunkulu, futhi umuntu usaphila futhi azale kakhulu ande kule ndawo edalwe nguNkulunkulu. Isazelo sesintu asikaguquki. Umuntu usathembe amehlo ukubona, izindlebe ukuba ezwe, uthembele engqondweni yakhe ukucabanga, enhliziyweni yakhe ukuqonda, emilenzeni nezinyawo ukuhamba, ezandleni ukusebenza, njalonjalo; yonke imizwa uNkulunkulu ayinika umuntu ukuze akwazi ukwemukela ukuhlinzeka kukaNkulunkulu yilokhu ingaguqukile. Amandla asiza umuntu ukuba asebenzisane noNkulunkulu akakaze aguquke, amandla esintu okwenza umsebenzi wesidalwa esidaliwe awakaguquki, izidingo zesintu zikamoya azikaguquki, ukulangazelela kwesintu ukuba sisindiswe nguMdali akukaguquki. Zinjalo izimo zamanje zesintu, esiphila ngaphansi kwegunya kaNkulunkulu, futhi esibekezelele imbubhiso yegazi edalwe nguSathane. Noma isintu besingaphansi kwencindezelo kaSathane, futhi singasebona o-Adamu no-Eva basekuqaleni kwendalo, kodwa sesigcwele izinto eziphikisana noNkulunkulu, njengolwazi, ukubona ngamehlo engqondo, imicabango, njalo njalo, futhi sigcwele isimo sokukhohlakala sikaSathane, emehlweni kaNkulunkulu, isintu kuseyisintu esifanayo nalesi asidala. Isintu sisabuswa futhi siphethwe nguNkulunkulu, futhi sisaphila emzileni obekwe nguNkulunkulu, ngakho emehlweni kaNkulunkulu, isintu esonakaliswe nguSathane, sisembozwe yinsila, sinesisu esidumayo, nokuphendula okuthanda ukuhamba kancane, ukukhumbula okungasekuhle njengakuqala, nokuthi sesithe ukukhula ngeminyaka—kodwa konke ukusebenza nemizwa yomuntu akulimalanga nhlobo. Lesi isintu uNkulunkulu ahlose ukusisindisa. Lesi sintu kufanele sizwe nje ukumemeza koMdali futhi sizwe iphimbo loMdali, bese sisukuma futhi siphuthume ukuthola umthombo walelo phimbo. Lesi sintu kufanele sibone nje isiqu soMdali, bese sishaya konke indiva, futhi sishiye konke, ukuze sizinikele kuNkulunkulu, futhi size sinikele ngempilo yaso Kuye. Uma inhliziyo yesintu iqonda amazwi athinta inhliziyo aphuma enhliziyweni yoMdali, isintu sizolahla uSathane futhi size ngakuMdali; lapho isintu sesikugezile ngokuphelele ukungcola emzimbeni waso, futhi saphinde sathola ukuhlinzekwa nokondleka kuMdali, ukukhumbula kwesintu kuyobuyela, futhi ngalesi sikhathi isintu siyobe sesibuyele ngempela ekubuseni koMdali.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Ungase Uthande Nalezi:  Top south african gospel songs 
0 notes
Text
USathane Uvivinya UJobe Okokuqala
Tumblr media
 a. Amazwi Akhulunywa UNkulunkulu
(UJobe 1:8) Yayisithi iNKOSI kuSathane, Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi?
(UJobe 1:12) Futhi INKOSI yathi kuSathane, Bheka, konke lokhu anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena ungabeki isandla sakho. Ngakho uSathane wayesesuka phambi kweNKOSI.
b. Impendulo KaSathane
(UJobe 1:9-11) Khona-ke uSathane wabe eseyiphendula iNKOSI, futhi wathi, Ingabe uJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Awumbiyelanga yini yena, nendlu yakhe, nakho konke okwakhe nxazonke? wabusisa umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho manje, bese uthinta konke anakho, futhi uyokuthuka ebusweni bakho.
UNkulunkulu Uvumela USathane Ukuba Alinge UJobe Ukuze Ukholo LukaJobe Lupheleliswe
UJobe 1:8 umbhalo wokuqala lapho sibona khona ingxoxo ephakathi kukaJehova uNkulunkulu noSathane. Wathini uNkulunkulu? Umbhalo wokuqala unikeza amazwi alandelayo: “Yayisithi iNKOSI kuSathane, Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi?” Lesi kwakuyisimo uNkulunkulu ayenaso ngoJobe phambi kukaSathane; uNkulunkulu wathi wayeyindoda elungile futhi eqotho, eyesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi. Ngaphambi kwala mazwi aphakathi kukaNkulunkulu noSathane, uNkulunkulu wayenqume ukuthi wayezosebenzisa uSathane ukuze avivinye uJobe—ukuthi wayezonikela ngoJobe kuSathane. Ngelilodwa, lokhu kwakuzofakazela ukuthi ukubona kukaNkulunkulu nokuhlolwa kukaJobe kwakunembe kakhulu, kwakuzokwenza uSathane abe namahloni ngobufakazi bukaJobe; kwakuzophinde kuphelelise nokholo lukaJobe nokwesaba kwakhe uNkulunkulu. Ngakho, lapho uSathane eza phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akazange agudle iguma. Wahlala ephuzwini wabuza uSathane: “Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owensaba uNkulunkulu, nogwema okubi?” Embuzweni kaNkulunkulu kunencazelo elandelayo: UNkulunkulu wayazi ukuthi uSathane wayesehambe zonke izindawo, futhi wayesezwile ngoJobe, owayeyinceku kaNkulunkulu. USathane wayezama ukuletha incithakalo kuJobe ukuze afakazele ukuthi ukholo lukaJobe kuNkulunkulu nokwesaba kwakhe uNkulunkulu kwakungeke kume kuqine. USathane wayekulungele ukufuna amathuba okucekela phansi uJobe, nokuthi uJ0be aphike uNkulunkulu futhi amsuse ezandleni zikaNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wahlola inhliziyo kaJobe wabona ukuthi wayelungile futhi eqotho, nokuthi wayesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi. UNkulunkulu wasebenzisa umbuzo ukuze atshele uSathane ukuthi uJobe wayelungile futhi eyindoda eqotho eyesaba uNkulunkulu igweme okubi, nokuthi uJobe wayengeke amphike uNkulunkulu alandele uSathane. Ngemva kokuzwa lokhu ngoJobe, kwaqubuka inzondo enkulu kuSathane, futhi wafuna ngazo zonke izindlela ukuhlwitha uJobe, ngoba uSathane akakaze akholelwe ukuthi kungaba nomuntu olungile futhi oqotho, ongesaba uNkulunkulu agweme okubi. Ngesikhathi esifanayo, uSathane wazonda indoda elungile futhi eqotho, wazonda nabantu abesaba uNkulunkulu futhi abagwema okubi. Ngakho kulotshiwe kuJobe 1:9-11 ukuthi “Khona-ke uSathane wabe eseyiphendula iNKOSI, futhi wathi, Ingabe uJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Awumbiyelanga yini yena, nendlu yakhe, nakho konke okwakhe nxazonke? wabusisa umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho manje, bese uthinta konke anakho, futhi uyokuthuka ebusweni bakho.” UNkulunkulu wayejwayelene namaqhinga kaSathane okukhohlisa, wayazi kahle kamhlophe ukuthi kwase kuyisikhathi eside uSathane eceba ukonakalisa uJobe, ngakho uNkulunkulu watshela uSathane ukuthi uJobe wayengumuntu olungile futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi agweme okubi, kuze abuyise uSathane endleleni, ukuze embule ubuso bangempela bukaSathane ahlasele futhi alinge uJobe. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wakuveza ngenhloso ukuthi uJobe wayelungile futhi eqotho, nokuthi wayesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi, futhi ngalokhu wenza uSathane wahlasela uJobe ngenxa yokuthi uSathane kwakumthukuthelisa ukuthi uJobe ulungile futhi uqotho, nokuthi wesaba uNkulunkulu futhi ugwema okubi. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wayeyoletha isihlamba kuSathane ngenxa yokuthi uJobe wayelungile futhi eyindoda eqotho, eyesaba uNkulunkulu igweme okubi, uSathane wayeyohlazeka kakhulu futhi anqotshwe. Ngemva kwalokho, uSathane wayengeke esamngabaza noma ehlasele ukulunga kukaJobe, ubuqotho, ukwesaba uNkulunkulu, noma ukugwema okubi. Ngale ndlela, uvivinyo lukaNkulunkulu nokulingwa uSathane cishe kwakuyinto engenakugwenya. Okuwukuphela komuntu owayengakwazi ukumelana nokuvivinywa uNkulunkulu nokulingwa uSathane kwakunguJobe. Ngemva kwale ngxoxo, uSathane wanikwa imvume yokulinga uJobe. Ngakho kwaqala isiwombe sokuqala sokuhlasela kukaSathane. Umgomo walokhu kuhlasela kwakuyimpahla kaJobe, ngoba uSathane wayenze izinsolo ngokumelene noJobe: “Ingabe uJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? … wabusisa umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni.” Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wavumela uSathane ukuthi athathe konke uJobe ayenakho—okwakuyinjongo kaSathane yokukhuluma noNkulunkulu kwasekuqaleni. Noma kunjalo, uNkulunkulu wacela into eyodwa kuSathane: “konke lokhu anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena ungabeki isandla sakho” (Jobe 1:12). Lesi isimo esahlelwa uNkulunkulu ngemva kokuvumela uSathane ukuba alinge uJobe futhi wabeka uJobe ezandleni zikaSathane, wambekela umngcele owodwa uSathane: Wayala uSathane ukuba angamlimazi uJobe. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wabona ukuthi uJobe wayephelele futhi eqotho, futhi wayenokholo lokuthi ukulunga kukaJobe nobuqotho bakhe phambi Kwakhe kwakungangabazeki, futhi kwakungamelana novivinyo; ngakho uNkulunkulu wavumela uSathane ukuba alinge uJobe, kodwa wabekela uSathane umbandela: USathane wayevunyelwe ukuyithatha yonke impahla kaJobe, futhi wayengakwazi ukumbeka isandla. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi uNkulunkulu akanikelanga ngoJobe ngokuphelele kuSathane. USathane wayengavivinya uJobe nganoma yini ayifunayo, kodwa wayengeke amlimaze uJobe, ngisho nonwele olusekhanda lakhe, ngoba yonke into yomuntu ilawulwa uNkulunkulu, ukuthi umuntu uyaphila noma uyafa kunqunywa uNkulunkulu, uSathane akanalo igunya elinjalo. Ngemva kokuba uNkulunkulu esho la mazwi kuSathane, uSathane wayengasakwazi ukulinda ukuqala umsebenzi. Wayesebenzisa konke ukuze alinge uJobe, futhi kungakabiphi, uJobe wayeselahlekelwe inqwaba yezimvu, nezinkomo nayo yonke impahla ayeyinikwe uNkulunkulu …. Ngakho uvivinyo lukaNkulunkulu lwafika kuye.
Nakuba iBhayibheli lisitshela ngomsuka wokulingwa kukaJobe, ingabe uJobe owayelingwa, wayazi ukuthi kuqhubekani? UJobe wayemane engumuntu wasemhlabeni; ngakho wayengazi lutho ngendaba emayelana naye. Noma kunjalo, ukwesaba kwakhe uNkulunkulu, nokulunga nobuqotho bakhe, kwamenza waqaphela ukuthi uvivinyo luNkulunkulu lwalwehlele kuye. Wayengazi ukuthi kwakwenzekeni ezulwini, nokuthi izinjongo zikaNkulunkulu ngalolu vivinyo lwaluyini. Kodwa wayazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani kuye, kwakufanele abambelele ngeqiniso ekulungeni nasebuqothweni bakhe, futhi kwakufanele esabe uNkulunkulu agweme okubi. Umbono kaJobe nendlela asabela ngayo kulokhu wayekubonile uNkulunkulu. Wabonani uNkulunkulu? Wabona inhliziyo kaJobe eyesaba uNkulunkulu, ngoba kusukela ekuqaleni kuze kube manje, lapho uJobe elingwa, uNkulunkulu wayelokhu eyibona inhliziyo kaJobe, yayenekwe phambi kukaNkulunkulu, futhi uJobe akakuphikanga ukulunga nobuqotho, futhi akakubalekelanga ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi—futhi lokho kwamjabulisa uNkulunkulu. Manje, sizohlola izilingo uJobe adlula kuzo, nendlela asabela ngayo kuzo. Ake sifunde imibhalo.
c. Ukusabela KukaJobe
(UJobe 1:20-21) Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka, Waye sethi, Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze: iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI.
UJobe Ukubeka Emahlombe Akhe Ukubuyisela Konke Anakho Ngenxa Yokwesaba Kwakhe UNkulunkulu Ngemva kokuba uNkulunkulu ethe kuSathane, “konke lokhu anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena ungabeki isandla sakho,” uSathane wahamba, ngokushesha nje uJobe wahlaselwa ngonya: Okokuqala, izinkomo nezimbongolo zakhe kwebiwa futhi izinceku zakhe zabulawa; ngemva kwalokho, kwaqothulwa izimvu kanye nezinceku zakhe; ngemva kwalokho, kwathathwa amakamela nezinceku zakhe zabulawa; ekugcineni amadodana namadodakazi akhe ashona. Lezi zigcawu ezilandelanayo zaba usizi olukhulu kuJobe ovivinyweni lwakhe lokuqala. Njengoba uNkulunkulu ayala, kulokhu kuhlasela uSathane wayefuna impahla kaJobe nezingane zakhe, kodwa akamlimazanga uJobe. Ngakho, uJobe akabange esaba isicebi esicaphuna kusale, waba umuntu ohlwempu. Akekho owayengamelana nalezo zimo ezibuhlungu, uJobe amelana nazo. Imibhalo iyalandisa: “Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka.” Lena indlela yokuqala uJobe asabela ngayo ngemva kokuzwa ukuthi uselahlekelwe izingane zakhe kanye nempahla yakhe. Ngaphezu kwakho konke, akabonakalanga emangele, noma ethukile, ingasaphathwa eyokuthi athukuthele noma abe nenzondo. Ngakho uyabona ukuthi enhliziyweni yakhe, wayesebona kakade ukuthi lezi zinhlekelele azenzekanga ngengozi, noma azibangelwanga umuntu, ingasaphathwa eyokujeziswa kwakhe. Kunalokho, uvivinyo lukaNkulunkulu lwalwehlele kuye; nguye owayefisa ukuthatha impahla nezingane zakhe. UJobe wayezolile futhi enombono ocacile. Ukulunga nobuqotho bakhe kwamvumela ukuba enze ukwahlulela nezinqumo ezinhle ngalezi zinhlekelele ezazimehlele, futhi ngenxa yalokho wasabela ngendlela engavamile: “Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka.” “Waklebhula isiphuku sakhe” kusho ukuthi wayengagqokile, engenalutho; “ukuphucula ikhanda lakhe” kusho ukuthi wayesebuyele esimweni sosana olusanda kuzalwa; “ukuwela emhlabathini, akhuleke” kusho ukuthi wafika enqunu kuleli zwe, engenalutho, wabuyiselwa kuNkulunkulu elusana oluncane. Kwakungeke kube yinoma yisiphi isidalwa esingumuntu esasingaba nombono kaJobe. Ukholo lwakhe kuJehova lwaba ngaphezu kwenkolelo; lokhu kwakuwukwesaba anakho ngoNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, futhi wayengakwazi nje ukubonga uNkulunkulu ngokumnika khona, kodwa nokukuthatha kuye. Okukhulu nakakhulu, ukuthi wayekwazi ukubuyisela lokho ake waba nakho, kuhlanganise nokuphila kwakhe.
Ukwesaba nokulalela kukaJobe uNkulunkulu kuyisibonelo esintwini, futhi ukulunga nobuqotho bakhe yiqophela bonke abantu okufanele bafune ukufinyelela kulo. Nakuba engazange ambone uNkulunkulu, wabona ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela, futhi wamesaba uNkulunkulu—futhi ngenxa yokwesaba uNkulunkulu, wakwazi ukulalela uNkulunkulu. Wanika uNkulunkulu ithuba lokuthatha noma yini ayenayo, kodwa futhi wangakhononda, wawa phambi kukaNkulunkulu wathi, ngaso leso sikhathi, ngisho noma uNkulunkulu ethatha inyama yakhe, uyomvumela ngaphandle kokuba nenkinga, ngaphandle kokukhononda. Konke ukuziphatha kwakhe kwakusekelwe ekutheni wayelungile futhi eqotho. Okusho ukuthi, ngenxa yobumsulwa bakhe, ukwethembeka, nomusa, uJobe wayengenalo iso elintengantengayo ngokuba khona kukaNkulunkulu, futhi ngenxa yaleli zinga ayephila ngalo, nezinga lakhe lokucabanga, naziphatha ngalo ezenzweni zakhe phambi kukaNkulunkulu, wayenza ngokuvumelana nesiqondiso sikaNkulunkulu nezenzo zikaNkulunkulu ayezibone phakathi nazo zonke izinto. Ngemva kwesikhathi, izinto azibona zamenza wamesaba ngobuqotho uNkulunkulu futhi wagwema okubi. Lona kwakuwumthombo wobuqotho uJobe awubamba wawuqinisa. UJobe wayethembekile, emsulwa, futhi enomusa, esaba noNkulunkulu, elalela uNkulunkulu, futhi egwema okubi, kanye nolwazi lokuthi “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile.” Kungenxa yalezi zinto kuphela akwazi ukumelana futhi wanikeza ubufakazi ekuhlaselweni ngonya uSathane, futhi yizo ezamenza wangamdumaza uNkulunkulu wanika uNkulunkulu impendulo egculisayo lapho uvivinyo lukaNkulunkulu luphezu kwakhe. Nakuba ukuziphatha kukaJobe ovivinyweni lokuqala kwakungagwegwesi, izizukulwane ezalandela zaba mathintanyawo ekufinyeleleni kulokho kungagwegwesi ngisho nangaphezu kwemizamo yokuphila konke, futhi zahluleka ukuziphatha njengoJobe ngendlela echazwe ngenhla. Namuhla, lapho ubuka indlela uJobe aziphatha kahle ngayo, uyiqhathanisa nokukhala kanye nesifiso “sokulalela ngokuphelele nokuba qotho kuze kube sekufeni” okuboniswa kuNkulunkulu yilabo abathi bakholelwa Kuye futhi bayamlandela, ingabe lokho akukunenzi nibe namahloni?
Tumblr media
Lapho ufunda ngokuhlupheka kukaJobe emibhalweni, uzizwa kanjani? Ingabe uhluleka ngisho nokukucabanga? Ingabe uyamangala? Ingabe izilingo zikaJobe “ziyethusa”? Ngamanye amazwi, kubi ngokwanele ukufunda ngezilingo zikaJobe ezichazwe emibhalweni, ukungasho lutho ngokuthi bezingaba njani ngokoqobo. Ngakho uyabona ukuthi lokho okwehlela uJobe “kwakungewona umdlalo,” kodwa “kwakuyimpi” yangempela, “enezibhamu” “nezinhlamvu” zangempela. Kodwa isandla sikabani esasingemva kwalezi zilingo? Yiqiniso, zazihlelwe uSathane, zenziwa uSathane ngokuqondile—kodwa zigunyazwe uNkulunkulu. Ingabe uNkulunkulu watshela uSathane ukuthi amlinge ngani uJobe? Cha akamtshelanga. UNkulunkulu wamane wambekela umngcele owodwa, ngemva kwalokho uJobe waqala ukulingwa. Lapho uJobe elingwa, abantu baqaphela ukuthi uSathane mubi futhi ukhohlakele kangakanani, indlela anenzondo enonya ngayo ngabantu, nobutha anabo noNkulunkulu. Kulokhu siyabona ukuthi amazwi awanakuluchaza unya olwaluhambisana nalezi zilingo. Kungashiwo ukuthi indlela enonya uSathane ahlukumeza ngayo umuntu nobubi bakhe bembuleka ngempela ngalowo mzuzu. USathane wasebenzisa leli thuba, ithuba avunyelwa uNkulunkulu kulo, athole kulo imvume kaNkulunkulu, ukuze ahlukumeze uJobe ngonya, ngendlela yokukhohlakala engacabangeki futhi okungekho muntu ongayibekezelela namhlanje. Kunokuthi uJobe walingwa uSathane, nokuthi waqina ovivinyweni lwakhe, kungcono ukuthi uvivinyo aluhlelelwa uNkulunkulu, uJobe waphikelela ekumelaneni noSathane ukuze avikele ukulunga nobuqotho bakhe, futhi aqhubeke esaba uNkulunkulu egwema okubi. Kule nhlekelele, uJobe walahlekelwa imihlambi yezimvu nezinkomo, walahlekelwa yiyo yonke impahla yakhe, futhi walahlekelwa amadodana namadodakazi akhe—kodwa akazange akulaxaze ukulunga kwakhe, ubuqotho, nokwesaba uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, kulolu vivinyo lukaSathane, uJobe wancamela ukulahlekelwa impahla yakhe nezingane kunokuthi alahlekelwe ukulunga, ubuqotho, nokwesaba uNkulunkulu. Wancamela ukunamathela kulokho okushiwo ukuba umuntu. ImiBhalo iyilandisa ngendlela ecacile yonke le nqubo yokulahlekelwa kukaJobe yizo zonke izinto zakhe, kanye nokuziphatha kukaJobe phakathi nayo. Lokhu kulandisa okufishane kunikeza umqondo wokuthi uJobe wayengaxhamazeli lapho elingwa, kodwa kwakunesidalwa esidaleke kabusha esinonya esinguSathane—lokhu kwakungeke kube lula njengoba kuchazwe emibhalweni. Isimo sasinonya kakhulu. Linjalo izinga lenkohlakalo nenzondo uSathane aphatha ngayo isintu nabo bonke abamukelwa uNkulunkulu. Ukube uNkulunkulu akashongo ukuthi uSathane angamlimazi uJobe, uSathane ngabe wambulala ngaphandle kokunqikaza. USathane akafuni kube nomuntu okhonza uNkulunkulu, futhi akafisi kube nabalungile emehlweni kaNkulunkulu nabaphelele nabaqotho kuye abaqhubeka besaba uNkulunkulu futhi begwema okubi. Ukuze abantu besabe uNkulunkulu futhi bagweme okubi kusho ukuthi kufanele bagweme futhi babalekele uSathane, njengoba uSathane asizakala lapho uNkulunkulu emnika imvume, wavivinya ngonya uJobe. Uyabona ukuthi wezwa ubuhlungu obungakanani uJobe, kusukela engqondweni kuya enyameni, ngaphandle nangaphakathi. Namhlanje, asiboni ukuthi kwakunjani ngaleso sikhathi, singafunda ngakho eBhayibhelini kuphela, amazwibela endlela uJobe azizwa ngayo lapho ehlukunyezwa ngaleso sikhathi.
Ubuqotho BukaJobe Obungantengantengi Bahlambalaza USathane Futhi Bamenza Wabaleka Ethukile Yini eyenziwa uNkulunkulu lapho uJobe ehlukunyezwa? UNkulunkulu wayebuka, walinda umphumela. Njengoba uNkulunkulu ayebhekile, wazizwa kanjani? Akungabazeki ukuthi wabuzwa ubuhlungu. Kodwa ngenxa yosizi Lwakhe, ingabe wazisola ngokuvumela uSathane ukuba alinge uJobe? Impendulo ngu-cha, wayengeke. Ngoba wayeqiniseke kakhulu ngokuthi uJobe ulungile futhi uqotho, wayesaba uNkulunkulu egwema okubi. UNkulunkulu wamane wanika uSathane ithuba lokuzigculisa ngokuthi uJobe ulungile phambi kukaNkulunkulu, nokuthi azembule yena ukuthi ukhohlakele kangakanani. Ngaphezu kwalokho, kwakuyithuba lokuthi uJobe afakazele ukuthi ulungile nokuthi wesaba uNkulunkulu futhi ugwema okubi phambi kwabo bonke abantu, kuSathane, ngisho nakubo bonke abesaba uNkulunkulu. Ingabe isiphetho safakazela ukuthi okwakushiwo uNkulunkulu ngoJobe kwakuyiqiniso? Ingabe uJobe wamnqoba uSathane? Lapha sifunda amazwi anohlonze akhulunywa uJobe, amazwi awubufakazi bokuthi umnqobile uSathane. Wathi: “Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze.” Lona umbono uJobe ayenawo ngokulandela uNkulunkulu. Walandela ngokuthi: “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI.” La mazwi akhulunywa uJobe afakazela ukuthi uNkulunkulu ubona okusekujuleni kwenhliziyo yomuntu, ukwazi ukubona ingqondo yomuntu, futhi abonisa ukuthi wayemamukela uJobe, ukuthi lena indoda elungile eyemukelwa uNkulunkulu. “…iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI.” La mazwi awubufakazi bukaJobe kuNkulunkulu. Yila mazwi ajwayelekile aswabisa uSathane, amthela ngehlazo futhi amenza waba netwetwe, ngaphezu kwalokho, amshaqisa uSathane, wasala ephundlekile. Ngakho la mazwi enza uSathane wasala ezibuza ngezenzo zikaJehova uNkulunkulu, futhi aqhakambisa izinto ezinhle zalowo onenhliziyo esendleleni kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, abonisa uSathane amandla amakhulu indoda engelutho enawo ngenxa yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngakho wanqotshwa ngomzuliswano wokuqala. Naphezu “kokuqonda kwakhe okunzulu,” uSathane wayengazimisele ngokuvumela uJobe aphunyuke, futhi akazishintshanga izindlela zakhe zokukhohlakala. USathane wazama ukuqhubeka ehlasela uJobe, ngakho weza phambi kukaNkulunkulu …
Ake sifunde imibhalo okwesibili lapho uJobe elingwa.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Okuphawulwa uNkulunkulu ngoJobe nokuseBhayibhelini
Tumblr media
Okuphawulwa uNkulunkulu ngoJobe nokuseBhayibhelini
(UJobe 1:1) Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uze, ogama lakhe kwakunguJobe; futhi loyo muntu wayengenasici futhi elungile, nowayemesaba uNkulunkulu, futhi egwema ububi.
(UJobe 1:5) Kwathi lapho, izinsuku zamadili sezidlulile, uJobe wathumela futhi wawangcwelisa, futhi wavuka entathakusa, wase enikela umnikelo wokushiswa okwakulingana nesibalo sawo onke: ngokuba uJobe wathi, Kungenzeka ukuthi amadodana ami onile, futhi athuka uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo. Wenza njalo uJobe mihla yonke.
(UJobe 1:8) Yayisithi iNKOSI kuSathane, Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi?
…………
Okokuqala, ake sifunde ingxenye yokuqala: “Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi, ogama lakhe lalinguJobe; futhi loyo muntu wayengenasici futhi elungile, nowayemesaba uNkulunkulu, futhi egwema ububi.” Umbono wokuqala ngoJobe useBhayibhelini, lo musho uwumbono wombhali ngoJobe. Ngokwemvelo, uphinde umelele lokho uJobe ayeyikho, okuwukuthi “loyo muntu wayengenasici futhi elungile, nowayemesaba uNkulunkulu, futhi egwema ububi.” Okulandelayo, asifunde nakhu okunye ngoJobe: “akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi” (Jobe 1:8). Kulezi zinto ezimbili, okunye kwavela kumuntu, okunye kwavela kuNkulunkulu; izinto ezimbili ezisho into efanayo. Ngakho kungashiwo ukuthi ukuziphatha kukaJobe kwakwaziwa umuntu, futhi kwakudunyiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, ukuziphatha kukaJobe phambi komuntu naphambi kukaNkulunkulu kwakufana; ukuziphatha kwakhe nezisusa zakhe kwakukuNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, ukuze konke kuhlolwe uNkulunkulu, futhi wayesaba uNkulunkulu agweme okubi. Ngakho, emehlweni kaNkulunkulu, abantu emhlabeni, uJobe kuphela owayelungile futhi eqotho, nguye owayesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi.
Izindlela Ezehlukahlukene Zokwesaba KukaJobe UNkulunkulu Nokugwema Okubi Ekuphileni Kwakhe Kwansuku Zonke Okulandelayo, ake sihlole izindlela ezehlukahlukene zokwesaba kukaJobe uNkulunkulu nokugwema kwakhe okubi. Ngaphezu kwamavesi andulelayo nalandelayo, ake siphinde sifunde uJobe 1:5, okungenye yezindlela ezicacile uJobe esaba ngazo uNkulunkulu futhi wagwema okubi. Ulandisa indlela esaba ngayo uNkulunkulu futhi wagwema ngayo okubi ekuphileni kwakhe kwansuku zonke; okukhulu nakakhulu, ukuthi akenzanga njengoba ayefuna ukwenza ngenxa yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, kodwa wanikela njalo ngeminikelo yokushiswa phambi kukaNkulunkulu ngenxa yamadodana akhe. Wayesaba ukuthi kaningi “babemonile, futhi bamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo” ngesikhathi sedili. Futhi lokhu kwesaba kwabonakala kanjani kuJobe? Umbhalo ulandisa ngale ndlela: “Kwathi lapho, izinsuku zamadili sezidlulile, uJobe wathumela futhi wawangcwelisa, futhi wavuka entathakusa, wase enikela umnikelo wokushiswa okwakulingana nesibalo sawo onke.” Ukuziphatha kukaJobe kubonisa ukuthi, kunokuthi kuvele ngendlela yokuziphatha okubonakala ngaphandle, ukwesaba kwakhe uNkulunkulu kwakuvela ngaphakathi enhliziyweni yakhe, futhi ukwesaba kwakhe uNkulunkulu kwakutholakala kuzo zonke izici zokuphila kwakhe, ngazo zonke izikhathi, ngoba akagcinanga nje ngokugwema okubi, kodwa kaningi wenza iminikelo yokushiswa ngenxa yamadodana akhe. Ngamanye amazwi, uJobe wayengesabi nje kuphela ukona uNkulunkulu nokuphikisana noNkulunkulu enhliziyweni yakhe, kodwa wakhathazwa nawukuthi amadodana akhe ona kuNkulunkulu futhi aphikisana naye ezinhliziyweni zawo. Lokhu kuliveza obala iqiniso lokuthi ukwesaba kukaJobe uNkulunkulu kwakuhlolisiswa, futhi akekho umuntu ongakungabaza. Ingabe lokhu wayekwenza ngezikhathi ezithile noma njalo? Amazwi okugcina athi “Wenze njalo uJobe mihla yonke.” Incazelo yala mazwi iwukuthi uJobe wayengawabheki amadodana akhe izikhathi ezithile, noma lapho kumjabulisa khona, futhi akavumanga kuNkulunkulu ngomthandazo. Kunalokho, wayewathumela njalo, futhi ewangcwelisa amadodana akhe, futhi ewangcwelisa ngeminikelo yokushiswa. Elithi “njalo” lana alisho ukuthi wakwenza usuku olulodwa noma ezimbili, noma umzuzu. Lisho ukuthi ukwesaba kukaJobe uNkulunkulu kwakungeyona into yesikhashana, futhi akuphelelanga olwazini noma emazwini akhulunywayo; kunalokho, indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi yaqondisa inhliziyo yakhe, yanquma indlela aziphatha ngayo, futhi yayisenhliziyweni yakhe, iyimpande yokuba khona kwakhe. Ukuthi wenza kanjalo mihla yonke kubonisa ukuthi, enhliziyweni yakhe, wayehlale esaba ukuthi wayezokona uNkulunkulu futhi esaba ukuthi amadodana namadodakazi akhe ayezokona kuNkulunkulu. Kumelela indlela okwakunesisindo ngayo ukwesaba uNkulunkulu nokugwema ukwenza okubi enhliziyweni yakhe. Wenza kanjalo wangayeka, ngenxa yokuthi enhliziyweni yakhe, wayethukile futhi esaba—esaba ukuthi wenze okubi wona kuNkulunkulu, futhi uphambukile endleleni kaNkulunkulu, kanjalo akamgculisanga uNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, wayekhathazeke ngamadodana akhe namadodakazi akhe, esaba ukuthi athukuthelise uNkulunkulu. Ngakho wayeziphatha kanjalo uJobe nsuku zonke ekuphileni. Yilokhu kuziphatha okuvamile okufakazela ukuthi ukwesaba kukaJobe uNkulunkulu nokugwema ukwenza okubi akuwona nje amazwi angatheni, ukuthi uJobe wayekuphila ngokoqobo. “Wenze njalo uJobe mihla yonke”: la mazwi asitshela ngezenzo zikaJobe zansuku zonke phambi kukaNkulunkulu. Lapho elokhu enza kanjalo, ingabe ukuziphatha kwakhe nenhliziyo yakhe kwamfinyelela uNkulunkulu? Ngamanye amazwi, ingabe uNkulunkulu wayehlale ejabula ngenhliziyo yakhe nangokuziphatha kwakhe? Ngakho, kukusiphi isimo lapho uJobe enza kanjalo khona mihla yonke? Abanye bathi kwakungenxa yokuthi uNkulunkulu wayevela njalo kuJobe; abanye bathi wenza kanjalo mihla yonke ngenxa yokuthi wayegwema okubi; abanye bathi mhlawumbe wenza kanjalo ngoba wayecabanga ukuthi ingcebo yakhe ayizanga kalula, futhi wayazi ukuthi yayibekwe uNkulunkulu kuye, ngakho wayesaba ukulahlekelwa impahla yakhe ngenxa yokona noma ukucasula uNkulunkulu. Ingabe kukhona okuyiqiniso kulokhu? Ngokusobala akunjalo. Ngoba emehlweni kaNkulunkulu, lokho uNkulunkulu akwamukela futhi akwazisa kakhulu ngoJobe, kwakungekhona nje ukuthi wenza kanjalo mihla yonke; okukhulu nakakhulu kwakuwukuziphatha kwakhe phambi kukaNkulunkulu, komuntu, nakuSathane lapho enikelwa kuSathane futhi evivinywa. Lezi zingxenye ezingezansi zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda, ubufakazi obusibonisa iqiniso endleleni uNkulunkulu ayephatha ngayo indaba kaJobe. Manje, make sifunde umbhalo olandelayo.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Mayelana Nenqubo Yokuthandaza
Tumblr media
Aninaso isikhathi sokuthandaza empilweni yenu yansuku zonke. Abantu bahlezi bengawunaki umthandazo. Imithandazo yabo yayivame ukuchitha icala nje phambi kukaNkulunkulu. Akekho owayeke anikele ngokupheleleyo ngenhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu futhi axoxe ngomkhuleko oyiqiniso noNkulunkulu. Abantu bathandaza kuNkulunkulu uma kwenzeke okuthile kuphela kubona. Kuso sonke lesi sikhathi, uke wathandaza ngokweqiniso kuNkulunkulu? Uke wakhala izinyembezi zobuhlungu phambi kukaNkulunkulu ngaphambilini? Uke wathola ukuzazi phambi kukaNkulunkulu? Uke waba nesikhathi sokuthulula konke okusenhliziyweni yakho phambi kukaNkulunkulu? Ukuthandaza kuza ngokuzijwayeza: Uma ungavamile ukuthandaza ekhaya, ngeke ukwazi ukuthandaza uma ususenkonzweni, futhi uma ungavamile ukuthandaza phambi kwabantu abancane, ngeke futhi ukwazi nokuthandaza phambi kwabantu abaningi. Uma ungavamile ukuzisondeza eduze noNkulunkulu noma ukuzindla ngamazwi kaNkulunkulu, lapho-ke ngeke ube nalutho ozolusho uma sekuyisikhathi sokuthandaza—futhi ngisho noma uthandaza, kuyoba wenza ngezindebe zakho nje ;, uyobe ungathandazi ngokweqiniso.
Kusho ukuthini ukuthandaza kweqiniso? Kuchaza ukukhuluma amazwi angaphakathi kuwena uwatshela uNkulunkulu, kanye nokuxhumana noNkulunkulu usuyiqonda kahle intando yaKhe futhi loku ukususela emazwini aKhe; kuchaza ukuzizwa useduze noNkulunkulu, uzwe sengathi uphambi kwaKho, futhi unokuthile ongakusho kuYe; futhi kuchaza ukuba nenkazimulo enkulu ngaphakathi enhliziyweni yakho, kanye nemizwa yokuthi uNkulunkulu muhle ngempela. Uyozizwa unentshisekelo ngokukhethekile, futhi emva kokuzwa amazwi akho abazalwane bakho bayozizwa benelisekile, bazozwa sengathi amazwi akho akhulume lokho obekusezinhliziyweni zabo, amazwi abebefisa ukuwasho, kanye nokuthi lokho okushilo kumele lokho abafuna ukukusho. Kusho lokhu-ke ukuthandaza kweqiniso? Emva kokuba usuthandaze ngokweqiniso, enhliziyweni yakho uzozwa unokuthula, udelisekile; amandla kaNkulunkulu azonyuka, futhi uzozwa ukuthi ayikho into empilweni yakho yonke ebaluleke noma edlula ukuthanda uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuzofakazisela ukuthi umthandazo wakho ube yimpumelelo. Uke wathandaza ngale ndlela?
Ayethini amazwi omthandazo wakho? Kufanele uthandaze, kancane kancane, ngokuhambisana nesimo sakho sangempela kanye nalokho okuzokwenziwa nguMoya oNgcwele, futhi kufanele uxoxisane noNkulunkulu njengokwentando kaNkulunkulu nezimfuno zaKhe kumuntu. Uma uqala ukuzejwayeza ukuthandaza, qala ngokunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ungazami ukubamba intando kaNkulunkulu; zama kuphela ukukhuluma amazwi angaphakathi enhliziyweni yakho uwatshele uNkulunkulu. Lapho uza phambi kukaNkulunkulu, khuluma kanje: “Awu Nkulunkulu! Ngibona namhlanje ukuthi angikulalelanga Wena. Ngimubi futhi ngiyenyanyeka ngempela. Ngaphambilini, bengichitha isikhathi sami; kusukela namhlanje ngizokuphilela, ngizophila impilo enenhloso, ngenelise intando yaKho. Ngifuna ukuba uMoya waKho usebenze njalo ngaphakathi kimina, futhi uhlale njalo ungikhanyisa futhi ungikhanyisela, ukuze ngibe nobufakazi obunamandla phambi kwaKho, ngivumele uSathane abone udumo lwaKho, ubufakazi baKho, kanye nobufakazi bokunqoba kwaKho ngaphakathi kithina.” Uma ukhuleka ngale ndlela, inhliziyo yakho izokhululwa ngokuphelele, uma usukhuleke ngale ndlela, inhliziyo yakho izoba seduze noNkulunkulu, futhi ngokukhuleka ngale ndlela njalo, uMoya oNgcwele uzosebenza kuwena ngaphakathi nakanjani. Uma ngaso sonke isikhathi ubiza uNkulunkulu ngale ndlela uhambise iziphakamiso zakho phambi kukaNkulunkulu, kuyofika usuku lapho isiphakamiso sakho siyokwamukeleka phambi kukaNkulunkulu, lapho inhliziyo yakho nawe uqobo sewamukelwe nguNkulunkulu, futhi bese upheleliswa nguNkulunkulu. Umthandazo ubaluleke kakhulu kuwena . Uma uthandaza, uthola umsebenzi kaMoya oNgcwele, inhliziyo yakho ngakho-ke ithintwa nguNkulunkulu, kanti namandla othando lukaNkulunkulu ngaphakathi kuwena ayavela. Uma ungathandazi ngenhliziyo yakho, uma ungavuli inhliziyo yakho ukuze ukhulume noNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu akakwazi ukusebenza ngaphakathi kuwena. Uma, usuthandazile, ukhulume wonke amazwi angaphakathi enhliziyweni yakho futhi uMoya kaNkulunkulu ungasebenzanga, uma uzizwa ungenantshisekelo ngaphakathi kuwena, lokhu-ke kukhomba ukuthi inhliziyo yakho ayiqinisekanga, ukuthi amagama akho awalona iqiniso, futhi ayihlanzekanga. Uma, usuthandazile, uzizwe udelisekile, kusho ukuthi imithandazo yakho yamukeliwe nguNkulunkulu noMoya kaNkulunkulu usebenzile ngaphakathi kuwena. Njengomuntu osebenza phambi kukaNkulunkulu, awukwazi ukuhlala ungenayo imithandazo. Uma ubona ukukhulumisana noNkulunkulu njengento enokubaluleka neyigugu, pho ungakwazi ukuwulahla umthandazo? Akekho ongaphila ngaphandle kokukhulumisana noNkulunkulu. Ngaphandle komthandazo, uphila enyameni, uphila ngaphansi kobugqila bukaSathane; ngaphandle komthandazo wangempela, uphila ngaphansi kwethonya lobumnyama. Ngethemba ukuthi abazalwane bayakwazi ukuthandaza kwangempela usuku nosuku. Lokhu akukona ukuthobela izimfundiso, kodwa-ke, umphumela okufanele ufezekiswe. Ingabe uzimisele ukuzincisha ubuthongo nokuzijabulisa wena, wenze umthandazo wasekuseni entathakusa bese uthokozela amazwi kaNkulunkulu? Uma uthandaza ngenhliziyo emsulwa futhi udla uphuza amazwi kaNkulunkulu kanje, uzokwamukeleka kakhudlwana Kuye. Uma ukwenza lokhu njalo ekuseni, uma zonke izinsuku, uzejwayeza ukunikeza inhliziyo yakho kuNkulunkulu, uxoxa futhi uxoxisana Naye, lapho-ke ulwazi lwakho ngoNkulunkulu nakanjani luzokwanda, futhi uzokwazi ukuzwa kangcono intando kaNkulunkulu. Kufanele uthi: “Awu Nkulunkulu! Ngifuna ukugcwalisa isibopho sami. Ukuze Wena udunyiswe kithina, futhi uthokozele ubufakazi kithina, kuleli qembu labantu, akukho engingakwenza ngaphandle kokunikela isiqu sami sonke kuWe. Ngiyakunxusa ukuba usebenze ngaphakathi kithina, ukuze ngikuthande ngeqiniso futhi ngikwenelise Wena, futhi ube yilokhu engikulangazelele.” Uma unalo mthwalo, uNkulunkulu nakanjani uzokwenza upheleliswe; akufanele uzithandazele wena kuphela, kodwa futhi uthandazele ukwenza intando kaNkulunkulu, kanye nokuba umthande. Lowo-ke umthandazo weqiniso. Ingabe uthandazela ukuba wenze intando kaNkulunkulu?
Ngaphambilini, naningakwazi ukuthandaza, futhi ningawunaki umthandazo; namuhla, kufanele nenze konke okusemandleni ukuba niziqeqeshele ukuthandaza. Uma ungakwazi ukuthola amandla ngaphakathi kuwena okuba uthande uNkulunkulu, pho ungathandaza kanjani? Kufanele uthi: “Awu Nkulunkulu! Inhliziyo yami ayikwazi ukukuthanda ngokweqiniso, ngifisa ukukuthanda kodwa anginawo amandla. Ngenzenjani? Ngifisa ukuba uvule amehlo ami angokomoya, ngifisa uMoya waKho uthinte inhliziyo yami, ukuze uma ngiphambi kwaKho kusuke konke ukunganaki, futhi ngingavinjwa muntu, nalutho, noma nani na; inhliziyo yami ngiyeneka phambi kwaKho, kangangokuthi isimo sami sonke ngisinikele phambi kwaKho, ukuba ungangihlola nangayiphi indlela ofisa ngayo. Manje, ngisusa yonke imicabango yami, futhi angiboshwanga nawukufa. Ngisebenzisa inhliziyo yami ekuthandayo, ngifisa ukufuna indlela yokuphila. Zonke izinto nezimo zisesandleni saKho, ikusasa lami lisezandleni zaKho, futhi, phezu kwalokho, impilo yami ilawulwa yizandla zaKho. Manje, ngilangazelele uthando lwaKho, kungakhathalekile noma uyangivumela ukuba ngikuthande, kungakhathalekile ukuthi uSathane ungenelela kangakanani, ngizimisele ukukuthanda.” Lapho uhlangabezana nezinto ezinje, uthandaza ngale ndlela. Uma wenza nje zonke izinsuku, amandla okuthanda uNkulunkulu azokhula kancane kancane.
Umuntu ungena kanjani emthandazweni wangempela?
Ngenkathi uthandaza, inhliziyo yakho kufanele ibe nokuthula phambi kukaNkulunkulu, futhi kufanele ibe nokuqiniseka. Ukhuluma futhi uthandaza uNkulunkulu ngokweqiniso; akufanele ukhohlise uNkulunkulu ngamazwi amnandi nashelelayo. Umthandazo kufanele ube ngumongo walokho uNkulunkulu afisa ukukufeza namhlanje. Cela uNkulunkulu akulethele ukukhanyiseleka nenkazimulo enkulu, futhi akunikeze isimo kanye nezinkinga zakho njengoba kunjalo, wenze isiphakamiso phambi kukaNkulunkulu. Umthandazo akukona ukulandela izinqubo, kodwa ukufuna uNkulunkulu usebenzisa inhliziyo eqinisekile. Cela uNkulunkulu avikele inhliziyo yakho, ayenze ikwazi ukuba noxolo njalo phambi kukaNkulunkulu, akwenze ukwazi ukuzazi, kanjalo nokuzicasukela, ulahle umina endaweni uNkulunkulu akubekele yona, ngaleyo ndlela ube nobudlelwane obuhle nobujwayelekile noNkulunkulu akwenze ube umuntu omthanda ngokweqiniso uNkulunkulu.
Yini ukubaluleka komthandazo? Umthandazo enye yezindlela umuntu asebenzisana ngazo noNkulunkulu, yindlela umuntu abiza ngayo uNkulunkulu, futhi yinqubo umuntu athintwa ngayo uMoya kaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi labo abangenawo umthandazo ngabafile emoyeni, ubufakazi bokuthi abanazo izindlela zokuthintwa uNkulunkulu. Ngaphandle komthandazo, abantu abakwazi ukuthola impilo yomoya ejwayelekile, futhi abakwazi nokulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele; ngaphandle komthandazo, balimaza ubudlelwane babo noNkulunkulu, futhi abakwazi ukuthola imvume evela kuNkulunkulu. Uma ungumuntu okholwa kuNkulunkulu, ngenkathi uthandaza kaningi, kungale nkathi uzothintwa uNkulunkulu. Abantu abafana nalaba baneziphakamiso ezinkulu futhi bayakwazi ukuthola njalo ukukhanyiselwa okuvela kuNkulunkulu; ngenxa yalokho ngabantu abafana nalaba kuphela abakwazi ukupheleliswa ngokushesha nguMoya oNgcwele.
Yini efezwa ngumthandazo? Abantu bayakwazi ukwenza umkhuba wokuthandaza baqonde ukubaluleka komthandazo, kodwa umphumela ofezwa umthandazo awuyona into encane. Umthandazo akukona nje ukwenza izinqubo zenjwayelo, noma imidanti, noma ukulolozela amagama kaNkulunkulu, okusho ukuthi, umthandazo awuchazi ukubiza amagama noma ukulinganisa abanye abantu. Emthandazweni, kufanele unikele inhliziyo yakho kuNkulunkulu, wabelane ngamagama asenhliziyweni yakho ukuze ukwazi ukuthintwa uNkulunkulu. Ukuze imithandazo yakho ibe nempumelelo, kufanele igxile ekufundeni kwakho amazwi kaNkulunkulu. Kungenxa yokuthandaza phakathi kwamazwi kaNkulunkulu kuphela lapho uzokwazi khona ukuthola ukukhanyiseleka nenkazimulo ethe xaxa. Umthandazo weqiniso ubonakala ngokuba nenhliziyo elangazelele izimfuno ezishiwo uNkulunkulu, kanye nokuzimisela ukugcwalisa lezi zimfuno; uzokwazi ukuzonda konke lokho okuzondwa uNkulunkulu, ngenxa yolwazi onalo, futhi uzokwazi uphinde ucacelwe kahle mayelana namaqiniso achazwa nguNkulunkulu. Uma unesiphakamiso, nokholo, nolwazi, kanye nendlela yokuphila emva kokuthandaza—lokho-ke ukuthandaza kweqiniso, futhi umthandazo onjengalowo osebenzayo. Kodwa umthandazo kufanele wakhelwe phezu kwesisekelo sokuthokozela amazwi kaNkulunkulu nokukhuluma noNkulunkulu ngamazwi aKhe, inhliziyo yakho ikwazi ukufuna uNkulunkulu kanye nokuba nokuthula phambi kukaNkulunkulu. Umthandazo onjengalowo sewuvele ufinyelele lapho kunokukhuluma noNkulunkulu kweqiniso.
Ulwazi oluyisisekelo ngokuthandaza:
1. Ungavele usho noma yini efika engqondweni. Kufanele kube nokuzisola enhliziyweni yakho, okuchaza ukuthi, kufanele ube nenjongo lapho uthandaza.
2. Imithandazo yakho kufanele ibe namazwi kaNkulunkulu; kufanele igxile emazwini kaNkulunkulu.
3. Uma uthandaza, akufanele ubuyele kokwakudala; akufanele ulokhu ubuyela ezintweni esezadlula. Kufanele uzifundise ngokukhethekile ukukhuluma amazwi amanje kaMoya oNgcwele; yilapho kuphela-ke lapho uzoba nokuxhumana noNkulunkulu.
4. Umthandazo weqembu kufanele ube nomongo, okufanele ube ngumsebenzi kaMoya oNgcwele namuhla.
5. Bonke abantu kufanele bafunde indlela yokuthandazela into ethile. Kufanele uthole phakathi kwamazwi kaNkulunkulu lezo zingxenye ezimayelana nalokho ofisa ukukuthandazela, futhi ngaphezu kwalokho uthwale umthwalo bese uthandaza kaningi ngalokhu. Lokhu kuyindlela futhi yokukhombisa ukucabangela intando kaNkulunkulu.
Umthandazo womuntu usekelwe ekuqondeni ukubaluleka komthandazo kanye nolwazi oluyisisekelo somthandazo. Umuntu kufanele kaningi athandazele ukusilela kwakhe empilweni yakhe yansuku zonke, athandazele kaningi amaphutha akhe, athandezele ukuletha inguquko esimweni sakhe empilweni, bese ethandaza esisekelweni solwazi lwamazwi kaNkulunkulu. Umuntu ngamunye kufanele asungule eyakhe impilo yomthandazo, kufanele athandazele ulwazi olugxile emazwini kaNkulunkulu, kufanele athandaze ukuze afune ulwazi lomsebenzi kaNkulunkulu. Neka isimo sakho phambi kukaNkulunkulu, ube nokuqiniseka, unganaki indlela yemidanti; okusemqoka ukuthola ulwazi lwangempela, kanye nokuba namava kaNkulunkulu. Noma ubani ofuna ukungena empilweni yangokomoya kufanele akwazi ukuthandaza ngezindlela eziningi. Umthandazo wokuthula, ukuninga ngamagama kaNkulunkulu, ukuthola ukwazi imisebenzi kaNkulunkulu, nokunye nokunye—lo msebenzi ogxilile wokukhulumisana, ukuze ukwazi ukuthola ukungena empilweni yomoya ejwayelekile, ukwenza isimo sakho ngaphambi kukaNkulunkulu sibe ngcono nangcono, nokudala inqubekelaphambili enkulu empilweni yakho. Ngamafuphi, konke okwenzayo—noma ngabe udla noma ngabe uphuza amazwi kaNkulunkulu, noma ukuthandaza ngokuthula noma ukuthandaza uphimise—ukuze ubone ngokucacile amazwi kaNkulunkulu, nomsebenzi waKhe, kanye nalokho afisa ukukufeza kuwena. Okubaluleke kakhulu, kungenxa yokufuna ukufikelela ezingeni uNkulunkulu alifunayo kanye nokudlulisela impilo yakho ezingeni elilandelayo. Izinga eliphansi kakhulu uNkulunkulu alidingayo kubantu ukuba bakwazi ukumvulela izinhliziyo zabo. Uma umuntu enikeza inhliziyo yakhe ngokweqiniso asho lokho okungaphakathi kuyena kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu uzimisele ukwenza umsebenzi kumuntu; uNkulunkulu akafuni inhliziyo yomuntu esontekile, kodwa ufuna inhlizyo yakhe emsulwa nethembekile. Uma umuntu engakhulumi ngokweqiniso athulule inhliziyo yakhe kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu akayithinti inhliziyo yomuntu, noma asebenze ngaphakathi kuyena. Yingakho, into ebaluleke kakhulu mayelana nokuthandaza ukukhuluma amazwi eqiniso asenhliziyweni yakho kuNkulunkulu, utshele uNkulunkulu amaphutha akho noma isimo sokungalaleli kanye nokuzeneka ngokuphelele kuNkulunkulu. Yilapho kuphela-ke uNkulunkulu eba nentshisekelo emithandazweni yakho; uma kungenjalo, uNkulunkulu uzofihla ubuso baKhe kuwena. Uhlaka oluncane oludingekayo lomthandazo ukuthi kufanele ukwazi ukuba nokuthula enhliziyweni yakho ngaphambi kukaNkulunkulu, futhi akufanele isuke kuNkulunkulu. Mhlawumbe, ngalesi sikhathi, awukatholi umbono omusha nophakeme, kodwa kufanele usebenzise umthandazo ukugcina izinto njengoba zinjalo—awukwazi ukuhlehla. Lena yinto encane okufanele ukwazi ukuyenza. Uma ungakwazi ukufeza ngisho nalokhu, lokho kufakazela ukuthi impilo yakho yangokomoya ayikabi sezingeni elifanele; ngenxa yalokho, awukwazi ukubambelela embonweni wakho wasekuqaleni, futhi awunalo ukholo lukaNkulunkulu, isiphakamiso sakho siyanyamalala ngenxa yalokho. Ukungena kwakho empilweni yangokomoya kuphawulwa ngukuthi imithandazo yakho isingenile endleleni elungile. Bonke abantu kufanele bangene kulesi simo, kufanele benze wonke umsebenzi wokuziqeqesha emthandazweni, hhayi ukulinda nje ngokunganaki, kodwa ukufuna ngokunenhloso ukuthintwa nguMoya oNgcwele. Yilapho kuphela lapho abantu bezoba abantu abafuna uNkulunkulua.
Uma uqala ukuthandaza, kufanele ube nokungokoqobo , futhi ungazinwebi kakhulu; awukwazi ukwenza izimfuno eziphoqayo, uthembe ukuthi uma uvula umlomo wakho uzothintwa uMoya oNgcwele, ube ngokhanyiselekile nonenkazimulo, futhi ogcwaliswe umusa. Lokho angeke kwenzeke—uNkulunkulu akazenzi izinto ezingezona ezenyama. UNkulunkulu ufeza imithandazo yabantu ngesikhathi saKhe futhi kwesinye isikhathi uhlola ukholo lwakho ukuze abone ukuthi uthembekile na kuYe. Uma uthandaza kufanele ube nokholo, ukubekezela, kanye nesiphakamiso. Uma beqala ukuziqeqeshela ukuthandaza, abantu abaningi abazizwa sengathi bathintwe uMoya oNgcwele bese belahlekelwa yithemba. Lokho akwamukelekile! Kufanele ube nokuphikelela, kufanele ugxile ekuzweni ukuthintwa nguMoya oNgcwele, kanye nokufuna nokuhlaziya. Kwesinye isikhathi, yindlela owenza ngayo engalungile; kwesinye isikhathi, izintshisekelo zakho nemicabango akukwazi ukuma phambi kukaNkulunkulu, ngakho uMoya kaNkulunkulu akakunyakazisi; ngakho futhi kunezikhathi lapho uNkulunkulu ebheka ukuthi uthembekile yini noma cha. Ngamafuphi, kufanele ube nokuzinikela kakhulu ekuziqeqesheni kwakho. Uma uthola ukuthi indlela owenza ngayo iphuma endleleni yokwenza elungile, ungashintsha indlela othandaza ngayo. Inqobo uma ufuna ngokweqiniso, ulangazelele ukwamukela, lapho-ke uMoya oNgcwele nakanjani uzozibonakalisa kuwena. Kwesinye isikhathi uthandaza ngenhliziyo eqinisekile kodwa ungazizwa sengathi uthintekile. Ezikhathini ezifana nalezo kufanele uncike okholweni lwakho, uthembe ukuthi uNkulunkulu uyayibona imithandazo yakho; kufanele ubekezele emithandazweni yakho.
Kufanele uthembeke, futhi uthandaze ukuze uxoshe ububi obusenhliziyweni yakho. Njengoba usebenzisa umthandazo ukuzicwenga nanini na lapho kudingeka, futhi uwusebenzisela ukuba uthintwe uMoya kaNkulunkulu, isimo sakho sizoya ngokuya sishintsha. Impilo yangokomoya yeqiniso yimpilo yokuthandaza, futhi yimpilo ethintwa uMoya oNgcwele. Inqubo yokuthintwa uMoya oNgcwele yinqubo yokushintsha isimo somuntu. Impilo engakathintwa uMoya oNgcwele akuyona impilo yangokoMoya, yimpilo nje yokulandela imikhuba nemidanti yenjwayelo; yilabo abavame ukuthintwa uMoya oNgcwele kuphela, abanokukhanyiseleka nenkazimulo kaMoya oNgcwele, abantu asebengene empilweni yangokomoya. Isimo somuntu silokhu sishintshashintsha ngenkathi ekhuleka, futhi ngale nkathi enyakazizwa uMoya oNgcwele kakhulu, kungale nkathi ekhuthala futhi eba ngolalelayo. Ngakho-ke, futhi, nenhliziyo yakhe izoya ngokuya icwengeka, emva kwalokho nesimo sakhe sizoya ngokuya sishintsha. Unjalo-ke umthelela womkhuleko weqiniso.
0 notes