Tumgik
#Iyini intando kaNkulunkulu
Text
Isixwayiso Nokukhanyiselwa Ubufakazi BukaJobe Obubunika Izizukulwane Ezilandelayo
Tumblr media
Ngesikhathi esifanayo nesokuqonda inqubo uNkulunkulu azuza ngayo abantu, abantu nabo bayoqonda izinhloso nokubaluleka kokusebenzisa uSathane ekuvivinyeni uJobe. Abantu abasaphazanyiswa uvivinyo lukaJobe, futhi banemininingwane eminingi emisha ngokubaluleka kwakho. Abasakhathazeki ngokuthi ingabe nabo bayokwazi yini ukuvivinywa njengoJobe, futhi abasaphikisani nokuza kwezivivinyo zikaNkulunkulu. Ukholo lukaJobe, ukulalela, nobufakazi bakhe ekunqobeni uSathane kuwumthombo wosizo omkhulu ekukhuthazeni abantu. KuJobe babona ithemba ngensindiso yabo, futhi bayabona ukuthi ngokholo, nokulalela nokwesaba uNkulunkulu, kungenzeka kakhulu ukunqoba uSathane, uJobe, nokumelana naye. Bayabona ukuthi, uma nje besazithoba ebukhosini nasemalungiselelweni kaNkulunkulu, futhi babe nesifiso nokholo lokungamshiyi uNkulunkulu ngemva kokulahlekelwa yikho konke, bengamthela ngehlazo futhi bamnqobe uSathane, futhi kufanele bazimisele ukuma baqine ebufakazini babo—ngisho noma kusho ukulahlekelwa ukuphila kwabo—ukuze uSathane abaleke futhi ehlulwe kabuhlungu. Ubufakazi bukaJobe buyisixwayiso ezizukulwaneni ezilandelayo, futhi lesi sixwayiso sizitshela ukuthi uma zingamnqobi, uSathane uyohlale ezimangalela njalo futhi ezinakile, azisobe zaphunyuka ekuhlukunyezweni nasekuhlaselweni uSathane. Ubufakazi bukaJobe bukhanyisele izizukulwane ezizayo. Lokhu kukhanyiselwa kufundisa abantu ukuthi kulapho belungile futhi beqotho khona kuphela lapho beyokwazi khona ukwesaba uNkulunkulu bagweme okubi; sizifundisa ukuthi kulapho besaba khona uNkulunkulu futhi begwema okubi lapho beyonikeza khona ubufakazi obunamandla ngoNkulunkulu; uSathane ngeke azilawule uma zinikeza ubufakazi obunamandla, futhi ziphila ngesiqondiso nesivikelo sikaNkulunkulu—kulapho kuphela lapho ziyosindiswa khona ngeqiniso. Ubuntu bukaJobe nezinto ayezifuna ekuphileni kufanele kulingiswe yiwo wonke umuntu ofuna insindiso. Kube yinto ayiphilelayo kukho konke ukuphila kwakhe nendlela aziphatha ngayo phakathi nezilingo kubo bonke labo abesaba uNkulunkulu bagweme okubi.
Ubufakazi BukaJobe Buletha Indunduzo KuNkulunkulu Uma nginitshela manje ukuthi uJobe uyindoda enothando, ningase ningakwazi ukuthanda incazelo ekula mazwi, futhi ningase ningakwazi ukubamba isizathu sokuthi kungani ngikhulume ngalezi zinto; kodwa linda kuze kube yilapho nawe ubhekana nezilingo ngendlela efanayo nekaJobe, lapho udlula ezinhluphekweni, lapho usubhekene nezivivinyo ezihlelwe uNkulunkulu ngokuqondile, nalapho ukhipha konke, futhi ubekezelela ukuhlazeka nobunzima, ukuze ulwe noSathane futhi unikeze ubufakazi ngoNkulunkulu lapho ulingwa—khona-ke uyokwazi ukuthanda incazelo yala mazwi engiwakhulumayo. Ngaleso sikhathi, uyozizwa umncane kakhulu kuJobe, uyobona indlela uJobe anothando ngayo, nokuthi kufanele alingiswe; lapho kufika isikhathi uyobona indlela amazwi akhulunywa uJobe abaluleke ngayo kulabo abonakele abaphila kulezi zikhathi, futhi uyobona ukuthi kunzima kanjani ngabantu namuhla ukufeza izinto ezafezwa uJobe. Lapho unomuzwa wokuthi kunzima, uyokhathazeka ngenhliziyo kaNkulunkulu, uyolazisa inani elikhulu elakhokhwa uNkulunkulu ukuze azuze labo bantu, futhi yeka indlela okubaluleke ngayo lokho uNkulunkulu akwenzela isintu. Manje njengoba seniwazwile la mazwi, ingabe ninakho ukuqonda okunembile nombono ofanele ngoJobe? Emehlweni enu, ingabe uJobe wayeyindoda elungile futhi eqotho, eyesaba uNkulunkulu negwema okubi? Ngikholelwa ukuthi nakanjani abantu abaningi bazothi, Yebo. Ngenxa yokuthi amaqiniso embulwa uJobe awanakuphikwa yinoma imuphi umuntu noma uSathane. Awubufakazi obunamandla kakhulu bokunqoba kukaJobe uSathane. Lobu bufakazi banikezwa uJobe, futhi kwakungubufakazi bokuqala obatholwa uNkulunkulu. Ngakho lapho uJobe enqoba izilingo zikaSathane futhi efakaza ngoNkulunkulu, uNkulunkulu wabona ithemba kuJobe, futhi inhliziyo Yakhe yaduduzwa uJobe. Kusukela ekudalweni kuya kuJobe, kwakungokokuqala ngoNkulunkulu ukuthi aduduzwe umuntu, ezwe ukuthi kusho ukuthini ukududuzwa umuntu, futhi kwakungokokuqala ebona, futhi ezuza, ubufakazi beqiniso obabekwa phambi Kwakhe.
Ngethemba ukuthi nibuzwile ubufakazi bukaJobe, nokulandisa okwehlukahlukene ngoJobe, abaningi bazoba nezinhlelo ohambweni olusabahlalele. Ngakho, nginethemba lokuthi abantu abakhathazeke kakhulu nabesabayo, kancane kancane bazoqala ukukhululeka emzimbeni nasengqondweni. …
Amavesi angezansi nawo alandisa ngoJobe. Ake siqhubeke sifunde.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
1 note · View note
Text
Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu
Tumblr media
Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele. Njengalokhu umuntu enolwazi oluncane, izinga eliphansi, kanye nokuqonda olulinganiselwe kweqiniso, akakwazi ukuxazulula ubunzima ahlangabezana nabo empilweni. Ukwazi kuphela ukukhuluma ngezindebe zomlomo ngokholo lwakhe kuNkulunkulu, kepha akakwazi ukwenza uNkulunkulu ingxenye yempilo yakhe yansuku zonke. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu nguNkulunkulu, nempilo yimpilo, sengathi umuntu akanabudlelwano noNkulunkulu empilweni yakhe. Yilokho abantu bonke abakukholwayo. Lendlela yokukholwa kuNkulunkulu yenza umuntu angazuzeki futhi angapheleliswa Nguye ngokweqiniso. Empeleni, akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu aliphelele, kodwa kunalokho ikhono lomuntu lokwemukela izwi Lakhe alenele nje. Singakusho ukuthi cishe akekho umuntu okwazi ukwenza ngokuvumelana nezinhloso zikaNkulunkulu. Kunalokho, ukholo lwabo kuNkulunkulu luhambisana nezinhloso zabo, ngokwemibono namasiko ezenkolo amisiwe. Bayingcosana labo abaguqukayo kulandela ukwemukela kwabo izwi likaNkulunkulu bese benza njengokwentando Yakhe. Kunalokho, bayaqhubeka nezinkolelo zabo eziyiphutha. Uma umuntu eqala ukukholelwa kuNkulunkulu, ukwenza lokhu ngokulandela imigomo ejwayelekile yenkolo, aphinde aphile futhi aphilisane nabanye ngokuphelele ngendlela abuka ngayo impilo. Sinjalo isimo sabantu abayisishiyagalolunye kwabayishumi. Bambalwa labo abasungula amanye amaqhinga nabashintsha impilo yabo ngemuva kokuqala ukukholelwa kuNkulunkulu. Abekho nhlobo abalinakayo noma benze izwi likaNkulunkulu njengeqiniso.
Ake sithathe ukukholelwa kuJesu njengesibonelo. Noma ngabe umuntu wayemusha okholweni noma ngabe wayesenesikhathi eside ekholwa, bonke bamane basebenzisa noma yimaphi “amathalente” ababenawo futhi bakhombisa noma yimaphi “amakhono” ababenawo. Abantu bamane banezelela “ukukholwa kuNkulunkulu,” lamagama amabili nje, ezimpilweni zabo ezijwayelekile, kepha abenzanga zinguquko ezimweni zabo, kanti nokholo lwabo kuNkulunkulu alukhulanga nakancane. Ukushisekela komuntu kwakungashisi futhi kungabandi. Akazange asho ukuthi akakholwa, kepha futhi akazinikelanga ngokuphelele kuNkulunkulu. Wayengakaze amthande uNkulunkulu ngeqiniso noma amlalele uNkulunkulu. Ukholo lwakhe kuNkulunkulu lwalumbaxambili luqinisekile luphinde lunobuzenzisi, kanti futhi washaya sengathi akaboni futhi wayengazimisele ekukholweni kwakhe. Waqhubeka ekuleso simo sokudideka kusukela ekuqaleni kwaze kwafika isikhathi sokufa kwakhe. Yini incazelo kulokhu? Namuhla, kumele uzibeke emgudwini oyiwo njengalokhu ukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo. Ngokukholelwa kuNkulunkulu, akufanele ufune izibusiso nje zodwa, kodwa funa ukuthanda uNkulunkulu nokumazi uNkulunkulu. Ngokukhanyiselwa Nguye kanye nokushisekela kwakho uqobo, ungadla futhi uphuze izwi Lakhe, ukhulise ukuqonda uNkulunkulu ngeqiniso, futhi ube nothando lweqiniso lukaNkulunkulu olusuka enhliziyweni yakho. Ngamanye amazwi, uthando lwakho ngoNkulunkulu luqinisekile kakhulu, ngendlela yokuthi akekho ongalucekela phansi noma ame endleleni yothando lwakho Ngaye. Ngakho usemgudwini oyiwo wokukholwa kuNkulunkulu. Lokhu kufakazela ukuthi ungokaNkulunkulu, ngoba inhliziyo yakho seyithathwe nguNkulunkulu wayenza Yakhe futhi angeke usathathwa nanoma yini enye. Ngenxa yokuzizwela kwakho, inani olikhokhile, kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukukhulisa uthando lwakho ngoNkulunkulu olumane luzifikele. Khona-ke usukhululekile ethonyeni likaSathane uphila ekukhanyeni kwezwi likaNkulunkulu. Ukuphela uma usugqashulile waphuma ethonyeni lobumnyama ungathathwa ngokuthi usumzuzile uNkulunkulu. Ekukholweni kwakho uNkulunkulu, kumele lokhu kube yiwona mgomo wakho owufunayo. Lokhu ngumsebenzi womunye nomunye wenu. Akekho noyedwa wenu okumele azithambise eneliseke ngendlela izinto eziyiyo. Awukwazi ukuba nemiqondo emibili ngomsebenzi kaNkulunkulu noma uwuthathe kalula nje. Kumele ucabange ngoNkulunkulu ngayo yonke indlela nangaso sonke isikhathi, futhi wenze zonke izinto ngenxa Yakhe. Futhi lapho ukhuluma noma wenza izinto, kumele ubeke intando yendlu kaNkulunkulu phambili. Yilokhu kuphela okuvumelana nentando kaNkulunkulu.
Iphutha elikhulu elenziwa ngumuntu okholwa nguNkulunkulu ukuthi ukholo lwakhe lungamagama kuphela, futhi uNkulunkulu akekho ezenzweni zempilo yakhe ezibonakalayo. Bonke abantu, bayakholwa ngempela, ukuthi uNkulunkulu ukhona, kepha uNkulunkulu akayona ingxenye yezimpilo zabo zansuku zonke. Miningi imithandazo eya kuNkulunkulu evela emlonyeni womuntu, kodwa uNkulunkulu unengxenye encane enhliziyweni yakhe, ngakho uNkulunkulu uyamvivinya umuntu ephinda phinda. Njengalokhu umuntu engcolile, uNkulunkulu akanakho okunye angakwenza ngaphandle kokuba amvivinye umuntu, ukuze azisole afinyelele ekumazini uNkulunkulu ngazo izivivinyo. Ngale kwalokho, abantu bonke bayoba ngabantwana bengelosi enkulu, bese beya begcwala inkohlakalo kakhulu. Ngokuqhubeka komuntu ekholwa kuNkulunkulu, izinhloso nezinjongo zomuntu eziningi ezakhe ngokwakhe, ziyalahlwa njengoba esuke eqhubeka ehlanzwa nguNkulunkulu. Ngale kwaloko, akekho umuntu ongasetshenziswa nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu akanandlela yokwenza kumuntu umsebenzi okufanele awenze. UNkulunkulu uqala ahlanze umuntu. Ngesikhathi kuqhubeka lokhu, kungenzeka umuntu afinyelele ekutheni azazi yena uqobo kanti noNkulunkulu angamshintsha umuntu. Emuva kwalokhu yilapho uNkulunkulu engakwazi khona ukwenza umsebenzi empilweni yomuntu, futhi yingale ndlela kuphela inhliziyo yomuntu ingaguquka ngayo ibheke kuNkulunkulu ngokupheleleyo. Ngakho-ke, ukukholwa kuNkulunkulu akusiyo into elula njengoba umuntu engasho. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma unolwazi kuphela kodwa ungenalo izwi Lakhe njengokuphila; uma unesilinganiso solwazi lwakho ngokwakho kuphela kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso noma uliphile izwi likaNkulunkulu, ngakho lokhu kusengubufakazi bokuthi awunayo inhliziyo enothando ngoNkulunkulu, futhi kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikabi ngekaNkulunkulu. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokukholwa Nguye; lokhu kuwumgomo wokugcina okumele umuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile amazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lokufundiswa kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Kuphela uma ubuye wenze futhi uliphile izwi likaNkulunkulu lapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele noluvumelana nentando kaNkulunkulu. Kule ndlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo agcwala izinyembezi, futhi bazizonde ngoba bechithe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize baze baficwa ukuguga. Baqonda kuphela izimfundiso kodwa abakwazi ukwenza iqiniso futhi bafakazele uNkulunkulu, kunalokho bagijima baya le nale, bematasa njengenyosi; lapho sebesondele ekufeni bagcina sebebona ukuthi bantula ubufakazi obuyiqiniso, ukuthi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Akuve sesibashiyile nje isikhathi? Kungani ungasisebenzisi kahle isikhathi futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni ungahluphekeli iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, ziningi izinto lapho umuntu, uma enza umzamo wokuzinikela ngisho omncane kakhulu, engalenza iqiniso ngendlela ebonakalayo futhi ngaleyo ndlela amenelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni ngakho akakwazi ukwenza ngenxa kaNkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungenxa yalezi zizathu umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Akuzona lezi izinhlupho zikaSathane? Akukhona lokhu ukukhohlakala kwenyama? Akufanele wenze uNkulunkulu isilima umkhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe isinyathelo esibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; iyini injongo kulokho? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokukhandlekela udumo kanye nengcebo?
Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Ungase Uthande Nalezi: kanjani ukuphila okuphakade
0 notes
Text
Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu
  Wonke umuntu ubona sengathi ukuphatha kukaNkulunkulu kuyinto engajwayelekile ngoba abantu bacabanga ukuthi ukuphatha kukaNkulunkulu akuhlangene nomuntu. Bacabanga ukuthi lokhu kuphatha kungumsebenzi kaNkulunkulu yedwa, indaba kaNkulunkulu uqobo, ngakho isintu asikhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, insindiso yesintu seyiphenduke yangabonakala yaphinde yangaqondakala, futhi manje seyiwubuciko bokukhuluma obuyize kuphela. Nakuba umuntu elandela uNkulunkulu ukuze asindiswe futhi angene esiphethweni esihle, umuntu akakhathazekile ukuthi uNkulunkulu uwenza kanjani umsebenzi Wakhe. Umuntu akakhathazekile ngalokho uNkulunkulu ahlele ukukwenza kanye nendima okufanele ayidlale ukuze asindiswe. Kwaze kwawusizi lokho! Ukusindiswa komuntu akunakuhlukaniswa nokuphatha kukaNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi kwehlukaniswe nohlelo lukaNkulunkulu. Kepha umuntu akacabangi lutho mayelana nokuphatha kukaNkulunkulu, futhi uyenyukela kakhulu ukuqhelelana noNkulunkulu. Ngenxa yalokho isibalo esikhulayo sabantu baphenduka abalandeli baNkulunkulu abangazi ngezinto eziqondene kakhulu nokusindiswa komuntu njengokuthi indalo iyini, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu, uNkulunkulu ykhonzwa kanjani, njalo njalo. Okwamanje, kufanele sixoxe ngokuphatha kukaNkulunkulu, ukuze umlandeli ngamunye azi ngokucacile ukubaluleka kokulandela uNkulunkulu nokukholwa Nguye. Bazokwazi futhi ukukhetha indlela okufanele bahambe ngayo ngokuqondile, esikhundleni sokulandela uNkulunkulu kuphela ukuze bazuze izibusiso, bagweme isidumo noma baphumelele.  
  Nakuba ukuphatha kukaNkulunkulu kungabonakala kujulile kumuntu, akunzima kumuntu ukukuqonda, ngoba wonke umsebenzi kaNkulunkulu uxhumene nokuphatha Kwakhe, uphathelene nomsebenzi wokusindisa umuntu, futhi umayelana nempilo, nokuphila kanye nesiphetho sesintu. Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kwesintu nakuso isintu, kungathiwa, obonakalayo futhi onenjongo kakhulu. Ungabonwa umuntu, ungezwiwa umuntu, futhi ukude ekubeni yinto ecatshangwayo nje. Uma umuntu engakwazi ukwemukela wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, kuyini ukubaluleka kwalo msebenzi? Futhi ukuphatha okunjalo kungaholela kanjani ensindisweni yomuntu? Abaningi abalabo abalandela uNkulunkulu bazihlupha ngokuthi bangazithola kanjani izibusiso noma bagweme isinhlekelele. Uma kuphathwa umsebenzi nokuphatha kukaNkulunkulu, bayathula nya bangabe besaba nendaba kwakona. Bakholelwa ukuthi ukwazi imibuzo eyisinengiso njengaleyo ngeke kuzithuthukise izimpilo zabo noma kube usizo oluthile, ngakho nakuba bezizwile izintshumayelo ngokuphatha kukaNkulunkulu, baziphatha ngokunganaki. Futhi abaziboni njengezinto eziyigugu ezidinga ukwamukelwa, kungasaphathwa ukuthi bazemukele njengengxenye yezimpilweni zabo. Abantu abanjalo banenhloso elula nje ekulandeleni uNkulunkulu: ukuzuza isibusiso, futhi bavilapha kakhulu ukunaka noma yini engaphathelene nale nhloso. Kubo, ukukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso, iwona mgomo ofanele ngokomthetho kunayo yonke kanye nokubaluleka kwangempela kokholo lwabo. Abathintwa yinoma yini engeke ifeze leyo njongo. Isimo sinjalo eningini lalabo abakholwa kuNkulunkulu namhlanje. Inhloso nentshisekelo yabo ibukeka ifanelekile, ngoba ngaleso sikhathi bekholwa uNkulunkulu, bayazikhandla ngoNkulunkulu, bayazinikela uqobo lwabo kuNkulunkulu, futhi bayawenza umsebenzi wabo. Banikela ngobusha babo, bashiye imindeni nemisebenzi, futhi baze bachithe iminyaka bematasatasa kude namakhaya. Ngenxa yomgomo wabo ekugcineni, bashintsha ngisho izinto abazithandayo, bashintshe indlela ababuka ngayo impilo, baze bashintshe ngisho amabombo lapho befuna ukuya khona, kepha abakwazi ukushintsha inhloso yabo yokukholwa kuNkulunkulu. Baya le nale belungisela ukuphathwa kwemiqondo yabo abayiphokophele; akunandaba ukuthi yinde kangakanani indlela, noma ngabe bungakanani ubunzima neziphazamiso endleleni, bayaphokophela bayaqhubeka babe nesibindi bengasabi ukufa. Ngamaphi la mandla abenza baqhubeke nokuzinikela ngale ndlela? Unembeza wabo? Isimilo sabo esihle nesiqotho kakhulu? Ukuzimisela kwabo ukulwa namandla obumnyama kuze kube sekugcineni ngci? Ukukholwa kwabo okubenza bafakazele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umklomelo? Ukuthembeka kwabo okwenza bazimisele ukunikela ngakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu? Noma umoya wabo wokuzinikela obenza badele izidingo ezimoshayo zesiqu sabo? Ukuthi abantu abangakaze bazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha banikele ngokungaka, impela nje kuyisimanga esikhulu! Okomzuzwana nje, ake singakhulumi ngokuthi la bantu banikele kangakanani. Ukuziphatha kwabo, kepha, kufanelekela kakhulu ukucubungula kwethu. Ngaphandle kwezinzuzo ezihlobene nabo kakhulu, kungaba khona esinye isizathu laba bantu abangakaze baqonde uNkulunkulu ukuthi banikele kangaka Kuye? Kulokhu, sithola inkinga ebingabonakalanga ekuqaleni: ubudlelwano bomuntu noNkulunkulu kumane kumayelana nokuzihlenga yena siqu kuphela nje. Kubudlelwano phakathi kowemukela izibusiso nophisana ngezibusiso. Ukukubeka ngokusobala, kunjengobudlelwano phakathi kumqashi nomsebenzi. Umsebenzi usebenzela ukuthola imivuzo ayinikwa ngumqashi. Ebudlelwaneni obunjalo, alukho uthando, kukhona isivumelwano kuphela; akukho ukuthanda nokuthandwa, ukuphana nomusa kuphela; akukho ukuqonda, kuphela ukuduba nenkohliso; akukho ukuzwana, kuphela igebe elingenakuvalwa. Uma izinto sezifika lapha, ubani ongasihlehlisa lesi simo esiqhubekayo? Futhi bangaki abantu abakwazi ukuqonda ngempela ukuthi lobu budlelwano busesimweni esibucayi futhi esiqeda ithemba? Ngikholwa ukuthi abantu uma bezicwilisa enjabulweni yokubusiseka, abekho abakwazi ukucabanga ukuthi ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu budala amahloni futhi abubukeki kangakanani.
  Into edabukisa kakhulu ngenkolelo yesintu kuNkulunkulu ukuthi umuntu uyaziphatha ngokwakhe phakathi komsebenzi kaNkulunkulu futhi akakhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuhluleka okukhulu komuntu kulele ekutheni, ngesikhathi efuna ukuthobela uNkulunkulu amkhonze, umuntu uzakhela esakhe isiphetho asithandayo futhi uyabala ukuze abone ukuthi angasithola kanjani isibusiso esikhulu kakhulu kanye nesiphetho esihle kunazo zonke. Ngisho noma abantu bangaqonda ukuthi badabukisa, bazondeka, futhi babanga umunyu kangakanani, bangaki abashiya ngokushesha le miqondo namathemba abo? Futhi ubani okwazi ukuma nse ezindleleni zabo futhi ayeke ukuzicabangela yena kuphela? UNkulunkulu udinga labo abazobambisana naye kakhulu futhi bafeze ukuphatha Kwakhe. Udinga labo abazonikela umqondo kanye nomzimba wabo emsebenzini wokuphathwa Nguye ukuze bazithobe Kuye; Akadingi abantu abakhipha izandla zabo baMuncenge zonke izinsuku; akusaphathwa ukuthi Akabadingi labo abapha kancane bese belinda ukubuyiselwa ngesenzo sabo esihle. UNkulunkulu uyabazonda labo abanikela ngokuncane bese bephumula bezithela ngabandayo. Uyabazonda labo bantu abanesihluku abawucasukelayo umsebenzi wakhe wokuphatha futhi abafuna ukukhuluma kuphela ngokuya ezulwini nokuzuza izibusiso. Unenzondo enkulu nakakhulu yalaba abasebenzisa ithuba elilethwa umsebenzi awenzayo ekusindiseni isintu. Ingoba laba bantu abakaze bazikhathaze ngolokho uNkulunkulu afisa ukukuthola futhi akufinyelele ngomsebenzi Wakhe wokuphatha. Bazihlupha ngokuthi bangasebenzisa kanjani ithuba elivezwa umsebenzi kaNkulunkulu ukuthola izibusiso. Abakhathazekile ngenhliziyo kaNkulunkulu, bazikhathaze ngokuphelele ngekusasa nesiphetho sabo. Labo abacasulwa umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu abangenandaba nakancane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu kanye nentando Yakhe, bonke benza okuthandwa yibo, ngokungahambisani nomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuziphatha kwabo akukhunjulwa nguNkulunkulu, futhi akunanelwa nguNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi kuthole umusa kuNkulunkulu.
  Zingaki izidalwa eziphilayo futhi ezizalanayo ebukhulwini obubanzi bomhlaba nezulu, zilandela umthetho wokuphila ngokuphindaphinda, zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu sesiyibuzile le mibuzo izinkulungwane zeminyaka, siphindelela. Ngeshwa, lapho isintu sishisekela kakhulu ngale mibuzo, yilapho kukhula kakhulu ukomela kwaso isayensi. Isayensi inika ukwaneliseka okufishane kanye nenjabulo yesikhashana, kodwa ayenele neze ukukhulula isintu esizungwini, umzwangedwa kanye nengebhe ecishe ingafihleki nokungabi namandla okusekujuleni komphefumulo waso. Isintu simane sisebenzise ulwazi lwesayensi olubonakala ngamehlo enyama nalokho ingqondo yaso engakuqonda ukuze kwenze inhliziyo yaso ibe ndikindiki ingabe isezwa. Kepha ulwazi lwesayensi olunjalo alusivimbi isintu ukuthi sihlole izimfihlakalo. Isintu asazi ukuthi ngubani oyiNkosi yezinto zonke emhlabeni nasezulwini, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu. Isintu simane siyaphila ngokuphoqeleleka phakathi kwalo mthetho. Akekho ongaphunyuka kuwo futhi akekho ongawushintsha, ngoba phakathi kwezinto zonke futhi emazulwini kukhona oyedwa osuka phakade kuze kube phakade obusa phezu kwakhe konke. Yilowo ongakaze abonwe ngumuntu, Lowo isintu esingakaze simazi, isintu esingakaze sithembele ebukhoneni Bakhe, kepha Nguye owaphefumulela umphefumulo kokhokho besintu futhi wanika ukuphila esintwini. Nguye onikayo futhi owondlayo isintu ukuze sibe khona, futhi oqondisa isintu kuze kube namhlanje. Ngaphezu kwalokho, Nguye futhi Nguye yedwa isintu esibheke Kuye ukuze siphile. Uphethe ubukhosi phezu kwazo zonke izinto futhi ubusa zonke izinto ngaphansi komhlaba nezulu. Ulawula izinkathi zonyaka ezine futhi Nguye obiza umoya, ungqoqwane, iqhwa, kanye nemvula. Unika isintu ilanga futhi alethe ukuza kobusuku. Nguye owendlala amazulu nomhlaba, wahlinzeka umuntu ngezintaba, amachibi nemifula kanye nazo zonke izinto eziphilayo phakathi kwayo. Isenzo Sakhe sikhona yonke indawo, amandla Akhe akhona yonke indawo, ukuhlakanipha Kwakhe kukhona yonke indawo, negunya Lakhe likhona yonke indawo. Umthetho nomgomo ngamunye uqukethe isenzo Sakhe, futhi yonke iveza ukuhlakanipha kanye negunya Lakhe. Ubani ongazikhipha ngaphandle ekubuseni Kwakhe? Ngubani ongazikhipha kumacebo Akhe? Zonke izinto zikhona ngaphansi kwamehlo Akhe, futhi zonke izinto ziphila ngaphansi kobukhosi Bakhe. Ukwenza Kwakhe namandla Akhe kushiya isintu singenakho okunye esingakhetha kukho ngaphandle kokuvuma ukuthi ukhona ngempela futhi uphethe phezu konke. Ayikho enye into ngaphandle Kwakhe engalawula umhlaba jikelele, kungasaphathwa ukuhlinzeka lesi sintu okungenakukhawuka. Akunandaba ukuthi uyakwazi ukubona isenzo sikaNkulunkulu, akusho lutho noma uyakholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, akungabazeki ukuthi isimiselo sakho singaphansi kokumisa kukaNkulunkulu, futhi akungabazeki ukuthi uNkulunkulu uyohlale ebusa phezu kwezinto zonke. Ubukhona negunya Lakhe akumisiwe phezu kokuthi kuyabonwa noma kuyaqondwa ngumuntu. Nguye kuphela owazi isikhathi esiphambilini, isikhathi samanje nekusasa lomuntu, futhi Nguye kuphela ongalawula isimiselo sesintu. Akunandaba noma uyakwazi ukwemukela leli qiniso, kungekudala umuntu uzozifakazela lezi zinto ngamehlo akhe, futhi yileli qiniso uNkulunkulu azoliveza licace. Isintu siyaphila futhi sife uNkulunkulu ebhekile. Isintu siphilela ukuphatha kukaNkulunkulu, futhi uma amehlo akhe evaleka okokugcina, lokho kungenxa yakho lokho kuphatha. Ngokuphindelela, umuntu uyafika futhi ahambe, kuye le nale. Ngaphandle kokukhetha, konke kuyingxenye yokubusa nokuhlela kukaNkulunkulu. Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuya phambili futhi akukaze kukhawuke. Uzokwenza isintu sazi ngokuba khona Kwakhe, sithembe ubukhosi Bakhe, sibone isenzo Sakhe, futhi sibuyele embusweni Wakhe. Uhlelo Lwakhe lolu, kanye nomsebenzi Akade Ewenza izinkulungwane zeminyaka.
  Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.
  Emuva kwalokho, uNkulunkulu wanikezela ngesintu kuSathane, umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, futhi lokhu kancane kancane kwaholela emsebenzini kaNkulunkulu wenkathi yokuqala: indaba yeNkathi Yomthetho…. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi yeNkathi Yomthetho, isintu sajwayela ukuqondiswa kweNkathi Yomthetho, futhi baqala bakuthatha kalula, futhi kancane kancane, bakushiya ukunakekelwa nguNkulunkulu. Ngakho, ngesikhathi benamathele emthethweni, bakhonza izithixo futhi benza izinto ezimbi. Babengavikelwe nguJehova, futhi babemane bephila izimpilo zabo phambi kwethempeli. Empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu wabe usubashiyile kudala, nakuba abakwa-Israyeli babebambelele emthethweni, futhi bekhuluma ngegama likaJehova, futhi ngokuziqhenya besakholelwa ukuthi kwabe kuyibo bodwa abantu baJehova futhi babengabakhethiweyo baJehova, inkazimulo kaNkulunkulu yabalahla buthule…
  Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uyayishiya buthule indawo ethile kodwa abe enza umsebenzi omusha ngokuthulile, uqala kwenye indawo. Lokhu kubukeka kungakholeki kubantu, abasala bendikindiki. Abantu selokhu benza igugu lokho okudala, futhi babuke izinto ezintsha, ezingajwayelekile ngobutha, noma njengohlupho. Ngakho, noma imuphi umsebenzi omusha uNkulunkulu awenzayo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni ngci, umuntu ungowokugcina ukwazi ngawo phakathi kwezinto zonke.
  Njengoba kwakuhlale kwenzeka, emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama, wathatha isimo sesintu iminyaka eyishumi, amashumi amabili, futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. Njengenkinga, kwavela owayebizwa ngoPawulu, awazibeka ebutheni obunokufa noNkulunkulu. Ngisho emuva kokuthi eshaywe phansi waphenduka umpostoli, imvelo kaPawulu endala ayizange ishintshe futhi wabhala izincwadi eziningi. Ngeshwa izizukulwane eziza ngemuva zathatha izincwadi zakhe njengamazwi kaNkulunkulu okufanele ziwajabulele, ngendlela yokuthi zafakwa eTestamenteni Elisha futhi zadideka namazwi akhulunywa nguNkulunkulu. Lokhu yihlazo elikhulu impela selokhu kwaqala imiBhalo. Futhi leli phutha alenzekanga ngenxa yobuwula bomuntu na? Kuncane ababekwa ngokuthi, emibhalweni yomsebenzi kaNkulunkulu eNkathini yoMusa, izincwadi kanye nomibhalo yangomoya yabantu kwakungafanele nje ibe khona ukuthatha indawo yomsebenzi namazwi kaNkulunkulu. Kodwa lokhu kuseceleni, ngakho masibuyele esihlokweni sethu sokuqala. Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.
  Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala sengathi indaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, kungasaphathwa izindaba ezenzekile emhlabeni jikelele. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone. Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. Ngesikhathi somsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu lesi sikhathi, isintu siwumenziwa wenkohlakalo kaSathane, futhi ngaso leso sikhathi siwumenziwa wensindiso kaNkulunkulu, kanye nento uNkulunkulu noSathane abayilwelayo. Ngesikhathi enza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu kancane kancane uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, ngakho umuntu uba seduzane kakhulu noNkulunkulu…
  Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kusho ukusondela koswazi lukaNkulunkulu phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje isikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo olungakaze lubonwe ngumuntu. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule?… Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokucabanga usefike ekuqondeni iqiniso lokuba umuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!
  Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.
                  Kwadalulwa kuMandulo 23, 2005
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
     Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke senike nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu belingaphendula lithi: UNkulunkulu uvela kulabo abamlandelayo futhi imilobo yezinyawo zakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena kanye nesimo Sakhe, kanye nendlela yokwenza eyimvelo Yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula inkathi futhi aqede inkathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma akusiyo nakancane inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibonwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni yisigaba somsebenzi wohlelo Lwakhe lokuphatha. Ukubonakala kukaNkulunkulu kuhlala kunenhloso, futhi kuxhumana nohlelo Lwakhe lokuphatha. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kokuqondisa kukaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ebonakala. Lo msebenzi uhlukile kowanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala inkathi entsha futhi uqede inkathi yakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ngaphezu kwalokhu, ngumsebenzi wokuletha isintu enkathini entsha. Lokhu ukubaluleka kokubonakala kukaNkulunkulu.
    Esikhathini esisodwa nokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu ubonakala kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukubonakala kuphi, noma kumele abonakale kuphi. Abanye ngokuthathela phezulu bakholwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya oNgcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho kunezithombe zokomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho abantu bedumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekuthini izinkolo ezinjalo zilungile noma azilungile. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli abantu abadumile, silandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunephimbo likaNkulunkulu, futhi lapho kunemilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, uzibe amagama athi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela Kanye nokuphila.” Ngakho lapho abantu abaningi bethola iqiniso, abakholwa ukuthi bathole imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu futhi abakuvumi nakancane ukubonakala kukaNkulunkulu. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele okukuqala uphume ekucabangeni kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele nakancane umbeke emkhawulweni wakho bese umnciphisela kokucatshangwa nguwe. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu engesilo iqiniso, futhi engaphethe iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi alalele.
    Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.
   UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu abonakala khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu. Beka imicabango yakho eceleni! Yima ufundisise la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile
Tumblr media
Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile
Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile. UNkulunkulu wathumela ukudla esezulwini, amanzi nemana ukuze abantu bayijabulele, futhi kusenjalo nanamuhla: uNkulunkulu ngokwakhe uthumele izinto ezidliwayo neziphuzwayo ukuze abantu bazijabulele, futhi Yena ngokwakhe ulethe iziqalekiso ukuze asole abantu. Ngakho zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe zenziwa uNkulunkulu mathupha. Namuhla, abantu balambele iqiniso, bazama ukubona izimpawu nezimangaliso, futhi kunokwenzeka ukuthi bonke abantu abanjalo bashiywe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uya uba ngokoqobo kakhulu. Akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu wehlile esuka ezulwini, abakaqapheli ukuthi uNkulunkulu uthumele ukudla nezinto ezivela ezulwini—kuyilapho uNkulunkulu ekhona ngempela, nezimo ezijabulisayo zoMbuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu abazicabangayo kuyizinto ezivela ngqo emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso, futhi lokhu kuwukuphela ukubusa noNkulunkulu emhlabeni. Ukubusa noNkulunkulu emhlabeni kuqondise enyameni. Lokhu okungeyona inyama akukho emhlabeni, ngakho bonke labo abalwela ukuya ezulwini lesithathu balwela into engekho. Ngelinye ilanga, lapho umhlaba wonke usubuyela kuNkulunkulu, umongo womsebenzi Wakhe ezulwini nasemhlabeni wonke uyolandela amazwi kaNkulunkulu; kwenye indawo,abanye abantu bayoshaya izingcingo, abanye bayogibela izindiza, abanye bayogibela izikebhe bawele ulwandle, abanye bayosebenzisa ama-laser ukuze bathole amazwi kaNkulunkulu. Bonke abantu bayokhonza futhi bayolangazelela, bonke bayosondela kuNkulunkulu, futhi bahlanganyele kuNkulunkulu, futhi bonke bayokhonza uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuyobe kuyizenzo zikaNkulunkulu . Khumbula lokhu! Ayikho into uNkulunkulu asazoyiqala kabusha kwenye indawo. UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa : Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo.Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa uzokwehlelwa yindlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. Leso kuyoba yisikhathi sokwambulwa kwezenzo zikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhazinyuliswa; bonke abantu emhlabeni wonke bazokhonza “umuntu” onganakekile. Ingabe lolu ngeke kube usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu? Ngelinye ilanga, abafundisi abadala bazothumela amathelegramu befuna amanzi omthombo wokuphila. Bazobe bekhulile, kodwa nabo bazoza bakhonze lo muntu, lowo ababemdelela. Emilonyeni yabo bazoqaphela futhi ezinhliziyweni zabo bazothemba —ingabe lolu akulona uphawu noma isimanga? Lapho wonke umbuso ujabulela inkazimulo kaNkulunkulu,futhi noma ubani oza kinina futhi amukele izindaba ezinhle zikaNkulunkulu uzobusiswa Nguye, futhi la mazwe nalaba bantu bazobusiswa futhi banakekelwe uNkulunkulu. Umyalelo wangelinye ilanga uyoba nje: Labo abathole amazwi evela emlonyeni kaNkulunkulu bazoba nendawo yokuhamba emhlabeni, futhi noma bangosomabhizinisi noma ososayensi, noma othisha, noma abezimboni, labo abangenawo amazwi kaNkulunkulu kuzoba nzima ngisho ukuthatha isinyathelo esisodwa, futhi bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Yilokho okushiwoyo uma kuthiwa, “Ngeqiniso uzohamba emhlabeni wonke; ngaphandle kweqiniso, ngeke uye ndawo.” Amaqiniso awukuthi: UNkulunkulu uzosebenzisa Indlela (okusho ukuthi wonke amazwi Akhe) ukuze aqondise wonke umhlaba futhi abuse futhi anqobe isintu. Abantu bahlale bethemba ukujika okukhulu emisebenzini kaNkulunkulu. Ukucacisa,uNkulunkulu uqondisa abantu ngezwi, futhi kumele wenze lokho akushoyo kungakhathaleki ukuthi uyafisa ukwenza lokho noma cha; leli yiqiniso elingenakuphikwa, futhi kumele lilalelwe yibo bonke, nalo futhi laziwe yibo bonke.
UMoya oNgcwele unikeza abantu umuzwa. Ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, ezinhliziyweni zabo bayaqina futhi banokuthula, kanti labo abangalamukeli izwi likaNkulunkulubazizwa bengenalutho. Lokho kungamandla ezwi likaNkulunkulu—abantu okumele bawafunde, ngemva kokuwafunda bazokondleka, futhi angeke benze lutho ngaphandle kwawo. Kunjengalapho abantu bedla isidakamizwa okuthiwa yi-opium: sibanikeza amandla, futhi ngaphandle kwayo bazizwa bengenamandla. Unjalo umkhuba ophakathi kwabantu namuhla. Ukufunda amazwi kaNkulunkulu kunikeza abantu amandla. Uma bengawafundi, bazizwa bengenamdlandla, kodwa ngemva kokuwafunda, bavuka ngaso leso sikhathi “ekuguleni.” Leli yizwi likaNkulunkulu liphethe amandla emhlabeni noNkulunkulu ebusa emhlabeni. Abanye abantu bafuna ukushiya, noma sebekhathele umsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi benzani, abakwazi ukusuka emazwini kaNkulunkulu ; kungakhathaleki ukuthi babuthaka kangakanani, kusadingeka bancike emazwini kaNkulunkulu ukuze baphile,futhi kungakhathaleki ukuthi bavukela kangakanani, abalokothi bashiye amazwi kaNkulunkulu. Lapho amazwi kaNkulunkulu ebonisa amandla awo yilapho uNkulunkulu ebusa futhi esebenzisa amandla Akhe, futhi yile ndlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Kukho konke lokhu, imisebenzi kaNkulunkulu, futhi akekho ongayishiya. Amazwi kaNkulunkulu azosabalalela emakhaya angenakubalwa, azokwaziwa yibo bonke, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho amazwi Akhe ezosabalala emhlabeni wonke. Okungukuthi, uma umsebenzi Wakhe kumele usabalale kuwo wonke umhlaba, amazwi Akhe kumele asatshalaliswe. Osukwini lwenkazimulo kaNkulunkulu, amazwi Akhe azobonisa amandla negunya lawo. Onke amazwi Akhe kusukela ngesikhathi esingakhumbuleki kuze kube namuhla azofezeka futhi azogcwaliseka. Ngale ndlela, inkazimulo izoya kuNkulunkulu emhlabeni—okusho ukuthi, amazwi Akhe azobusa emhlabeni.Bonke ababi bazosolwa amazwi asemlonyeni kaNkulunkulu, bonke abalungile bazobusiswa amazwi omlomo Wakhe, futhi bonke bazokwakhiwa futhi bapheleliswe amazwi omlomo Wakhe. Angeke abonise noma yiziphi izimpawu noma izimangaliso; konke kuzofezwa amazwi Akhe, futhi amazwi Akhe azokhiqiza amaqiniso. Wonke umuntu emhlabeni uzohalalisela amazwi kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi badala noma bayizingane, owesilisa, owesifazane, omdala, omncane, bonke abantu bazozithoba ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu abonakala esenyameni, evumela abantu ukuba bawabone emhlabeni, ecacile futhi ephila. UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulukazi ukuze afeze iqiniso lokuthi “uLizwi uba yinyama,” okusho ukuthi, uze ukuze amazwi Akhe azonikezwa esenyameni (hhayi njengasesikhathini sikaMose eTestamenteni Elidala,lapho uNkulunkulu ayekhuluma ngokuqondile esesibhakabhakeni). Ngemva kwalokho ngalinye lamazwi Akhe lizogcwaliseka phakathi neNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane, azoba amaqiniso asobala emehlweni abantu, futhi abantu bazowabona ngamehlo abo ngaphandle kokungabaza. Lena yincazelo yangempela yokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okungukuthi, umsebenzi kaMoya ufezwa ngenyama, nangamazwi. Lena incazelo enembayo yokuthi “uLizwi waba yinyama” nethi “Ukubonakala kukaLizwi enyameni.” UNkulunkulu kuphela ongakhuluma intando kaMoya, futhi uNkulunkulu osenyameni kuphela ongakhulumela uMoya; amazwi kaNkulunkulu enziwe acaca ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uqondiswa yiwo. Akekho okhululiwe, bonke bakhona ngaphakathi kwalo mngcele. Yingala mazwi kuphela lapho abantu bengakwazi khona;labo abangazuzi ngale ndlela bayaziphuphela nje uma becabanga ukuthi bangathola amazwi avela ezulwini. Lelo gunya libonakaliswe uNkulunkulu ekuguqulweni abe yinyama: ukwenza ukuba bonke bakholwe. Ngisho kuthiwa ompetha abaqeqeshiwe noma abefundisi bezinkolo angeke bakwazi ukukhuluma la mazwi. Kumele bazithobe kuwo, futhi akekho ongakwazi ukuqalisa kabusha. UNkulunkulu uzosebenzisa amazwi ukuze anqobe umhlaba wonke. Uzokwenza lokhu hhayi ngokuguqulelwa enyameni, kodwa ngokusebenzisa amazwi avela umlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama ukuze anqobe bonke abantu emhlabeni wonke; yilokhu kuphela okunguLizwi eba yinyama, futhi yilokhu kuphela ukubonakala kukaLizwi enyameni. Mhlawumbe, kubantu, kubonakala sengathi uNkulunkulu akakenzi msebenzi ongako—kodwa uNkulunkulu kufanele akhlume nje amazwi Akhe kubantu ukuze bakholwe ngokuphelele,futhi kubo ukuze bathuthumele. Ngaphandle kwamaqiniso abantu bayamemeza futhi bakhamuluke; ngamazwi kaNkulunkulu, bayathula. UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni . Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
1 note · View note
Text
Iqiniso Lokulawula KoMdali Nokubusa Phezu Kwazo Zonke Izinto Nezidalwa Eziphilayo Likhuluma Ngobukhona Bangempela Begunya LoMdali
Tumblr media
Iqiniso Lokulawula KoMdali Nokubusa Phezu Kwazo Zonke Izinto Nezidalwa Eziphilayo Likhuluma Ngobukhona Bangempela Begunya LoMdali
Ukubusiswa kukaJobe nguJehova kubhaliwe eNcwadini kaJobe. Ingabe uNkulunkulu wamnikani uJobe? “(UJobe 42:12 )Ngakho uJehova wabusisa isiphetho sikaJobe ngokwengeziwe kunesiqalo sakhe: ngokuba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhagqa ayizinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.” Ngokubuka komuntu, zabe ziyini lezi zinto ezanikwa uJobe? Kwabe kuyimfuyo nokuyinzuzo kumuntu? Ngalezi zimpahla ingabe uJobe wayezobe ecebile kakhulu, ngaleyo nkathi? Futhi, wazithola kanjani lezi zimpahla? Yini eyadala umcebo wakhe? Nakanjani kwakungenxa yesibusiso, ukuthi uJobe waba nale mpahla. Ukuthi uJobe wayeyibuka kanjani le mpahla, nokuthi wayezibuka kanjani izibusiso zikaNkulunkulu, yinto esingeke singene kuyo. Uma sekuza ezibusisweni zikaNkulunkulu, abantu bonke bayalangazelela, imini nobusuku, ukubusiswa nguNkulunkulu, kepha umuntu akanakho ukulawula ukuthi impahla engakanani azoyizuza ngesikhathi sokuphila kwakhe, noma uzozithola yini izibusiso kuNkulunkulu—futhi leli qiniso lingephikiswe! UNkulunkulu unegunya, futhi unamandla okunika noma iyiphi impahla kumuntu, ukuvumela umuntu ukuthola noma isiphi isibusiso, kodwa kunesimiso ezibusisweni zikaNkulunkulu. Abantu abanjani ababusiswa nguNkulunkulu? Abantu abathandayo, ngokusobala! U-Abrahama noJobe bobabili babusiswa nguNkulunkulu, kodwa izibusiso abazitholayo zazingafani. UNkulunkulu wabusisa u-Abrahama ngenzalo eningi kunezihlabathi nezinkanyezi. Lapho uNkulunkulu ebusisa u-Abrahama, wadala uzalo lwendoda eyodwa, isizwe esisodwa, ukuthi sibe namandla futhi sinothe. Kulokhu, igunya likaNkulunkulu labusa isintu, esabe siphefumula umphefumulo kaNkulunkulu phakathi kwezinto zonke nezidalwa eziphilayo. Ngaphansi kobukhosi begunya likaNkulunkulu, isintu sanda, futhi saba khona ngesivinini, futhi nangohlelo olwalunqunywe nguNkulunkulu. Ikakhulukazi, ukusebenza kwalesi sizwe, izinga lokwanda kwaso, kanye nobude bempilo konke kwakuyingxenye yezinhlelo zikaNkulunkulu, futhi nesimiso sakho konke lokhu kwakunesisekelo sesithembiso uNkulunkulu asenza ku-Abrahama. Okungukuthi, ngale kwezimo, izethembiso zikaNkulunkulu zaziyoqhubeka ngaphandle kwezingqinamba nezihibe, zifezeke ngaphansi kwesiqondiso segunya likaNkulunkulu. Kulesi sithembiso uNkulunkulu asenza ku-Abrahama, ngale kobuyaluyalu emhlabeni, inkathi, nezinhlekelele abantu ababhekana nazo, inzalo ka-Abrahama yayingeke ibhekane nengozi yokuthi ibhubhe, futhi isizwe sabo sasingeke sishabalale. Isibusiso sikaNkulunkulu kuJobe samenza waceba ngokwedlulele. Amnika khona uNkulunkulu, kwabe kuyizinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, eziphefumulayo, imininingwane ngazo—isibalo, ukwanda kwazo zizalana, ukuphila kwazo, isamba samafutha kuzo, njalo njalo—konke kwakulawulwa nguNkulunkulu. Nakuba lezi zilwane eziphilayo zazingakwazi ukukhuluma, nazo zaziyingxenye yezinhlelo zoMdali, futhi isimiso sezinhlelo zikaNkulunkulu kwakuhambisana nesibusiso uNkulunkulu ayesithembise uJobe. Ezibusisweni lezo uNkulunkulu azinika u-Abrahama noJobe, noma lokho okwakukade kuthenjisiwe kwakuhlukene, igunya lomdali ayebusa ngalo zonke izinto nezidalwa eziphilayo, lalifana. Yonke imininingwane yegunya namandla kaNkulunkulu ibonakala ezethembisweni nasezibusisweni Zakhe ezihlukene ku-Abrahama noJobe, futhi iphinde ikhombise isintu ukuthi igunya likaNkulunkulu liqhelelene kakhulu nokubuka ngamehlo engqondo komuntu. Le mininingwane iphinda itshele isintu ukuthi uma sifisa ukwazi igunya likaNkulunkulu, lokhu kungatholakala kuphela ngamazwi kaNkulunkulu nangokuzwa umsebenzi kaNkulunkulu.
Tumblr media
Igunya likaNkulunkulu lobukhosi phezu kwezinto zonke livumela umuntu ukubona iqiniso: igunya likaNkulunkulu alibonakali nje kula mazwi “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona ukukhanya, kwaba khona ukukhanya, futhi, Makube khona umkhathi, kwaba khona umkhathi kanye nokuthi Makube khona umhlaba, kwase kuba khona umhlaba,” kodwa ngaphezu kwalokho, indlela enza ngayo ukuthi ukukhanya kuqhubeke, yavimba ukuthi isibhakabhaka sishabalale, futhi kwagcina nomhlaba uhlukene unomphelo namanzi, kanye nemininingwane yokuthi wabusa phezu kwezilwane waziphatha: ukukhanya, isibhakabhaka, kanye nomhlaba. Nibonani futhi esibusisweni sikaNkulunkulu esintwini? Ngokusobala, emuva kokuthi uNkulunkulu esebusise u-Abrahama noJobe, izinyathelo zikaNkulunkulu azizange zikhawuke, ngoba wayesanda kuqala nje ukusebenzisa igunya Lakhe, futhi wayehlose ukwenza wonke amazwi Akhe ukuthi afezeke, futhi ukuze yonke imininingwane ayeyishilo ifezeke, nangeminyaka elandelayo, waqhubeka wenza yonke into ayeyihlosile. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unegunya, mhlawumbe kumuntu kubukeka sengathi uNkulunkulu uyakhuluma kuphela, futhi akadingi nokuthi enze lutho ukuze zonke izindaba nezinto zifezeke. Ukucabanga kanjalo ngandlela thize akunangqondo! Uma uthatha umbono wokubuka ecaleni elilodwa ukumisa kukaNkulunkulu isivumelwano nomuntu esebenzisa amazwi, kanye nokufeza zonke izinto esebenzisa amazwi, futhi ungakwazi ukubona izimpawu namaqinso anhlobonhlobo okuthi igunya likaNkulunkulu liyabusa phezu kokuba khona kwezinto zonke, ngakho ukuqonda kwakho ngegunya likaNkulunkulu akunalutho kakhulu futhi akunawo umqondo! Uma umuntu ecabanga ukuthi uNkulunkulu unjalo, ngakho, kufanele kushiwo ukuthi, ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu seluze lwaphoseka emseleni, futhi kwaze kwafika ekugcineni, ngoba uNkulunkulu lo muntu amcabangayo, ucishe abe ngumshini nje okhipha imiyalezo, hhayi uNkulunkulu onegunya. Uboneni ngezibonelo zika-Abrahama noJobe? Ulubonile uhlangothi okuyilona lona lwegunya namandla kaNkulunkulu? Emuva kokuthi uNkulunkulu wayesebusise u-Abrahama noJobe, uNkulunkulu akazange ahlale lapho ayekhona; futhi akazange athumele izithunywa Zakhe ukuthi zisebenze lapho yena elindile ukubona ukuthi umphumela kwakuzoba yini. Kunalokho, kwathi angaqeda ukukhuluma amazwi akhe, uNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu laqala lasebenza emhlabeni wonke, futhi lahlela umzila ukuze kufezeke futhi kugcwaliseke izithembiso ayezenze ku-Abrahama noJobe, ngaleso sikhathi futhi wenza izinhlelo ezifanele namalungiselelo akho konke okwakudingeka esinyathelweni ngasinye kanye nasezigabeni ezisemqoka ayehlose ukuzenza. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu wahlela izithunywa Zakhe, kodwa futhi nazo zonke izinto ayezidalile. Okungukuthi, indlela igunya likaNkulunkulu elalisebenza ngayo, lalifake izithunywa, kodwa ngaphezu kwalokho lalifake zonke izinto, ezazibekwe ezikhundleni ezehlukene ukuze zisebenze ukufeza umsebenzi ayewuhlelile; lezi yizindlela ezithize, igunya likaNkulunkulu elasebenza ngazo. Emicabangweni yenu, abanye mhlawumbe banalokhu kuqonda ngegunya likaNkulunkulu: uNkulunkulu unegunya, futhi uNkulunkulu unamandla, ngakho uNkulunkulu udinga ukuthi ahlale ezulwini lesithathu, futhi ahlale endaweni eyodwa, futhi akadingi ukwenza umsebenzi othile, futhi wonke umsebenzi wakhe uwenza ngokuphelele ngemicabango Yakhe. Abanye kungenzeka bakholwe ukuthi, noma uNkulunkulu wabusisa u-Abrahama, akadinganga ukuthi enze lutho, futhi kwakwanele nje ukuthi amane akhulume amazwi Akhe. Ilokhu ngempela okwenzeka? Ngokusobala, cha! Noma uNkulunkulu enegunya namandla, igunya namandla Akhe kuliqiniso futhi okwangempela, akuyona into engenalutho. Ubuqiniso nengqikithi yegunya namandla kaNkulunkulu kwembulwa kancane kancane futhi kubonakala ekudaleni Kwakhe zonke izinto nokulawula phezu kwezinto zonke, kanye nangenqubo ahola futhi aphatha ngayo isintu. Zonke izindlela, yonke imibono, kanye nayo yonke imininingwane yobukhosi bukaNkulunkulu phezu kwesintu nezinto zonke, nawo wonke umsebenzi asewufezile, kanye nokuqonda Kwakhe zonke izinto—ngokusobala zonke zifakazela ukuthi igunya namandla kaNkulunkulu akuwona amazwi angasho lutho. Igunya namandla akhe kukhonjiswa futhi kwembulwe njalo njalo futhi ezintweni zonke. Lokhu kubonakaliswa nezambulo kukhuluma ngobukhona boqobo begunya likaNkulunkulu, ngoba usebenzisa igunya namandla Akhe ukuqhubeka nomsebenzi Wakhe, kanye nokulawula zonke izinto, nokubusa phezu kwezinto zonke umzuzu ngomzuzu, futhi amandla negunya Lakhe ngeke kuthathelwe indawo izingelosi, noma izithunywa zikaNkulunkulu. UNkulunkulu wanquma ukuthi yiziphi izibusiso ayezozinika u-Abrahama noJobe—kwakuncike kuNkulunkulu. Noma izithunywa zikaNkulunkulu zamvakashela mathupha u-Abrahama noJobe, izenzo zazo zazihambisa ngokwemiyalo kaNkulunkulu, futhi ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, futhi zazingaphansi kobukhosi bukaNkulunkulu. Noma umuntu ebona izithunywa zivakashela u-Abrahama, futhi engamboni uNkulunkulu enza okuthile ngokwakhe, emibhalweni yeBhayibheli, empeleni, okunguyena osebenzisa amandla negunya nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokhu akuvumeli ukungabaza kwanoma umuphi umuntu! Noma ubonile ukuthi izingelosi nezithunywa zinamandla amakhulu, futhi zenza izimangaliso, noma zenze izinto ezithile zithunywe nguNkulunkulu, izenzo zazo kuphela zingenxa yokwenza lokho uNkulunkulu azithume khona, futhi azenzi lutho ngenhloso yokubonakalisa igunya likaNkulunkulu—ngoba akukho muntu noma into enegunya loMdali lokudala zonke izinto nokuphatha zonke izinto. Ngakho akukho muntu noma into engasebenzisa noma ikhombise igunya loMdali.
Igunya LoMdali Aliguquki Futhi Alinakucasulwa
…… Noma uNkulunkulu ayenegunya namandla, ubukhali kakhulu futhi unezimiso asebenza ngazo, futhi uyali gcina izwi Lakhe. Ubunzima bakhe nezimiso zezenzo zakhe kukhomba ukuthi uMdali akasoze acasulwa futhi igunya Lakhe akekho ongalidlula. Noma enegunya elikhulu futhi konke kuphansi koMbuso Wakhe, futhi nakuba enamandla okubusa phezu kwezinto zonke, uNkulunkulu akakaze akhinyabeze uhlelo Lwakhe, futhi nanini lapho esebenzisa igunya Lakhe, uyaqinisekisa ukukwenza ngokuhambisana nezimiso Zakhe, futhi ulandela ngokucophelela lokho akukhuluma ngomlomo Wakhe, futhi alandele izinyathelo nezinhloso zohlelo Lwakhe. Asidingi ukusho ukuthi, zonke izinto eziphethwe uNkulunkulu nazo zilalela izimiso igunya likaNkulunkulu elisebenza ngazo, futhi akukho muntu noma into, ekhishelwe ngaphandle kwezinhlelo zegunya Lakhe, futhi ngeke zikwazi ukuguqula izimiso igunya Lakhe elisebenza ngazo. Emehlweni kaNkulunkulu, labo ababusisiwe bathola umcebo olethwa yigunya Lakhe, futhi labo abaqalekisiwe bathola ukujeziswa kwabo ngenxa yegunya likaNkulunkulu. Ngaphansi kobukhosi begunya likaNkulunkulu, akukho muntu noma into esala ngaphandle ekusebenzeni kwegunya Lakhe, futhi ngeke bakwazi ukuguqula izimiso zegunya Lakhe. Igunya lomdali aliguqulwa izinguquko kunoma yini, futhi ngokufanayo, izimiso igunya Lakhe elisetshenziswa ngazo aziguquki nangenxa yasiphi isizathu. Izulu nomhlaba kungabhekana nanoma yiziphi izigemegeme, kodwa igunya loMdali aliguquki; zonke izinto zinganyamalala, kodwa igunya loMdali alisoze lanyamalala. Lokhu kuyingqikithi yegunya loMdali elingaguquki nelingacasuleki, futhi lokhu ubungqayizivele boqobo boMdali!
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Funda Zamavesi eBhayibheli:   “Nani-ke manibe nilungile: ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngehora eningalicabangiyo” (Luka 12:40).
0 notes
Text
Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu
Tumblr media
Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu
(UGenesise 18:26) Futhi iNKOSI yathi, Uma eSodoma ngithola abangamashumi amahlanu abalungileyo ngaphakathi kwedolobha, khona-ke ngizohawukela yonke le ndawo ngenxa yabo.
(UGenesise 18:29) Waphinda futhi wakhuluma kuye, wathi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amane khona. Wayesethi, angeke ngikwenze.
(UGenesise 18:30) Wathi futhi kuye, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amathathu khona. Waye sethi, angeke ngikwenze.
(UGenesise 18:31) Waye sethi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amabili khona. Waye sethi, angeke ngiyibhubhise.
(UGenesise 18:32) Waye sethi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abayishumi khona. Waye sethi, angeke ngiyibhubhise.
Lawa amavesi ambalwa engiwakhethe eBhayibhelini. Awaphelele. Uma nifuna ukuwabona, ningazifundela wona eBhayibhelini; ukuze ngonge isikhathi, ngikhiphe ingxenye evela emiBhalweni. Lapha ngikhethe kuphela amazwi awumgogodla nemisho, ngashiya imisho eminingi engahlobene kangako nathi namuhla. Kuwo wonke la mavesi nendaba esixoxa ngayo, umgomo wethu awubandakanyi imininingwane mayelana nalezi zindaba, nokuziphatha komuntu kuzo; kunalokho, sikhuluma kuphela ngemicabango kaNkulunkulu nemibono yangaleso sikhathi. Emicabangweni nasemibonweni kaNkulunkulu, sizobona isimo sikaNkulunkulu, futhi kukho konke uNkulunkulu akwenza, sizobona uNkulunkulu Uqobo Lwakhe—futhi kulokhu sizowufeza umgomo wethu.
UNkulunkulu Unendaba Kuphela Nalabo Abakwazi Ukulalela Amazwi Akhe Nokulandela Imiyalo Yakhe Amazwi angenhla aqukethe into ewumgogodla: izinombolo. Okokuqala, uJehova uthe uma ethola abangamashumi amahlanu abalungile emzini, khona-ke uyoyekela indawo yonke ngenxa yabo, okusho ukuthi, wayengeke awubhubhise umuzi. Ngakho ingabe babekhona abangamashumi amahlanu abalungile eSodoma? Babengekho. Ngokushesha ngemva kwalokho, wathini u-Abrahama kuNkulunkulu? Wathi, mhlawumbe kutholakala abangamashumi amane khona? UNkulunkulu wathi, ngeke ngiwubhubhise. Ngemva kwalokho, u-Abrahama wathi, mhlawumbe kutholakala abangamashumi amathathu khona? UNkulunkulu wathi, ngeke ngikwenze. Mhlawumbe abangamashumi amabili? Ngeke ngikwenze. Abayishumi? Ngeke ngikwenze lokho. Ingabe kwakunabayishumi abalungile emzini? Babengelona ishumi—kodwa wayeyedwa. Wayengubani lona oyedwa? KwakunguLoti. Ngaleso sikhathi, wayeyedwa umuntu owayelungile eSodoma, kodwa ingabe uNkulunkulu wayeqinisa kakhulu uma kuziwa kuleli nani? Cha, kwakungenjalo! Ngakho lapho umuntu elokhu ethi, “Kuthiwani ngabangamashumi amane?” “Kuthiwani ngabangamamashumi amathathu?” kuze kube yilapho ethi khona “Kuthiwani ngabayishumi?” UNkulunkulu wathi, “Ngisho noma kunabayishumi kuphela, ngeke ngiwubhubhise umuzi; ngiyowusindisa, ngithethelele abanye abantu ngaphandle kwabayishumi.” Abayishumi babeyodabukisa ngokwanele, kodwa empeleni alibanga bikho ngisho nalelo nani labantu abalungile eSodoma. Ngakho uyabona ukuthi emehlweni kaNkulunkulu, isono nokukhohlakala kwabantu bendawo kwahamba kwaze kwafika ezingeni lokuthi uNkulunkulu kwakungasekho angakwenza ngaphandle kokubabhubhisa. Wayeqonde ukuthini uNkulunkulu lapho ethi ngeke awubhubhise umuzi uma kunabangamashumi amahlanu abalungile? La manani ayengabalulekile kuNkulunkulu. Okwakubalulekile ukuthi umuzi unabo yini abantu abalungile ayebafuna noma cha. Uma umuzi wawunomuntu oyedwa olungile, uNkulunkulu wayengeke avume ukuthi balimale lapho ebhubhisa umuzi. Lokhu kusho ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wayezowubhubhisa umuzi noma cha, kungakhathaliseki ukuthi kwakunabalungile abangakanani kuwo, kuNkulunkulu lo muzi owonayo wawuqalekisiwe, futhi kufanele ubhujiswe, kufanele unyamalale emehlweni kaNkulunkulu, kusale abalungile. Kungakhathaliseki ukuthi iminyaka ithini, kungakhathaliseki ukuthi umuntu ukusiphi isigaba sokukhula, umbono kaNkulunkulu awushintshi: Uyabuzonda ububi, unendaba nabalungile emehlweni Akhe. Lo mbono ocacile kaNkulunkulu uphinde ube isambulo sangempela sesiqu sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi kwakunomuntu oyedwa emzini, uNkulunkulu akabange esanqikaza. Umphumela waba ukuthi iSodoma lalizobhujiswa. Nibonani kulokhu? Kuleyo nkathi, uNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi uma kuwo kunabangamashumi amahlanu abalungile, noma kunabayishumi, okusho ukuthi uNkulunkulu wayezonquma ukubathethelela noma abe nesineke ngabantu, noma enze umsebenzi Wakhe wokuqondisa, ngenxa yabambalwa ababemkhonza. UNkulunkulu ubeke okuningi ezenzweni ezilungile zomuntu, kulabo abakwazi ukumkhonza, nakulabo abakwazi ukwenza okuhle phambi Kwakhe.
UNkulunkulu Unomusa Omkhulu Kulabo Abakhathalelayo, Futhi Unenzondo Enkulu Kulabo Abazondayo
Ekulandiseni kweBhayibheli, ingabe zazikhona izinceku zikaNkulunkulu eziyishumi eSodoma? Cha, zazingekho! Ingabe kwakufanele ukuthi umuzi uchithwe uNkulunkulu? Kwakunomuntu oyedwa kuphela emzini—uLoti—wamukela izithunywa zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho kwakunenceku kaNkulunkulu eyodwa kuphela emzini, ngakho uNkulunkulu akukho ayengakwenza ngaphandle kokusindisa uLoti futhi abhubhise umuzi waseSodoma. Lokhu okuphakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu kungase kubonakale kulula, kodwa kuqhakambisa into ebaluleke kakhulu: Kunemiyalo ezenzweni zikaNkulunkulu, futhi ngaphambi kokuthi enze izinqumo uzochitha isikhathi ebuka futhi ehlolisisa; singakafiki isikhathi esifanele, asikho isinqumo azosenza futhi azikho iziphetho azofinyelela kuzo. Lokhu okuphakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu kusibonisa ukuthi isinqumo sikaNkulunkulu sokubhubhisa iSodoma kwakungekhona ukushiyeka, ngoba uNkulunkulu wayazi ukuthi umuzi wawungenabo abalungile abangamashumi amane, noma abangamashumi amathathu, noma abangamashumi amabili. Babengekho ngisho abayishumi. Okuwukuphela komuntu olungile emuzini kwakunguLoti. Konke okwenzeka eSodoma nezimo zalo kwakubonwa nguNkulunkulu, futhi kuNkulunkulu kwakuvame njengenhlanekela yesandla Sakhe. Ngakho, isinqumo Sakhe sasingeke sibe nephutha. Ngokuphambene, uma kuqhathaniswa namandla amakhulu kaNkulunkulu, umuntu undikindiki, uyisiwula futhi akanaki, akaziboni izinto ngeso elibanzi. Yilokhu esikubona phakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu. UNkulunkulu ubelokhu ehambisa phambili isimo Sakhe kusukela ekuqaleni kuze kube namuhla. Ngakho, lapha sikhona isimo sikaNkulunkulu okufanele sisibone. Izinombolo zilula, futhi azivezi lutho, kodwa lapha sibonakala kakhulu isimo sikaNkulunkulu. UNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi ngenxa yabangamashumi amahlanu abalungile. Ingabe lokhu kungenxa yomusa kaNkulunkulu? Ingabe kungenxa yothando Lwakhe nokubekezela? Ingabe nake nalubona lolu hlangothi lwesimo sikaNkulunkulu? Ngisho noma kwakunabalungile abayishumi kuphela, uNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi ngenxa yabayishumi abalungile. Ingabe lokhu akukhona ukubekezela nothando lukaNkulunkulu? Ngenxa yomusa kaNkulunkulu, ukubekezela, nokukhathalela abalungile, wayengeke awubhubhise umuzi. Lokhu kwakuwukubekezela kukaNkulunkulu. Ekupheleni, imuphi umphumela esiwubonayo? Lapho u-Abrahama ethi, “Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abayishumi khona,” uNkulunkulu wathi, “angeke ngiyibhubhise.” Ngemva kwalokho, u-Abrahama akashongo lutho—ngoba eSodoma babengekho abayishumi ayebuza ngabo, futhi kwakungekho okunye ayengakusho, futhi ngaleso sikhathi waqonda ukuthi kungani uNkulunkulu anquma ukubhubhisa iSodoma. Kulokhu, yisiphi isimo sikaNkulunkulu enisibonayo? Nhloboni yesinqumo uNkulunkulu asenza? Lokhu kusho ukuthi, uma umuzi wawungenabo abalungile abayishumi, uNkulunkulu wayengakuvumeli ukuba khona kwawo, futhi wayewubhubhisa. Ingabe lolu akulona ulaka lukaNkulunkulu? Ingabe lolu laka lumelela isimo sikaNkulunkulu? Ingabe lesi simo siyisambulo sesiqu sikaNkulunkulu esingcwele? Ingabe siyisambulo sokulunga kwesiqu sikaNkulunkulu, umuntu okungamele asithukuthelise? Eseqinisekise ukuthi abekho abayishumi abalungile eSodoma, uNkulunkulu wayezimisele ukubhubhisa umuzi, futhi wayezobajezisa kakhulu abantu abasemzini, ngoba bamelana noNkulunkulu, nokuthi babekhohlakele.
Kungani sihlaziye lezi zingxenye ngale ndlela? Kungenxa yokuthi le misho embalwa isiveza ngokugcwele isimo sikaNkulunkulu somusa omkhulu nolaka. Ngesikhathi esifanayo nokukubheka njengegugu ukulunga, ukuba nomusa kubo, ukubabekezelela, nokubanakekela, kwakunenzondo enkulu enhliziyweni kaNkulunkulu ngabo bonke abaseSodoma ababekhohlakele. Ingabe lokhu kwakungewona umusa nentukuthelo enkulu? UNkulunkulu wawubhubhisa ngayiphi indlela umuzi? Ngomlilo. Kungani awubhubhisa esebenzisa umlilo? Lapho ubona into ishiswa umlilo, noma lapho usuzoshiswa okuthile, uzizwa kanjani ngakho? Kungani ufuna ukuyishisa? Ingabe ubona ukuthi awusayidingi, ukuthi awusafuni ukuphinde uyibone? Ingabe ufuna ukuyishiya? Ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukulaxaza, nenzondo, nokuthi wayengasafisi ukubona iSodoma. Lena into eyenza uNkulunkulu waqothula iSodoma ngomlilo. Lokhu kusetshenziswa komlilo kuveza indlela uNkulunkulu ayethukuthele ngayo. Umusa nokubekezela kukaNkulunkulu kukhona ngempela, kodwa ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu lapho eveza intukuthelo Yakhe kubonisa umuntu nolunye uhlangothi lukaNkulunkulu lokuthi akacasulwa. Lapho umuntu ekwazi ngokugcwele ukulalela imiyalo kaNkulunkulu futhi enze ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu, uNkulunkulu uyoba nomusa omkhulu kubantu; lapho abantu begcwele inkohlakalo, inzondo, nobutha Ngaye, uNkulunkulu uthukuthela kakhulu. Uthukuthela kakhulu kangakanani? Ulaka Lwakhe luyoqhubeka kuze kube yilapho uNkulunkulu engasaboni abantu bemphika futhi bengasekho phambi kwamehlo Akhe. Luyophela lapho kuphela ulaka lukaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, akunandaba ukuthi umuntu ungubani, uma izinhliziyo zabo ziqhelelene noNkulunkulu, futhi zimfulathele uNkulunkulu, zingabuyi, khona-ke akunandaba ukuthi imizamo nezifiso zalabo bantu kube yini, bafisa ukukhonza nokulandela nokulalela uNkulunkulu emzimbeni nasemicabangweni yabo, ngokushesha nje ngemva kokuthi izinhliziyo zabo zifulathele uNkulunkulu, ulaka lukaNkulunkulu luyophuma ngokushesha. Kuyoba njengokungathi lapho uNkulunkulu ekhipha ulaka Lwakhe olukhulu, enike umuntu amathuba amaningi, uma eselukhiphile iyobe ingasekho indlela yokulubuyisela emuva, futhi akasoze aba nomusa noma abekezelele umuntu onjalo. Lolu olunye uhlangothi lwesimo sikaNkulunkulu olungabubekezeleli ububi. Lapha, kubonakala kwamukeleka kubantu ukuthi uNkulunkulu uyobhubhisa umuzi, ngoba emehlweni kaNkulunkulu, umuzi ogcwele isono wawungeke uqhubeke ukhona, kwakubalulekile ukuthi ubhujiswe uNkulunkulu. Kodwa kulokho okwenzeka ngaphambi nangemva kokubhujiswa kweSodoma, sisibona ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu. Uyabekezela futhi unobubele ezintweni ezinomusa, nezinhle; bese kuthi ezintweni ezingcolile, ezinesono, nezikhohlakele, uthukuthela kakhulu ngezinga lokuthi akabe esakwazi ukubamba ulaka Lwakhe. Lezi izimpawu eziyinhloko nezibalulekile zesimo sikaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho, zembulwe uNkulunkulu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni: umusa omkhulu nentukuthelo enkulu. Abaningi benu lapha babone okuthile ngomusa kaNkulunkulu, kodwa bancane kakhulu kini abaphawule intukuthelo kaNkulunkulu. Umusa kaNkulunkulu nothando Lwakhe kungabonakala kuwo wonke umuntu; okusho ukuthi, uNkulunkulu ubelokhu ebonisa wonke umuntu umusa omkhulu. Kodwa akuvamile—noma kungathiwa akukaze kwenzeke—ukuthi uNkulunkulu athukuthelele kakhulu abantu abathile noma ingxenye yabantu kini namuhla. Khululekani! Kungekudala, ulaka lukaNkulunkulu luzobonakala kuwo wonke umuntu, kodwa manje akukabi isikhathi. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi lapho uNkulunkulu eqhubeka ethukuthelele othile, okusho ukuthi lapho eveza intukuthelo Yakhe kubo, lokho kusho ukuthi kusuke sekuyisikhathi angamthandi futhi amchitha ngaso lowo muntu, akakuthandi ukuba khona kwabo futhi ngeke akubekezelele; ngokushesha nje ngemva kokuveza intukuthelo Yakhe kubo, bayoshabalala. Namuhla, umsebenzi kaNkulunkulu awukafinyeleli lapho. Akekho kini oyokwazi ukumelana nolaka lukaNkulunkulu. Niyabona ukuthi manje, uNkulunkulu nonke unibonisa umusa omkhulu, futhi ima nisazobona intukuthelo Yakhe. Uma kunalabo abangakaqiniseki, ningacela ukuba intukuthelo kaNkulunkulu yehlele kini, ukuze nibone ukuthi uNkulunkulu unayo noma cha intukuthelo, futhi nibone ukuthi sikhona isimo Sakhe esingenakucasulwa. Ningalokotha?
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Umuntu Othola Insindiso Yilowo Ozimisele Ukwenza Ngokweqiniso
Tumblr media
Umuntu Othola Insindiso Yilowo Ozimisele Ukwenza Ngokweqiniso
Ekuqaleni, isidingo sokuba nempilo efanele yasebandleni kwakukhulunywa ngayo kwizintshumayelo. Pho kungani impilo yasebandleni ingakathuthuki, futhi isafana nendala? Kungani kungekho indlela entsha futhi ehlukile yempilo? Ingabe kulungile ukuthi umuntu wezikhathi zangawo-1990 aphile njengombusi wesikhathi sakudala? Noma ukudla nophuzo kungaba izibiliboco ezingajwayelekile zesikhathi sakudala, akukho shintsho olukhulu ngezimo zase bandleni. Bekufana nokufaka iwayini elidala ebhodleleni elisha. Isiphi-ke isidingo sokuthi uNkulunkulu akhulume okuningi na? Amabandla ezindaweni eziningi akashintshanga nhlobo. Sengikubonile ngamehlo Ami futhi kucacile enhliziyweni Yami; noma ngingakaze ngiyizwe impilo yebandla ngoKwami, imibandela yebandla yokuhlangana ngiyayazi njengoba ngizazi. Awukabi nenqubekela phambili engakanani. Kubuyela ekutheni kufana nokufaka iwayini elidala ebhodleleni elisha. Akukashintshi lutho, nakancane! Uma umuntu ebalusa bayasha njengomlilo, kodwa uma kungekho muntu obasekayo, bafana neqhwa. Ababaningi abakhuluma ngezinto ezenzekayo, futhi kuyaqabukela bethathe izintambo. Yize izintshumayelo ziphakame, kuyaqabukela ukuthi umuntu abe nokungena. Bambalwa abantu abalazisayo izwi likaNkulunkulu. Baba nezinyembezi uma bethabatha izwi likaNkulunkulu futhi bajabule uma belibuyisela eceleni; baguquka badangale futhi banyukubale uma besuka kulo. Ngokuthe ngqo, anilazisi izwi likaNkulunkulu, futhi aniwaboni amazwi aqhamuka emlonyeni Wakhe namuhla njengengcebo. Niyakhathazeka uma nifunda izwi Lakhe, futhi nizwa ubunzima uma nilifunda ngekhanda, uma kumele lenziwe izwi Lakhe, kufana nokwenza umsebenzi ongapheli—anigqugquzelekile. Nihlezi ninomdlandla uma nifunda izwi likaNkulunkulu, kodwa niyakhohlwa uma kumele nenze njengokusho kwalo. Eqinisweni, la mazwi akadingi ukuthi akhulunywe kanzima futhi aphinda phindwe ngesineke; abantu bayalalela kodwa abenzi njengokusho kwawo, ngakho-ke sekube isithiyo emsebenzini kaNkulunkulu. Ngeke ngikwazi ukuphakamisa, ngeke ngikwazi ukukhuluma ngako. Ngiphoqelekile ukwenza kanjalo, akukhona ukuthi ngiyakujabulela ukuveza ubuthakathaka kwabanye abantu. Ingabe nicabanga ukuthi ukwenza kwenu kwanele futhi nicabanga ukuthi uma izambulo ziphakeme, ukuthi nani seningenile kulezo zambulo eziphakeme? Ingabe kulula ngaleyo ndlela? Anisibhekisisi isisekelo sesakhiwo sempilo eniyiphilayo. Kusukela kulo mzuzu, ukuhlanganyela kwenu ngeke kwabizwa ngendlela efanele yempilo yebandla, futhi akuyona impilo efanele yomoya. Kungukuhlanganyela kweqembu labantu abathanda ukuxoxa nokucula. Ngokuthe ngqo, akukho okutheni eqinisweni. Ukukusho ngokucace kangcono, uma ungakwenzi, liphi iqiniso? Akukhona yini ukuzuqhayisa ukuthi unalo iqiniso? Labo abahlezi benza umsebenzi bayazikhukhumeza futhi bayaqhosha, kuyilapho labo abahlezi belalela bethule futhi bethobise amakhanda, bengenalo ithuba lokwenza. Abantu abenza umsebenzi abenzi lutho ngaphandle kokukhuluma, baqhubaqhubeka nezinkulumo ezizwakalela phezulu nabalandeli abalalela kuphela. Azikho izinguquko abangakhuluma ngazo; izindlela nje zangesikhathi esedlule! Namuhla, ukwazi kwenu ukuthoba nokungagxambukeli noma ukuziphatha ngokwentando yenu kungenxa yokufika kwezinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu; akukuguqulanga ukuphila ngaphakathi kwalezi zimo. Ukuthi ziningi izinto obungeke ukwazi ukuzenza namuhla obungazenza izolo kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu usobala kangangokuba usunqobe abantu. Ake ngibuze umuntu, usufeze okungakanani namuhla ngezithukuthuku zakho? Kungakanani kulokho okutshelwe uNkulunkulu? Ungaphendula kanjani? Ungaxakeka futhi ungabinawo amazwi? Ungakhipha ulimi ngaphandle? Kungani abanye bekwazi ukukhuluma ngezimpilo zabo ukuze bakunakekele, ngenkathi ujabulela izidlo eziphekwe abanye? Awuzizwa unamahloni? Awunamahloni?
Ningakwazi ukuzihlola ukuze nithole iqiniso, uhlolisisa lawo mazinga aphakeme abukeka engconywana: Uliqondisisa kangakanani iqiniso? Kungakanani okwenzayo? Ubani omthanda kakhulu, uNkulunkulu noma nguwe? Ingabe ujwayele ukunikela noma ujwayele ukwamukela? Kukangaki lapho izinhloso zakho zazingalungile walahla khona ubuwena obudala futhi wanelisa intando kaNkulunkulu? Le mibuzo embalwa iyabadida abantu abaningi. Abantu abaningi, noma ngabe bayabona ukuthi izinhloso zabo azilungile, bayaqhubeka nakuba bazi ukuthi akulungile abakwenzayo, abasondele nakusondela ekulahleni inyama yabo. Abantu abaningi bavumela isono sidedeleke singalawuleki ngaphakathi kwabo, bavumele isono silawule ukwenza kwabo. Abakwazi ukunqoba izono zabo, futhi bayaqhubeka nokuphila esonweni. Ekufikeni kulesi sigaba, ubani ongazi ukuthi zingaki izenzo zobubi azenzile? Uma uthi awunalo ulwazi, ngingathi uqamba amanga. Ngokuthe ngqo, konke kungukungavumi ukulahla ubuwena obudala. Kusizani ukukhuluma “amazwi avela enhliziyweni” okuphenduka angasho lutho? Ingabe lokhu kungakusiza ukuba ukhule empilweni yakho? Ukuzazi kungumsebenzi wakho ogcwele. Ngiphelelisa abantu ngokuthobeka kwabo nangokwenza kwabo amazwi kaNkulunkulu. Uma ugqoka amazwi kaNkulunkulu kuphela njengoba ugqoka izingubo zakho, ubukeke uhlakaniphile futhi umuhle, ingabe awuzikhohlisi wena nabanye? Uma ukhuluma nje kuphela kodwa ungakwenzi okushoyo, uzozuzani?
Abantu abaningi bangakhuluma okuthile ngokwenza futhi bakhulume ngemibono yabo, kodwa okuningi kwalokho abakushoyo ngukukhanya abakuzuze emazwini abanye. Akuhlanganisi konke ukwenza kwabo, futhi akuhlanganisanga lokho abakubonayo ngokwempilo yabo. Ngike nganquma ngalolu daba ngaphambilini; ungacabangi ukuthi angazi lutho. Wena uyingwe yephepha nje, kodwa ukhuluma ngokunqoba uSathane, ukukhuluma ngobufakazi bokunqoba, ukuphila ngokomfanekiso kaNkulunkulu? Konke lokhu kuyize! Ucabanga ukuthi wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla awokuthi uwancome? Umlomo wakho ukhuluma ngokulahla izindlela zakho zakudala kanye nokwenza ngokweqiniso, kepha izandla zakho zenza ezinye izenzo ngenhliziyo yakho uhlela amanye amaqhinga, uluhlobo luni lomuntu? Kungani izinhliziyo zenu nezandla zenu zingafani? Ukushumayela okungaka kuphenduka amazwi angenalutho, ingabe akuyephuli inhliziyo lokhu? Uma ungakwazi ukwenza njengezwi likaNkulunkulu, kufakazela ukuthi awukangeni endleleni uMoya oNgcwele asebenza ngayo, awukasebenzi ngaphakathi kuwe uMoya oNgcwele, futhi awukaholwa nguYe. Uma uthi ukwazi ukuqonda izwi likaNkulunkulu kodwa awukwazi ukulenza, wena-ke ungumuntu ongalithandi iqiniso. uNkulunkulu akezi ukusosindisa lohlobo lomuntu. UJesu wezwa ubuhlungu obukhulu kakhulu lapho ebethelwe esiphambanweni ukuze asindise izoni, ukusindisa abampofu, ukusindisa labo bantu abathobile. Ukubethelwa Kwakhe kwenziwa umnikelo wesono. Uma ungakwazi ukwenza ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu, kufanele uhambe ngokushesha, ungahlali nje ungenzilutho endlini kaNkulunkulu njengevila. Baningi abantu abakuthola kunzima ukuzinqanda ekwenzeni izinto ezimphikisa ngokucacile uNkulunkulu. Ingabe abaceli ukufa na? Bakhuluma kanjani ngokungena embusweni kaNkulunkulu? Bangaba nesibindi sokubona ubuso Bakhe? Ukudla ukudla akunika kona, ukwenza izinto ezikhohlisayo eziphikisana noNkulunkulu, ngokuba nonya, ukunganaki nobuqili, noma uNkulunkulu ekuvumela ukuthi ujabulele izibusiso akunike zona awuzizwa zishisa ezandleni zakho uma uzamukela? Awubuzwa ubuso bakho buphenduka buba bomvu? Uma wenza into ephikisana noNkulunkulu, wenza nobuqili “obunamandla,” ingabe uzizwa wethukile? Uma ungezwa lutho, ungakhuluma kanjani ngekusasa? Ikusasa belivele lingekho kudala, ngakho-ke yikuphi okulindelekile okukhulu ongakuthola? Uma usho into eyihlazo kodwa uzizwa ungenacala, nenhliziyo yakho ingenalwazi, ingabe akuchazi ukuthi uNkulunkulu usekulahlile? Ukukhuluma nokwenza ngokuzitika nokwehluleka ukuzithiba sekuyimvelo yakho; ungapheleliswa kanganjani nguNkulunkulu ngale ndlela? Ungakwazi ukuhamba umhlaba wonke? Ubani ongakholwa nguwe? Labo abazi imvelo yakho bangahambela kude nawe. Ingabe akusona isijeziso sikaNkulunkulu lesi? Lilonke, uma kunenkulumo kuphela futhi zingekho izenzo, akukho ukukhula. Noma uMoya oNgcwele ungasebenza kuwena lapho ukhuluma, uma ungenzi, uMoya oNgcwele uzoyeka ukusebenza. Uma uqhubeka ngale ndlela, kungakhulunywa kanjani ngekusasa noma ungazinikela ngesiqu sakho sonke emsebenzini kaNkulunkulu? Ukhuluma ngokunikela ngesiqu sakho sonke, kepha awumniki uNkulunkulu inhliziyo yakho emthanda ngokweqiniso. Konke uNkulunkulu akutholayo inhliziyo yamazwi akho, akuyona inhliziyo yakho yokwenza. Ingabe lesi isiqu sakho sangempela na? Uma ubungaqhubeka kanjena, uzopheleliswa nini nguNkulunkulu? Awuzizwa ukhathazekile ngobumnyama nokudangala kwekusasa lakho? Ingabe uzizwa sengathi uNkulunkulu uselahlekelwe ithemba kuwe? Ingabe awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukuphelelisa kangcono nkwenza abantu kabusha? Ingabe izinto ezindala zingabamba izinto zazo ezindala? Awulaleli amazwi kaNkulunkulu namuhla: Ingabe ulindele kusasa?
0 notes
Text
Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda
Tumblr media
Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda
Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu kuhloselwe ukuletha ushintsho esimweni senu; inhloso Yakhe ayikhona nje ukunenza niliqonde noma nilibone bese lokho kuba yisiphelo salo. Njengoba nikwazi ukwamukela, akufanele kube nzima kini ukuqonda izwi likaNkulunkulu, ngoba ingxenye enkulu yezwi likaNkulunkulu ilotshwe ngolimi lwabantu okulula kakhulu ukuluqonda. Isibonelo, niyazi ukuthi yini uNkulunkulu afuna niyiqonde futhi niyenze; lena yinto umuntu okwazi ukuqonda okufanele akwazi ukuyenza. Okushiwo uNkulunkulu manje kucace kakhulu futhi kukhanya bha, uNkulunkulu uphinde aveze okuningi abantu abangakaze bacabange ngakho noma izimo ezihlukahlukene zomuntu. Amazwi Akhe ayaqondakala, akhanya njengonyezi ogcwele. Ngakho-ke manje, abantu sebeqonda izinto eziningi; okubahlulayo ukwenza izwi Lakhe. Abantu kumele bazi lonke uhlobo lweqiniso, bahlaziye futhi bafune yonke imininingwane yalo, bangamane nje balinde ulwazi abanikwa lona; uma benza kanjalo bayophenduka okungaphezu kokhamisa ngithele. Bayalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa abalenzi. Uhlobo olunjena lomuntu alulithandi iqiniso, futhi ekugcineni luyobhujiswa. Ukuphila njengoPetru wama-90 kusho ukuthi umuntu ngamunye kini kufanele enze izwi likaNkulunkulu, abe nokungena kwangempela ezintweni enibhekana nazo, azuze ukukhanyiselwa okukhulu ekubambisaneni kwenu noNkulunkulu, alethe olunye usizo Lwakhe ezimpilweni zenu. Uma nilifunda kakhulu izwi likaNkulunkulu kodwa niqonda kuphela okubhalwe kulo, ningenalo ulwazi ngezwi likaNkulunkulu ekuphileni kwenu okungokoqobo, ngeke nilazi izwi likaNkulunkulu. Ngokwenu, izwi likaNkulunkulu alikhona ukuphila, kodwa liyimibhalo efile. Uma ugcina ngokubambelela emibhalweni efile, ngeke uyiqonde ingqikithi yezwi likaNkulunkulu, futhi ngeke uyiqonde intando Yakhe. Incazelo kamoya yezwi likaNkulunkulu kini iyocaca kuphela lapho niqaphela izwi Lakhe ezintweni enidlula kuzo, futhi incazelo kamoya ngamaqiniso amaningi ningayibamba kulezo zinto kuphela, futhi izinto enidlule kuzo ezinganikhanyisela izimfihlakalo zezwi likaNkulunkulu. Uma ningalenzi, akunandaba ukuthi izwi Lakhe licace kangakanani, okuwukuphela kwento eniyibambile nje izincwadi nezimfundiso eziyize leze, eseziphenduke imithetho yenkolo kini. Akuyona yini lena into eyenziwa abaFarisi? Uma nilenza futhi nilibona izwi likaNkulunkulu, liba yinto enokwenzeka kini; uma ningafuni ukulenza, kusho ukuthi izwi likaNkulunkulu kini lithi alifane nenganekwane yezulu lesithathu. Eqinisweni, inqubo yokukholelwa kuNkulunkulu iyinqubo yokubona izwi Lakhe kanye nokuzuzwa Nguye, noma uma sikucacisa, ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukulazi nokuliqonda izwi Lakhe, nokulibona futhi uphila ngalo izwi Lakhe; leso isimo esingokoqobo sokukholelwa kwenu kuNkulunkulu. Uma ukholelwa kuNkulunkulu futhi unethemba lokuphila phakade ngaphandle kokufuna ukwenza izwi likaNkulunkulu njengento okufanele nibe nayo ngaphakathi, kusho ukuthiniyiziwula; kufana nokuya la kudliwa khona uyobona nje ukuthi kudliwani ufike ungadli. Umuntu onjalo akasona yini isiwula?
Iqiniso umuntu okufanele alazi litholakala ezwini likaNkulunkulu, iqiniso elizuzisayo futhi eliwusizo olukhulu esintwini. Liwumuthi nokudla okudingwa imizimba yenu, into enisizayo nibuyise ubuntu benu obujwayelekile, iqiniso okufanele nihlonyiswe ngalo. Uma nenza izwi likaNkulunkulu, ukuphila kwenu kuzoqhakaza nakakhulu; uma nenza izwi likaNkulunkulu, iqiniso licaca nakakhulu. Njengoba isimo senu sikhula, izinto zasezweni likamoya nizozibona ngokucacile, futhi nizoba namandla okunqoba uSathane. Amaqiniso amaningi eningawaqondi ayocaciswa lapho nenza izwi likaNkulunkulu. Abantu abaningi baneliswa nje ukumane baqonde okubhalwe ezwini likaNkulunkulu bagxile ekuzihlomiseni ngezimfundiso ngaphandle kokuqonda ukujula kwazo ngokuzenza; akuyona yini leyo indlela yabaFarisi? Inkulumo ethi “izwi likaNkulunkulu liwukuphila” ingaba kanjani yiqiniso kubo? Ukuphila komuntu kungaqhakaza kuphela lapho umuntu enza izwi likaNkulunkulu; ngeke kumane nje kukhuliswe ukuthi ufunda izwi Lakhe. Uma nikholelwa ukuthi ukuqonda izwi likaNkulunkulu kwanele ukuze umuntu aphile, abe nesimo, kusho ukuthi ukuqonda kwenu kuphambene. Ukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu kwenzeka lapho nenza iqiniso, futhi kumele niqonde ukuthi “iqiniso ningaliqonda kuphela ngokuthi nilenze.” Namuhla, ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, ungase uthi uyalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa angeke uthi uyaliqonda. Abanye bathi okuwukuphela kwendlela yokwenza iqiniso, ukuliqonda kuqala, kodwa yingxenye yakho lokhu kuphela eyiqiniso akukhona konke okuyiqiniso. Ngaphambi kokuba wazi iqiniso, usuke ungakaze uliqaphele lelo qiniso. Ukucabanga ukuthi uyakuqonda okuzwayo akufani nokuyiqonda ngempela into. Ukwazi iqiniso njengoba libhaliwe akufani nokuqonda incazelo yalo yangempela. Ukuthi unolwazi olunzulu ngeqiniso akusho ukuthi uyaliqonda noma uyalibona; incazelo yangempela ngeqiniso ivela ngemva kokulibona. Yingakho ngithi iqiniso ungaliqonda kuphela ngemva kokudlula kulo, futhi uma usudlule eqinisweni ungaqonda nezingxenye zalo ezifihlekile. Ukuqonda iqiniso ngokujulile kuwukuphela kwendlela ongazi ngayo izinto ezihambisana neqiniso, nongaqonda ngayo ingqikithi yalo. Ngakho, ungaya nomaphi ngeqiniso, kodwa uma ungenalo iqiniso, ungalokothi uzame ukuqinisekisa abantu abakholwayo, ingasaphathwa eyomndeni wakho. Ngaphandle kweqiniso ufana noshibilika eqhweni, kodwa ngeqiniso ungajabula futhi ukhululeke, akekho ongakuhlasela. Akunandaba ukuthi imfundiso inamandla kangakanani, ngeke ilehlule iqiniso. Ngeqiniso, kungagudluzwa umhlaba nezintaba kanye nolwandle, kanti ukungabi neqiniso kuholela ekudliweni izibungu; leli iqiniso elilula.
Okubalulekile manje ukuthi nazi iqiniso kuqala, bese niyalenza, nizihlomise ngencazelo yangempela yeqiniso. Kufanele kube yilowo umgomo wenu, kungamane nje kube ukuthi abanye balandele amazwi enu kodwa balandele izenzo zenu, futhi incazelo yangempela ningayithola lapho kuphela. Akunandaba ukuthi nehlelwa yini, akunandaba ukuthi uzithela phezu komuntu onjani, yiqiniso kuphela elinganenza nime niqine. Izwi likaNkulunkulu yileli eliletha ukuphila kumuntu, hhayi ukufa. Uma ungaphili ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, lingakuvusi izwi Lakhe, kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle kuwe. Uma ngemva kwesikhathi usulifunde kakhulu izwi likaNkulunkulu wezwa izintshumayelo eziningi ezingokoqobo, kodwa usesesimweni somuntu ofile, lokho kuwubufakazi bokuthi awulazisi iqiniso, futhi awulifuni iqiniso. Uma nifuna ngempela ukuzuza uNkulunkulu, beningeke nigxile ekutholeni izimfundiso ezinkulu, nikhuthaze abanye ngazo, kodwa benizogxila ekuboneni izwi likaNkulunkulu nasekwenzeni iqiniso; akufanele yini engabe niphezu kwalokho njengamanje?
Asisiningi isikhathi uNkulunkulu azokwenza umsebenzi Wakhe ngaso kini, kodwa ungaba yini umphumela uma ningabambisani Naye? Kungani uNkulunkulu ehlale efuna nenze izwi Lakhe uma seniliqonda? Kungoba uNkulunkulu unembulele amazwi Akhe, isinyathelo senu esilandelayo ukuwenza, futhi uNkulunkulu uyokwenza umsebenzi wokunikhanyisela, aniqondise njengoba nenza la mazwi. Kunjalo nje. Izwi likaNkulunkulu lihloselwe ukwenza umuntu aqhakaze ekuphileni ngaphandle kokuphambuka noma ukugxeka. Nithi senilifundile izwi likaNkulunkulu nalenza, kodwa awukho umsebenzi kaMoya Oyingcwele eniwemukele—enikushoyo kungakhohlisa ingane kuphela. Umuntu akazi ukuthi izinhloso zenu zifanele yini, kodwa nicabanga ukuthi uNkulunkulu ngeke azi? Kwenzeka kanjani ukuthi abanye benze izwi likaNkulunkulu, bamukele ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele, kodwa ngandlela thize nina nenza izwi Lakhe kodwa anikutholi ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele? Ingabe uNkulunkulu uthatha ngomuzwa? Uma izinhloso zenu zizinhle ngempela futhi nibambisana, uMoya kaNkulunkulu uzoba nani. Kungani abanye abantu behlale befuna ukuba phambili, kodwa uNkulunkulu engabavumeli baphakame bahole ibandla? Kungani abanye abafeza umsebenzi wabo, kodwa bengaboni bazuze ukwamukelwa uNkulunkulu? Kungenzeka kanjani lokho? UNkulunkulu uhlola inhliziyo, abantu abafuna iqiniso kumele benze kanjalo ngezinhloso ezinhle—abantu abangenazo izinhloso ezinhle ngeke bakwazi ukuma. Eqinisweni, umgomo wenu ukuvumela izwi likaNkulunkulu lisebenze kini. Ngamanye amazwi, kuwukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu lapho ulenza. Mhlawumbe ikhono lakho lokwamukela izwi likaNkulunkulu alibukhali, kodwa uma wenza izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu angandisa umzila wokwamukela kulelo khono lakho elintulayo, ngakho akumele nje wazi amaqiniso amaningi, kodwa kumele futhi uwenze. Lena indaba enkulu engenakushalazelwa. UJesu wahlupheka kakhulu lapho eneminyaka engama ngoba wayenza iqiniso. Kungani imibhalo ihlale ithi washushiswa? Kungenxa yokuthi isuke ifuna ukuchaza ukuthi wahlupheka kakhulu ngenxa yokuthi ulandela iqiniso futhi wafeza intando kaNkulunkulu. Wayengeke ahlupheke kanjalo ukube walazi iqiniso kodwa wangalenza. Ukube uJesu walandela ayekufundiswa amaJuda, walandela abaFarisi, wayengeke ahlupheke. Ungafunda ezintweni ezenziwa uJesu ukuthi ukuphumelela komsebenzi kaNkulunkulu kungenxa yokubambisana kwakhe Naye, lena into okumele niyazi. Ingabe uJesu wayezohlupheka ngendlela ahlupheka ngayo esiphambanweni ukube akalenzanga iqiniso? Ingabe wayezowuthandaza umthandazo onjalo onomunyu ukube akenzanga ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu? Lokhu-ke kusho ukuthi lolu uhlobo lokuhlupheka umuntu okufanele akubekezelele.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Photo
Tumblr media
 UNkulunkulu uthi, “Lusho ukuthini ukholo? Ukholo yinkolelo yangempela nenhliziyo eqotho bonke abantu okufanele babe nayo lapho bengakwazi ukubona noma ukuthinta into ethile, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nemibono yabantu, lapho abantu bengafinyeleli kuwo. Yilolo ukholo engikhuluma ngalo.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana
Tumblr media
    UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana
1. UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana
(UGenesise 17:15-17) Futhi uNkulunkulu wathi ku-Abrahama, NgoSarayi umkakho, ungabe usambiza ngokuthi uSarayi, kodwa igama lakhe sekuzoba uSara. Futhi ngizombusisa, bese ngikunika indodana okungeyakhe naye: yebo, ngizombusisa, futhi kumele abe umama wezizwe; amakhosi abantu ayophuma kuye. U-Abrahama wabe esewa ngobuso, futhi wahleka, futhi wathi enhliziyweni yakhe, Ingabe oneminyaka eyikhulu ubudala angazalelwa umntwana? noSara, oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye ubudala, angazala?
(UGenesise 17:21-22) Kodwa isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, uSara azokuzalela yena ngalesi sikhathi esibekiwe ngonyaka ozayo. Wabe esehamba wamshiya eseqede ukukhuluma naye, futhi uNkulunkulu wanyuka eshiya u-Abrahama.
2. U-Abrahama Unikela Ngo-Isaka
(UGenesise 22:2-3) Waye sethi, Thatha manje indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo u-Isaka, oyithandayo, bese uya ezweni laseMoriya; bese uyonikela ngaye lapho abe umnikelo wokushiswa entabeni ethile engizokutshela yona. Futhi u-Abraham wabe esevuka entathakusa, wase ebophela imbongolo yakhe, futhi wathatha izinsizwa ezimbili, kanye nendodana yakhe u-Isaka, futhi wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wabe esephakama, futhi waya kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele yona.
(UGenesise 22:9-10) Base befika endaweni lapho uNkulunkulu ayemtshele ngayo; futhi u-Abrahama wakha i-altare khona, wase elungisa izinkuni ngendlela efanele, futhi wabopha u-Isaka indodana yakhe, wase emlalisa phezu kwe-altare lezinkuni. Futhi u-Abrahama welula isandla sakhe, wase ethatha ummese ukuba ahlabe ngawo indodana yakhe.
Akekho Ongaphazamisa Umsebenzi UNkulunkulu Anqume Ukuwenza
Ngakho senizwile ngendaba ka-Abrahama. Wakhethwa uNkulunkulu ngemva kokuba uzamcolo ubhubhise izwe, igama lakhe kwakungu-Abrahama, futhi lapho eneminyaka eyikhulu, umkakhe uSara enengamashumi ayisishiyagalolunye, uNkulunkulu wabathembisa. Isiphi isithembiso uNkulunkulu asenza kuye? UNkulunkulu wathembisa lokhu imibhalo ekhuluma ngakho: “Futhi ngizombusisa, bese ngikunika indodana okungeyakhe naye.” Zazinjani izimo ngesikhathi uNkulunkulu emthembisa ukuthi uzozala indodana? ImiBhalo isinikeza lokhu kulandisa okulandelayo: “U-Abrahama wabe esewa ngobuso, futhi wahleka, futhi wathi enhliziyweni yakhe, Ingabe oneminyaka eyikhulu ubudala angazalelwa umntwana? noSara, oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye ubudala, angazala?” Ngamanye amazwi, laba bashadikazi abase bekhulile base beshiywe isikhathi sokuzala izingane. Yini eyenziwa u-Abrahama ngemva kokuba uNkulunkulu enze lesi sithembiso Sakhe kuye? Wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe, “Ingabe oneminyaka eyikhulu ubudala angazalelwa umntwana?” U-Abrahama wayekholelwa ukuthi akunakwenzeka—okusho ukuthi wayekholelwa ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sasiyihlaya nje. Ngokombono womuntu, kwakungenakwenzeka lokhu kumuntu, kanjalo nakuNkulunkulu. Mhlawumbe ku-Abrahama kwakuhlekisa: UNkulunkulu wadala umuntu, kodwa kubonakala sengathi akazi ukuthi umuntu omdala kangaka ngeke esakwazi ukuzala abantwana; ubona sengathi angangenza ngithole umntwana, uthi uzonginika indodana—nakanjani lokho ngeke kwenzeke! Ngakho, u-Abrahama wawa ngobuso wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Akunakwenzeka—uNkulunkulu uhlekisa ngami, lokhu akunakuba iqiniso! Akawakholwanga amazwi kaNkulunkulu. … Ingabe uNkulunkulu wabona uhleko luka-Abrahama kanye nezinkulumo zakhe ezingatheni, wazi ngazo? UNkulunkulu wayazi. Kodwa ingabe uNkulunkulu wayezokushintsha lokho ayesekunqumile? Cha! Lapho uNkulunkulu ehlela futhi enquma ukuthi wayezokhetha lo muntu, indaba yase iqediwe kakade. Imicabango yomuntu nokuziphatha kwakhe kwakungeke nakancane kube nomthelela kuNkulunkulu; uNkulunkulu wayengeke amane ashintshe icebo Lakhe, futhi wayengeke athikameze icebo Lakhe ngenxa yokuziphatha komuntu, okungenzeka kuwubulima. Yini kanti elotshwe kuGenesise 17:21-22? “Kodwa isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, uSara azokuzalela yena ngalesi sikhathi esibekiwe ngonyaka ozayo. Wabe esehamba wamshiya eseqede ukukhuluma naye, futhi uNkulunkulu wanyuka eshiya u-Abrahama.” UNkulunkulu akazange akunake ngisho nakancane okwakucatshangwa futhi kukhulunywa u-Abrahama. Wayekwenza ngasiphi isizathu lokhu? Ngenxa yokuthi ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayengaceli ukuthi umuntu abe nokholo olukhulu, noma ukuthi abe nolwazi olunzulu ngoNkulunkulu, noma ukuthi akwazi ukuqonda okwakwenziwa nokwakushiwo uNkulunkulu. Ngakho, uNkulunkulu akacelanga ukuba umuntu akuqonde ngokugcwele lokho ayenqume ukukwenza, noma abantu ayezimisele ukubakhetha, noma imiyalo yezenzo Zakhe, ngoba isimo somuntu sasingenele. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayekwazisa konke okwakwenziwa u-Abrahama, nokho yena waziphatha ngendlela ejwayelekile. Akakwenqabanga, kodwa wamane wathi: “USara uzokuzalela u-Isaka ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.” KuNkulunkulu, ngemva kokusho la mazwi, le ndaba yaba ngokoqobo; emehlweni kaNkulunkulu lokho okwakuzofezwa yicebo Lakhe kwase kwenzekile kakade. Futhi ngemva kokuphothula amalungiselelo ngalokhu, uNkulunkulu wahamba. Okwenziwa umuntu noma akucabangayo, akuqondayo, namacebo omuntu—akukho kulokhu okubandakanya ubuhlobo noNkulunkulu. Konke kwenzeka ngokwecebo likaNkulunkulu, ekuqhubekeni nezikhathi nezigaba zikaNkulunkulu. Njengomyalo womsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu akagxambukeli kunoma yini umuntu ayicabangayo noma ayaziyo, futhi akahlukani necebo Lakhe, noma ashiye umsebenzi Wakhe, ngenxa yokuthi umuntu akakholwa futhi akaqondi. Ngakho amaqiniso afezwa ngokwecebo nomcabango kaNkulunkulu. Lokhu kuqinisekisa lokhu esikufunda eBhayibhelini: UNkulunkulu wabangela u-Isaka ukuba azalwe ngesikhathi ayesibekile. Ingabe amaqiniso abonisa ukuthi ukuziphatha komuntu kwawenza waba nzima umsebenzi kaNkulunkulu? Awuphazamisekanga umsebenzi kaNkulunkulu! Ingabe ukholo oluncane lomuntu kuNkulunkulu, nemibono nemicabango yakhe ngoNkulunkulu kuyawuthinta umsebenzi kaNkulunkulu? Cha, akuwuthinti! Nakancane! Icebo likaNkulunkulu lokuqondisa alithintwa yinoma imuphi umuntu, into, noma indawo. Konke anquma ukukwenza kuyoqedwa futhi kufezwe ngesikhathi esivumelana necebo Lakhe, umsebenzi Wakhe akekho umuntu ongagxambukela kuwo. UNkulunkulu akabunaki obunye ubuwula nokunganaki komuntu, uze anqabe ngisho nokunye ukumphika nemibono yabantu Ngaye; kunalokho, wenza umsebenzi okumele awenze ngaphandle kokunqikaza. Lesi isimo sikaNkulunkulu, futhi ukubonakaliswa kwegunya Lakhe.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Ihubo lombuso
Tumblr media
Ihubo lombuso
Abantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu? Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ifulegi lakho lokunqoba ungidumise! Huba ingoma yakho yokunqoba usabalalise igama laMi elingcwele. Nonke zinto ezisemhlabeni! Manje zingcweliseleni Mina ngemihlatshelo! Zinkanyezi esibhakabhakeni! Manje phindelani ezindaweni zenu nikhombise ubukhulu baMi esibhakabhakeni. Ngilalela amazwi abantu emhlabeni, bethulula uthando olungenamkhawulo nokungihlonipha ngomculo! Kulolu suku, njengoba zonke izinto zivuseleleka, ngiyeza ukuzonyathela emhlabeni. Kulo mzuzu, izimbali ziyaqhakaza, izinyoni ziyacula, zonke izinto zigcwele injabulo! Phakathi kwenhlokomo yokukhuleka embusweni, umbuso kaSathane uyabhidlika, udilizwa yingoma ezamazamisayo yehubo elikhulu lombuso. Ngeke uphinde uvuke futhi!
Ngubani ngempela emhlabeni ongasukuma azabalaze? Njengoba ngehlela emhlabeni ngiletha umlilo, ngiletha ulaka, ngiletha izinhlekelele. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso waMi! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayagomonqeka akhukhumale; ngaphansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula kuyaqubuka kuphehle imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emigodini yazo, bonke abalalayo bayavuswa yiMi. Usuku bonke abantu ababekade belulindele seluze lwafika! Bangihubela amaculo amnandi ngokwedlulele! Kulo mzuzu omuhle, kulesi sikhathi esimnandi, amazulu phezulu nakho konke okungaphansi kwezulu manje kuyadumisa. Ngubani ongejatshuliswe yilokhu?
Ngubani ongethokoze ngalokhu? Ngubani ongekhale ngalesi senzakalo?
Isibhakabhaka asisenjengakuqala, manje sekuyisibhakabhaka sombuso.
Umhlaba akusewona umhlaba owawuyiwo, manje sekuwumhlaba ongcwele.
Lapho sekwedlule uzamcolo, umhlaba omdala ongcolile usuguqulwe ngokuphelele.
Izintaba ziguquka ... amanzi eguquka....
Abantu nabo beguquka ... zonke izinto ziguquka ...
Zintaba ezithule! Ngisineleni!
Manzi amileyo! Gobhozani!
Madoda aleleyo! Sukumani kwenikulangazelelayo!
Sengifikile... Futhi ngiyabusa ...
Bonke bayobubona ngamehlo abo ubuso baMi, bonke bayolizwa ngezindlebe zabo izwi laMi, Bazizwele bona impilo yasembusweni...
Imnandi kangaka ... inhle kangaka ...
Ayikhohlakali ... ayikhohlakali ...
Ekuvutheni kolaka lwaMi, udrako omkhulu obomvu uthwala kanzima;
Ekwahluleleni kwami kobukhosi, odeveli bakhombisa ubunjalo babo bangempela;
Emagameni ami aqinile, bonke bashaywa ngamahloni,
Bengalingi nokuveza ubuso babo.
Bekhumbula isikhathi esedlule, ukuthi babengibhuqa kanjani,
Belokhu bebukisa, behlala bengedelela.
Namuhla, ngubani ongeke akhale? Ngubani ongezwa ukuzisola?
Umhlaba wonke ugcwele izinyembezi ...
Ugcwele imisindo yenjabulo ... ugcwele uhleko ...
Intokozo engenakuqhathaniswa ... intokozo engenakuqhathaniswa ...
Imvula elula ikhwifiza...iqhwa eliningi liphephezelela phansi ...
Abantu bexuba usizi nentokozo ... abanye behleka ...
Abanye bechiphiza ... abanye bememeza ngenjabulo ...
Kusengathi abantu sebekhohliwe ... ukuthi yintwasahlobo ehlomile nenemvula,
Ihlobo lezimbali eziqhakazile, ikwindla yesivuno esiyinala,
Ubusika obuqanda njengeqhwa nesithwathwa, akekho owaziyo ...
Esibhakabhakeni amafu ayantanta, emhlabeni izilwandle ziyagubha.
Amadodana aphakamisa izingalo zawo ... abantu banyakazisa izinyawo zabo besina ...
Izingelosi zisemsebenzini ... izingelosi ziyelusa ...
Abantu bomhlaba bayaphithizela, zonke izinto emhlabeni ziyanda.
0 notes
Text
Akukho Bantu Abakhethwayo Ebandleni
ULiu Xin edolobheni laseLiaocheng, esiFundazweni saseShandong
Emva kokulandela uNkulunkulu kule minyaka, ngangikade ngenza umsebenzi wami kude nasekhaya futhi ngazizwa sengathi ngidlule ekuhluphekeni okuthile futhi ngikhokhe inani elithile, ngakho kancane kancane ngaqala ngaphila ngokuhlomula ezinzuzweni zami zangaphambilini futhi ngagabisa ngesikhundla sami esiphezulu. Lapho ngibona abantu ebandleni ababesuswe ezikhundleni, futhi bathnyelwa ekhaya ukuze benze imikhuleko yokomoya futhi bazindle ngobubona, ngoba babenza umsebenzi wabo ngokungazinikeli, futhi bevimba babuye baphazamise umsebenzi webandla, ngacabanga: Ngishiye ikhaya iminyaka eminingi kakhulu. Ngaphansi kwalezi zimo, ibandla nakanjani lizonginakekela. Ngisho noma ngingawenzi umsebenzi wami kahle ngeke bangikhombe indlela. Okukhulu abangakwenza bazongisusa la ngikhona bangifake ukuba ngenze omunye umsebenzi. Ngenxa yokucabanga kanje, angizange ngibe nakuzibophezela emsebenzini wami. Ngakushaya indiva konke, futhi ngaze ngabuka umsebenzi wevangeli njengesinengiso, ngaso sonke isikhathi ngihlala ebunzimeni kanye nakuzo izaba. Yize noma ngezwa inhliziyo yami inecala kanye nonembeza wami ungilahla ngoba uNkulunkulu ngangimkweleta lukhulu ngenxa yokuziphatha kwami ngendlela yokugcina icala nje, kanye nokuthi kungekudala ngangizogudluzwa, nalapho ngangisaphila ngomqondo wenhlanhla nje, ngethemba ukuthi izinsuku zami ebandleni zizoziphelela nje ngingenzanga lutho.
UNkulunkulu ulungile futhi ungcwele. Ekugcineni, emva kokuba ngixove ngaxova umsebenzi wami ngokuchitha isikhathi eside ngisebenza ngokuhudula izinyawo nokuvilapha, ngaxoshwa ngathunyelwa ekhaya ukuba ngike ngiyozihlolisisa. Ngaleso sikhathi, ngangethukile: Bangakwenza kanjani ukuba bangabe besangicabangela nje? Emva kokusebenza iminyaka eminingi kangaka, manje sekufuneka ngiye ekhaya, kanjalo nje. Kodwa ngizowubheka kanjani umndeni wami uma ngibuyela ekhaya manje? Nginamathemba mani ngekusasa lami? … Inhliziyo yami yaxakaniseka kakhulu futhi ngagcwala ukudideka nokusola uNkulunkulu. Ngawela ebumnyameni, ngibhekene nobuhlungu.
Phakathi kokuhlupheka, ngeza phambi kukaNkulunkulu ngamemeza kuYe: O Nkulunkulu, selokhu ngangicabanga ukuthi emva kokusebenza kude kangaka nekhaya iminyaka emingaka kanye nokubekezelela ukuhlupheka okungaka, ibandla ngeke lingiphathe kanje. Manje ngiphila ebumnyameni, inhliziyo yami igcwele ukudideka nokusola okubhekiswe Kuwe. Yiba nomusa kimina futhi ukuze ngikwazi ukuthola ukucaciseleka Kwakho kanye nokuhlolwa ebumnyameni. … Emva kokukhuleka ngiphindaphinda kanje izikhathi eziningi, izwi likaNkulunkulu langikhanyisela. Ngelinye ilanga ngabona la mazwi kaNkulunkulu: “Ngeke ngibazwele nakancane labo kini abahlupheka iminyaka eminingi futhi basebenze kanzima bengabi nalutho oluphathekayo ngalokho. Kunalokho, ngiphatha labo abangakaze bakwenze engikufunayo ngesijeziso, hhayi ngemivuzo, nozwelo luncane. Mhlawumbe nicabanga ukuthi ekubeni ngabalandeli iminyaka eminingi nenza umsebenzi onzima noma kunjani, ngakho kunoma yisiphi isimo ningasithola isitsha selayisi endlini kaNkulunkulu ngokuba abenzi bomsebenzi. Ngingathi iningi lenu licabanga ngale ndlela ngoba kuze kube manje benilandela umyalo wokusizakala ngento ethile hhayi ukuthi kusizakalwe ngani. Ngakho manje ngiyanitshela futhi angidlali: Anginandaba nokuthi umsebenzi wakho onzima ufaneleke kangakanani, nokuthi izimfaneleko zakho zihlaba umxhwele kangakanani, nokuthi ungilandela eduze kangakanani, nokuthi waziwa kangakanani, noma ukuthi usungcono kangakanani umbono wakho; uma nje ungakwenzi engikufunayo, awusoze wanconywa Yimi. … ngoba ngeke ngingenise izitha Zami, nabantu abenza okubi belingisa uSathane embusweni Wami, enkathini elandelayo” (“Iziphambeko Ziyokwenza Umuntu Aye Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Izwi ngalinye likaNkulunkulu lembula ubukhosi nolaka Lwakhe, kungigwaza ngqo en kimi ebulalayo njengenkemba ebukhali nxazombili, futhi licekela phansi iphupho lami “lokuba okungeni ngikwazi ukuziphilisa ebandleni noma yingayiphi indlela ngenxa yomsebenzi engiwufakayo, ngisho noma kungewona umsebenzi oncomekayo.” Ngalesi sikhathi, ngangingenayo enye indlela ngaphandle kokuzihlolisisa: Yize noma ngangishiye ikhaya futhi ngilokhu ngigcwalisa isibopho sami ngaphandle kule minyaka embalwa edlule, kubonakala ngaphandle sengathi ngikhokhe inani elithile futhi ngibhekane nokuhlupheka okuncane, angizange ngiyicabange neze intando kaNkulunkulu, futhi angikaze nakanye ngicabange ngokuthi ngigcwalise kanjani izibopho zami ngendlela efanele ukuze ngenelise uNkulunkulu. Kunalokho, ngenza umsebenzi wami njengokugcina nje icala. Ikakhulukazi ngalesi sikhathi, angizange ngibe namthwalo neze ngomsebenzi wami wevangeli futhi angizange ngizwe ukuthi nganginotho engangimkweleta lona uNkulunkulu. Ngaze ngathatha umsebenzi wevangeli njengento ewumthwalo, ngicabanga ukuthi uma kufika abanye abantu abasha bese ngingatholi muntu ozobanisela kuzoba yinkinga enkulu kakhulu. Ngenxa yalokho, angikhombisanga ntshisekelo emsebenzini wevangeli ngase ngibangela ukuba umsebenzi ulimale kakhulu. Njengoba nganginganakile umsebenzi wokunisela abantu, kwaholela ekubeni amakholwa ayesanda kuphenduka ashiye ngenxa yokuthi akekho owayezowanisela. Ibandla lahlela ukuba mina ngibheke imindeni eyayingabasingatha futhi ngibhekelele ezinye zezinto ezazijwayelekile, kodwa ngangisahlezi ebunzimeni nakuzo izaba, nginqaba ukubambisana noNkulunkulu. Phezu kwalokho, ngangenelisekile yisimo sami sangaleso sikhathi futhi ngingafune nqubekelaphambili, ngaqhubeka ngaba ngumuntu owonakele ngandlela thile futhi ngalahlekelwa umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ngabangela ukuba izingxenye eziningi zomsebenzi webandla ugcine uyinhlakanhlaka. … Ngacabanga ngendlela yami yokuziphatha: Lokhu kwakuwufeza kanjani umsebenzi wami? Kwakuwukwenza ububi nje kuphela! Kodwa empeleni ngakuzwa lokho, ngisho nomsebenzi wami wawungewona oncomekayo, kodwa ngangisebenze ngokuzikhandla, kanye nokuthi noma ngabe kungenzekani, okungenani kufanele ngikwazi ukuziphilisa ngebandla. Kuthe lapho ibandla lingihlelela ukuba ngibuyele ekhaya ukuze ngiyozihlolisisa, ngabona sengathi angiphathwanga kahle. Ngaze ngazibona nginjengomuntu owayenegalelo ebandleni, ngibiza izinto kuNkulunkulu ngingenamahloni futhi ngigabisa ngesikhundla sami esiphezulu. Empeleni konke engangikwenza kwakungenangqondo nje, kungahluzekile kahle! Lesi simo sami sasinyanyeka futhi siyisinengiso kuNkulunkulu! Ibandla lehlukile emphakathini kanye nasezweni ngoba isimo sikaNkulunkulu sokulunga asinamusa kunoma yimuphi umuntu. Akunandaba ukuthi uneziqu noma ufaneleke kangakanani, ukuthi kungakanani ukuhlupheka okubekezelile, noma sewunesikhathi eside kangakanani umlandela Yena. Uma unenga isimo sikaNkulunkulu, konke okuzokwehlela ulaka nokwahlulela kukaNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi imbungulu efana nami engazange iwenze umsebenzi wayo futhi ebeyiziphilisa ngebandla yona yodwa yehluke phambi kokulunga kukaNkulunkulu? Kwaba yilapho-ke lapho ngaqonda khona ukuthi ukuxoshwa kwami nokungenza ngizihlolisise empeleni kwakuwukwahlulela kukaNkulunkulu kokulunga kimina. Futhi kwakuwuthando olukhulu nensindiso uNkulunkulu ayengayinikeza le ndodana Yakhe ehlubukayo. Kungenjalo, ngabe ngisabambelele kulowa mbono ongalungile “wokuba okungenani ngikwazi ukuziphilisa ebandleni noma yingayiphi indlela ngenxa yomsebenzi engiwufakayo, ngisho noma kungewona umsebenzi oncomekayo,” ngilele ephusheni lami engizalukele lona, futhi ekugcineni ngibolele emicabangweni yami.
O Nkulunkulu! Ngiyabonga! Mawudunyiswe Wena! Ngisho noma indlela Yakho yokusindisa ingafani nemibono yami, manje sengiyaziqonda izinhloso Zakho futhi sengiyabona ukunakekelwa kanye nemicabango Yakho. Ngizimisele ukwamukela ukusola Kwakho nokwahlulela, futhi ngakho ngizihlolisise ngokuyikhona futhi ngizazi mina, ngisazi isimo Sakho sokulunga, futhi phezu kwalokho ngizimisele ukuphenduka bese ngiqala kabusha ukuze ngibe umuntu omusha!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa
Tumblr media
Ngesikhathi uPetru esolwa uNkulunkulu, wathandaza, “O Nkulunkulu! Inyama yami ayilaleli futhi ungisolile wangahlulela. Ngiyajabula ngokusolwa nokwahlulelwa Nguwe, ngisho noma ungangidingi, ubungcwele bakho kanye nezindlela zakho zokulunga ngiyakubona ekwahluleleni Kwakho. Lapho ungahlulela ukuze abanye babone izindlela Zakho zokulunga ekwahluleleni Kwakho, ngiyeneliseka. Ngifisa kuphela ukuthi isimo Sakho sibonakaliswe ukuze isimo Sakho sokulunga sibonwe yiyo yonke indalo, futhi ukuze ngikuthande ngokumsulwa okwengeziwe ngokwahlulela Kwakho futhi ngithole ukufana nalowo olungileyo. Lokhu kwahlulela Kwakho kuhle, ngenxa yentando yakho enhle. Ngiyazi ukuthi kuningi ukuhlubuka okungaphakathi kimi nokuthi angikufanele ukuba ngize phambi Kwakho. Ngifisa ungahlulele kakhulu kunakuqala, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima noma ezinsizini; akunandaba ukuthi wenzani, kimina lokho kuhle kakhulu. Uthando Lwakho luyamangalisa futhi ngizimisele ngokuba semseni Wakho ngingakhonondi nakancane.” Yilokhu uPetru ayesekwazi ngemva kokuba esezibonele ngawakhe umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kuwubufakazi bokuthi uyamthanda uNkulunkulu. Namuhla, seninqotshiwe vele—kodwa lokhu kunqontshwa kuvezwe kanjani kini? Abanye abantu bathi, “Ukunqotshwa kwami kungumusa omkhulu nokuphakanyiswa kukaNkulunkulu. Yima ngibona manje ukuthi ukuphila komuntu kuyize futhi akulutho. Umuntu echitha isikhathi sokuphila kwakhe ephuthuma, ngokuzala, akhulise isizukulwane sabantwana esinye emva kwesinye, futhi ekugcineni usala engenalutho. Ngibone namuhla ngemva kokunqotshwa uNkulunkulu ukuthi akusizi ngalutho ukuphila ngale ndlela; kuwukuphila okungathi shu. Akunankinga noma ngingafa ngedlule kukho!” Ingabe uNkulunkulu usengabazuza abantu abanjalo abanqotshiwe? Basengaba yizibonelo? Abantu abanjalo bayisifundo kulabo abathatha izinto kalula, abanayo injongo, futhi abakulweli ukuthuthuka benze kangcono! Ngisho noma bebalwa phakathi kwabanqotshiwe, abantu abanjalo abanakwenziwa baphelele. Lapho sekusondele ukuba uPetru afe, ngemva kokuba enziwe waphelela wathi, “O Nkulunkulu! Ukube nje iminyaka yami ibinganezelwa kancane, bengingafisa ukukuthanda ngokujulile nangendlela emsulwa.” Lapho esezobethelwa esiphambanweni, wathandaza ngenhliziyo, “O Nkulunkulu! Sesifikile sikhathi Sakho, isikhathi owangibekela sona sesifikile. Kumele ngikufele, kumele ngivume phambi kwakho futhi nginokwethemba ukuthi uthando enginalo ngawe lungahlangabezana nezimfuno Zakho, lube msulwa. Namuhla, ukukwazi ukukufela, futhi ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho kuyangiqinisekisa futhi kuyangiduduza, ngoba kungigculisa kakhulu ukuthi ngibethelwa esiphambanweni ngenxa Yakho ukuze kwenzeke intando Yakho nanokuthi ngizobe sengikwazi ukunikela ngokuphila kwami Kuwe. O Nkulunkulu! Uyathandeka! Ukube ungivumele ngaphila, bengizozimisela kakhulu ukukuthanda. Uma nje ngisaphila, ngiyohlezi ngikuthanda. Ngifisa ukukuthanda kakhulu kunakuqala. Ngahlulele futhi ungisole, ungivivinye ngoba angiyena olungileyo, ngenxa yokuthi ngonile. Ukulunga Kwakho kuba sobala kimi. Lesi isibusiso kimi, ngoba ngiyakwazi ukukuthanda ngokujulile futhi ngizimisele ukuhlale ngikuthanda kanjena ngisho noma ungangithandi. Ngifuna ukukubona ukulunga Kwakho ngoba lokho kungenza ngiphile ukuphila okunenjongo. Sengiyabona manje ukuthi ukuphila kwami sekunenjongo, ngoba ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho futhi kuyinto enhle ukukufela. Nakuba ngingakazizwa nganelisekile ngoba ngazi okuncane Ngawe, ngiyazi ukuthi ngeke ngizifeze ngokugcwele izifiso Zakho futhi kuncane kakhulu engikwenzele khona. Ekuphileni kwami, angikwazanga ukuzinikela ngokugcwele Kuwe; angisondele nakancane kulokho. Uma ngibuka emuva, kulo mzuzu ngizizwa ngikukweleta kakhulu, futhi nginalo mzuzu kuphela wokuba ngikhokhe ngawo wonke amaphutha ami nangalo lonke uthando engikukweleta lona.”
Umuntu kumele alwele ukuphila okunenjongo futhi angeneliswa nje yilokho akwazi ukukwenza manje. Ukuze umuntu aphile njengoPetru, kumele abe nolwazi futhi akwazi ukubhekana nezinto uPetru abhekana nazo. Umuntu kumele afune izinto ezinkulu neziphakeme kakhulu. Kumele afune uthando lukaNkulunkulu olujulile nolumsulwa ngokwengeziwe, kanye nokuphila okunenjongo. Yilokhu kuphela ukuphila; yile ndlela kuphela umuntu ayofana ngayo noPetru. Kumele ugxile ekukhuthaleleni ukuba sohlangothini oluhle ekungeneni kwakho, ungamane nje uhlehle ngenxa yenkululeko yesikhashana bese uziba amaqiniso angempela acacile nabalulekile. Uthando lwakho kumele lube ngokoqobo futhi kumele uthole izindlela ezizokwenza ukhululeke kulokhu kuphila okubi nokungenamthetho futhi okungahlukile kokwezilwane. Kumele uphile ukuphila okunenjongo, ukuphila okuyigugu, futhi akumele uzikhohlise, noma ukuphila kwakho ukuphendule ithoyizi okudlalwa ngalo. Kuwo wonke umuntu ozimisele ngokuthanda uNkulunkulu, awekho amaqiniso angenakuwathola futhi akukho ukungabi bikho kobulungiswa obenziwayo angeke akwazi ukumelana nakho. Kufanele uphile kanjani? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu futhi ungalusebenzisa kanjani lolu thando ukuze wenelise isifiso Sakhe? Ayikho into ebaluleke ukudlula leyo ekuphileni kwakho. Ngaphezu kwakho konke, kumele ube nezifiso ezinjalo futhi ukwazi ukubekezela, ungafani nje nabantu abaphelelwa yithemba kalula. Kumele ukwazi ukuphila ukuphila okunenjongo futhi uwazi amaqiniso angempela futhi ungaziphathi budlabha. Unganakile, impilo yakho ingakwedlula nje.; ngemva kwalokho, uyolithola yini elinye ithuba lokuthanda uNkulunkulu? Ingabe umuntu angakwazi ukuthanda uNkulunkulu uma esefile? Kumele ube nesifiso kanye nonembeza onjengokaPetru; ukuphila kwakho kumele kube nenjongo futhi akumele ube nesikhathi sokudlala ngokuphila kwakho! Njengoba ungumuntu, futhi ufuna uNkulunkulu, kumele uyiqaphele indlela oziphatha ngayo ekuphileni kwakho, nendlela ozinikela ngayo kuNkulunkulu nokuthi uba kanjani nokholo olunenjongo Kuye, ngendlela emsulwa, enhle, nelungile. Namuhla akufanele waneliseke kuphela ngokuthi unqotshwe kanjani, kodwa kumele ucabange nangendlela ozohamba ngayo ngokuzayo. Kumele ube nezinto ezikukhuthazayo futhi ube nesibindi sokuba uphelele, futhi ukugweme ukuzibona ungeke wakwazi kwenza lutho. Ingabe iqiniso linazo izintandokazi? Ingabe iqiniso lihloselwe ukuphikisana nabantu? Uma ulifuna ngempela iqiniso, lingakuthonya? Uma umelana nokungabi bikho kobulungiswa, ingabe lokho kuzokuqeda amandla? Uma ukufuna ngempela ukuphila, ingabe kuzokwehlula ukuphila? Uma ungenalo iqiniso, akukhona ukuthi iqiniso likushaya indiva, kodwa kungenxa yokuthi uqhelelene neqiniso, uma ungakwazi ukumela ubulungiswa, lokho akusho ukuthi kukhona into embi ngobulungiswa kodwa kungenxa yokuthi ukholwa ukuthi amaqiniso awasetshenziswanga kahle; uma ugcina ungakutholi ukuphila ngemva kokukufuna iminyaka eminingi, lokho akubangelwa ukuthi ukuphila akunanembeza kuwe, kodwa kungenxa yokuthi wena awunanembeza ekuphileni kwakho, ukuxoshile ukuphila; uma uphila ekukhanyeni, futhi ubungakwazi ukuthola ukukhanya, lokho akusho ukuthi ukukhanya ngeke kukhanye phezu kwakho kodwa kungenxa yokuthi awuzange ukunake ukuba khona kokukhanya ngakho ukukhanya kukushiye ngesinyelela. Uma ungakulweli ukuphila, kungaphethwa ngokuthi awuyinto yalutho futhi awunaso isibindi futhi awukwazi ukumelana namandla obumnyama. Untekenteke kakhulu! Uyehluleka ukuphunyuka emandleni kaSathane akuvimbezelayo futhi uzimisele ngokuphila lokhu kuphila okuphephile futhi okulondekile bese ufa ungenalwazi. Okufanele ukuthole ukulwela ukunqotshwa; lokhu kuyisibopho sakho. Uma wenelisekile ngokunqotshwa, uzobe uxosha ukukhanya. Kumele ubhekane nobunzima ngenxa yeqiniso, kumele uzinikele eqinisweni futhi ukhuthazelele ukuthunazwa ngenxa yeqiniso nokuthi ukuze wazi okuningi ngeqiniso kumele udlule ezinhluphekweni eziningi. Yilokhu okufanele ukwenze. Ungavumi ukulahla iqiniso ngenxa yokuthi ufuna ukuthula emndenini wakho, ungavumi ukulahlekelwa yisithunzi nobuqotho bakho ngenxa nje yenjabulo yesikhashana. Kufanele ulwele konke okuhle nokulungile, futhi ufune indlela yokuphila ukuphila okunenjongo. Uma uphila ukuphila okuyichilo kanjalo futhi zingekho izinto ozifunayo, ingabe awudlali yini ngokuphila kwakho? Yini ongayithola ekuphileni okunjalo? Kufanele uzigweme zonke izinhlobo zenjabulo yenyama ngenxa yeqiniso elilodwa, nokuthi ungawalahli wonke amaqiniso ngenxa yenjabulo yesikhashana. Abantu abenza kanjalo abekho qotho futhi abanaso nesithunzi; ukuphila kwabo akunayo injongo!
UNkulunkulu uyamsola futhi amahlulele umuntu ngoba umsebenzi Wakhe ufuna lokho, ngaphezu kwalokho, ngoba umuntu uyakudinga lokho. Umuntu udinga ukusolwa nokwahlulelwa, futhi kulapho kuphela angathola khona uthando lukaNkulunkulu. Namuhla, niqinisekiswe kakhulu, kodwa lapho ninqwamana nezingqinamba ezincane nisenkingeni; idumela lenu lincane kakhulu futhi nisuke nisadinga ukusolwa okukhulu kanye nokwahlulelwa ukuze nizuze ulwazi olujulile. Namuhla, niyamhlonipha uNkulunkulu, niyamesaba futhi niyazi ukuthi unguNkulunkulu weqiniso, kodwa animthandi kakhulu, ingasaphathwa eyokumthanda ngeqiniso; ulwazi lwenu luseluncane kakhulu futhi anikabi nesimo esihle. Lapho nibhekana nesimo esithile, nisuke ningakabi nabufakazi, kuncane kakhulu ukungena kwenu okuza nezinguquko, futhi aninayo indlela yokukwenza ngokoqobo. Abantu abaningi abanaki futhi bayavilapha; abakuvezi obala ukuthi bayamthanda uNkulunkulu, akukho abakwenzayo futhi akucaci ukuthi iyini imigomo yabo. Labo abenziwe baphelela abagcini ngokuba nobuntu obujwayelekile kuphela, kodwa banamaqiniso angaphezu kwesilinganiso sonembeza womuntu; abagcini nje ngokusebenzisa unembeza wabo ukuze babuyise uthando lukaNkulunkulu kodwa kunalokho bamazile uNkulunkulu futhi bakubona ukuthi uNkulunkulu uyathandeka futhi ufanelwe ukuthandwa ngumuntu nokuthi kuningi umuntu angakuthanda kuNkulunkulu nokuthi umuntu ayikho into angayenza ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu. Uthando uNkulunkulu analo ngalabo abaphelelisiwe luyabasiza ukuze bakwazi ukwenza izinto abazifisayo. Uthando lwabo luyazenzakalela, uthando olungafuni mbuyiselo, alukhona ukuhweba. Ayikho into ebenza bamthande uNkulunkulu ngaphandle kolwazi abanalo Ngaye. Abantu abanjalo bakhathalela kuphela ukujabulisa uNkulunkulu ngisho noma kuthiwa uNkulunkulu akababonisi umusa. Ababheki amathuba kuNkulunkulu futhi abalulinganisi ngonembeza uthando abanalo ngoNkulunkulu: Ungiphe lona, nami kumele ngikubuyisele lona uthando; uma unganginiki lutho nami ayikho into engizokubuyisela yona. Labo abenziwe baphelela bahlale bekholwa ukuthi: UNkulunkulu unguMdali, futhi wenza umsebenzi Wakhe kithi. Ngoba nginaleli thuba, isimo kanye nokufaneleka ukuba ngenziwe ngiphelele, engikufunayo kufanele kube ukuphila okunenjongo futhi kufanele nganelise Yena. Lokhu kuyafana nalokho uPetru abhekana nakho: Lapho ebuthaka kakhulu, wathandaza kuNkulunkulu wathi, “O Nkulunkulu! Akunandaba ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi ngihlezi ngikukhumbula. Akunandaba ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi ngifuna ukukuthanda, kodwa isiqu sami sincane kakhulu, ngibuthakathaka futhi anginamandla, uthando lwami alwanele nokuzithoba kwami Kuwe akwanele. Angifanele ukuphila uma ngiqhathaniswa nothando Lwakho. Ngiyafisa ukuba ukuphila kwami akulona ize, nokuthi ngingagcini nje ngokubuyisa uthando Lwakho, kodwa nginikele ngakho konke enginakho Kuwe. Uma ngingakujabulisa, mina njengesidalwa sakho ngiyoba nokuthula engqondweni, akukho okunye engiyokhala ngakho. Nakuba ngibuthaka ngingenawo amandla okwamanje, angeke ngizikhohlwe izeluleko kanye nothando Lwakho. Manje akukho engikwenzayo ngaphandle kokubuyisa uthando Lwakho. O Nkulunkulu, ngizizwa ngimubi! Iyiphi indlela engingabuyisa ngayo uthando lwami, ngingakwenza kanjani konke okusemandleni, ngikwazi ukufeza izifiso Zakho futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe? Uyabazi ubuthakathaka bomuntu; yini nje engangenza ngifanele uthando Lwakho? O Nkulunkulu! Uyakwazi ukuma kwami okungatheni nokuthi uthando lwami luyinto engekho. Yini engingakwazi ukuyenza ngokusemandleni ami onke kulesi simo? Ngiyazi ukuthi kufanele ngibuyise uthando Lwakho, ngiyazi ukuthi kufanele nginikele ngakho konke enginakho Kuwe kodwa manje angiyilutho. Ngicela ukuba ungiphe amandla nokuqiniseka ukuze ngikwazi kakhudlwana ukukunika uthando olumsulwa lokuzinikela Kuwe kanye nokunikela Kuwe konke enginakho; ngeke ngigcine nje ngokubuyisa uthando Lwakho, kodwa ngiphinde ngikulungele kakhudlwana ukubhekana nokusola, ukwahlulela kanye nokuvivinya Kwakho, ngisho nokuqalekiswa Nguwe okunzima. Ungivumelile ukuba ngilubone uthando Lwakho, futhi mina angikwazi ukungakuthandi, nakuba ngibuthakathaka futhi ngingenamandla namuhla, ngingakukhohlwa kanjani kodwa? Uthando lwakho, ukusola kanye nokwahlulela Kwakho kungenze ngakwazi, kodwa ngisazizwa ngingakwazi ukukuthanda ngokujulile ngoba uyababazeka! Ngingakunikela kanjani konke enginakho kuMdali?” Leso kwakuyisicelo sikaPetru, kodwa isimo sakhe sasimenza kungamfaneli nhlobo. Ngalesi sikhathi, wezwa sengathi kunommese ophenduphendulwa enhliziyweni yakhe, wayesezinhlungwini; wayazi ukuthi yini okungafanele ayenze ezimweni ezinjalo. Nokho waqhubeka ethandaza kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Umuntu unjengengane, unembeza wakhe ubuthakathaka futhi okuyikhona engingafinyelela kukho, ukubuyisa uthando Lwakho. Namuhla, angikwazi ukukujabulisa, futhi ngifisa ukwenza konke engingakwenza, nokunikela ngakho konke enginakho Kuwe. Ngenze ngigqashule ekububuleni, kungakhathaleki ukuthi ungahlulela kanjani, ungisola kanjani, kungakhathaleki ukuthi yini oyithathayo kimi. Kaningi lapho ungisole khona nalapho ungahlulele khona, ngizisolile futhi ngahluleka ukufinyelela ubumsulwa noma ukufeza izifiso Zakho. Ukukubuyisela ngothando Lwakho ngikwenze ngaphandle kokucindezelwa futhi ngizizwa ngizenyanya nakakhulu.” Into eyenza uPetru wathandaza ngale ndlela kungenxa yokuthi wayefuna uthando lukaNkulunkulu olumsulwa ngokwengeziwe. Wayefuna, enxusa futhi ngaphezu kwalokho wayezigxeka, evuma izono zakhe KuNkulunkulu. Wazizwa emkweleta uNkulunkulu futhi ezenyanya, nokho ngandlela thize, wayengajabule neze. Wayehlezi ezizwa njengomuntu owayengafanele ukufeza intando kaNkulunkulu nowayengasoze akwazi ukwenza okukhulu. Ezimweni ezinjalo, uPetru walulwela ukholo olwaboniswa uJobe. Wabona indlela ukholo lukaJobe olwalulukhulu ngayo ngoba uJobe wayebonile ukuthi konke ayenakho wayekuphiwe uNkulunkulu futhi kwakulindelekile ukuthi uNkulunkulu amphuce konke ayenakho, akunike noma ubani ayengafisa ukumnika khona—leso kwakuyisimo esilungile sikaNkulunkulu. UJobe akazange akhononde, futhi wayesengamdumisa uNkulunkulu. UPetru naye wayezazi kahle futhi wathandaza ngenhliziyo wathi, “Namuhla akufanele nganeliseke ngokubuyisela uthando Lwakho ngisebenzisa unembeza wami futhi ngisho lungaba lungakanani uthando enginalo, ngilubuyisela Kuwe, ngoba imicabango yami mibi kakhulu futhi ngiyehluleka ukukubheka njengoMdali. Ngenxa yokuthi angikakakulungeli ukukuthanda, kumele ngenze ngendlela ezongenza ngikwazi ukunikela konke enginakho Kuwe, engingakwenza ngokuzimisela. Kumele ngikwazi konke okwenzile futhi ayikho enye indlela kumele ngibambe uthando Lwakho futhi ngikwazi ukukhuluma ngezindumiso Zakho ngidumise igama Lakho elingcwele ukuze uzothola udumo olukhulu ngami. Ngizimisele ukuba ngime ngiqine ekufakazeni Ngawe. O Nkulunkulu! Uthando Lwakho luyigugu futhi luhle; ngingafisa kanjani nje kodwa ukuphila ezandleni zomubi? Angizange yini ngidalwe Nguwe? Ngingaphila kanjani kodwa ngaphansi kokubuswa nguSathane? Ngingancamela ukuthi sonke isiqu sami siphile ngaphansi kokusola Kwakho. Angizimisele ukuphila ngaphansi kokubusa komubi. Uma ngingenziwa ngibe msulwa, futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe, ngizimisele ngokunikela ngomzimba nangengqondo yami ekwahlulelweni nasekusolweni Nguwe ngoba ngiyamzonda uSathane futhi angizimisele ngokuphila ngaphansi kwakhe. Ekwahlulelweni Nguwe, uhambisa phambili isimo Sakho sokulunga; ngiyajabula futhi angikaze ngikhononde nakancane. Uma ngingakwazi ukwenza umsebenzi wesidalwa, ngizimisele ukwenza konke ukuphila kwami kuhambisana nokwahlulela Kwakho, ngaso, ngiyozazi kahle izindlela Zakho ezingcwele, ngixoshe ithonya lomubi.” UPetru wayethandaza njalo, ehlale efuna izindlela zokufinyelela kuNkulunkulu. Akagcinanga nje ngokukwazi ukubuyisa uthando lukaNkulunkulu, kodwa okungaphezu kwalokho wawufeza umsebenzi wakhe njengesidalwa. Akagcinanga ngokusolwa unembeza wakhe, kodwa wakwazi ukukhuphula izinga likanembeza. Imithandazo yakhe yaqhubeka yenyukela kuNkulunkulu, ngezinga lokuthi wayesenemigomo emikhulu nokuthanda kwakhe uNkulunkulu kwaba kukhulu kakhulu. Nakuba uPetru abulawa zinhlungu, akakhohlwanga ukuthanda uNkulunkulu, futhi wayesaqhubeka efuna ukuqonda intando kaNkulunkulu. Imithandazo yakhe yayiba nala mazwi: Ayikho into engiyifezile ngaphezu kokubuyisela uthando Lwakho. Angizange ngilethe ubufakazi Ngawe phambi kukaSathane, angizange ngizikhulule ethonyeni likaSathane futhi ngisaphila enyameni. Ngiyafisa ukumnqoba uSathane ngothando lwami, ngimhlaze, ngalokho ngenze lokhu okufisayo. Ngifisa ukunikela ngoqobo lwami Kuwe, ngingazinikeli nangengxenyana yami kuSathane ngoba uSathane uyisitha Sakho. Njengoba uPetru ayeqhubeka efuna ukwenza kanjalo, wayekhuthazeka, nolwazi lwakhe lwalukhula kakhulu. Kungakabiphi, wabona ukuthi kufanele agqashule ethonyeni likaSathane futhi aphinde azinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Wakwazi ukuwufinyelela lowo mbuso. Wakwazi ukulwisana nethonya likaSathane wadela nezinto ezazizojabulisa inyama futhi wayezimisele ukuba abhekane nokusolwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Wathi, “Ngisho noma ngiphila ngaphansi kokusola nokwahlulela Kwakho, kungakhathaleki ukuthi kusuke kunzima kanjani, angizimisele nhlobo ukuphila ngaphansi kokubuswa nguSathane okhohlisayo. Ngiyajabula ngokuphila ngaphansi kwesiqalekiso Sakho kunokuphila ngaphansi kwezibusiso zikaSathane. Ngiyakuthanda ngokuba ngifune ukuphila ngaphansi kokwahlulela Kwakho futhi lokho kungijabulisa kakhulu. Ukusola neokwahlulela kwakho silungile futhi singcwele; sihloselwe ukungihlanza nokungisindisa. Ngingancamela ukuba ukuphila kwami konke kube ngaphansi kokahlulela Kwakho, kunakekelwe Nguwe. Angikufisi ngisho nakancane ukuphila ngaphansi kombuso kaSathane; ngifisa ukuhlanzwa Nguwe; noma ngizwa ubunzima angizimisele ukuxhashazwa nguSathane ngamaqhinga akhe. Mina, sidalwa, kufanele ngisetshenziswe Nguwe, ngibe ngowakho, ngahlulelwe Nguwe futhi ngisolwe Nguwe. Kufanele ngize ngiqalekiswe Nguwe. Inhliziyo yami iyajabula lapho uzimisele ngokungibusisa ngoba ngilubonile uthando Lwakho. UnguMdali, mina ngiyisidalwa Sakho: Akufanele ngikuphoxe ngiphile ngaphansi kokubuswa nguSathane, futhi akufanele ngixhashazwe nguSathane. Kufanele ngibe ihhashi Lakho, noma inkabi, kunokuphilela uSathane. Ngingancamela ukuphila ngaphansi kokusola Kwakho, kunokuchachamba injabulo yenyama, lokho bekuyongijabulisa ngisho noma ngizolahlekelwa umusa Wakho. Ngiyajabula uma ungahlulela noma ungisola nakuba umusa Wakho ungekho phezu kwami; lesi yisibusiso esikhulu esivela Kuwe, umusa Wakho omkhulu. Nakuba uhlale uphakeme futhi unolaka kimi, nalapho angikwazi ukukushiya futhi angikwazi ukukuthanda ngokwanele. Ngingancamela ukuphila ekhaya Lakho, ukuthi ungiqalekise, ungisole futhi ungishaye, angizimisele ukuphila ngibuswa uSathane futhi angizimisele ukutatazela ngijahe okwenyama, ingasaphathwa eyokuthi ngiphilele inyama.” Uthando lukaPetru lwalumsulwa. Lokhu kulandisa okomuntu ophelelisiwe futhi kusezingeni eliphezulu kunelabanye abaphelelisiwe, akukho ukuphila okunenjongo ngaphezu kwalokho. UPetru wakwamukela ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, wayebazisa ubungcwele bukaNkulunkulu akukho lutho kuye ayekubona kuyigugu. Wathi, “USathane unginika injabulo yenyama, kodwa angiyifuni. Ukusola nokwahlulela kusikaNkulunkulu siphezu kwami—ngizizwa ngibalulekile, ngithola injabulo futhi ngibusisekile. Ukube uNkulunkulu akangahlulelanga, ngangingeke ngimthande, bengiyohlala ngaphansi kokubusa kukaSathane, angilawule futhi angiqondise. Uma bekunjalo, bengingeke ngiphile njengomuntu wangempela, ngoba bengizobe ngingakwazi ukujabulisa uNkulunkulu futhi ngingakwazi ukuzinikela kuNkulunkulu. Nakuba uNkulunkulu engangibusisi, engishiya ngingakhululekile, kube sengathi kunomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi ngingenakho ukuthula noma injabulo, nakuba ukusola nesiyalo sikaNkulunkulu singakaze sibe kude nami, ekwahlulelweni kukaNkulunkulu ngiyakwazi ukuthola ukulunga Kwakhe. Kuyangijabulisa lokhu; ayisekho phela into eyigugu nenenjongo ekuphileni. Nakuba ukuvikelwa nokunakekelwa Nguye kuphenduke ukusolwa ukwahlulelwa, isiqalekiso, nokushaya okungenalo uzwelo, zisangijabulisa lezi zinto ngoba zingangihlanza futhi zingishintshe futhi zingisondeze kuNkulunkulu, zingenze ngithande uNkulunkulu, zenze nothando lwami ngoNkulunkulu lube msulwa. Lokhu kungenza ngikwazi ukwenza umsebenzi wami njengoba ngiyisidalwa, kungiletha phambi kukaNkulunkulu kungiqhelise ethonyeni likaSathane, ukuze ngingabe ngisakhonza uSathane. Lapho ngingaphili ngaphansi kokubuswa nguSathane, ngiyakwazi ukunikela ngakho konke enginakho nakho konke engingakwenza kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzigodla—yilapho ngizizwa khona ngigculiseke kakhulu. Ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu okungisindisile futhi ukuphila kwami akuhlukaniseki ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu. Ukube ukuphila kwami emhlabeni bekungaphansi kokubuswa nguSathane futhi kungekho ngaphansi kwesivikelo sikaNkulunkulu ngokusolwa nokwahlulelwa Nguye, bengiyohlala ngaphansi kokubuswa nguSathane futhi ngaphezu kwalokho bengingeke ngilithole ithuba noma izindlela zokuphila ukuphila okunenjongo. Ngaphandle uma ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu singazange singishiye bengizokwazi ukuhlanzwa nguNkulunkulu. Ngaphandle kwamazwi ahlabayo nobungcwele bukaNkulunkulu kanye nokwahlulela okuphakeme kukaNkulunkulu lapho ngithole khona isivikelo esikhulu futhi ngaphila ekukhanyeni, ngathola izibusiso zikaNkulunkulu. Ukuze ngihlanzwe, ngikhululeke kuSathane ngiphile ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu—lesi yisibusiso esikhulu kakhulu ekuphileni kwami namuhla.” Yilokhu okungcono uPetru akuzwa ekuphileni kwakhe.
Zinjalo izimo umuntu okumele alwele ukuzithola ngemva kokuba enziwe waphelela. Uma ungeke ufinyelele kulezo zimo, lokho kusho ukuthi ngeke uphile ukuphila okunenjongo. Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! UPetru wathandaza, “O Nkulunkulu! Uma nje ungisola futhi ungahlulela, ngiyokwazi ukuthi awuzange ungishiye. Ngisho noma kuthiwa awunginiki injabulo noma ukuthula, ungenze ngiphile ngezinsizi futhi ngithole ukusolwa okuningi, uma nje ungangishiyanga inhliziyo yami iyokhululeka. Namuhla, Ukusola nokwahlulela Sakho kuphenduke esivikelo sami esihle kakhulu nesibusiso sami esikhulu kunazo zonke. Umusa ongipha wona uyangivikela. Umusa owubeka phezu kwami namuhla ungibonisa isimo Sakho sokulunga futhi uwukwahlulela nokusola Kwakho; ngaphezu kwalokho uwuvivinyo futhi ngaphezu kwalokho ungukuphila kokuhlupheka.” UPetru wakwazi ukubeka eceleni injabulo yenyama wafuna uthando olujulile nesivikelo esikhulu ngoba wayethole umusa omkhulu ekwahlulelweni nasekusoleni kukaNkulunkulu. Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu. Umuntu uphila ngaphansi kwethonya likaSathane futhi uphila enyameni; uma engahlanziwe futhi engasitholi isivikelo sikaNkulunkulu, uyoba mubi nakakhulu. Uma efisa ukuthanda uNkulunkulu, kuyomele ahlanzwe futhi asindiswe. UPetru wathandaza, “Nkulunkulu, lapho ungiphatha ngobumnene ngijabula kakhulu, ngiduduzeke; futhi lapho ungisola ngizizwa ngiduduzeka futhi ngijabula nakakhulu. Nakuba ngibuthakathaka ngibekezelela ukuhlupheka ebengingakwazi, nakuba kunezinyembezi nomunyu, uyazi ukuthi lo munyu ubangelwa ukungalaleli kwami nangenxa yobuthakathaka bami. Ngiyakhala ngoba angikwazi ukwanelisa izifiso Zakho, ngizwa usizi futhi ngiyazisola ngoba angikufanele ukuma phambi Kwakho kodwa ngizimisele ukuthola lo mbuso, ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngikujabulise. Ukusola Kwakho singilethele isivikelo futhi singinike insindiso enkulu kakhulu; ukwahlulela Kwakho sivimba ukubekezela nesineke Sakho. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho bengingeke ngithole isihawu nomusa Wakho othandekayo. Namuhla, ngikubona kahle ukuthi uthando uthando Lwakho ludlula ngale kwamazulu futhi ludlula yonke into. Uthando Lwakho alusona nje isihe nomusa wothando; ngisho nangaphezu kwalokho, luwukusolwa nokwahlulelwa. Ukusola nokwahlulela Kwakho kungizuzise kakhulu. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho, akekho noyedwa obengahlanzwa, akekho noyedwa obengaluzwa uthando lukaMdali. Nakuba ngibekezelele amakhulu ezivivinyo nezinsizi futhi sengike ngasondela egodini, izinsizi ezinjalo [a] zingenze ngakwazi kahle Wena kanye nensindiso Yakho ephakeme. Ukube ngishiywe ukusola, ukwahlulela kanye nesiyalo Sakho, bengiyophila ebumnyameni, ngaphansi kokubuswa uSathane. Yiziphi izinzuzo inyama yomuntu enazo? Ukube bengizoshiywa ukusola nokwahlulela Kwakho, bekuyoba sengathi uMoya Wakho ungishiyile, kufane nokuthi awusekho nami. Uma bekunjalo, bengizoqhubeka kanjani ngiphila? Uma ungifumba ukugula, uthathe inkululeko yami, ngingaqhubeka ngiphila, kodwa uma ngishiywa ukusola kanye nokwahlulela Kwakho, ngeke ngibe nayo indlela yokuphila. Uma bengiphila ngaphandle kokwahlulela nokusola Kwakho, bengiyolahlekelwa uthando Lwakho, uthando olujule kakhulu kimi engingeke ngiluchaze ngamazwi. Ngaphandle kothando Lwakho, ngabe ngiphila ngaphansi kokubuswa uSathane, futhi ngingahluleka ukubona ubuso Bakho obukhazimulayo. Ngingaqhubeka kanjani ngiphile? Angeke ngikubekezelele ukuphila nobumnyama obunjalo. Ukuba Nawe kufana nokuthi ngiyakubona, ngakho ngingakushiya kanjani? Ngiyakuncenga ukuba ungalokothi uthathe ukunethezeka kwami okukhulu ngisho noma kungamazwi ambalwa angiqinisekisayo. Ngijabulile ngothando Lwakho futhi namuhla angikwazi ukuqhelelana Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakuthandi? Kunezinyembezi eziningi zosizi ezehle ngenxa yothando Lwakho, nokho bengihlezi ngicabanga ukuthi ukuphila kanjena kunenjongo nakakhulu, kuyangicebisa, kungishintshe futhi kungenze ngikwazi ukubamba iqiniso okufanele libanjwe yizidalwa.”
Konke ukuphila komuntu kungaphansi kokubusa kukaSathane futhi akekho noyedwa ongakwazi ukuzikhulula ngamandla akhe ekuthonyweni nguSathane. Bonke baphila ezweni elingcolile, elinenkohlakalo nobuze, elingenayo nencane injongo; baphila impilo yokungabi nandaba yenyama, yenkanuko, futhi baphilela noSathane. Ukuphila kwabo akubalulekile nakancane. Umuntu akakwazi ukuzitholela yena iqiniso eliyomkhulula ethonyeni likaSathane. Ngisho noma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu futhi elifunda iBhayibheli, akaqondi ukuthi angazikhulula kanjani ekulawulweni yithonya likaSathane. Kuzo zonke izizukulwane, bancane kakhulu abantu abathole le mfihlo, bambalwa abafinyelele kuyo. Njengoba umuntu emzonda kangaka uSathane, ezonda inyama yakhe, akakwazi ukunqoba ithonya likaSathane. Namuhla, ingabe anisekhona ngaphansi kombuso kaSathane? Anizisoli ngezenzo zenu zokungalaleli, ingasaphathwa-ke eyokuthi ningcolile futhi anilaleli. Ngemva kokuphikisana noNkulunkulu, nize nithole ngisho ukuthula kwengqondo nizizwe nibakhulu. Ingabe ukuthula kwenu akwenziwa ukuthi nikhohlakele? Ingabe lokhu kuthula kwenu okusengqondweni akwenziwa wukuthi anilaleli? Umuntu uphila esihogweni esenzelwe umuntu, uphila ngaphansi kwethonya elimnyama likaSathane; emhlabeni, lapho izipoki nabantu kuhlala khona, nalapho kungena enyameni yomuntu. Awuphili epharadesi elihle emhlabeni. Indawo okuyo ibuswa udeveli, isihogo, indawo eyingozi. Uma umuntu engahlanziwe, kuyosho ukuthi ungowokungcola; uma engavikelwa futhi enganakekelwa uNkulunkulu, usayisigqila sikaSathane; uma engahlulelwe futhi engasoliwe lokho kusho ukuthi akanayo indlela yokuphunyuka ekucindezelweni ubumnyama bethonya likaSathane. Ukukhohlakala kwakho okubonisayo kanye nokuphila kwakho ngendlela ebonisa ukuthi awulaleli kuwubufakazi obuveza ngokusobala ukuthi usaphila ngaphansi kokubuswa nguSathane. Uma ingqondo kanye nemicabango yakho kungazange kuhlanzwe futhi isimo sakho singakaze sahlulelwe futhi sisolwe, lokho kusho ukuthi sonke isiqu sakho sisalawulwa nguSathane, imicabango yakho ikhohliswe nguSathane, sonke isiqu sakho sisezandleni zikaSathane. Uyazibona yini ukuthi usuqhelelene kanjani nezinga lokuphila kukaPetru? Ingabe uhlakaniphile? Kuningi kangakanani okwazi ngokusola nokwahlulela kwanamuhla? Kungakanani osukubambile kwalokho uPetru akwazi? Uma namuhla uhluleka ukwazi, ingabe uzokwazi ukufinyelela lolo lwazi esikhathini esizayo? Umuntu oyivila noyigwala njengawe kalula nje akanakukwazi ukusola nokwahlulela. Uma ujaha ukuthula enyameni, kanye nokufeza izifiso zayo, lokho kuyosho ukuthi ayikho indlela ongahlanzwa ngayo, futhi ekugcineni uzobuyiselwa kuSathane ngoba uphila ngendlela kaSathane, nenyama. Njengoba izinto zinjalo namuhla, abantu abaningi abanandaba nokuphila, okusho ukuthi abanandaba nokuhlanzwa noma ukuthola ulwazi olunzulu ngokuphila. Bangenziwa kanjani ukuba baphelele? Labo abangakufuni ukuphila, abanalo ithuba lokupheleliswa futhi labo abangafuni ukwazi uNkulunkulu futhi abangafuni ukushintsha isimo sabo, abanayo indlela yokuphunyuka ethonyeni lobumnyama bukaSathane. Abakhathazeki kangako ngokuphathelene nolwazi lwabo ngoNkulunkulu kanye nokungena kwabo ezinguqukweni zesimo sabo, abanandaba nakho njengalabo abakholelwa enkolweni kuphela, futhi abamane balandele okwenziwayo futhi baye ezinkonzweni ezijwayelekile. Ingabe lokho akukhona ukudlala ngesikhathi? Uma ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, umuntu engabi nandaba nezinto ezibalulekile eziphathelene nokuphila, engafuni ukungena eqinisweni, engalufuni ushintsho esimweni sakhe, ingasaphathwa eyokwazi umsebenzi kaNkulunkulu, angeke apheleliswe. Uma ufisa ukupheleliswa, kumele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ukubaluleka kokusola kanye nokwahlulela Kwakhe, nokuthi kungani lo msebenzi wenziwa kumuntu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, ingabe uyakwazi ukufinyelela ezingeni elifana nelikaPetru, kanye nasolwazi lwakhe? Uma ufuna ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokuguqula izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa.
Ngokwalabo abazokwenziwa baphelele, lesi sigaba somsebenzi wokunqotshwa sibaluleke kakhulu; umuntu onqotshiwe kuphela oyothola ithuba lokupheleliswa. Ayikho into ebaluleke ngokwenza kuphela indima yokunqotshwa, engeke ikwenze ukwazi ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngeke ube nendlela yokudlala indima yakho ekusakazeni ivangeli, ngoba awukulweli ukuphila, futhi awuzifuni izinguquko nokwenziwa musha, ngakho uzobe ungayazi kahle impilo. Phakathi nala magxathu omsebenzi, wake wenza njengesikhonzi, kodwa uma ekugcineni ungakufuni ukulwela ukuba njengoPetru, okulwelayo kungafani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa; ukwahlulela nokusola Kwakhe okungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma bezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile baziphunyula ethonyeni likaSathane futhi bazuzwe nguNkulunkulu.
Ngemva kokuba sebenqotshiwe, abantu ababi nabo ubufakazi obucacile. Baamphoxile uSathane kodwa bangaphila ngamazwi kaNkulunkulu. Awuzange uzuze insindiso yesibili; uthole umnikelo wesono, nokho awukakapheleliswa—lokhu ukulahlekelwa okukhulu. Kumele ukuqonde lokho ongena kukho, nokuthi kuzofanele uphile kanjani, bese ungena kukho. Uma ekugcineni ungafinyeleli ekuphelelisweni, uyobe ungeyena umuntu wangempela futhi uyoba nokuzisola. U-Adamu no-Eva uNkulunkulu abadala ekuqaleni babengabantu abangcwele, okusho ukuthi, ngesikhathi beseseNsimini yase-Edene babengcwele, bengenakho ukungcola. Babethembekile kuJehova futhi bengazi lutho ngokungathembeki kuJehova. Lokhu kungenxa yokuthi babengaphazanyiswa yithonya likaSathane, ungakabathinti ushevu kaSathane futhi bengabantu abamsulwa emlandweni wesintu. Babehlala eNsimini yase-Edene, bengenakho ukungcola, bengakabi sethonyeni lenyama futhi bemhlonipha uJehova. Kamuva, lapho belingwa nguSathane, badla isihlungu senyoka base beba nelukuluku lokungathembeki kuJehova, babe sebephila ngaphansi kwethonya likaSathane. Ekuqaleni, babengcwele futhi bemhlonipha uJehova; babengabantu kuphela uma bephila kanjalo. Kamuva, balingwa nguSathane, badla isithelo solwazi lokuhle nokubi ngemva kwalokho baphila ngaphansi kwethonya likaSathane. Kancane kancane, izingqondo zabo zonakaliswa nguSathane balahlekelwa ngubuntu bangempela, obuphelele. Umuntu wayenomoya kaJehova futhi kwakungekho nokuncane ukungamlaleli futhi bungekho nobubi enhliziyweni yakhe. Ngaleso sikhathi umuntu wayengumuntu wangempela. Ngemva kokonakaliswa nguSathane, umuntu waphenduka isilwane: Imicabango yakhe yagcwala ububi nokungcola ngaphandle kobuhle nobungcwele. Ingabe akuyena uSathane lowo? Uzibonele imisebenzi eminingi kaNkulunkulu nokho awukakashintshi noma awukahlanzwa. Usaphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi awuzithobi kuNkulunkulu. Lona ngumuntu osenqotshiwe kodwa ongakapheleliswa. Kungani umuntu onjalo kuthiwa akakapheleliswa? Kungenxa yokuthi akakulweli ukuphila noma ulwazi ngemisebenzi kaNkulunkulu akukho okunye akufunayo kunokujaha izifiso zenyama kanye nokujabula isikhashana. Umphumela walokho ukuthi alukho ushintsho ekuphileni kwakhe futhi akakutholi ukufana nomuntu wokuqala owadalwa nguNkulunkulu. Abantu abanjalo bafana nezidumbu ezihambayo, bangabafile abangenawo umoya! Labo abangalulweli ulwazi ngezinto zomoya, abangabulweli ubungcwele, abangakulweli ukuphila ngeqiniso, abaneliseka ngokunqotshwa okubi futhi abahlulekayo ukukushiya lokho kuphila ukuze baphile ngeqiniso, babe phakathi kwabantu abangcwele—abantu abangakaze basindiswe. Ngoba uma umuntu engenalo iqiniso, akakwazi ukuma aqine phakathi novivinyo lukaNkulunkulu; yilabo abangakwazi ukuma baqine phakathi nokuvivinywa nguNkulunkulu kuphela abasindisiwe. Abantu engibafunayo abafana noPetru, okungabantu abafuna ukupheleliswa. Iqiniso namuhla linikwa labo abalilangazelelayo futhi abalifunayo. Le nsindiso inikwa labo abalangazelela ukusindiswa uNkulunkulu futhi ayenzelwanga ukuba izuzwe nguwe kuphela kodwa kuqondwe nokuthi nawe uzuzwe nguNkulunkulu. Uzuza uNkulunkulu ukuze Naye uNkulunkulu akuzuze. Namuhla ngikhulume la mazwi kuwe, futhi uwazwile nokuthi kufanele uphile ngala mazwi. Ekugcineni lapho usebenzisa la mazwi kuzoba yilapho sengikuzuzile ngawo; futhi ngesikhathi esifanayo nawe uyobe uwazuzile la mazwi, okusho ukuthi uyobe uyitholile le nsindiso yaphezulu. Lapho nje usuhlanziwe, uyoba usungumuntu wangempela. Uma wehlulwa ukuphila ngeqiniso noma wehlulwa ukuphila njengomuntu owenziwe waphelela, ngalokho kungashiwo ukuthi awuyena umuntu, uyisidumbu esihambayo, isilwane ngenxa yokuthi awuphili ngeqiniso, okusho ukuthi awunawo umoya kaJehova nokuthi ungumuntu ofile ongenawo umoya! Nakuba kuyinto engenzeka ukuba ufakaze ngemva kokunqontshwa, okutholayo ukusindiswa okuncane futhi awukakabi isidalwa esiphilayo esinomoya. Nakuba udlule ekusolweni nasekwahlulelweni, isimo sakho asishintshwanga noma senziwe kabusha ngenxa yalokho; useyilokhu owawuyikho kuqala, usengokaSathane nokuthi awukabi umuntu ohlanziwe. Yilabo abenziwe baphelela kuphela abayigugu, futhi abantu abanjalo abazuze ukuphila kwangempela. Ngelinye ilanga abanye bayothi kuwe, “Usuke wawubona umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngakho awuthi qaphu qaphu ngokuthi unjani umsebenzi Wakhe. UDavide wazibonela umsebenzi kaNkulunkulu futhi izenzo zikaJehova zaba kuye, noMose ngokunjalo wazibambisisa izenzo zikaJehova futhi bobabili bakwazi ukuzichaza futhi babengakhuluma ngokumangalisa kukaJehova. Niwubonile umsebenzi owenziwe uNkulunkulu osenyameni; ezinsukwini zokugcina ungakhuluma ngokuhlakanipha Kwakhe? Kukhona eningakusho ngokubabazeka komsebenzi Wakhe? Yiziphi izinto uNkulunkulu azifune kuwe kini futhi uzithole zinjani? Niwubonile umsebenzi kaNkulunkulu phakathi nezinsuku zokugcina; uyini umbono wenu omkhulu? Ningakhuluma ngakho? Ungakhuluma ngesimo sikaNkulunkulu sokulunga?” Ungaphendula kanjani lapho ubuzwa le mibuzo? Uma uthi, “UNkulunkulu ungcwele, uyasisola asehlulele, usiveza ngokungazigodli. Isimo sikaNkulunkulu asizamukeli nhlobo izono zomuntu. Ngemva kokuzibonela umsebenzi kaNkulunkulu, sengiyabazi kahle ubulwane esiyibo futhi sengibubonile nobungcwele bukaNkulunkulu,” omunye umuntu uzokubuza ukuthi, “Yini enye oyaziyo ngoNkulunkulu? Umuntu ukuthola kanjani ukuphila? Ikhona eminye imigomo onayo?” Uzophendula uthi, “Ngemva kokonakaliswa uSathane, izidalwa zikaNkulunkulu ziphenduke izilwane, futhi bezingasahluke ngalutho ezimbongolweni. Namuhla, ngisezandleni zikaNkulunkulu futhi kumele ngijabulise izifiso zikaMdali, ngilalele konke akufundisayo. Ayikho futhi enye indlela.” Uma ukhuluma ngezinto ezinjalo kuphela, umuntu okhulumayo ngeke akuqonde okushoyo. Uma bekubuza ukuthi wazini ngomsebenzi kaNkulunkulu, basuke bekhuluma ngezinto odlule kuzo. Basuke befuna ukuthola ukuthi wazini ngokusola nangokwahlulela kukaNkulunkulu ngemva kokudlula kwakho kukho, futhi basuke befuna ukwazi ngezinto wena odlule kuzo, bafuna ukhulume ngokwaziyo ngeqiniso. Uma uhluleka ukukhuluma ngezinto ezinjalo, lokhu kufakazela ukuthi awazi lutho ngomsebenzi wanamuhla. Uhlezi ukhuluma ngenzwabethi noma ngalokhu okwaziwa nguwonke-wonke; akukho okwazi kahle, ingasaphathwa eyesisekelo solwazi lwakho, nokuthi ubufakazi bakho abulona iqiniso ngakho abanye abantu awukwazi ukubakholisa. Ungamane nje ube ngumlandeli kaNkulunkulu, futhi ungafuni ukuba nelukuluku elikwenza ufune ukwazi konke. Ngokungashisi futhi ungabandi, uzozichithakalisa bese uzibambezela ekuphileni. Kumele uzikhohlwe izenzo zakho zobuvila nokungabi matasa, uze ujwayelane nezinto ezinhle futhi unqobe ubuthakathaka bakho ukuze uzuze iqiniso futhi uphile ngalo. Ayikho into ethusayo ngobuthakathaka bakho futhi amaphutha owenzayo awayona inkinga yakho enkulu. Inkinga yakho enkulu nephutha lakho elikhulu ungaqondakali kwakho ukuthi uyabanda noma uyashisa nanokungabi nesifiso sokufuna iqiniso. Inkinga enkulu nonke eninayo ukuthi ningamagwala kuyilapho nizijabulela izinto zinjengoba zinjalo bese ningenzi lutho ngazo. Lokho kuwugibe olukhulu kini futhi kuyisitha esikhulu ekufuneni kwenu iqiniso. Uma nilalela ngenxa yamazwi ajulile engiwakhulume kini, lokho kuyosho ukuthi anilubambile nhlobo ulwazi futhi anilazisi iqiniso. Ukulalela okunjengokwakho akusibo ubufakazi futhi angikwamukeli. Omunye angase anibuze, “Uvelaphi ngempela uNkulunkulu wenu? Yini ephathekayo uNkulunkulu wenu anayo?” Uzophendula uthi, “Isiqu Sakhe ukusola nokwahlulela kwakhe.” Bese eqhubeka, “Ingabe uNkulunkulu akanawo umusa futhi akanalo uthando kumuntu? Awukwazi lokhu?” Uzothi, “Lowo nguNkulunkulu wabanye. NguNkulunkulu abantu benkolo abakholwa kuye, akuyena owethu.” Uma abantu abanjengawe besakaza ivangeli, lokho kuyosho ukuthi indlela yeqiniso uyonakalisile, ngakho uyini umsebenzi wakho? Abanye abantu bangayithola kanjani indlela yeqiniso kuwe? Awunalo iqiniso, awulikhulumi nhlobo iqiniso ngaphezu kwalokho uyaliqeda. Yini ekwenza ufanelekele ukuphila phambi kukaNkulunkulu? Uma usakaza ivangeli kwabanye nalapho uhlanganyela ngeqiniso futhi ufakaza ngoNkulunkulu, uma uhluleka ukubazuza bayowaphikisa amazwi owakhulumile. Ingabe ukuba khona kwakho kuyabonakala? Usubone omningi umsebenzi kaNkulunkulu, nokho lapho ukhuluma ngeqiniso, ukhuluma amazwi angenangqondo. Awuyena yini umuntu ongemsebenzi? Uyini umsebenzi wakho? Kwenzeka kanjani ukuba nibone imisebenzi kaNkulunkulu emingaka kodwa ningabi noluncane ulwazi Ngaye? Lapho benibuza ukuthi yiluphi ulwazi eninalo ngoNkulunkulu oluyiqiniso, ziyima emthumeni noma mhlawumbe niphendule ngento engahlangene nombuzo abawubuzile—nithi uNkulunkulu unamandla, nithi izibusiso enizitholile ziyinjabulo enkulu kaNkulunkulu nokuthi alikho iqholo eniyoke nibe nalo kunokuzibonela uNkulunkulu mathupha. Kubaluleke ngani ukusho lokhu? Angamazwi angenamsebenzi, ayize! Uma usunolwazi oluningi ngomsebenzi kaNkulunkulu, ingabe wazi kuphela ukuthi ukuphakamisa uNkulunkulu kuyiqiniso? Kumele uwazi umsebenzi kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyokwazi ukunikeza ubufakazi obuyiqiniso kuNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuba labo abangazange balithole iqiniso banikeze ubufakazi ngoNkulunkulu?
Uma umsebenzi omngaka namazwi amangaka engakuthinti, kuyothi lapho kufika isikhathi sokusakaza umsebenzi kaNkulunkulu uyohluleka ukwenza umsebenzi wakho futhi uyohlazeka uphinde ululazeke. Ngaleso sikhathi uyozwa sengathi umkweleta okuningi uNkulunkulu nokuthi ulwazi onalo ngoNkulunkulu luyobe lukha phezulu. Uma ungalufuni ulwazi ngoNkulunkulu namuhla, njengoba esasebenza, ngokuhamba kwesikhathi kuyobe sekubhedile. Ekugcineni luyobe lungasekho ulwazi ongakhuluma ngalo—uyosala ulambatha, ungenalutho. Yini oyokwazi ukuyisebenzisa ekulandiseni kuNkulunkulu? Unaso isifiso sokubheka kuNkulunkulu? Manje, kumele uzame ukusebenza kanzima ezintweni ozifunayo, ukuze ekugcineni, ube njengoPetru, wazi ukuthi kuzuzisa kanjani iukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kumuntu nokuthi wazi ukuthi ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwaakhe umuntu ngeke asindiswe kunalokho angacwila ekungcoleni kwakhe, acwile nakakhulu obishini. Abantu bonakaliswa uSathane, omunye unake omunye futhi omunye uchachaza ekhanda lomunye, abasamesabi uNkulunkulu futhi ukungalaleli kwabo kukhulu kakhulu, sebenemibono eminingi futhi yonke ngekaSathane. Ngaphandle kokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, isimo somuntu esikhohlakele ngeke sihlanzwe futhi ngeke asindiswe. Lokho okuboniswa yimisebenzi kaNkulunkulu osamuntu esenyameni yilokho okuvezwa nguMoya nokuthi umsebenzi awenzayo yilowo owenziwe nguMoya. Namuhla, uma ungenalo ulwazi ngomsebenzi Wakhe kusho ukuthi uyisiphukuphuku futhi kuningi okukulahlekele! Uma ungakayitholi insindiso kaNkulunkulu kusho ukuthi ukholo lwakho lungolwenkolo nokuthi ungumKristu wenkolo. Imisebenzi emisha kaMoya Oyingcwele ikulahlekele ngenxa yokuthi ubambelele emfundisweni efile kanti abanye abafuna ukuthanda uNkulunkulu bayakwazi ukuthola iqiniso kanye nokuphila, kuyilapho ukholo lwakho lungakwazi ukwamukelwa nguNkulunkulu. Kunalokho usuphenduke umenzi wokubi, owenza izinto ezilimazayo nezingathandeki, usuphenduke isisulu senhlekisa kaSathane nesigqila sakhe. UNkulunkulu akayena owukuba umuntu akholelwe kuye kodwa kufanele athandwe, afunwe futhi akhonzwe ngumuntu. Uma ungamfuni namuhla, usuku luyofika lapho uyothi khona, “Ngalesiya sikhathi angimlandelanga ngani ngokufanele uNkulunkulu, angamenelisa ngokufanele, angafuna izinguquko esimweni sempilo yami? Yeka indlela engizisola ngayo ngokuthi angizange ngizinikele kuNkulunkulu ngaleso sikhathi, futhi angizange ngifune ulwazi ngezwi likaNkulunkulu. Kuningi uNkulunkulu akusho ngaleso sikhathi; kungani ngingazange ngimfunisise? Ngibe yisiphukuphuku!” Uyozenyanya ngezinga elithile. Namuhla awuwakholwa amazwi engiwashoyo futhi awuwanakile; lapho kufika usuku lokuba umsebenzi Wakhe usabalale, uyowabona ngobuningi bawo, uyozisola futhi ngaleso sikhathi uyomangala kakhulu. Kunezibusiso kodwa awazi ukuthi ungazijabulela kanjani, futhi kuneqiniso kodwa awulilweli. Ingabe awuziletheli ukweneliseka? Namuhla, nakuba sekuseduze ukuba isinyathelo esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu siqale, ayikho into ebaluleke njengalokho okufuneka kuwe nalokho okufanele uphile ngakho. Miningi imisebenzi namaqiniso; ingabe akufanele ukuba kwaziwe nguwe? Ingabe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngeke sawuvusa umoya wakho? Ingabe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngeke kukwenze uzenyanye? Ingabe wanelisekile ngokuphila ngokuthula nangokujabula, nangokweneliseka kwenyama okwesikhashana ngaphansi kwethonya likaSathane? Awuyena yini ophansi kunabo bonke abantu? Akekho oyisilima njengalowo obone insindiso kodwa wangalwela ukuyizuza: Bangabantu abazitika ngenyama futhi abajabula ngoSathane. Uthembela ekutheni ukholo lwakho kuNkulunkulu aluzoba nezinselele noma nezinsizi noma ubunzima obungatheni. Uhlezi ulwela lezo zinto ezingenanzuzo futhi ukuphila kwakho awukwenzanga kwaba nenjongo, kunalokho ubeka imicabango yakho ngaphambi kweqiniso. Awulusizo lwalutho! Uphilisa okwengulube—yimuphi umehluko phakathi kwakho nezingulube nezinja? Ingabe bonke labo abangalifuni iqiniso kunalokho bathanda inyama, abazona yini izilwane? Ingabe labo abafile abangenawo umoya abazona yini izidumbu ezihambayo? Mangaki amagama akhulunywe kuwe? Ingabe mncane umsebenzi owenziwe kuwe? Kungakanani engikunike khona? Ngakho kungani ungazange ukuthathe? Yini ongakhala ngayo? Akukhona yini ukuthi awuzuzanga lutho ngenxa yokuthi uyithanda kakhulu inyama yakho? Futhi akukhona yini ukuthi imicabango yakho ibinehaba? Akukhona yini ukuthi uyisiphukuphuku? Uma ungakwazi ukuthola lezi zibusiso, ungamsola yini uNkulunkulu ngokungakusindisi? Lokho okufunayo ukuthola ukuthula ngemva kokukholelwa kuNkulunkulu—ukuze izingane zakho zikhululeke ekuguleni, umyeni wakho athole umsebenzi oholela kahle, indodana yakho ithole umfazi omuhle, indodakazi yakho ithole umyeni okahle, izimbongolo kanye namahhashi kukulimele kahle umhlabathi, unyaka ube nesimo sezulu esihle ukuze izitshalo zakho zingashi. Yilokhu okufunayo. Ufuna kuphela ukuphila ngokunethezeka, ukuba kungenzeki ngozi emndenini wakho, isiphepho singakuthinti, ubuso bakho bungathintwa nayitshe elincane, zingakhukhuleki izitshalo zomndeni wakho, ungathintwa nayinoma iyiphi inhlekelele yemvelo, ukuba uphile ekwamukelweni nguNkulunkulu, uphile ngaphansi kwesivikelo esifudumele. Igwala elinjengawe, elihlezi lifuna okwenyama—unayo inhliziyo, unawo umoya? Ingabe uwusona isilwane? Ngikunika indlela yeqiniso ngaphandle kokuba ngilindele ukuba ungibuyisele okuthile, kodwa wena akukho ukuzikhandla okwenzayo. Awuyena yini omunye wabakholelwa kuNkulunkulu? Ngibeka ukuphila kwangempela komuntu kuwe, nokho wena awenzi lutho. Ingabe ukhona umehluko phakathi kwakho nengulube noma nenja? Izingulube zona azikufuni ukuphila komuntu, azikudingi ukuhlanzwa futhi azikuqondi ukuthi ukuphila kuyini. Njalo ngosuku, uma nje sezidle zasutha, zivele zizilalele. Mina ngikunikeze indlela yeqiniso, nokho wena awukakayitholi: Awazi lutho. Ingabe uzimisele ukuphila lokhu kuphila, ukuphila kwengulube? Sikuphi isidingo sokuphila kwabantu abanjalo? Ukuphila kwakho akuyilutho futhi kuyanyanyeka, uphila emanyaleni futhi ayikho imigomo onayo; ingabe ukuphila kwakho kubi ukwedlula bonke ububi? Ingabe uyanyanya lapho ubheka uNkulunkulu? Uma uqhubeka uzizwa kanjalo, ngeke yini ulahlekelwe yikho konke? Indlela yeqiniso uyinikiwe, kodwa ukuthi uyayithola noma cha kuncike ezintweni ozilwelayo. Abantu bathi uNkulunkulu ulungile, futhi uma nje umuntu emlandela kuze kube sekugcineni, ngokuqinisekile akakhethi, ungoNgcwele. Uma umuntu emlandela kuze kube sekugcineni, ingabe uNkulunkulu uyomkhipha inyumbazane umuntu? Angikhethi uma kuziwa kubantu futhi ngahlulela wonke umuntu ngobungcwele Bami, nokho kunemibandela ethile yezimfuno engizenzela abantu, futhi engikufunayo kufanele bonke abantu babe nakho, akunandaba ukuthi bangobani. Anginandaba nokuthi uneziqu ezinkulu nezihlonishwa kangakanani; enginendaba nakho ukuthi uhamba endleleni Yami, nokuthi uyalithanda futhi ulomele yini iqiniso. Uma untula iqiniso, kunalokho udicilele phansi igama Lami, futhi ungahambi ngendlela Yami, umane nje ungilandele ungenandaba, ngaleso sikhathi ngiyokushaya ngikujezisele ububi bakho, futhi yini ongabe usayisho? Uyokwazi yini ukuthi uNkulunkulu akalungile? Namuhla, uma wenza ngokuvumelana namazwi engiwakhulume kuwe, lokho kuyosho ukuthi ungumuntu engimamukelayo. Uthi uhlale uhlupheka ube ulandela uNkulunkulu, nokuthi umlandele kumnyama kubomvu, waba Naye ezikhathini ezimnandi nezinzima, kodwa awukaphili ngamazwi uNkulunkulu awakhulumile; ufisa kuphela ukugijima yonke indawo ngenxa kaNkulunkulu futhi uzikhandlele uNkulunkulu nsuku zonke futhi awukaze ukucabange ukuphila ukuphila okunenjongo. Uthi futhi, “Noma kunjalo, ngikholwa ukuthi uNkulunkulu ulungile. Sengihluphekile ngenxa Yakhe, ngayaluza ngenxa Yakhe, futhi ngazinikela Kuye futhi ngisebenze kanzima naphezu kokunganakwa; nakanjani uzongikhumbula.” Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu ungcwele, nokho ubungcwele bakhe abuthintwa ngisho nobuncane ububi: Ubungcwele bukaNkulunkulu abuhambi ngentando yomuntu, abungcolisiwe inyama futhi abuthengwa. Bonke abavukelayo nabaphikisayo futhi abangahambi ngendlela Yakhe, bayojeziswa; abekho abathethelelwe futhi abekho abayobuye badingeke uma kunesidingo! Abanye abantu bathi, “Namuhla ngiyagijima ngenxa Yakho; lapho kufika ukuphela, unganginika isibusiso esincane?” Ngakho ngiyakucela, “Ingabe uwenzile amazwi Ami?” Ukulunga okhuluma ngakho kuncike ekuhwebeni. Ucabanga ukuthi ngilungile kuphela, nokuthi angikhethi muntu, nokuthi bonke labo abangilandelayo kuze kube sekugcineni nakanjani bazosindiswa bathole nezibusiso Zami. Kunencazelo ejulile emazwini Ami okuthi “bonke labo abangilandelayo nakanjani bazosindiswa”: Labo abangilandela kuze kube sekugcineni yilabo abayothola ukwamukelwa Yimina ngokugcwele, bayilabo okuthi ngemva kokuba sengibanqobile, bafune iqiniso futhi benziwe baphelele. Iyiphi imibandela oyifinyelele? Ufinyelele kuphela ukulandela mina kwaze kwaba sekugcineni, kodwa yini enye? Uphilile ngokuvumelana namazwi Ami? Ufinyelele kweyodwa kwezinhlanu izimfuno Zami, nokho awunaso isifiso sokufeza lezi ezinye ezine. Uthole indlela elula kakhulu futhi wayilwela ngesikhathi ucabanga ngenhlanhla yakho. Kumuntu onjalo ofana nawe, isimo Sami sokulunga sihlanganisa ukusola nokwahlulela, siyimpindiselo Yami futhi siyindlela Yami elungile yokusola abenzi bobubi; bonke labo abangahambi endleleni Yami bazojeziswa nakanjani, ngisho noma bengilandela kuze kube sekugcineni. Lokhu ukulunga kukaNkulunkulu. Lapho lesi simo sokulunga sivezwe ekujezisweni komuntu, umuntu uyomangala futhi uyozisola kakhulu ngokuthi ngesikhathi elandela uNkulunkulu akazange ahambe endleleni Yakhe. “Ngaleso sikhathi ngahlupheka kancane lapho ngilandela uNkulunkulu, kodwa angizange ngihambe endleleni kaNkulunkulu. Yiziphi izaba umuntu onjalo angazibeka? Ayikho enye indlela ngaphandle kokusolwa!” Nokho engqondweni yakhe ulokhu ecabanga, “Akusenani, vele ngikulandelile kwaze kwaba sekugcineni, ngakho ngisho noma ungisola, ngeke ungijsole ngesihluku futhi ngemva kwalokhu kusola uyobe usangifuna. Ngiyazi ukuthi ulungile futhi ngeke ungiphathe kanjalo kuze kube phakade. Futhi ngiyazi ukuthi angifani nalabo abayoqothulwa; labo abayoqothulwa bayothola ukusolwa okukhulu kakhulu, kuyilapho ukusolwa kwami kuzobe kulula.” Ubungcwele bukaNkulunkulu abufani nalokho okushoyo. Akukhona ukuthi labo abakwazile ukuvuma kahle izono zabo bayobonelelwa. Ukulunga kungcwele, futhi buyisimo esingakubekezeleli ukona komuntu, konke okungcolile nokungakashintshi kuyamnyanyisa uNkulunkulu. Isimo sokulunga kukaNkulunkulu asiwona umthetho, kodwa siwumyalo: Bungumyalo embusweni futhi lo myalo uwukusolwa ngokulunga kwabo bonke abantu abangaphili ngeqiniso futhi abangakashintshi, futhi awukho umngcele wensindiso. Ngoba lapho umuntu ehlukaniswa ngokohlobo ayilo, abalungile bayothola umvuzo, ababi bona bayojeziswa. Kulapho kucaciswa khona lapho umuntu eyogcina khona, kuyisikhathi lapho kuyophela khona umsebenzi wensindiso, okuyothi emva kwalokho umsebenzi wokusindisa abantu ungabe usenziwa, nempindiselo iyolethwa kulabo abenza okubi. Abanye abantu bathi, “UNkulunkulu ukhumbula wonke umuntu obevame ukuba sohlangothini Lwakhe. Ngeke akhohlwe namunye wethu. Siqinisekisiwe ngokuthi sizopheleliswa nguNkulunkulu. Angeke akhumbule ngisho noyedwa kulabo abangaphansi, labo abaphakathi kwabo abayopheleliswa kuqinisekiswa ukuthi baphansi kunathi, bavamise ukubhekana noNkulunkulu; akekho noyedwa phakathi kwethu uNkulunkulu amkhohliwe, sonke uNkulunkulu usamukele, futhi wasiqinisekisa ngokuthi uzosiphelelisa.” Nonke ninokucabanga okunjalo. Ingabe lokhu kuwukulunga? Ingabe ulisebenzisile noma cha iqiniso ekuphileni kwakho? Empeleni uhambe usakaza amahemuhemu anjengalawa—awunamahloni!
Namuhla, abanye abantu balwela ukusetshenziswa uNkulunkulu kodwa ngemva kokunqotshwa, ngeke basetshenziswe ngokuqondile. Njengoba kukhulunyiwe namuhla, uma ngesikhathi uNkulunkulu esebenzisa abantu, ungakakwazi ukukufeza, lokho kusho ukuthi awukapheleliswa. Ngamanye amazwi, ukufika kokuphela lapho umuntu epheleliswa kuyonquma ukuthi uNkulunkulu uyamsebenzisa yini umuntu noma uyamqothula. Labo abanqotshiwe abayilutho ngaphandle kokuba yizibonelo zabantu abayekelelayo nabanombono ongaqondile; bayizibonelo kodwa akukho okunye abayikho ngaphandle kokushintsha. Kuphela lapho isimo sokuphila komuntu sesishintshile futhi eseshintshe ngaphakathi nangaphandle yilapho eyopheleliswa khona ngokugcwele. Namuhla, yikuphi okufunayo, ukunqotshwa noma ukupheleliswa? Yikuphi odinga ukufinyelela kukho? Usuyigcwalisile imibandela yokupheleliswa? Iyiphi osayintula? Kumele uzihlomise kanjani futhi kufanele uwanqobe kanjani amaphutha akho? Kufanele ungene kanjani endleleni yokupheleliswa? Ungazinikela kanjani ngokugcwele? Ucela ukupheleliswa, ngakho uyabulwela yini ubungcwele? Ingabe uyakufuna ukusolwa nokwahlulelwa ukuze uNkulunkulu akuvikele? Uyakulwela ukuhlanzwa, ngakho ingabe uzimisele ukwamukela ukusola nokwahlulela? Ucela ukwazi uNkulunkulu kodwa ingabe unalo yini ulwazi lokusola nokwahlulela Kwakhe? Namuhla, umsebenzi omningi awenza kuwe ukusola nokwahlulela; yini oyaziyo ngalo msebenzi osewenziwe kuwe? Ingabe ukusola nokwahlulela okwenziwe kuwe kukuhlanzile? Ingabe skukuguqulile? Ingabe ukhona umthelela okube nawo kuwe? Ingabe usukhathele kangako ngomsebenzi omningi wanamuhla—iziqalekiso, ukwahlulela nezambulo—noma konke lokhu ukubona kuyinzuzo kuwe? Uyamthanda uNkulunkulu kodwa umthandelani? Ingabe uthanda uNkulunkulu ngenxa yokuthi uthole umusa omncane? Noma uthanda uNkulunkulu emva kokuthola ukuthula nenjabulo? Noma uNkulunkulu umthanda ngemva kokuba usuhlanzwe Ukusolwa nokwahlulela Kwakhe? Yini ngempela ekwenza uthande uNkulunkulu? Yiziphi izimfuno uPetru azifinyelela ukuze apheleliswe? Ngemva kokuba esenziwe waphelela, iyiphi indlela ebalulekile okuye kwaboniswa ngayo? Ingabe wayeyithanda iNkosi uJesu ngenxa yokuthi wayeyilangazelela noma ngenxa yokuthi akakwazanga ukuyibona noma ngenxa yokuthi uye wasolwa? Noma kungenzeka ukuthi wayithanda iNkosi uJesu nakakhulu ngenxa yokuthi wayemukele ukuhlupheka nezinsizi futhi wakwazi ukubona ukungcola nokungalaleli kwakhe futhi wakwazi ukubona ubungcwele beNkosi? Ingabe uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwaba msulwa ngenxa yokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu noma ngenxa yenye into? Okuyini leyo? UNkulunkulu umthanda ngenxa yomusa Wakhe futhi ngenxa yokuthi namuhla usuye wathola amanye amazwibela ezibusiso. Ingabe uthando lweqiniso lolu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu? Kufanele yini wamukele ukusola nokwahlulela Kwakhe, bese, emva kokubona isimo Sakhe sokulunga, ukwazi ukumthanda ngokweqiniso, ngezinga lokuthi uze ugculiseke, futhi ube nolwazi Ngaye? NjengoPetru, ungasho yini ukuthi awukwazi ukumthanda ngokwanele uNkulunkulu? Ingabe okulwelayo ukunqotshwa ngemva kokusolwa nokwahlulelwa, noma ukuba uhlanzwe, uvikelwe futhi unakekelwe ngemva kokusolwa nokwahlulelwa? Yikuphi phakathi kwalokhu okufunayo? Ingabe ukuphila kwakho kunenjongo noma akunayo nhlobo? Ingabe ufuna inyama noma iqiniso? Ufisa ukwahlulela noma ukunethezeka? Ngemva kokuba usubone umsebenzi kaNkulunkulu omngaka, futhi usuye wabubona ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu, kufanele ulwe kanjani? Kufanele uhambe kanjani kule ndlela? Ungalubonisa kanjani uthando lwakho ngoNkulunkulu? Ingabe kukhona okufezwe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kuwe? Ukuthi unalo yini ulwazi lokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kulele ekutheni uphila kanjani futhi umthanda kangakanani uNkulunkulu! Izindebe zakho zithi uyamthanda uNkulunkulu, kodwa indlela ophila ngayo ingubuntu obudala nenkohlakalo; awumesabi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba nonembeza. Ingabe abantu abanjalo bayamthanda uNkulunkulu? Ingabe abantu abanjalo baqotho kuNkulunkulu? Ingabe yilabo abamukela ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu? Uthi uyamthanda uNkulunkulu futhi uyakholelwa Kuye, kodwa awufuni ukulahla imibono yakho. Emsebenzini wakho, ekungeneni kwakho, emazwini owakhulumayo nasekuphileni yakho, akukho ukuqhakambiswa kothando lwakho ngoNkulunkulu futhi akukho ukumhlonipha uNkulunkulu. Ingabe lona ngumuntu othole ukusola nokwahlulela? Umuntu onjalo angaba yini nguPetru? Ingabe labo abafana noPetru banolwazi kuphela kodwa bangalusebenzisi? Namuhla, iyiphi imfuno edingekayo kumuntu ukuze aphile ukuphila kwangempela? Ingabe imithandazo kaPetru yayingekho ngaphezu kwalokho ayekusho ngomlomo wakhe? Ingabe kwakungewona amazwi aphuma ekujuleni kwenhliziyo yakhe? Ingabe uPetru wathandaza kuphela futhi wangalisebenzisa iqiniso kuye? Ingabe uzikhandla ngenxa kabani? Ungazigcina kanjani uvikelekile futhi uhlanzekile phakathi kokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu? Ingabe akumzuzisi ngalutho umuntu ukwahlulelwa nokusolwa nguNkulunkulu? Ingabe konke ukwahlulela kuwukujeziswa? Kungaba yini ukuthula kanye nenjabulo kuphela, izibusiso zengcebo kanye nokunethezeka isikhashana, okuzuzisayo ekuphileni komuntu? Uma umuntu ephila endaweni ejabulisayo nenethezekile, ngaphandle kokwahlulelwa, ingabe angahlanzwa? Uma umuntu efisa ukushintsha futhi ahlanzwe, angakwamukela kanjani ukupheleliswa kwakhe? Iyiphi indlela okufanele uyikhethe namuhla?
Imibhalo yaphansi:
a. Igama lokuqala lifundeka kanje “khona.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
Tumblr media
Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke senike nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu belingaphendula lithi: UNkulunkulu uvela kulabo abamlandelayo futhi imilobo yezinyawo zakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena kanye nesimo Sakhe, kanye nendlela yokwenza eyimvelo Yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula inkathi futhi aqede inkathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma akusiyo nakancane inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibonwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni yisigaba somsebenzi wohlelo Lwakhe lokuphatha. Ukubonakala kukaNkulunkulu kuhlala kunenhloso, futhi kuxhumana nohlelo Lwakhe lokuphatha. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kokuqondisa kukaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ebonakala. Lo msebenzi uhlukile kowanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala inkathi entsha futhi uqede inkathi yakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ngaphezu kwalokhu, ngumsebenzi wokuletha isintu enkathini entsha. Lokhu ukubaluleka kokubonakala kukaNkulunkulu.
Esikhathini esisodwa nokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu ubonakala kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukubonakala kuphi, noma kumele abonakale kuphi. Abanye ngokuthathela phezulu bakholwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya oNgcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho kunezithombe zokomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho abantu bedumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekuthini izinkolo ezinjalo zilungile noma azilungile. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli abantu abadumile, silandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunephimbo likaNkulunkulu, futhi lapho kunemilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, uzibe amagama athi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela Kanye nokuphila.” Ngakho lapho abantu abaningi bethola iqiniso, abakholwa ukuthi bathole imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu futhi abakuvumi nakancane ukubonakala kukaNkulunkulu. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele okukuqala uphume ekucabangeni kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele nakancane umbeke emkhawulweni wakho bese umnciphisela kokucatshangwa nguwe. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu engesilo iqiniso, futhi engaphethe iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi alalele.
Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.
UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu abonakala khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu. Beka imicabango yakho eceleni! Yima ufundisise la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla 
0 notes
Text
Isahluko 22
Tumblr media
Isahluko 22
Ukukholwa kuNkulunkulu akuyona into elula ukuyenza. Nihlawathiza niya phambili, nidla yonke into nicabange ukuthi konke kuyajabulisa, kuyanambitheka! Kukhona abanye abasashaya ihlombe—abanakho ukwahlukanisa emoyeni wabo. Kuyafaneleka ukuthatha isikhathi sokufingqa lokhu okuhlangenwe nakho. Ezinsukwini zokugcina, zonke izinhlobo zemimoya zidlala indima yazo, zizedelela esidlangalaleni izinyathelo eziya phambili zabantwana bakaNkulunkulu futhi zibamba iqhaza ekubhidlizeni ukwakhiwa kwebandla. Uma nikuthatha kalula lokhu, ninikeza uSathane amathuba okusebenza, kuzoxova ibandla, abantu bazokwesaba bazizwe bephelelwa yithemba, futhi ezimweni ezibucayi abantu bazolahlekelwa imibono. Ngale ndlela, inani elinokucophelela okukhulu engilikhokhe eminyakeni eminingi edlule lizoba yize leze.
Isikhathi sokwakhiwa kwebandla sibuye sibe yisikhathi sikaSathane sokuhlanya okukhulu. USathane uvama ukwenza ukuphazamisa nokuvimba ngabantu abambalwa, futhi yilabo abangawazi umoya noma lawo makholwa amasha adlala indima kaSathane kalula kakhulu. Imvama ngenxa yokuthi abantu abawuqondi umsebenzi woMoya oNgcwele, bavame ukwelulela izandla zabo ngaphambili benze izinto ngokunganaki, ngokwentando, izindlela zokwenza izinto nemiqondo yabo ngokuphelele. Thula—lokho kukhulunyelwe ukuvikela wena. Lalela futhi ulalelisise. Ibandla nomphakathi kwehlukene. Awukwazi ukuvele usho okuthandayo, noma usho noma yini oyicabangayo. Angeke kusebenze lapha ngoba le yindlu kaNkulunkulu. UNkulunkulu akayemukeli indlela abantu abenza ngayo izinto. Kufanele wenze izinto ngokulandela uMoya, uphile amazwi kaNkulunkulu futhi-ke abanye bazonincoma. Kufanele niqale ngokuxazulula bonke ubunzima obukinina ngokuthembela kuNkulunkulu. Qedani izimo zenu ezonakele futhi nikwazi ukuqonda ngempela izimo zenu futhi nazi ukuthi kufanele nizenze kanjani izinto; hlalani nihlanganyela nganoma yini eningayiqondi. Akwamukelekile ukuba ningazazi nina ngokwenu. Qalani ngokwelapha ezenu izifo, futhi ngokudla nangokuphuza ngokwengeziwe amazwi Ami, nicabange ngamazwi Ami, niphile impilo futhi nenze izinto ngokwamazwi Ami; noma ngabe nisekhaya noma kwenye indawo kufanele nivumele uNkulunkulu asebenzise amandla ngaphakathi kini. Lahlani inyama nokungokwemvelo. Hlalani nenza uNkulunkulu abuse phezu kwenu. Asikho isidingo sokukhathazeka ngokuthi impilo yakho ayiguquki; uzofika kancane kancane lapho uzozwa khona ukuthi isimo sakho siguquke kakhulu. Ngaphambili usheshile ukugqama, awuzange ulalele muntu noma ubulangazelela, uzibona ukulunga noma uziqhenya futhi uzozilahla kancane kancane lezi zinto. Uma ufisa ukuzilahla manje, lokho akunakwenzeka! Kungenxa yokuthi umuntu ubuwena obudala angeke buvumele abanye ukuba babuthinte, bugxile kakhulu kuwe. Ngakho kufanele wenze imizamo ngokuzimisela, ulalele umsebenzi woMoya oNgcwele ngokukhuthala, usebenzise ukuzimisela kwakho ukusebenzisana noNkulunkulu futhi uzimisele ukusebenzisa amazwi aMi. Uma wenza isono, uNkulunkulu uzokuqondisa. Uma uphenduka ube nokuqonda, khona-ke konke kuzolunga ngaleso sikhathi kuwe. Uma ukhuluma ngokuthanda, uzoqondiswa ngokushesha ngaphakathi. Uyabona ukuthi uNkulunkulu akayijabuleli leyo nhlobo yento, ngakho uma niyiyeka manje nizothola ukuthula kwangaphakathi. Kukhona amakholwa amasha angaqondi ukuthi iyini imizwa yokuphila noma ukuthi kuphilwa kanjani phakathi kwemizwa yempilo. Kwezinye izikhathi uyamangala, yize ungashongo lutho, ukuthi kungani kungani uzwe ungenakuthula kangaka ngaphakathi? Kulezi zikhathi ngumcabango nengqondo yakho okungalungile. Kwezinye izikhathi unokukhetha kwakho, imiqondo nemibono yakho; kwezinye izikhathi ubabukela phansi abanye; kwezinye izikhathi wenza izinto ngokuzicabangela wedwa futhi awukhuleki noma uzihlole, okukushiya uzizwa ungahlalisekile ngaphakathi. Mhlawumbe uyazi ukuthi yini inkinga, ngakho khona lapho nje ubiza igama likaNkulunkulu enhliziyweni yakho, usondele kuNkulunkulu futhi uzobuyiswa. Uma inhliziyo yakho ikhathazeke kakhulu, ididekile iyaluza, kufanele ungacabangi nhlobo ukuthi uNkulunkulu ukuvumela ukuba ukhulume. Ikakhulu laba abangamakholwa asemasha kufanele balalele kahle uNkulunkulu kulokhu. Imizwa uNkulunkulu ayifaka kumuntu uxolo, injabulo, ukucaciseleka nesiqiniseko. Ngokuvamile abantu abaqondi futhi bazokona izinto benze izinto ngokunganaki umthetho—konke lokhu kuyiziphazamiso, futhi kufanele ukuqaphele-ke lokhu. Uma uthandwa yilesi simo, uzodingeka uqale ngokuthatha ikhambi lokuvikela, ngaphandle kwalokho uzodala iziphazamiso bese uNkulunkulu ekushaya. Ungaziboni ukuthi ulungile; thatha amandla abanye uwasebenzise ukuvala ukusilela kwakho, bheka ukuthi abanye baphila kanjani ngezwi likaNkulunkulu futhi ubheke ukuthi impilo, izenzo nenkulumo yabo kungakufundisani. Uma ubukela abanye phansi lokho kusho ukuthi uyazicabangela, uyazidla futhi awunasizo kunoma ubani. Okusemqoka manje ukubheka impilo, ukudla nokuphuza ngokwengeziwe amazwi Ami, ukuzwa amazwi Ami, ukwazi amazwi Ami, yenza ukuba amazwi Ami abe yimpilo yakho ngempela—yilokhu okusemqoka. Ingabe impilo yomuntu ongekwazi ukuphila ngamazwi kaNkulunkulu ingavuthwa? Cha, angeke. kufanele niphile ngamazwi Ami ngaso sonke isikhathi. Empilweni amazwi Ami kufanele abe yindlela yokuziphatha. Azokwenza ukuthi uzizwe sengathi ukwenza izinto ngendlela ethize yilokho uNkulunkulu akujabulelayo, nokwenza izinto ngenye indlela yilokho uNkulunkulu akuzondayo; kancane kancane, uzokwazi ukuhamba endleleni efanele. Kufanele uqonde ukuthi yiziphi izinto ezivela kuNkulunkulu nokuthi yiziphi ezivela kuSathane. Izinto ezivela kuNkulunkulu zikwenza ucacelwe njalo ngemibono, futhi zikwenza uye ngokuya usondela kuNkulunkulu, wabelane ngothando ngobuqotho nabafowethu nodadewethu; uyakwazi ukukhombisa ukucabangela umthwalo kaNkulunkulu futhi inhliziyo yakho ethanda uNkulunkulu ayiphumuli; kukhona indlela phambili okufanele uyihambe. Izinto ezivela kuSathane zikwenza ulahlekelwe imibono futhi konke obunakho ngaphambili kunyamalele; uyahlukaniswa noNkulunkulu, awunalo uthando lwabafowethu nodadewethu futhi unenhliziyo enenzondo. Uphelelwa yithemba, awube usafuna ukuphila impilo yebandla, nenhliziyo yakho ethanda uNkulunkulu ayisekho. Lo umsebenzi kaSathane futhi kuwumphumela olethwa yimisebenzi yemimoya emibi.
Manje lesi yisikhathi esibalulekile. Kufanele niqhubeke nisebenza kanzima kuze kube umzuzu wokugcina, hlanzani amehlo enu omoya ukuze nihlukanise phakathi kobuhle nobubi, nisebenzise amandla amaningi ngendlela eningakwazi ngayo ukwakha ibandla. Susani izinceku zikaSathane, izithikamezo zenkolo nemisebenzi yemimoya emibi. Cwengani ibandla, yenzani intando Yami yenziwe ngokungavinjelwa, futhi ngalesi sikhathi esifushane kakhulu esandulela izinhlekelele ngizoniphelelisa ngokweqiniso ngokushesha okungenzeka, futhi nginingenise enkazimulweni.
0 notes